Phly Mag

Page 1

FOR

PEOPLE ON THE MOVE

Uthando lumqoka kowe-Zwi lo Mzansi

PHLYMAG FEB 2023

OKUNGAPHAKATHI

1.IGUMBI LOMHLELI

Sibonga ukwesekwa,sikufisela nenyanga yezithandani enhle

2.ABANTU BETHU

Uthando lusemqoka ku Msakazi weZwi loMzansi

3.EZEMPILO

Ungaziqalela nawe ingadi yezithelo nemifino

4.UMNDENI

Imfundo eyiyonayona iqala ekhaya

5. IMALI YAKHO

Isikhathi esihle lesi sokuqala ukonga

6. FUNDA NATHI

Impi yaboMdabu isethunjini

7. SISEMGWAQWENI

Izindlela ezahlukene zokuthenga imoto

8. SISHAYWA UMOYA

Zihlelele isikhathi esikulungele sokuvakasha

Editorial Phone 0614017076

Email mediaezasekhaya@gmail.com

Address 22 Marine View, North Beach, Durban, 4000

.

Igumbi loMhleli

Sithembiso Sibisi

Kusukela ngesikhathi sikhiphe ushicilelo lokuqala lwe PhlyMag, ucingo lwami alukutholi

ukuphumula njengoba ngithola inqwaba yezingcingo nemiyalezo okuvela kubantu abakhombisa ukweseka loku esikwenzayo. Loku kuyasikhuthaza futhi kusinika umdlandla wokuthi siqhubeke nokubhala izindaba ebezingeke zinikezwe ithuba kweminye imithombo yezindaba yaloluhlobo ngoba eminingi ihlelelwe abantu abathile noma abasezingeni elithile lempilo.

Iqiniso ukuthi baningi abantu abenza izinto ezinhle futhi ezikhuthazayo okumele ngabe bavezelwa izwe kodwa ke ngenxa yezimo esiphila ngaphansi kwazo,abaningi baze badlule emhlabeni kungashiwongo lutho ngabo. Abanye baze badikibale ngoba bebona benganakiwe noma bengahlinzekwa ngezinkundla ezifanele ukuze baziveze. Ngiyabazi ubuhlungu bokushaywa indiva ngoba naku nje ungasondelene nabathile, ungabukeki ngendlela ethile noma ungaphili ngendlela ethile. Kuyawathena amandla ngoba ugcina ungabhekwa ngehlo lezinto okwazi ukuzenza kodwa ubhekwa ngehlo lokuthi ungubani.

Abaningi bake bangigxeke uma ngithi nginako ukuwukhumbula kancane umbuso wabaMhlophe. Uma singazinikeza isikhathi, kuningi esingakufunda kwabaMhlophe,ikakhulu endleleni abenza ngayo izinto nabaziphatha ngayo. Banehlo elibukhali elibenza bakwazi ukubona into enhle bese beyisondeza eduze,bayilolonge ukuthi igcine iyiloku abakufunayo.Ngakolunye uhlangothi, thina akukho esikwakhayo kodwa simandla ekucekeleni phansi kwakona loku okusuke sekwakhiwe. Bangaki nje abantu abaMnyama asebephumelele, abangaphumela obala bathi balapho bekhona manje empilweni, batakulwa abanye abaMnyama,babalolonga baze baba iloku abayikona manje? Angikhulumi ngabantu abanikezwe ithuba ngoba naku bazana nobani abasezikhundleni noma ngoba begwazile ngandlela thile.

Inkohlakalo,umona nenzondo kubukeka kugijima emithanjeni yabantu abaMnyama,ingakho nje izwe singasoze salibusa uma sisabuswa ilezinto. Ihlo lethu alikwazi ukubona into enhle , liyithuthukise kodwa libukhali ekuboneni okungekuhle. Nolwimi lwethu alukwazi ukuncoma nokukhuthaza kodwa lumandla ekugxekeni nasekuhlebeni. Kuhleba kuze kuhlebe namadoda ke kulezinsuku,uvele ubone nje ukuthi asiyindawo bakithi.

Inyanga ka February inyanga yothando,angifisele bonke ke abasothandweni ukuthi bagubhe kahle. Abangakalutholi uthando,bangadikibali kodwa balinde nje. Ngesikhathi belindile, bazithande bona ngoba alukho uthando olukhulu oludlula olokuzithanda wena kuqala. Uma uzithanda wena, akukhathalekile ukuthi omunye umuntu ucabangani noma uthini ngawe, uyama nje ngokuzithemba.

Uthando lusemqoka

kuMsakazi weZwi loMzansi

Sithembiso Sibisi

Umsakazi we Zwi loMzansi, u Msajero Mbonambi,obuye aziwe ngelika “The Ice breaker”, uthi ukukhula emndenini owawunothando,kungezinye zezinto ezimenze wakubona ukubaluleka kwalo empilweni. Uthi luyinto esemqoka kakhulu kuyena,ingakho engalubekeli isikhathi sokuthi kumele alukhombise nini kodwa uma kuvela ithuba nje uyalukhombisa.

“Kwakungikhuthaza ukubona ubaba etetema,umama esemtotosa noma ephethwe ukugula okuncane nje kodwa athole ukunakekelwa okusezingeni eliphezulu.” kuchaza u Msajero, ongakufihli ukuthi uyazifela ngowakwakhe u Nosisi Pretty Mbonambi,u MaZweni, nangendodakazi yabo eneminyaka engu 12, uSinobuhle.

Usuku lwezithandani akanankinga nalo futhi kuye kumthokozise ukubona abantu bekhombisana uthando, bephana nezipho ngalolusuku. Ngokwakhe uthando ngathi kungaba yinto abantu abakhombisana yona zonke izinsuku ngoba iyona ewumgogodla wempilo.

“Uma ngibona into enhle futhi engaziyo ukuthi angayithanda u Terrier, okuyigama engimbiza ngalo uMaZweni, ngiyayithenga. Angilindi ukuthi kuze kube usuku olukhethekile ukuze ngikhombise uthando.”

Abantu bethu

Uthando lwabo aluncikile nakancane ezintweni

eziphathekayo kodwa bajabulela noma ngabe

yini abayenza ndawonye noma omunye

ayenzela omunye.

“ U Ma Zweni noma ngimthengela umbila noma izingingila lezi ezidayiswa emgwaqweni, uyakujabulela loko ngoba uyazi ukuthi kusuka

enhliziyweni enothando.Uyazi ukuthi angiyena

umuntu okhethayo ekudleni, uma engibuza

ukuthi ngizizwa ngithanda ukudlani, ngivele

ngimtshele ukuthi noma yini,inqobo nje uma

iphekwe kahle.”- kuchaza uMsajero, uthando

okuvele kukhanye izinhlansi zothando

emehlweni akhe uma ephatha elika Terrier.

“Angisiyena umuntu okhonze ukuhlela ukuthi ngizomenzelani u Terrier noma umndeni wami

ngoba izinto ezihleliwe zinako ukuthi

zingahambi ngalendlela umuntu asuke ehlele

ngayo. Loko nje okufikayo emqondweni

ngalesosikhathi, ngiyakwenza, inqobo nje uma kuzobajabulisa abathandiweyo bami.”

Umshado uwubona njengento ebaluleke

kakhulu ngoba uba nalowomuntu owazi konke

ngempilo yakho futhi okukhathalelayo

ngokuphelele. Uthi uma ufuna ukubona

ukubaluleka komshado, ibobheka ubunzima

obuthwalwa indoda engashadelwe uma kwenzeka igula.

Akubanga isinqumo esinzima kuyena ukungena

emshadweni ngoba ubuhle bawo

wayesebubonile kubazali bakhe nokwamenza

naye wakulangazelela ukuba kuwona.

Usuku lwezithandani uthi kubona luyisikhathi sokuthi bakhombise abanye abantu uthando ngoba bona baphila ngalo nsukuzonke. Kwazi bani,mhlawumbe isikhathi lesi sokuthi

baqinisekise ukuthi u Sinobuhle uyalanywa

njengoba benesifiso sokuba nezinye izingane ezimbili ukuze kuzopheleliswa ubuthathu buka Nkulunkulu.

Ungasithumelela nawe izithombe zakho ku

Whats App, usikhombise ukuthi ulugubhe kanjani usuku lwezithandani. I number ithi 061 401 7076.

Abantu bethu

Ungaziqalela ingadi yezithelo nemifino

Oshicilelelweni lwethu lwangenyanga edlule,sikhulume ngokubaluleka kokwazi ukudla okukulungele,nokudla ukudla okunempilo. Abantu abaningi banenkolelo yokuthi ukudla ukudla okunempilo kuyabiza futhi kulungele abantu abasezingeni elithile.

Namhlanje sikuvezela indlela elula yokuthi ube nemifino kanye nezithelo,ngale kokuthi uze ubhoboke ephaketheni.

Kukhona abazitshela ukuthi ukuze ukwazi

ukuziqalela ingadi,kumele ube nomhlaba omkhulu.Iqiniso lithi akunjalo,ungaziqalela nje ingadi yakho yemifino,neyezithelo imbala lapho uhlala khona. Okudingayo nje ukuthi ube nothando lwezitshalo,nesineke.

Indlela elula yokuqala, ukuthi uhlonze indawo egcekeni lakho ongakwazi ukuthi

uyiqale khona ingadi yakho, kungaphazamiseki lutho. Ezindaweni zasemakhaya, indawo enhle yokwenza loku kuvamise ukuthi kube isezaleni ngoba kuvundile. Ukusebenzisa lendawo kusiza ekwehliseni izindleko zokuthi uthenge umanyolo. Akusho ke ukuthi uma usendaweni esesilungwini angeke ukwazi ukuqala ingadi yakho. Okumele ukwenze nje ukubheka indawo ongayisebenzisa.

Uma usuyihlonzile indawo kumele uyivukuze ukuze izolungela ukwamukela imbewu yakho.

Izitolo eziningi ziyayidayisa imbewu yezitshalo ezahlukene futhi ayibizi. Uma ungenayo imali yokuthenga imbewu, ungasebenzisa izinhlamvu

zezithelo osuke uzidla noma izimpande zemifino osuke uyithengele ukuyidla. Izitshalo eziningi ziyakwazi ukuthi zizimilele ngale kokunakelelwa

uma kulahlwe izinhlamvu zazo emhlabathini ovundile. Kulesimo ke kuhlukile ngoba kufanele

Ezempilo
Sithembiso Sibisi

uqikelele ukuthi uyazinakelela izitshalo zakho ukuze

zizokhula kahle, zingaphazanyiswa ukhula, zingadliwa izinambuzane futhi zingashiswa ilanga.

Ukunakelela izitshalo zakho, kusho ukuzinikeza isikhathi esincane njalo ngosuku ukuze uzichelele, ususe noma ngabe yini engafanele oyibonayo,uphinde uzivukuzele.

Lesikhathi uyakwazi ukuthi usisebenzisele ukuxoxa nezitshalo zakho. Ngiyazi ukuthi abaningi abayizwa kahle le yokuxoxa nezitshalo kodwa iqiniso ukuthi kuyasiza kakhulu. Izitshalo ziyaphila futhi zilalela okudlula abantu. Ingakho nje abantu abadala babebona ngazo uma

kukhona okuhle noma okungekuhle okuzokwenzeka ekhaya noma emphakathini. Izimo eziningi zisishaya nje kulezinsuku,ingoba asisaxhumani nemvelo.

Kungaba yinto enhle ukuthi uma usukhetha ukuthi uzotshalani, uqale ngalezi ezingathathi isikhathi eside ukuthela. I spinashi, utamatisi, izaqathe, zingezinye zalezo ezisheshayo ukuthela futhi kwesinye isikhathi ziyakwazi ukuthela izikhathi eziningi. Kwizithelo khona ungabheka ekutshaleni ubhanana, amapentshisi namawolintshi.

Okuhle ngokuba nezitshalo egcekeni ukuthi azigcini nje

ngokuthi zikuhlinzeke ngokudla kodwa kuba nomoya ohlanzekile ekhaya. Umoya ohlanzekile uyimpilo nje uwodwa, kubalulekile ukuthi ubekhona. Okwesibili ukuthi ngesikhathi uzinakelela uthola ithuba lokunyakazisa umzimba, okungenye futhi yezinto ezibalulekile empilweni.

Izihlahla zezithelo, ziyasiza ekuletheni umthunzi ekhaya. Kulesikhathi esiphila kusona, lapho amazinga okushisa engabekezeleleki khona, uma unezihlahla egcekeni, uyakwazi ukuzipholela ngaphansi komthunzi wazo.

Ezempilo

Imfundo eyiyonayona iqala ekhaya

Unyaka uqalile, izikole eziningi sezivuliwe kanti nalabo abafunda ezikhungweni

zemfundo ephakeme sebezovula

kungekudala. Loku kusho ukuthi izingane

sezizochitha isikhathi esiningi zingekho

phambi kwamehlo abazali njengoba zizobe

zisezikoleni. Kuningi ke okwenzekayo

ezikoleni,abazali abagcina bengazi lutho

ngako. Ingakho bembalwa abazali

abangaphumela obala,bame nje ngeqholo

bathi izingane zabo ziyasukelwa uma

kungathiwa kukhona ezikwenzile. Kulesimo, umzali oqotho angathi ngokuyazi kwakhe

ingane yakhe,angeke ikwenze okuthile.

Okungacishe kube yiqiniso noma nako

kunzima nje,ukuthi uma ungumuntu

onakisisayo,uyakwazi ukubona ukuthi

ingane ivela ekhaya elinjani. Kusukela

endleleni egqoka ngayo,ekhuluma

ngayo,eziphatha ngayo,kuyavela kona

ukuthi kunjani lapho ephuma khona.

Ukuphambuka komuntu ophuma ekhaya

eliphilayo futhi okhuliswe kahle,akufani

nokwenza kwengane ephuma ekhaya

elingenayo imfundiso eqondile. Ephuma

ekhaya eliphilayo iyakhalimeka kanti

ephuma ekhaya elingenamfundiso, iba

wumdlwembe nje ongakhalimeki noma

kuzanywa ukuyikhalima. Ayibi namuntu

emsabayo nemhloniphayo ngoba yazi

ukuthi yona ayitshelwa.

Kuwumsebenzi womzali ukuqinisekisa ukuthi ingane yakhe uyikhulisa ngendlela efanele. Uma iphambuka, kusuke sekungokwayo loko. Umzali usala nonembeza omsulwa ngoba yena usuke ekwenze konke okufanele.

Kuwumsebenzi ongelula nakancane ukukhulisa ingane,ikakhulu kulesikhathi samanje lapho abazali abaningi bezikhulisela izingane ngabodwana , abanye bengasebenzi kanti

nezingane kulezinsuku zinamalungelo,enza kubenzima kubazali ukuthi bazikhulise ngendlela abakhuliswa ngayo bona.

Kuye kuthiwe ayikho indlovu engasindwa umboko wayo, umzali nomzali kumele afingqe imikhono, azibambele ukukhulisa ingane yakhe. Othisha nabo babambe iqhaza elikhulu ekukhulisweni kwezingane kodwa imfundo okuyiyona yengane, iqala ekhaya.

Umndeni
Sithembiso Sibisi

Isikhathi esihle lesi sokuqala UKONGA

Qala namhlanje, ngaloku okuncane onako

Uma kusaqala unyaka, wonke umuntu

usuke enezinto azinqumele zona ukuthi

ufisa ukuzifeza ngalowonyaka. Ezinye

ziyaphumelela kanti ezinye aziphumeleli. Ziningi ke izizathu eziyimbangela yaloku

kodwa okuyisona esivamisile,ukushoda ngemali.

Angazi ukuthi ngingakugcizelela kanjani ukuthi imali ibalulekile futhi iwukhiye

wezinto eziningi. Ngaphandle kwemali, amaphupho amaningi ayashabalala.

U February isikhathi esihle sokuthi umuntu

aqale azongele imadlana okuyiyona

ezombheka uma sekufike isikhathi.

Ukonga ke akusho ukuthi kumele umuntu aze abeke amakhulu noma

izinkulungwane ebhange kodwa kusho

ukonga loku okuncane onako.

Kuyinto eyaziwayo ukuthi abantu abaningi

abasebenzi kodwa ikhona imadlana

encane abayitholayo ngenyanga.

Kulezinsuku sekukhona nemali

eyisibonelelo sabangasebenzi evela

kuhulumeni. Ngiyavuma incane njalo ngenyanga, ukonge, mukhulu emali kodwa uma ungahlephula okuncane

kuyona, mukhulu umehluko ongawubona esikhathini esizayo.

Ukhiye kulento yokonga ukuthi uqale manje, ungaloku uhlehlisa ngoba ungagcina ungaqalanga. Qala namhlanje ngaloku okuncane onako, ungalindi ukuthi uze ube nezizumbulu.

Ungaqala ngokuthi uzibekele imali ewuhlweza endaweni eyaziwa uwena kuphela. Kubangcono kakhulu uma

uzoyibeka unganaki lemali, ungaloku uyibheka ukuthi isingakanani ngoba uzosuke ulingeke bese uyayisebenzisa singakafiki isikhathi ozinqumele sona.

Kuyasiza nokuthi ube nento ebalulekile esemqondweni, ozozitshela ukuthi wongela yona. Loku kuzokusiza ukuthi ukwazi nokuzincisha ezinye izinto ngoba nje uhlose ukongela lento eyaziwa uwena kuphela.

Imali yakho
Sithembiso Sibisi

Impi yaboMdabu isethunjini

Lencwadi ka Dkt J. C Dlamini ikhuluma

ngokujulile ngezinkinga ezikhungethe imindeni

yabantu abaMnyama kuleli kanye nalezo

ezikhungethe isizwe sonke esiMnyama. U Dkt.

Dlamini usivezela ubungozi obudalwa

ukwehlukana ngokwamazinga empilo, nokwenza

ukuthi abanye bazibone bephila emhlabeni

ongcono kunalona abahlala kuwona.

Lencwadi ikhuluma ngemindeni emibili yakwa

Ngubane kodwa ehlala ezindaweni ezi-

mbili ezingafani njengoba omunye

ukobantu kanti omunye

usesilungwini. Lokuhlukana kwenza

ukuthi lemindeni uyibuke ngezindlela

ezingefani impilo, ikakhulu njengoba

lona osesilungwini uyibuka ngehlo

labe Lungu nokwenza kube khona

ukungqubuzana okukhulu nalona

osemakhaya, osabambelele

ezindleleni zesintu zokwenza izinto.

Lomndeni osesilungwini ubhekana

nezi-ngqinamba eziningi,ezibangelwa

ukuzama kwawo ukuphila impilo ongayazi futhi ongakhuliswanga ngayo.

Ngakolunye uhlangothi, lomndeni

osemakhaya, osabambelele ezindleleni

zakudala zokwenza izinto,ubonakala udlondlobala kakhulu.

U Dkt. Dlamini kulencwadi uthinta amaqiniso abuhlungu ngempilo yabantu abaMnyama, ngoba uveza ukuthi kukhulunywa ngani uma

ukuthini inkululeko yangempela kumuntu

oMnyama. Uveza ubuhle bemfundo uma

iwele emhlabathini ofanele, nobubi bayo uma kungukuthi iwele ogwadule, lapho ipheshethwa khona kalula umoya.

Kuningi okungamaqiniso athinta umuntu

oMnyama kulencwadi njengoba ithinta

udaba lokulandela amasiko nosikompilo kwabezizwe, indlela yokuphila kwabantu

besifazane ezindaweni zase- makhaya, izinto eziholela ekutheni isizwe eziMnyama singaphumi kalula enkingeni yobubha obusikhungethe.

Lencwadi

iyaheha,iyafundisa ukuthi kumele siziphathe kanjani siyimindeni yabantu abaMnyama nokuthi kumele ngabe siphilisana kanjani siwumphakathi.

Ngingakhuthaza ukuthi lencwadi ifundwe iwona wonke umuntu, ikakhulu abasha.

Kuningi umuntu angakuzuza kuyona ngobuyena.

Mina nje sengiyifunde izikhathi eziningi kanti

njalo uma ngiyifunda kuba sengathi ngiyifunda

okokuqala ngoba ngihlala ngithola okusha futhi ngivuseleleke ukuthi ngivuke ngizithathe noma ngabe amandla ebeseqala ukungiphelela.

Funda nathi

Izindlela ezihlukene zokuthenga imoto

Sithembiso Sibisi

Lento yokuthenga imoto ayikho lula futhi iyabashaya abantu abaningi abavele bathathe isinqumo sokuthenga imoto bengazange

bakuthole ukwelulekwa. Abaningi banako ukwenza iphutha lokuthi ngoba nakhu

sebeyasebenza futhi futhi banegama elihle ukuthi bangathatha isikweletu noma banganikezwa isikweletu ebhange,bese begijimela ukuthenga imoto.

Namhlanje sizobheka izindlela ezintathu okuyizona ezijwayelekile uma abantu bethenga imoto okokuqala.

Ukuthenga ngebhange

Lena iyonandlela esetshenziswa abantu abaningi ngoba ibukeka ilula. Okwenza abantu bayithande ukuthi amabhange amaningi awasafuni ne deposit manje, uma igama lakho lilihle ayakunika imoto wena bese uyikhokhela ngenyanga. Konke

kuzwakala kukuhle futhi kulula uma ukubukela

kude kodwa kunemiqathango yako egcina

ibashaya abaningi. Abakukhohlwayo abaningi

ukuthi imoto kusuke kungesiyona eyabo kodwa

kusuke kungeyebhange kuze kube bayikhokhela ngokuphelele. Ibhange nebhange ke linemithetho yalo ngemoto yalo,okuyicala ukuyephula.Ngale

nje kokuthi kufanele uqinisekise ukuthi

uyikhokhela njelo ngosuku enivumelene

ngalo, awukwazi kushintsha lutho

kuyona.Uma kukhona okufayo

kuyona,awukwazi ukuthi uye koyikhanda

lapho uthanda khona kodwa kumele uyiyise

lapho kusho khona bona,akukhathalekile

ukuthi kubiza kangakanani. Kukhona nokunye

okuningi okuhlala kukukhumbuza ukuthi imoto akusiyo eyakho kodwa kufana nokuthi

uyayithelela nje.

Balloon payment

Ibaqedile ke abaningi lento ye ballon payment

ngoba bangena kuyona bevale amehlo.

Lendlela ithi uthenga imoto ngale kokukhokha i deposit, ukhokha imali encane ngenyanga

kodwa uma sekuphele isikhathi enivumelene

ngaso nebhange sokukhokhela

imoto,kunemali eyisamba okumele uyikhokhe

ngesikhathi esisodwa. Okulimaza abaningi ke

kulendlela ,ukuthi basuke bengayibekile

eceleni lemali eyisamba edingekayo

nokwenza bahluleke ukuyikhokha bese

ibhange liyayithatha imoto yalo. Amabhange

amaningi ayabavumela abantu ukuthi uma

sekufike lesikhathi, baqale kabusha benze

Sisemgwaqweni

benze isivumelwano esisha sokukhokha njalo

ngenyanga. Kuye kuncike ekutheni ukhokha

kanjani ke lokhu ngoba uma kade ungakhokhi

kahle,ibhange linalo ilungelo lokusinqaba isicelo

sakho,lithathe imoto yalo.

Uma livuma,loku kusuke sekusho ukuthi usuke

usuzokhokha isikhathi esingaphezulu kunalesi esisuke sibekwe ekuqaleni. Okubanzima ke

ngalesivumelwano esisha ukuthi imoto isuke

isindala, kwesinye isikhathi isinezinkinga eziningi. Umuntu uzithola esekhokhela imoto futhi

esekhokhela nokulungisa izinkinga enazo.

Ingakho ke izindawo eziningi ezidayisa izimoto, zivamise ukukhuthaza abantu ukuthi bazibuyise izimoto uma sezihambe ibanga elithile noma

ngemumva kweminyaka ethile,bathathe ezintsha.

Kungazwakala kuyinto enhle loku kodwa iqiniso lithi umuntu usuke amukela ukuthi akasoze aba nayo imoto okungeyakhe kodwa uyohlala ngokukhokhela ibhange njalo nje.

Ukuthenga kumuntu

Kunemibuzo ebalulekile okufanele uzibuze yona uma uzothenga imoto kumuntu,ikakhulu uma ungamazi. Owokuqala owokuthi yena usuke

eyidayiselani.Bambalwa abantu abadayisa izimoto

zabo ngoba besuke bengasazidingi noma ngoba

besuke bezifunela imali. Abaningi bazidayisa ngoba

kukhona izinto esezibahlupha ngako. Bayakufihla

loku ngesikhathi besakudayisela,uzibonela

usuwedwa ukuthi wenzenjani ngezinkinga

ohlangabezana nazo. Akukho ke osuke

usengakwenza ngoba abaningi

abazidayisa ngo cash baye bakugcizelele

ukuthi bazidayisa zikulesosimo esikuzona.

Ukuthenga kwi Auction

Isikhathi esiningi,izimoto ezidayisa kwi auction

zisuke zidliwe amabhange kulabo abasuke

sebehluleka ukuzikhokhela. Ngike ngazinika

isikhathi,ngahlala phansi nomunye osebenza

ukudayisa lezimoto,ngambuza ngobuhle

nangobubi bokuthenga kubona. Ubuhle uthe kuba ukuthi zishibhile uma utholane nabantu abaneqiniso, abadayisela ngemali okuyiyona.

Uthi abaningi bazidayisa ngemali enkulu

lezimoto,ecishe ilingane naleyo ezidayiswa ngayo uma zisezintsha.

Okunye akuvezile ukuthi azilungiswa uma

kukhona okonakele kuzona kodwa zidayiswa zisesimweni esifanayo nalesi ezisuke zidliwe zikusona. Okungenze ngashaya amakhala ke ngalendlela yokuthenga imoto,ilena yokuthi banako ukwehlisa ama kilo metre esuke

isiwahambile imoto,benze kubukeke sengathi ayikahambi kakhulu ekubeni isuke isiphelile.

Loku basuke bekwenzela ukuthi bayibizise imali enkulu. Uma isikuhlupha,basuke bengasekho bona.

Ukuthenga ngo cash.

Angeke ngande ke ngalena ngoba iyazisho futhi ilungele abathile, abanemali abasuke

beyigcinile emgodleni wabo. Ngithi nje yenza

isiqiniseko sokuthi uthola ulwazi olwanele ngaphambi kokuthenga imoto.

Sisemgwaqweni

Khetha isikhathi esihle sokuvakasha

Sithembiso Sibisi

Imisebenzi esiyenzayo inako ukusilawula ukuthi siphila hlobo luni lwempilo futhi siluphila kanjani.

Bambalwa abantu abangaphumela obala bathi baphila impilo ngendlela abafisa ukuyiphila ngayo ngoba zonke izinqumo abazithathayo kumele baqale babheke izinto eziningi kuqala.

Yingakho ke kubantu abaningi,ukuvakasha sekuyinto abayihlelele izikhathi zamaholidi lapho imisebenzi eminingi esuke ivalile khona.

Sekuphenduke usiko nje ukuthi isikhathi samaholidi isona sikhathi sokushaywa umoya.

Ayikho ke inkinga ngaloku kodwa namhlanje sizoke siqhathanise ukuvakasha ngesikhathi samaholidi nokuvakasha phakathi nonyaka.

Ukuvakasha ngamaholidi

•Izindawo eziningi zisuke zigcwele ngesikhathi samaholidi.

•Yonke into isuke ibiza kakhulu ngalesikhathi.

• Awukwazi ukubona ngokuphelele ubuhle bendawo ngenxa yesiminyaminya.

• Umqondo awukutholi ukuphumula osuke ukudinga.

Ukuvakasha phakathi nonyaka

• Ezindaweni eziningi kusuke kushaya umoya.

• Izinto eziningi zishibhile ngalesikhathi.

• Isiminyaminya sisuke singekho ngakho ukwazi ukubona izindawo ngokukhululeka.

• Umqondo uthola ukuphumula osuke ukudinga.

Kungaba umqondo omuhle ukuthi uyibhekisise

indaba yokuthi usithatha nini isikhathi sakho sokuvakasha, ukuze sizohambisana nezidingo zengqondo nomphefumulo wakho. Akulungile ukuthi kade uvakashile kodwa ubuye usazizwa sengathi usenomthwalo owuthwele emahlombe.

Sishaywa umoya

PhlyMag

FOR PEOPLE ON THE MOVE

UKUFAKA ISIKHANGISO NGAMANANI ALUNGELE IPHAKETHE LAKHO, UNGASITHINTA NGOKUSEBENZISA LEMINININGWANE ELANDELAYO:

Editorial

Phone 0614017076

Email mediaezasekhaya@gmail.com

Address 22 Marine View, North Beach, Durban, 4000

Turn static files into dynamic content formats.

Create a flipbook
Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.
Phly Mag by phlymagazine - Issuu