Phly Mag

Page 1

FOR PEOPLE ON THE MOVE

Sifiso Simamane

PhlyMag May 2023
UPHILA IPHUPHO LAKHE LEMINYAKA Kuyasiza ukuzimela empilweni All about Mr.Condom Phakamani Ndlovu Liqhakazile ikusasa kumdwebi osemncane

Crocodile Burning by Michael Williams 9.

OKUNGAPHAKATHI Editorial Phone 0614017076 Email mediaezasekhaya@gmail.com Address 22 Marine View, North Beach, Durban, 4000 1.IGUMBI LOMHLELI 2.ABANTU BETHU 3.EZEMPILO 4.UMNDENI
IMALI YAKHO
FUNDA NATHI
SISEMGWAQWENI
SISHAYWA UMOYA Ukuvakasha akubekelwe isikhathi Yigweme i balloon payment Asenze imali isisebenzele Asibanakelele abadala bethu Ama energy drinks awazona iziqedakoma
Sifiso Simamane- Uphila iphupho lakhe leminyaka
All about Mr.Condom- Phakamani Ndlovu
Liqhakazile ikusasa kumdwebi osemncane
ukuzimela wedwa empilweni
5.
6.
7.
8.
2.1
2.2
2.3
Kuyasiza
EZOMOYA We are talking to Nathi Ngwenya

Igumbi loMhleli

Udaba olusematheni kulezinsuku oluka Thabo Bester nesinqandamathe sakhe u Dr. Nandipha. Engikuqaphelayo ukuthi akekho umuntu ongathi akanambono ngaloludaba futhi kunokuhlukana phakathi ngemibono njengoba kukhona abaseka uDr.Nandipha kanti kukhona nalabo abamsolayo. Kuhlukile ngasohlangothini luka Bester ngoba kubukeka sengathi bonke abantu baya nganxanye njengoba bezwakalisa ukumsola ngayoyonke into athinteka kuyona.

Loludaba lungenze ngacabanga ngajula ngezimo esizithola sikuzona empilweni ngenxa nje yokuhlohlana nabathile esisuke sibabiza abangani noma ke esisuke sisondelene nabo ngalesosikhathi. Kuye kube kuhle konke uma sisahlohlana,sikhombisa ukwesekana,size sisho nokusho ukuthi angeke size silahlane noma ngabe sekutheni.Izinto zivamise ukujika uma sekufanele ukuthi lawomazwi nezithembiso kufezeke. Ilapho ivela khona obala imibala yabantu,sebezama ukuziqhathulula ngoba besaba ukujeza. Okuye kube buhlungu kakhulu ukuthi kuvele kube noyedwa nje onebhadi, yonke into evele isulelwe kuyena bese ebhekana nokuthwala izono zeningi. Isikhathi esiningi kuye kube ilona osuke engazi lutho ngempela kodwa osuke elandela nje ngoba ebona abanye benza bese eyenza naye.Yingakho ke ngazifundisa kudala ukuthi ngizimele ngedwa, ngingalandeli iningi noma ngabe sekutheni. Ngiyazi ukuthi kubukeka njengobuwula loku kodwa kungisindise ezintweni eziningi ebezingaqeda ngempilo yami noma zingishiye ngimanxebanxeba. Angikwenzanga loku ngoba ngingcono noma ngihlakaniphile kodwa kube ukusha engibhekane nako ezigamekweni eziningi ezidlule.

Angikwamukele oshicilelweni lwethu lwalenyanga,ngibonge ukuseseka kwakho,kusho lukhulu kithina.

Sithembiso Sibisi

Uphila iphupho lakhe leminyaka SIFISO SIMAMANE

Sithembiso Sibisi

Uma umbukela kude, ubonakala njengomuntu onenhliziyo embi futhi onesihluku

esimangalisayo.Konke loko kuyashintsha uma ususondela eduze naye ngoba kuvela ukuthi uyindoda elungile, ekholwayo futhi eyazisa umndeni wayo.

“Akusangithusi ukuthi abantu abaningi bangibuke njengomuntu onenhliziyo embi ngoba ngiyaqonda ukuthi kubangelwa izindawo engivamise ukuzilingisa.Abantu bake babone lomuntu engiwuyena emidlalweni engisuke ngilingisa kuyona bese bezitshela ukuthi nasempilweni ngiwumuntu onjalo kanti akunjalo,ngizilungele mina.”-kuchaza uSimamane ngesikhathi sinengxoxo ekhethekile naye.

Uthi uthando lokulingisa lusuka kude esemncane njengoba ayekhonze ukuzidlalela njengezinye izingane kodwa achazeke kakhulu uma abantu bekhombisa ukuthi bayayijabulela into ayenzayo. Ngalesosikhathi wayengazi nokuthi yayibizwa ngani leni lento ayeyenza kodwa wayejabuliswa ukubona abantu bejabulile nje yena kuphela.

Abantu bethu

” Lapho yagxila khona kakhulu lento yokufuna ukuba umlingisi kungo 1978

uma ngingaphosisi, kunomdlalo weshashalazi lapho ngangilingisa khona

indawo yenkosi eyayinamadlebe amise okwawembongolo. Ngendlela abantu

abawuthakasela ngayo lomdlalo, ikakhulu indawo engangiyilingisa, kwaze

kwaphela cishe iminyaka eyishumi bengibiza ngenkosi enamadlebe amise

okwawembongolo. Ngenxa yesasasa lalowomdlalo, angibange ngisabheka

emumva kodwa ngaqhubeka ngazibandakanya neminye imidlalo yeshashalazi eyayibakhona endaweni nasezikoleni engangifunda kuzona.”

USimamane uselingise emidlalweni

eminingi emikhulu kuleli futhi eshiyelana inkundla nabalingisi abanamagalelo aziwayo. Loku kwenza igama lakhe lingasali ngaphandle uma kukhulunywa ngezinkakha zabalingisi bakuleli. Into emenza ahluke kwabanye,ikhono lakhe lokuthi akwazi ukulingisa emidlalweni kamabonakude, eyeshashalazi kanye nakumafilimu,nokuyinto engasavamisile kubalingisi abaningi kulezinsuku. Kuzona zonke lezindawo ufike angene khaxa, angakhombisi ukuba nobunzima.

“Kuyangijabulisa ukuthi kukhona abantu abawuthokozelayo futhi abakhombisa ukuwuhlonipha umsebenzi wami ngoba izinto azivelanga zabalula njengoba abaningi bengacabanga,ikakhulu njengoba umuntu ekhulele endaweni yaseMangamazini,okuyindawo engamakhaya futhi esathuthuka. Thina sikhule ngesikhathi imithetho yobandlululo yayingasivumeli khona ukuthi singene ezindaweni ezithile noma sinikezwe amanye amathuba. Loku kwakwenza ukuthi izinto sigciine sizenzela ekusithekeni ukuze singabanjwa.Ngikhumbula ukuthi nje sasesifana nezinhlanya nomunye uMfowethu uSithembiso Madlala ngokuzivalela emjondolo wakubo,siziqeqeshe.Udlame nalo lwalusiphazamisa kakhulu ngoba abanye esasiyibambe nabo baze badlula emhlabeni kodwa saqhubeka thina sayibamba ishisa. Kukhona ababeze baphimisele amagama angemnandi,besho nokusho ukuthi umuntu akasoze aphumelele,avele kumabonakude, nokuyinto eyayinkulu kakhulu ngalesosikhathi. Ngenxa yothando saphokophela kunzima kunjalo,naku lapho sikhona namhlanje.”

.

Ngale nje komsebenzi wokulingisa ohlala umgcina ematasatasa, uSimamane uyindoda yomuzi ewuthandawo umndeni wayo.

“ Umndeni uyinto ebaluleke kakhulu kimina futhi angiboni ukuthi ngingabe ngila engikhona namhlanje ukube angizange ngikuthole ukwesekwa uNkosikazi wami ongasekho emhlabeni,owadlula ngesikhathi esimbi ngilungiselela umdlalo weshashalazi owawubizwa nge “One Among Many”, owawubhalwe u Edmund Mhlongo,ukhuluma ngempilo ka Chief Albert Luthuli. Kulobobunzima ngakwazi ukuthi ngiqhubeke nomunye umdlalo owawubizwa nge Sophia ekubeni futhi ngangimatasa nokubhala umdlalo womoya owawuthi “Ukube ngangazi.” Ingalesi sikhathi futhi lapho engagula khona kwaze kwaphoqa ukuthi ngilale esibhedlela inyanga yonke,ngibanjwe yingcindezi. Angiboni ukuthi ngangiyodlula kanjani kulesimo ukuba angizange ngikuthole ukusekwa okuvela emndenini wami.”

Uthi abantu abanentshisekelo yokulingisa akumele baphele amandla ngisho noma ngabe sebezame kangakanani,iminyango ingavuleki kodwa ukhona oyogcina uvulekile uma bezazi ukuthi bafunani,bengalandeli udumo.Ukuhlala njalo bezicija njengamasosha ahlala ezilolonga noma ingekho impi azobhekana nayo, uthi kungomunye wokhiye ababalulekile bempumelelo. Uyayikhuza lento yabantu abahlala befuna ukungeniswa ngo potsho,abangafuni ukusebenza kanzima ukuze bezovuna izithelo zamandla abo.

Abantu bangalindela olukhulu kuleliqhawe njengoba kumanje selisungule eyalo inkampani ezokhiqiza imidlalo ehlukahlukene. Uthi kungekudala uma sekuphelele konke akuhlanganisayo,abantu bazobe sebeyabona ukuthi ubephekani. Noma kunjalo usazoqhubeka nokujabulisa abantu emidlalweni eyahlukene.

Liqhakazile ikusasa kumdwebi osemncane

Sithembiso Sibisi

Ngesikhathi ontanga bakhe bematasa nemidlalo abanye bezibandakanya ezintweni ezingalungile, u Seun Ngobese usuke ematasa nokulolonga ikhono lakhe lokudweba nathi liyisipho asinikezwe uMdali ukuze aziphilise ngaso esikhathini esizayo.

U Seun ongowase Wushwini,kwaNgcolosi uthi waqala ukubona ukuthi unesiphiwo sokudweba ngesikhathi esafunda amabanga aphansi.” Esikoleni engangifunda kuso kwakunomfana owayedweba opopayi esasibabuka kumabonakude futhi ebakhipha njengoba benjalo. Ilapho ke imbewu yokudweba eyatshaleka khona kimina,ngafisa ukuthi nami ngidwebe njengaye. Ngaqala nami ngadweba konke engangikubona phambi kwami,ngadweba opopayi,ngokuhamba kwesikhathi ngadlulela ekudwebeni abantu.”

Lomfundi owenza u Grade 10 esikoleni sendawo iKwabazothini High,uthi ubonga kakhulu uGogo no Mkhulu wakhe okuyibona abahlala bekhombisa ukumeseka njalo kulesiphiwo sakhe esesimakhele igama elihle emphakathini kanye nasesikoleni.

Kukhona nemincintiswano yabadwebi abancane aseke waba yingxenye yayo.

“UGogo no Mkhulu bayangigqugquzela kakhulu ukuthi ngingasiyeki lesiphiwo ngoba bathi bayabona ukuthi sizongiyisa

Kude empilweni. Yibona abangithengela nezinto zokudweba.”

Isifiso sika Seun esikhulu kuthi ngelinye ilanga lesiphiwo sakhe simvulele iminyango yokuthi naye abalwe nabanye abadwebi abahlonishwayo emhlabeni futhi umsebenzi wakhe ugcine usumvulele neminyango yokuthi afinyelele nasemazweni aphesheya kwezilwandle.

“MR. CONDOMJWABU”

Phakamani Ndlovu has made preaching safe sex his mission in life.

PM.Who is Phakamani?

PN:Phakamani “Mrcondomjwabu” Ndlovu is a young, vibrant, spunky socialite, positive influencer on social media and multi-award winning public speaker, who has over 11 years experience in community work, working as a social behavior change advisor, radio presenter, MC and social entrepreneur. I am passionate about social change, youth and community development. I started community work at a very young age and in 2009 I registered a Non Profit Organization. Later in 2017, I started Phakamani Empowerment with a focus on social behavior change to educate young people about safe sex, circumcision, STI’s screening and treatment and condom usage etc. He is also a public speaker who gives motivational talks at schools and TVET colleges.

Abantu bethu ALL
ABOUT

PM:Where and when did it all begin?

PN: This journey started back in in 2011 when I went for a free circumcision at McCord Hospital. After this experience, I was very pleased and I even posted on the hospital’s Facebook page to commend the staff for their professionalism and for the good service. They called me and asked if I would like to talk about my experience and encourage people at their clinic, I agreed and that is when I became an ambassador for medical male circumcision in eThekwini. I then worked at the hospitals Marketing department, focusing on medical male circumcision. In 2013, when the hospital closed, I carried on with this line of work. I joined the Society for Family Health, an NGO that has a contract with the Department of Health, where I work as a co-ordinator for Voluntary Medical Male Circumcision in the eThekwini District.

PM: How are people receiving you, especially in black communities where talking openly about sex is still considered a sin?

Back in 2017 when I started, it was very difficult but because I am driven by passion I never gave up and today I receive invites from companies, healthcare facilities, universities, TVET colleges and taxi tanks to talk about safer sex which humbles me as I am starting to see the fruit s of my hard work . However it’s still a bit of a difficult y to speak to elderly people who are 50 years upwards since I am young but once they show me support ,I just continue with ease.

PM: What would you say are the highs and lows of what you are doing?

I regards messages of compliments from people I have positively impacted their lives as highs for me and lows are getting invites from all over the province when I don’t have money for petrol .

PM. Working with people is not an easy thing, how do you maintain sanity?

Sshhh! This is a very hectic environment to be in. I listen to Gospel music on my way to work and back and I also listen to motivational talks a lot. My wife is also very supportive as she always ensure that we pray daily when we leave the house and when we come back home.

For any safe sex related issues, you can contact Phakamani on 0837615841

Sithembiso Sibisi

Isikhathi esiphila kusona sinzima kakhulu,imisebenzi ayikho,naleyo ekhona ayiholeli ngendlela egculisayo ngoba zonke izinto zimba eqolo. Ngendlela isimo esinzima ngayo, kukhala ngisho abaneziqu zemfundo ephakeme ngoba abaningi azibasebenzeli. Isikhathi lesi sokuthi sibheke izindlela ezintsha zokwenza ukuze sizokwazi ukubhekana nalesimo,kungenjalo siyofa sikhala njengembuzi.

Isikhathi sokulindela ukuqashwa sidlulile manje,sekuyisikhathi sokuthi umuntu nomuntu abheke ukuthi uMdali wakhe umupheni bese eyakusebenzisa ukuthi aphile. Imadlana encane umuntu anayo, sekumele acabange ukuthi uzoyikhulisa

kanjani ukuze ezokwazi ukubhekana nezinselelo zempilo. Ukuzijabulisa kuhle

futhi kuyingxenye ebalulekile yempilo kodwa akuwenzi umqondo ukuthi umuntu athathe ubadlana analo ngalesosikhathi azijabulise ngalo bese eyabalisa.

Into yokuqala esihluphayo thina,ukuthi siyavilapha ukucabanga ukuthi yini le ngempela esiphathiswe yona bese sigijimela izinto eziphathiswe abanye.Uma

zingasaphumeleli siba nomona noma sithi uJehova akasithandi. Ingakho nje ezindaweni zethu kugcwele amabhizinisi afanayo,adayisa into eyodwa. Uma

esekhona umuntu odayisa amagwinya endaweni,asimeseke kunokuthi siqale ibhizinisi elifanayo nathi .

Eyesibili ilena yokuthi asisekani. Abezizwe bacebe kangaka nje ingoba basekwa

ithina,cabanga ke ukuthi kungenzekani uma singake sisekane sodwa siyisizwe.

Ake sishintshe ukwenza,lemadlana encane esinayoake siyenze isisebenzele.

ASENZE IMALI ISISEBENZELE

ABADALA BETHU

Sithembiso Sibisi

Kulezinsuku ezidlule ngithole ucingo olungiphoqe ukuthi ngishiye phansi yonke into ebengiyenza, ngithwale imithwalo yami ngibuyele ekhaya lapho kukhona khona abazali bami. Ucingo beluthi umama akukuhle empilweni,ubambekile. Kufike izinto eziningi emqondweni kodwa okuyiyona ebisemqoka ilena yokuthi ngiyadinga ukuthi ngibe seduze kwabo ngalesikhathi,ikakhulu ngoba nobaba usekhulile.

Kunento ebuhlungu evamise ukwenzeka emiphakathini yethu thina abaMpisholo,yokuthi abantu abadala singabanakeleli. Siyabashiya bahlale bodwa,sibashiye nabazukulu noma sibahambise kulezindawo ezifike nabezizwe,okuthiwa ziyabanakelela. Akungoba ngimelene nalezindawo kodwa angikholwa ukuthi kukhona umuntu ongaba nesineke sokunakelela umzali wami okudlula

mina.Angikhathali noma kungathiwa lowomuntu uqeqeshwe kangakanani noma uhola imali eningi kangakanani,angiboni engakwazi ukunikeza umzali wami loluthando engingamnika lona mina.

Ngendlela esiyisizwe esilahleke ngayo,ithina kuphela esibulala abadala bethu ngoba sibasola ngokuthi bayathakatha. Siyakhohlwa ukuthi njengoba sebebadala nje,imiqondo yabo isebenza ngendlela ehlukile futhi abanye ibuye ilahleke,bazithole benza izinto ezingajwayelekile

njengokulahleka,ukuhamba ebusuku nokungagqoki imbala. Ngoba siyisizwe esidukile ke thina,kunokuthi sibavikele,sibanakelele uma sebeficwe ilesikhathi esiyosifica nathi uma sibe

nenhlanhla,siyabashaya,sibabulale ngesihluku,sibasole ngokuthakatha. Mhlawumbe ingakho nje izinto zethu eziningi zingasilungeli,sihlala siyizincelebane zabezizwe,ingoba sigudlukile ezimisweni zempilo. Nencwadi engcwele iyasiyala ukuthi sithande abazali bethu ukuze izinsuku zethu

zizokwanda emhlabeni. Umzali ke inoma umuphi umuntu omdala esihlangana naye,akusho ukuthi kumele kuze kube okuzalayo noma owebala lakho.

ASIBANAKELELE
Umndeni

Ukunakelela umzali akusho ukumgcina endlini ngasosonke isikhathi kodwa kusho izinto eziningi. Uma ewumuntu othandayo ukuphuma ashaywe umoya,umsebenzi wethu ukuthi siphume nabo. Uma ewumuntu othanda ukuya enkonzweni,kuwumsebenzi wethu ukuthi

simuhambise khona uma engasenawo amandla okuzihambela. Asiyiyeke lento yokucosha

izinto ezimbi zodwa kwabezizwe, sibheke ukuthi yini enhle esingayicosha

kubona,engasakha,isiyise phambili nathi njengesizwe.

Abezizwe bayabanakelela abadala babo,ingakho nje isikhathi esiningi kuba ibona ababonakala

behamba nabo ezindaweni zokudla eziphambili ngezimpelasonto nangamaholidi. Ngalesosikhathi thina sisuke sibambeke ekuzijabuliseni nabantu abangasikhathalele ngalutho ematshwaleni. Ngisho noma bebagcine kulezindawo ezigcina abadala, bayasenza isikhathi sokuthi bahlale nabo, futhi babanakele ,babafundele izi ncwadi,baqinisekise nokuthi bahleli kahle. Thina abethu uma sibayisa kulezindawo,sisuke sibalahla ngoba sibabona sebeyisiphazamiso empilweni yethu.

Uma sebedlulile emhlabeni ,siqhamuka sesenza imingcwabo esezingeni elicokeme namatshe ezikhumbuzo abizayo Iqiniso elibuhlungu ukuthi sisuke singasenzeli bona kodwa sisuke sesenzela ukubukwa abangani bethu nokugeza onembeza bethu ngoba singakwenzanga okufanele isikhathi sisekhona.

Isadinga ukubhekisiswa indaba yalomuntu owasitshela ukuthi izibusiso zitholwa kumuntu ongasekho. Umuntu kade elamba esaphila,uma engasekho bese simhlabela izinkomo minyaka yonke sithi sicela izibusizo.Angiphikisani nokuthi kukhona impilo ekhona ngale kwethuna kodwa izibusizo zangempela zitholakala ngapha kwalo. Ukujabulisa abadala bethu kungenye indlela yokuvula iminyango yalezozibusiso.

Ake sishintshe ukwenza,sizinikele ekunakeleleni abadala bethu ngoba bayadinga

ukunakekelwa nokunikezwa uthando. Kuningi esingakuzuza njengesizwe ngokwenza loku, okufana nolwazi abaluqukethe emigodleni yabo,nazo ke lezibusiso esihlala sizigijimisa kangaka uma bengasekho. Kukona konke esikwenzayo,asikhumbule ukuthi abadala bethi bayisisekelo sobukhona bethu ,ngale kwabo ngabe asikho thina.

Sithembiso Sibisi

Angazi noma ngizothi isitayela noma umkhuba nje wokuthanda izinto lona odlange kulezinsuku, wokuthi abantu baphuze ama energy drinks ngisho isidingo singekho. Ngendlela owande ngayo lomkhuba, asetholakaka edayiswa yonke indawo,ngisho nakubadayisi basemgwaqweni imbala. Okubuhlungu ukuthi akekho ozihluphayo ngokuthi achazele abantu ngobungozi baleziphuzo, ikakhulu uma umuntu eziphuza ngokweqile noma ngendlela engafanele.

Igama liyazisho ”energy drinks” okusho ukuthi iziphuzo ezinikeza amandla noma umfutho.Umbuzo uthi imuphi ke lomfutho abantu abawufuna zonke izinsuku, abanye abangasakwazi ukuphuza ezinye iziphuzo ngaphandle kwalezi ezinieza amandla. Kunensizwa nje engiyaziyo ephuza amakani angaphezu kwamathathu alesiphuzo ngosuku.Okubuhlungu ukuthi iphinde ibheme futhi isebenzise sona lesiphuzo uma ixuba utshwala bayo obushisayo. Noma ngingashongo kodwa angithukanga ngelinye ilanga uma ishayeka phansi,kwathi uma iphuthunyiswa esibhedlela kwatholakala ukuthi inomfutho ophezulu kakhulu wegazi futhi icishe yamelwa inhliziyo. Loku kuwubufakazi bokuthi leziphuzo ziyingozi kangakanani emzimbeni womuntu.

Ukuba nginamandla,bengiyothi mina kumele kulawulwe abazempilo ukudayiswa kwazo ngoba sekucacile ukuthi abantu abaningi abazisebenzisi ngendlela futhi zibeka empilweni yabo engozini. Njengazozonke izidakamizwa,zinokubaphendula imilutha yazo abaziphuzayo,bagcine sebephila ngazo.Abantu abavikelwe,baphinde bazivikele nabo ebungozini obubangelwa ukungazi.

ISIQEDAKOMA
AMA ENERGY DRINKS AWASONA
Ezempilo

I-BALLOON PAYMENT

Sithembiso Sibisi

Kunezinto ezibukeka zizinhle futhi ziwusizo kodwa uthi uma usuzibhekisisa kahle ubona ukuthi ziyingozi enkulu. Enye yalezozinto ilena esiyandile yokuthenga imoto ngale kokuyikhokhela i deposit bese ukhokha i balloon payment ekugcineni, usuqedile ukuyikhokhela imoto.

Ilula yona lendlela yokuthenga imoto futhi yinhle kumuntu okwaziyo ukugcina imali noma ongenayo inhloso yokuthi imoto igcine ingeyakhe ngokuphelele ngelinye ilanga.Umuntu lona ozinikele ekutheni uzohlala eshintsha imoto njalo emva kweminyaka embalwa, athathe enye nayo azoyikhokhela iminyakana bese eyishintsha. Umuntu lona ozinikele ukuthi uzophila ngesikweletu impilo yakhe yonke ngoba iqiniso elibuhlungu ukuthi imoto uma ungakaqedi ukuyikhokhela, kusuke kungeyona eyakho kodwa kusuke kungeyebhange. Isikhathi esiningi abadaisa izimoto bayalifihla leliqiniso kubathengi ngoba okusuke kubalulekile kubona ukuthi badayise ukuze bezohola.

Iqiniso ukuthi ababaningi abantu abahlala benesamba semali abasibekile esisuke silindele ukukhokhela imoto ekugcineni. Abantu abaningi abathenga izimoto ngesikweletu,ingoba basuke bengenawo amandla anele..Abanye amagama abo asuke engemahle kahle. Kuwubuqola ke ukuthi kulindeleke ukuthi bakhokhe imali eyisamba ekugcineni ekubeni behlulekile ukuyikhokha ekuqaleni.Okubuhlungu ukuthi abanye ababe besakwazi nokuthi banikezwe ithuba lokusikhokha kancane kancane lesamba ngoba basuke bethwale kanzima ngesikhathi besakhokha imali

ASIYIGWEME
Sisemgwaqweni

yanyangazonke. Cabanga ke ubuhlungu ababuzwayo uma sebelahlekelwa imoto

abasuke sebeqedile ukuyikhokhela.

Sesingaziba nje phela kodwa iqinisi ukuthi i balloon payment iwuhlelo olubhekele kakhulu amabhange nezindawo ezidayisa izimoto, kunokubhekela abathengi. Yinto engelula neze ukuthi umuntu athi ekhokhela imoto zinyanga zonke futhi enezinye izindleko ezimbhekile ,aphinde akwazi ukuthi abe nemali ayibekelelayo,elindele ukuthi ayikhokhe isiyisamba ekugcineni. Nalento yokuthi kumele abantu bakhokhe imali ethe xaxa kunalena abasuke benqunyelwe ukuyikhokha zinyanga zonke, inzima kakhulu uma kubhekwa izimo esiphila ngaphansi kwazo .Baningi abantu esengibabone belahlekelwa izimoto zabo ngenxa yalo loluhlelo. Amabhange ngakolunye uhlangothi asuke esezozuza ngokuphindiwe wona ngoba aphinde azidayise ngemali eshisiwe izimoto asuke ezidle kubantu.

Owami umbono uthi kungcono ukuqongelela imali ye deposit kuqala ngaphambi kokuthi umuntu acabange ukuthenga imoto. Loku kumnikeza ithuba elingcono lokuthi ngelinye ilanga abe umnikazi waleyomoto ngokuphelele. Ngisamile ekutheni lento ye balloon payment nopma ibukeka iyinhle kodwa ayilungele wonke umuntu kodwa inabantu bayo. Mancane kakhulu ukuthi imsebenzele umuntu osebenza umsebenzi ongenasiqiniseko sekusasa ngoba uma uphela kusho ukuthi angeke esaba nawo amandla okukhokha nokusho ukulahlekelwa imoto esayithanda.

Ngaphambi kokuthatha isinqumo sokuthenga imoto,ziningi izinto okumele umuntu

azibhekisise kuqala ukuze angazitholi esephoseke esiweni angeke esakwazi ukuphuma kusona. Loluhlelo lwe balloon payment lungezinye zezinto ezidinga ukubhekisiswa.

Labo esifunde nabo kuma High Schools ngeminyaka yama 90’s, bazoyikhumbula

lencwadi ka Michael Williams ethi Crocodile Burning. Incwadi eyasivula amehlo

lana , yasenza sabona izingqinamba ezazibhekene nabantu abasha abaningi

abasemkhakheni wokulingisa, nokuwumkhakha abaningi bethu ababenesifiso sokuthi bangene kuwona. Loku kwakwenziwa idumela lomdlalo ka Dr. Mbongeni Ngema othi Sarafina.

Ngaba nenhlanhla mina yokuyifundiswa uthisha owayenesiphiwo esiyisimanga sokuxoxa indaba,u Ndabe Myeza. Ngaphinde ngaba nenhlanhla yokuthi ngibe ingxenye yabalingisi bomdlalo weshashalazi owawuqondiswe uJerry Poe, ususelwe kuyona lencwadi. Loku kwangenza ngawuqonda kangcono kakhulu.

Kulencwadi u Michael Williams usithatha asibeke ngempilo yomfanyana omncane u Serake,okuthi engazelele azithole esengene kwezokulingisa futhi esephenduke usaziwayo owaziwa nakwamanye amazwe. Uhambo lwakhe lwempilo ,lufakazela isisho esithi akukona konke okukhazimulayo okuyigolide. Userake nozakwabo

bazithola bebhekene nezinkinga ezinkulu,okubalwa kuzona ukungaphatheki kahle

emazweni angaphandle, ukungaholelwa ngendlela efanele,ukusetshenziswa ngokweqile nezinye.

Incwadi lena ezokushiya unemizwa eyahlukene kodwa okuhle ukuthi iyavuselela.

Crocodile Burning
Funda Nathi
Sithembiso Sibisi

Sithembiso Sibisi

Ukuphila ngaphansi kwezimo zombuso wobandlululo, kusilimaze kakhulu thina ezintweni eziningi futhi kusazothatha isikhathi eside ukuthi siphume gelekeqe kuzona. Kunezinto namhlanje esezithathwa njengamasiko ethu noma njengezinto eziyindlela yethu yokuphila kodwa uma usuzibukisisa,ubone ukuthi eqinisweni kusaqhubeka zona izimiso zobandlululo.

Enye yalezinto, ilento yokuvakasha ngezikhathi ezithile zonyaka kuphela. Sekuyinto ejwayelekile nje ukuthi thina saziwe njengesizwe esivakasha kuphela kungamaholidi ka December. Ilapho sitholakala khona sinqwabelene ezindaweni zokujabula. Ezinye izizwe ziyavakasha noma ingasiphi isikhathi sonyaka,ingakho nje kuhlala kugcwele zona ezikhumulweni zezindiza nasemahhotela aphambili. Umuntu uke aze afise ukubuza ukuthi kanti zona zisebenza nini, izingane zazo zona zifunda nini. Ilapho ivele ihlale obala ke imiphumela yombuso wobandlululo kuleli, lapho uma umuntu esebhekisisa ukuhluka kuhlobo lwempilo esiyiphilayo.

Angeke sikuzibe ukuthi ukuvakasha kuyayidinga imali kanye nesikhathi.Izinto lezi ezingekho ezandleni zethu. Thina siphila emseni wabo ukuthi bakhetha ukusiholela malini, nokuthi basikhethela ukuthi silithathe nini ikhefu. Ngale nje kwaloko,thina singabantu abayazisayo imindeni,ingakho ke siye sikhethe ukuvakasha ngesikhathi imindeni yethu iphelele ukuze sizovakasha sonke.

Sekuyisikhathi manje sokuthi sishintshe ukwenza,sizifundise izindlela ezintsha zokwenza izinto. Ukuvakasha akubekelwa sikhathi ngakho alikho iphutha ekutheni sivakashe noma ingasiphi isikhathi sonyaka. Okudingekayo nje ukuthi sihlele kahle

Nabaqashi bethu kanye nezikhungo okufunda kuzona izingane zethu ukuze kungeke Kube nokuphazamiseka endleleni okumele kuqhutshwe ngayo kulezikhungo. Into enhle ngokuvakasha ukuthi umuntu ayenze ngesikhathi esivumelana naye ukuze ezokuthokozela.

AKUBEKELWE ISIKHATHI
UKUVAKASHA

Nathi Ngwenya

Life coach, motivational speaker and an author

PM. Who is Nathi Ngwenya?

NN: I am a simple man of God who serves in ministry and in politics I am a father and a community leader. I have a special gift of prophecy which is what led me to the ministry.

PM. What do you do for a living?

NN: I am a life coach, a motivational speaker and an author. I have worked in government and in corporate, served in management positions. I am a hustler, I believe in entrepreneurship.

PM. How do you spend your time, when you are not at work?

NN: When time allows, I spend it with friends, visit local places of entertainment, watch sports (especially soccer games as years back I was involved in soccer as a SAFA referee).I also enjoy visiting my family as they are scattered all over the country.

Ezomoya

PM. What are your thoughts about the state of our country?

NN: Our country is a mess. The current government has destroyed infrastructure, human values, and human dignity. The country is very rich in minerals but government incompetency is failing business and citizens. Our economy has collapsed. Counting each and everything that is going wrong can take too long. Instead of seeing our country being amongst the best, it is getting worse everyday by the distraction caused by an incompetent government. Crime is uncontrollable and youth is being destroyed. It's a mess. People miss political education. The truth is that South Africa needs new government that will serve its citizens unbiasedly as in yesterday.

PM: How do you take care of your spiritual person?

NN: Wow, I'm a spiritual man, I am a Prophet of God. Being such I always stick into prayer and fasting. I pray daily, numerous times a day. I avoid noise, as in fighting with people. I avoid tensions. I watch and read a lot of inspirational documents. Respect is my tool to harmony. I love cracking jokes, it keeps me revived. Basically these are the things that shapes my spirit man.

Ezomoya

Turn static files into dynamic content formats.

Create a flipbook
Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.
Phly Mag by phlymagazine - Issuu