1 minute read

Ungaziqalela ingadi yezithelo nemifino

Next Article
Uthando lusemqoka

Uthando lusemqoka

Oshicilelelweni lwethu lwangenyanga edlule,sikhulume ngokubaluleka kokwazi ukudla okukulungele,nokudla ukudla okunempilo. Abantu abaningi banenkolelo yokuthi ukudla ukudla okunempilo kuyabiza futhi kulungele abantu abasezingeni elithile.

Namhlanje sikuvezela indlela elula yokuthi ube nemifino kanye nezithelo,ngale kokuthi uze ubhoboke ephaketheni.

Advertisement

Kukhona abazitshela ukuthi ukuze ukwazi ukuziqalela ingadi,kumele ube nomhlaba omkhulu.Iqiniso lithi akunjalo,ungaziqalela nje ingadi yakho yemifino,neyezithelo imbala lapho uhlala khona. Okudingayo nje ukuthi ube nothando lwezitshalo,nesineke.

Indlela elula yokuqala, ukuthi uhlonze indawo egcekeni lakho ongakwazi ukuthi uyiqale khona ingadi yakho, kungaphazamiseki lutho. Ezindaweni zasemakhaya, indawo enhle yokwenza loku kuvamise ukuthi kube isezaleni ngoba kuvundile. Ukusebenzisa lendawo kusiza ekwehliseni izindleko zokuthi uthenge umanyolo. Akusho ke ukuthi uma usendaweni esesilungwini angeke ukwazi ukuqala ingadi yakho. Okumele ukwenze nje ukubheka indawo ongayisebenzisa.

Uma usuyihlonzile indawo kumele uyivukuze ukuze izolungela ukwamukela imbewu yakho.

Izitolo eziningi ziyayidayisa imbewu yezitshalo ezahlukene futhi ayibizi. Uma ungenayo imali yokuthenga imbewu, ungasebenzisa izinhlamvu zezithelo osuke uzidla noma izimpande zemifino osuke uyithengele ukuyidla. Izitshalo eziningi ziyakwazi ukuthi zizimilele ngale kokunakelelwa uma kulahlwe izinhlamvu zazo emhlabathini ovundile. Kulesimo ke kuhlukile ngoba kufanele uqikelele ukuthi uyazinakelela izitshalo zakho ukuze zizokhula kahle, zingaphazanyiswa ukhula, zingadliwa izinambuzane futhi zingashiswa ilanga.

Ukunakelela izitshalo zakho, kusho ukuzinikeza isikhathi esincane njalo ngosuku ukuze uzichelele, ususe noma ngabe yini engafanele oyibonayo,uphinde uzivukuzele.

Lesikhathi uyakwazi ukuthi usisebenzisele ukuxoxa nezitshalo zakho. Ngiyazi ukuthi abaningi abayizwa kahle le yokuxoxa nezitshalo kodwa iqiniso ukuthi kuyasiza kakhulu. Izitshalo ziyaphila futhi zilalela okudlula abantu. Ingakho nje abantu abadala babebona ngazo uma kukhona okuhle noma okungekuhle okuzokwenzeka ekhaya noma emphakathini. Izimo eziningi zisishaya nje kulezinsuku,ingoba asisaxhumani nemvelo.

Kungaba yinto enhle ukuthi uma usukhetha ukuthi uzotshalani, uqale ngalezi ezingathathi isikhathi eside ukuthela. I spinashi, utamatisi, izaqathe, zingezinye zalezo ezisheshayo ukuthela futhi kwesinye isikhathi ziyakwazi ukuthela izikhathi eziningi. Kwizithelo khona ungabheka ekutshaleni ubhanana, amapentshisi namawolintshi.

Okuhle ngokuba nezitshalo egcekeni ukuthi azigcini nje ngokuthi zikuhlinzeke ngokudla kodwa kuba nomoya ohlanzekile ekhaya. Umoya ohlanzekile uyimpilo nje uwodwa, kubalulekile ukuthi ubekhona. Okwesibili ukuthi ngesikhathi uzinakelela uthola ithuba lokunyakazisa umzimba, okungenye futhi yezinto ezibalulekile empilweni.

Izihlahla zezithelo, ziyasiza ekuletheni umthunzi ekhaya. Kulesikhathi esiphila kusona, lapho amazinga okushisa engabekezeleleki khona, uma unezihlahla egcekeni, uyakwazi ukuzipholela ngaphansi komthunzi wazo.

This article is from: