PhlyMag

Page 1

Phly

Mag FOR PEOPLE ON THE MOVE

June2023 INYANGA YABANTU ABASHA SIBHEKA AMAQHAWE ALESIKHATHI
ONE HOME ONE GARDEN SPECIAL EDITION

Isikhathi esihle lesi sokuqopha owethu umlando

1.IGUMBI LOMHLELI 2.ABANTU BETHU

Sibheka amaqhawe alesikhathi

3.EZEMPILO

Impilo yengqondo ibalulekile

4.UMNDENI

Angeke sithandwe ngokufanayo

5. IMALI YAKHO

One home, One Garden

6. FUNDA NATHI

Izibazi Zomphefumulo by Sithembiso Sibisi

7. SISEMGWAQWENI

Qaphela uma usebenzisa izithuthi zomphakathi

8. SISHAYWA UMOYA

Ezokuvakasha ziyibhizinisi

9. EZOMOYA

Inkolo iyinto yomuntu ngamunye

Editorial

Phone 0614017076

Email mediaezasekhaya@gmail.com

Address 22 Marine View, North

Beach, Durban, 4000

OKUNGAPHAKATHI

Igumbi loMhleli

Inyanga ka June ibaluleke ngendlela eyisimanga empilweni yami. Ngale nje kokuthi ngizalwa ngayo futhi ngaphinde ngashadelwa ngayo,inyanga lena equkethe umlando omkhulu kakhulu empilweni yabantu abaMnyama nasesizweni nje sonke jikelele.

Kungalenyanga lapho intsha yango 1976 yavuka khona umbhejazane yalwisana nokufundiswa ngolwimi lwesibhunu nokwakuyinqubo kahulumeni wobandlululo. Kuyinto engangabazeki nakancane ukuthi umbhikisho walentsha ungenye yezinto ezingasoze nanini zalibaleka emlandweni wabantu bakuleli. Awushintshanga nje indlela yokufunda kodwa washintsha izinto eziningi ezithinta abantu abaMnyama kanye nomzabalazo wabo enkululeko. Abantu abaningi abasha bathola izwi labo,baqala bazibandakanya ezintweni eziyisana phambili futhi ezakha isizwe. Angingabazi nakancane ukuthi ngabe asikho la esikhona namhlanje ukuba yayingazange isukume intsha yango 1976.

Umbuzo ongihluphayo ke nokho,ilona wokuthi kungabe silapha okumele ngabe sikhona yini namhlanje noma kungabe intsha yango 1976

ingaziqhenya yini ngemizamo yayo uma ingathola ithuba lokuthi ivuke,ibone ukuthi sikuphi njengesizwe namhlanje?

Iqiniso elibuhlungu ukuthi sisyisizwe esiMnyama sikude kakhulu nalapho okumele ngabe sikhona. Ngendlela esikude ngayo,kushiya umbuzo wokuthi siyoke sifike yini noma kumele sisale sesamukela nje ukuthi siyophelela khona la. Inkohlakalo kwezepolitiki,ubugebengu,izidakamizwa ,imfundo engekho ezingeni, ukuntuleka kwamathuba omsebenzi nezinye izinto eziningi,kusibuyisela emumva. Yisikhathi lesi sokuthi sisukume, siqophe umlando omusha,kungenjalo ziyosijaja izizukulwane.

ESIKHATHI SAMANJE

Sithembiso Sibisi

Isizukulwane nesizukulwane siba nabantu baso ababa amaqhawe aso.

Isikhathi esiningi kuvamise ukuthi kube abantu abenza izinto ezihlukile

futhi emehlweni abaningi okuye kubonakale sengathi azenzeki noma

zilungele ukwenziwa abantu abathile kuphela. Okubuhlungu ukuthi labantu abavamisile ukunconywa ontanga yabo,baze banconywe ngoba sebedlulile emhlabeni. Lolu uhla lwabambalwa abangamaqhawe kimina futhi nginethemba lokuthi baningi abazovumelana nami .

Mthokozisi “ Dj Tira” Khathi

Akekho umuntu ongathi akayazi lenzizwa yakwa Hlabisa ngenxa yamagalelo

ayo embonini yezomculo kuleli. Lensizwa ifike eThekwini izokwenza izifundo zayo eNyuvesi yakwaZulu Natal kodwa uthando lomculo lwagcina luyengamile.

Yenze okungajwayelekile njengoba iqhubekile nokuhlala esifundazweni

iKwaZulu Natal ekubeni abaningi bebefudukela eGauteng uma befuna ukungena

embonini yomculo. Namhlanje inenkampani ypmculo ebalwa nezinye ezihamba

phambili kuleli futhi ingu DJ ohlonishwayo emhlabeni wonke. Okuhle ngayo

lensizwa ukuthi akuthanga uma izinto ziyihambela kahle yabe isiba nomona

kodwa ivulele abantu abaningi iminyango,abanye babo asebezimele futhi abasiza abanye.

AMAQHAWE
Abantu bethu

Dudu “ Lady D” Khoza

Ngiyazi ukuthi uma kukhulunywa ngalentandokazi yomsakazi ,kuba khona

ukudideka okuningi njengoba kuyinto engelula neze ukusho ukuthi ikusiphi isigaba. Abadala bambona njengomunye wabo kanti nabantu abasha njalo abamshiyi

ngaphandle uma bebala abantu babo. Loku nje kukodwa kusho lukhulu ngenkhono lika Dudu Khoza kwezokusakaza,elenza ukuthi bonke abantu bazizwe bemelelekile

ohlelweni lwakhe. Okuhle ngaye ukuthi ukwenza konke okulindeleke kumsakazi njengoba ejabulisa,efundisa futhi enikezelana ngolwazi. Kunemibono eyahlukene ngesikhathi asesihlalile ohlelweni lwakhe olungena ngo 9 kuya ku 12 emsakazweni uKhozi kodwa enginesiqiniseko nako ukuthi uyothwala kanzima oyongena ezicathulweni zakhe mhlazane wabeka phansi izintambo.

Nkosinathi “ Black Coffee” Maphumulo

Lensizwa esizakhele igama emhlabeni wonke, idabuka oGwini oluseNingizimu nesifundazwe iKwaZulu Natal. Okuyenza ukuthi ibe yiqhawe kimina ukuthi yenze okungajwayelekile njengoba ingavumelanga isimo sayo ukuthi siyivimbe ekutheni ifeze amaphupho ayo. Bekuqala ngalensizwa yakwaMaphumulo ukuthi kubekhona u Dj osebenzisa isandla esisodwa. Abaningi bebekubona kuyihlaya loku kodwa ayizange iba nake,namhlanje ingu DJ ohamba phambili emhlabeni wonke. Kuningi esingakufunda kulensizwa uma kuza ekulandeleni amaphupho ethu.

.
Abantu bethu

Somizi Mhlongo

Ngiyafisa ukwazi ukuthi iliphi ibhokisi umuntu okungadingeka ukuthi alisebenzise uma ethi uvalela lensizwa ngoba akukho engicabanga ukuthi kuyayehlula noma ayikwazi ukukwenza. kwezikaqedisizungu Iwumdansi,iwumlingisi, iwumculi, iwumphathi wezinhlelo,iwumsakazi ,ingumpheki ,ingumbhali wezincwadi nokunye okuningi. Okufike kuhlaluke ngalensizwa ukuthi kuyona yonke into eyenzayo,ifike ivelele. Loku nje kukodwa kuyenza ibe yiqhawe ngoba akukona ukuthi igcina icala uma yenza into kodwa isebenza ngokuzikhandla. Kuningi okukhulunyiwe ngayo uma kuza ohlobweni lwempilo eyiphilayo njengoba ithandana nabobulili obufanayo futhi ike yashayeka izikhawu ezimbalwa empilweni kuze kube sengathi sekuphelile ngayo. Angingabazi ukuthi baningi okungabe kade badikibala uma izinto esezishiwo ngayo zazibhekiswe kubona. Kunokuthi iphele amandla lensizwa yakoNjomane kuvele kube sengathi abayigxekayo bayinikeza amandla amasha. Kuningi esingakufunda kuyona mayelana nokuziphusha empilweni,umuntu angeneliswa ukwenza into eyodwa. Okunye esingakufunda,ukuziba yonke imisindo okusuke kuhloswe ngayo ukusithena amandla.

McGyver “Mac G” Mukwevho

Lensizwa yase Venda iziphilela emhlabeni wayo yodwa futhi angingabazi nakancane ukuthi kukude lapho ibheke khona empilweni. Ingumsunguli nomnikazi we podcast ehamba phambili e Africa futhi angingabazi nakancane ukuthi ukube ibingeyona eyakuleli kodwa bekungeyaphesheya kwezilwandle,ngabe i podcast yayo ingehamba phambili emhlabeni. Lensizwa enekhono eliyisimanga kwezokusakaza,ivalelwe iminyango yilabo abasemandleni emisakazweni kodwa loko akuzange kuyithene amandla,kunaloko iziqalele okwayo. Singafunda kuyona ukuthi singahlali njalo Sibalisa ngabantu abasivalela ngaphandle kodwa kumele sisukume siziqalele okwethu.

Abantu bethu

Ngizwe “Zulu Charmer” Mchunu

Lensizwa yase Nkandla iqale ukugqama ngesikhathi iwumsakazi kuKhozi FM lapho ibigabe khona ngolwazi lwezinto ezithinta ulwimi lwesiZulu kanye namasiko. Iningi lezwakalisa ukungathokozi ngesikhathi lomsakazo uyixosha ngoba kwakubonakala lengathi loku kusho ukuthi sekuyaphela ngayo. Kunokuthi kuphele ngalensizwa, kwenzeka okungajwayelekile njengoba yavele yaba nedumela okudlula ngesikhathi isesemsakazweni.Ngendlela enedumela ngayo njengamanje,udumo lwayo ludlula inqwaba yabasakazi abasemoyeni zonke izinsuku. Loku kuyisifundo sokuthi akumele sivumele izimo ukuthi kube yizona ezisilawulayo kodwa kumele samukele nje bese siqhubeka nempilo. Ngiyazi ukuthi abaningi bambuka njengohlanya uMacingwane kodwa iqiniso ukuthi iningi labambuka kanjalo,liyafisa ukuthi lifane naye.

Angeke ukhulume ngemboni kamabonakude kuleli,iganma lika Connie ulishiye ngaphandle. Iningi lethu liqale ukumazi ngesikhathi elingisa indawo ka Karabo emdlalweni owuchungechunge i Generations. Ngesikhathi eshiya kulomdlalo, abaningi babelindele ukuthi uzobonakala kweminye imidlalo njengoba kwenza ozakwabo. U Connie wavele wenza okuhlukile njengoba ngokubambisana nalowo owayengumyeni wakhe ongasekho u Shona,bavele baziqalela eyabo inkampani ekhiqiza imidlalo kamabonakude. Miningi imidlalo ehamba phambili abayikhiqize kulenkampani yabo futhi bavulele ainqwaba yabalingisi amathuba. Ukusungula inkampani akuzange kumphazamise ekulingiseni njengoba esabonakala namanje kweminye imidlalo ekhiqizwa inkampani yakhe.

Connie Ferguson
Abantu bethu

Zanele “ MaZet Zet” Mbokazi

Bambalwa abantu okuthi uma sebethole umsebenzi omuhle futhi ofiswa abantu abaningi,bawushiye ngoba befuna ukufeza amanye amaphupho abo. U Zanele odabuka e Dassenhoek, e Marianhill wakwenza loku futhi kwamsebenzela.Washiya uKhozi FM okuwumsakazo omkhulu kunayoyonke e Africa wasungula inkampani yakhe i Gospel Powerhouse,ngaphansi kwayo ahlela imicimbi eyahlukene okubalwa kuyona ama Crown Awards, i Khwezela neminye. Lemicimbi ibalwa neminye ehamba phambili kuleli,nasemazweni angomakhelwane. Akagcini lapho ngoba uphinde abe ngumbhali wezincwadi ezikhuthazayo. Kuningi kakhulu esingakufunda kulentokazi mayelana nokulandela into osuke uyizwa ngaphakathi bese usebenza ngokuzikhandla kuyona. Babeqinisile abadala uma bethi ezinye izinto azibaleki kodwa kusuke kumele uzilindise kancane ngesikhathi usenza ezinye ukuze kungeke kube nokushayisana. Ubufakazi baloko ukuthi u Zanele usebuyelile emsakazweni futhi ubonakala eqhubeka lapho agcina khona ngekhono lakhe.

Shaun Mkhize

Lentokazi yase Ntinyane eMbumbulu,izihambela yodwa kwezamabhizinisi kuleli futhi amandla enawo ayamangalisa njengoba isinqobe izikhawu eziningi bethi

bazama ukuyilahla phansi. Ingene emkhakheni wezokwakha,ogcwele kakhulu

abesilisa,yafike yazibonakalisa ukuthi isikhona njengoba yenze izimanga ezihlula abaningi. Ayigcinanga lapho njenoba iphinde yangena nakwezimabonakude,uhlelo lwayo lwabalwa nezinye ezihamba phambili. Imangaze abaningi ngesikhathi ithenga iqembu lebhola lezinyawo futhi elibonakala lenza kahle kakhulu. Kuningi okukhulu

okusalindelekile kulentokazi ngoba njalo iqhamuka nokuhlukile. Okuhle ngayo ukuthi ayibakhohlwa abanye abantu njengoba inesandla sokufukula abanye.

Abantu bethu

Felix Hlophe

Kusuke kungakhulunywa iphutha uma kuthiwa isiphiwo sakho sinamandla okuthi sikuvulele iminyango,ungene bese uhlala namakhosi,udle nawo. U Felix Hlophe ungomunye wosomahlaya bokuqala kwaZulu Natal futhi kusukela angena kulomkhakha akakaze abheke emumva. Akagcini ngokuba uSomahlaya kodwa ungumsakazi osezakhele igama,ungumphathi wezinhlelo, ungusomabhizinisi, ungumlingisi kanti usengene nasekuthuleni izinhlelo zikamabonakude. Izinto azivelanga nje zabalula kulensizwa edabuka elokishini lase Mlazi kwa Zulu Natal njengoba ike yashayeka izikhawu eziningi empilweni. Okuhle ngayo ukuthi noma bezike ziyinethe kodewa ibingakuvumeli ukulala phansi kodwa ibivuka izithathe. Namhlanje imiphumela yokubekezela nokuphikelela iyabonakalo njengoba isidla izithelo zako.

Kuyinto engelelua neze ukushintsha ,ikakhulu uma uqale endleleni engenhle futhi osuke usuzibonile izithelo zayo. Yingakho nje kuye kuthiwe kungcono ukuthi umuntu angangeni kwanhlobo ebugebengwini kunokuthi angene ngoba enethemba lokuthi uyokwazi ukuphuma ngelinye ilanga. U Gayton McKenzie uwubufakazi bokuthi noma kungelula kodwa kuyenzeka ukuthi umuntu aqale kabi kodwa aqede kahle. Lensizwa ichithe isikhathi esiningi ejele ngenxa yobugebengu obahlukene eyayibandakanyeka kubona. Kunokuthi ijele liyenze iqhubekele phambili ebugebengwini,liyishintshile layenza umuntu ongcono. Namhlanje ingumbhali wezincwadi ovelele,umethuli wezinkulumo ezakhayo,usomabhizinisi osimeme ,iwumholi weqembu lezepolitiki kanti iphinde ibe iMeya kuMasipala. Kuningi esingakufunda kulensizwa mayelana nezinqumo esizithathayo empilweni.

Gayton McKenzie
Abantu bethu

ONE HOUSE ONE GARDEN

Sithembiso Sibisi

Kunezinhlelo okufanele ukuthi uma uhulumeni eqhamuka nazo,sizamukele ngezandla zombili ngoba zisuke zizosiza thina . Isikhathi esiningi kuye kubukeke sengathi ngoba nakhu ziqhamuke nohulumeni kusho ukuthi kumele ziqhutshwe iwona,sime eceleni sibukele thina.

Uma ubheka isimo somnotho esibhekene naso kulesikhathi,kuyacaca ukuthi uhlelo lwe One Home One Garden oseluneminyaka lwaqalwa lungezinye

lwezinhlelo okwakumele sizisukumele singabantu,sigijime nazo. Indlela okubiza ngayo ukudla kanye nezinye izinto eziyizidingo zansukuzonke,zidinga ukuthi

singabantu sicabange izindlela eziphusile zokonga imali . Izinto ezifana nemifino kanye nezithelo sezimba eqolo kanti ziwumgogodla wempilo. Uma wonke umuzi ungaba nengadi yalezinto,inkulu kakhulu imali esingayonga singabantu kanti futhi awukho umndeni ongabulawa yindlala.

Abantu abaningi banokukhala ngokuthi abanawo umhlaba owanele wokutshala kodwa alikho iqiniso kuloko. Ukuqala ingadi yemifino nezithelo akudingi

umhlaba omkhulu,umuntu angakwazi ukuyiqala noma ngabe uhlala kuphi. Into edingekayo nje ukuthi umuntu avuke azithathe,abheke ukuthi yini angayenza kulendawo akuyona.

Imali Yethu

ANGEKE SITHANDWE NGOKUFANAYO

Sithembiso Sibisi

Ayikho into ehlukanisa umndeni njengalena yokuthi abazali kube khona izingane abazithanda kakhulu kunezinye. Emehlweni abazali lezingane akukho nokukodwa

okubi ezikwenzayo ,ingakho isikhathi esiningi zivamise ukuthi zenze noma ikanjani ngoba ziyazi ukuthi ziyathandwa. Okubuhlungu ukuthi lomqondo zigcina ziphumela nawo ngaphandle kwasekhaya bese zibhekana nobunzima obukhulu ngoba basuke bengasekho abazali abasuke bezitotosa.

Angeke sibagxeke abazali ngokuthi kube nezingane abazithanda okudlula ezinye ngoba basuke benezizathu zabo,abazazi bodwa. Noma singakukhuthazi loku

kodwa kumele sikwamukele ngoba iqiniso ukuthi kukhona futhi angeke kuze kushintshe. Emiinye imindeni ike ezame ukusilungisa lesimo ngokuthi ibambe

imihlangano kodwa kube nhlanga zimuka nomoya. Kunokuthi kusize loku,kugcina kwenza umonakalo omkhulu ngoba wonke umuntu usuke engafuni ukwamukela isimo njengoba sinjalo.

Uma uyingane evela emndenini onjalo futhi useshweni lokuthi ube yilengane

enegazi elingelihle kuMzali,ayikho into engakusiza ngaphandle kokuthi wehlise

umoya.wamukele isimo njengoba sinjalo bese uyaqhubeka nempilo. Ngiyazi ukuthi yinto engelula lena kodwa iyona engumanqoba. Ngisho noma ngabe usuphumile

ekhaya,qhubeka umazise uMzali wakho noma yena engakufuni,ngelinye ilanga uyovuzwa ngaloku.

Umndeni

ISEMQOKA IMPILO YENGQONDO

Sithembiso Sibisi

Ingqondo ingenye yezitho ezibaluleke kakhulu emzimbeni womuntu .Noma kunjalo ingenye yezitho abantu abaningi abakhohlwayo ukuthi bazinakekekele. Abaningi baze baqale ukuyinaka uma sekukhona okungahambi kahle empilweni yabo, lapho ke kusuke sekukuncane kakhulu okungenziwa ukubuyisela isimo emumva kwesijwayelekile. Okusuke sekungasiza uma isimo sesifinyelele kulelizinga, imishanguzo yokuthi isimo sicindezeleke,singaqhubekeli phambili. Iyasebenza yona lemishanguzo kodwa idinga ukucophelela okukhulu ngoba oyisebenzisayo kumele aqikelele ukuthi uyayidla njalo ngesikhathi esifanele,ngale kwalokho isimo siba simbi kakhulu.

Njengoba sinakekela ezinye izitho zomzimba,kubalulekile ukuthi nengqondo siyinakelele ngendlela efanayo. Noma kungelula ukukwenza loku ngenxa yezimo esizithola sihlangabezana nazo nsukuzonke kodwa kuyenzeka. Nazi izinto ezimbalwa umuntu angazenza ukuqikelela ukuthi ingqondo yakhe ihlala isesimweni esifanele.

Kuyinto engelula neze ukuyenza lena ngoba umuntu akayimemi ingcindezi ukuthi ize empilweni yakhe kodwa angazama ukuyigwema ngokuthi angazikhathazi ngezinto ezingaphezu kwamandla akhe

2. Ukuzinika isikhathi sokuphumula

Kusukela ngesikhathi umuntu ezalwa,ingqondo isebenza ubusuku nemini, iyadinga nayo ukuthola isikhathi sokuphumula . Zikhona izindlela zokuyiphumuza futhi eziningi zazo azidingi nemali. Ukulala,ukuhamba ushaywe umoya,ukuzivocavoca, nokwenza into ekujabulisayo,kungezinye zezinto ezisizayo.

3. Ukungafeli ngaphakathi uma kukhona okukukhathazayo.

Kubalulekile ukuthi ube nomuntu okwazi ukukhuluma kuyena uma kukhona okungakuphethe kahle. Uma ungenaye,kunabantu abakuqeqeshelwe ukuthi baluleke ngokwengqondo.Kuye kuthiwe ingane engakhali ifela embelekweni.

1. Ukugwema ingcindezi
Ezempilo

QAPHELA UMA USEBENZISA

IZITHUTHI ZOMPHAKATHI

Sithembiso Sibisi

Kuyiqiniso elingagwinyeki kalula ukuthi akuyena wonke umuntu oyogcina enemoto

yakhe. Kumele samukele ukuthi abanye bethu bayosebenzisa izithuthi zophatkathi impilo yabo yonke futhi akulona nakancane ihlazo loku. Ungcono umuntu

osebenzisa isithuthi somphakathi kodwa okhululekile emoyeni,kunalona onemoto kodwa ophila nengcindezi yokuthi uthwele kanzima ukuyikhokhela.

Okumele sikwamukele ukuthi izithuthi zomphakathi ziyingxenye ebalulekile yempilo futhi impilo ingama uma zingekho. Noma kunjalo,kubalulekile ukuthi siqaphele uma

sizisebenzisa ngoba impilo yethu iyona ebaluleke kakhulu. Lento yokugibela noma iyiphi nje imoto esinikezwa yona,iyinkinga futhi ikhombisa ukungazicabangeli.

Kubalulekile ukuthi uma uwumgibeli,waneliseke ngesimo semoto oyigibelayo,uma kukhona onganelisekile ngako ungagibeli. Ngabe ngithi uma unganelisekile

ukhulume kodwa sonke siyalazi iqiniso lokuthi abanye abanikazi nabasebenzi

bakulemboni ethutha umphakathi,akukhulumeki nabo.Kwesinye isikhathi ukuzama

ukukhuluma nabo kungaba yingozi ngokwako. Yingakho ke kubalulekile ukuthi ube nezinombolo ezibalulekile kumakhalekhukhwini wakho ukuze ukwazi ukuthi ubike uma kukhona ongakuboni kahle. Kungaba izinombolo zamaPhoyisa,ezoMnyango weZokuthutha noma esikaSoseshini.

Ngale nje kokubheka isimo semoto,kubalulekile nokubheka isimo somshayeli ukuze ungeke ubeke impilo yakho ezandleni zomuntu ongayikhathalele.

Sisemgwaqweni

Izibazi Zomphefumulo

Namhlanje ngithe ake ngenze okuhlukile noma ngazi kahle nje ukuthi kukhona okungeke kwehle kahle kubona. Kunokubuyekeza izincwadi zabanye ababhali, ngithe ake ngithethe ithuba ngibuyekeze eyami incwadi. Loku ngikwenza ngoba nginenkolelyo yokuthi uma singaziphusheli ngokwethu izinto zethu, abekho abanye abayosenzela loku.

Incwadi engizokhuluma ngayo ithi Izibazi Zomphefumulo nokuyincwadi yami yokuqala ,engiyikhiphe ngo 2017. Lencwadi iyiqoqo lezindaba ezimfishane ezithinta izindikimba ezahlukene kodwa ezinokuxhumana ngandlela thize uma umuntu eyifundisisa kahle. Nakuba zonke izindaba ezikuyona ngizisusele ekhanda,zinokuthinta izigameko ezenzeka empilweni yethu yansuku zonke.

Incwadi lena ezokushiya unemizwa eyahlukene kodwa okuhle ukuthi iyavuselela futhi yenza ukuthi umuntu ayibheke ngenye indlela impilo. Iningi labantu

asebeyifundile linokubuyela kimina lingitshele ukuthi ibasizile kakhulu ekutheni kuvuseleleke onembeza babo. Abakhala ngako ukuthi ayiphumi nesixwayiso

sokuthi bangayifundi uma bephambi kwabantu ngoba bazithola sebekhihla isililo kade bengalindele.

Izibazi Zomphefumulo ziyincwadi elungele bonke abantu ,abadala nabancane.I yatholakala ngokuthinta u 0614017076.

Funda Nathi
Sithembiso Sibisi

EZOKUVAKASHA ZIYINSIKA YOMNOTHO

Sithembiso Sibisi

Umhlaba ungaka nje,ayikho indawo engenawo umlando wayo futhi ohlukile kunowezinye izindawo. Awukho futhi umlando obaluleke okudlula omunye, into eyenza ukuthi wehluke ukuthi abantu benzani ngomlando wezindawo zabo.

Wonke umlando musha kumuntu oqalayo ukuwuzwa . Kulesimo somnotho

esibhekene naso kumele sike siyibheke eyokuthi singawushintsha kanjani umlando wezindawo zethu siwenze ube amabhizinisi angasingenisela umnotho. Uma

singakwenzi loku ngokwethu,abezizwe bazokwenza bese beqasha thina ukuthi sisebenzele bona.Okubuhlungu ke ukuthi umnotho okumele ngabe uza kithina uzobe usuya kubona,basibonge ngokusiholela amakinati.

Okuhle ngokuqala ibhizinisi lezokuvakasha ukuthi akudingi abantu abaningi kodwa kudinga ukuthi umuntu aqale awuqoqe umlando wendawo bese eyayilungisa ukuze ilungele abavakashi. Ukuyilungisa ke kudinga izinto ezahlukene ngoba kudinga ukuthi ihehe, ihlanzeke futhi iphephe. Lezinto zisemqoka kakhulu ngoba abavakashi kumele bakuthokozele ukuba sendaweni yakho ukuze bezoxoxela nabanye ukuze ibhizinisi lakho lizochuma.

Noma ngingakholelwa nje ekutheni abantu bagijimele ukufuna uxhaso kuqala , bengakawuqali umsebenzi kodwa nginesiqiniseko sokuthi uhulumeni unazo

izinhlaka ezilungele ukusiza abantuabaqala loluhlobo lwebhizinisi. Isikhathi manje

sokuthi sishintshe indlela esicabanga ngayo ngoba sekucacile ukuthi angeke siqashwe sonke.

Umoya
Sishaywa

INKOLO EYOMUNTU NGAMUNYE

Okwethu ukushumayela okusiphilisayo,akukona ukugxeka

Namhlanje ngiifisa ukuthi kesibheke kafushane udaba oluthinta inkolo noma izinkolo ezahlukene. Ngikwenza loku ngoba sebebaningi abantu bebuza ukuthi kungabe iyini inhloso ngalengosi. Noma ngingeke ngiwuphendule ngqo lombuzo kodwa ngiyethemba ukuthi umuntu ojulayo,uzoyithola impendulo yawo.

Udaba olubucayi kakhulu lolu ngoba luthinta imizwa,yingakho ke ngizozama ukunyathela ngesizotha ukuze ngingeke nginyathele amakhona abantu. Okunye okumele ngikucacise ukuthi angiyena ungoti wezenkolo kodwa loku engizokusho kuwumbono nje wami.

Okokuqala engifisa ukuthi sikubheke ukuthi akekho umuntu ongaphumela obala athi wayekhona ngesikhathi kudalwa izinkolo ezahlukene kodwa sonke sizifice khona la emhlabeni sekukudala zaba khona. Okwesibili ukuthi kunezimo ezahlukene okuyizona eziholele ekutheni sigcine sikulezinkolo esikuzona futhi lezozimo azifani. Okwesithathu ukuthi sonke sikholwa ukuthi kuyasisebenzela loku esikholelwa kukona.

Kubalulekile ukuthi singabantu sihloniphe izinkolo zabanye Lento yokungcofana esiyandile,ikhombisa ukungakholwa kanye nokungakhul emqondweni.Wonke umuntu unelungelo lokuzikhethela inkolo inqobo nje uma ingaphazamisi abanye.

Lento ngike ngiyifanise namaphilisi ekhanda. Sonke siyazi ukuthi noma engadayisa ekhemisi elilodwa kodwa awefani futhi abantu abasebenzela ngezindlela ezingefani. Angeke kuthi ngoba nakhu wena usizwa uhlobo oluthile bese ugxeka abasizwa uhlobo olwehlukile. Kunokugxekana ,bekungakuhle ukuthi umuntu nomuntu aqhakambise okumsebenzelayo bese abantu beyazikhethela ukuthi bayakulandela yini noma cha. Asingabi ke amabhoklolo aphoqa abantu ukuthi balandele okuthandwa yithina noma kungabasebenzeli. Inkolo eyomuntu ngamunye.Khumbula, sisizakala ekhemisi elilodwa , ngemithi ehlukene.

Ezomoya

Turn static files into dynamic content formats.

Create a flipbook
Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.