

Igumbi loMhleli
Sithembiso Sibisi
Kuhlala kuyintokozo emangalisayo ukuthola ithuba lokuthi umuntu athole ithuba lokwenza into ayithandayo. Kuba intokozo kakhulu ke uma kungukuthi lento ayithandayo, ukwazi ukuyabelana nabanye abantu. Okuvele kuyenze iphelele yonke lento, kuba ukusekwa nokukhuthazwa umuntu akutholayo kubantu asuke abelana nabo.
Siphila ezikhathini ezinzima kakhulu,lapho khona abantu sebezibheke bona nabaseduze nabo kuphela,bengasazikhathazi ngokuthi kwenzekani empilweni yabanye abantu. Loku sekusenze saphenduka izilwane uqobo,baphela lobuntu ebesaziwa ngabo. Phela thina besaziwa njengesizwe esibakhathalelayo abanye abantu ,esinozwelo futhi esinakelelayo. Bekungadingeki ukuthi umuntu kuze kube uhlobene nathi noma usondelene nathi yini, ukuze simazise. Umuntu besimkhombisa ubuntu ngoba engumuntu nje kuphela.
Siphila ngesikhathi lapho khona umuntu eseka omunye umuntu ngoba nakhu kukhona anethemba lokuthi uyokuzuza kuyena ngelinye ilanga. Ingakho nje abantu abaningi sebeqala ngokuthi babhekisise ukuthi umuntu unani ephathekayo ngaphambi kokuthi bamsize noma basondelane naye. Lomkhuba usungene nasemindenini imbala, uthola ukuthi labo abanotho baphila bodwa, abangenalutho nabo baphila bodwa. Ayisekho leyanto yokuthi umfowethu,ungumfowethu,udadewethu,ungudadewethu. Okuphambili manje ikona ukuthi umuntu unani,nokuthi ngizozuzani mina ngokusondelana naye.
Uyohlala njalo enendawo ebalulekile enhliziyweni yami,uGogo ozala uMama uKaMabaso. Uthando lwabantu ayenalo lwalumangalisa,ingakho nje emzini wakhe kwakugcwala abantu abavela emindenini ehlukene kodwa baphenduke umndeni owodwa. Noma ayengafundile futhi ayengesiyena nosozimali ,uthando ayenalo lwalumenza abadlule kude le ,bonke abanemfundo nabanezimali zabo.
Yonke lento ngiyisusela kulento yokusekana. Kumanje kuphume imiphumela yabafundi ebebenza uMatikuletsheni ngonyaka odlule. Ilesikhathi ke lapho abaningi, bezoyibona khona impilo. Kukhona abazoshaywa ukuthi abaphumelelanga, abaphumelela bona bazobhekana nezingqinamba eziningi,ezifana nokuzama ukungena ezikhungweni zemfundo ephakeme, nokuwumshikashika nje ngokwako. Abanye bazongena kodwa izinselelo Abazohlangabezana nazo zizoyishintsha indlela ababuka ngayo impilo. Abaningi bagcina sebengena ezidakamizweni,ophuzweni olunamandla, nasezindleleni ezingezinhle zokuphila. Uma besingabakhombisa uthando ngalesikhathi,sibeseke ngokomphefumulo, kungenzeka umehluko omkhulu empilweni yabo.
Singabakhohlwa nalaba abafuna umsebenzi kodwa abangawutholi,nabazama ukuziwalela amabhizinisi kodwa angaphumeleli. Konke kusezandleni zethu,asisekane ukuze siphumelele.
– U- Joy we Joyful Creations
Into ayiqala ngoba efuna azokhipha ngako isithukuthezi kulempilo yamanje ephithizelayo, sekuphenduke ibhizinisi elikhulayo futhi aziqhenyayo ngalo.
U Joyful Vuyokazi Mbena odabuka eLusikisiki,e Eastern Cape, uthi ngesikhathi eqala ezifundisa ukwenza izinto zobuhlalu eminyakeni eminingi edlule,wayengakaze acabange ukuthi liyofinyelela lapho eselikhona manje. “Kwakuyindlela nje yami yokuchitha isizungu uma ngingekho emsebenzini . Kuningi engangifisa ukukwenza kodwa ukusebenza ngobuhlalu ikona okwavele kwahamba phambili. Ngazithengela i kit yokwenza, ngaqala ngazifundisa ngokusizwa ama video aku You- Tube. Angeke ngiqambe amanga, kwakungelula ngesikhathi ngisaqala. Ngike ngizihleke nje nami uma ngibuka izinto engaqala ngazo.” – kuchaza u Joy,efa insini.

Ibhizinisi lakhe i Joyful Creations libonakala likhula ngesivinini esikhulu njengoba sebebaningi abantu abathembela kuyena ukuthi abagqokise uma beya emicimbini eyahlukene. Okumkhuthaza kakhulu ukuthi uthola ukwesekwa abantu bezinhlanga ezahlukene.
“ Okwenza i Joyful Creations ihluke,ukuthi angenzi izinto ezifana nezabanye. Abantu abaningi abasebenza ngobuhlalu, bagxile kakhulu ekwenzeni izinto zesintu.Ngiyazenza nazo uma kukhona ozicelile kodwa mina ngigxile kakhulu ekwenzeni izinto ezihlukile, umuntu azoziiqhenya ngazo ngoba angizenzi zibeningi. Ingakho ngixoxisana nomuntu,asho ukuthi ufuna into azoyigqoka kuphi futhi uzoyigqoka nani, Ngaleyondlela kuba lula ukuthi ngimenzele into okuzoba eyakhe.”
Ukhuthaza abantu ukuthi bangakuvumeli ukuncisheka
amathuba besakhula,ukuthi kulawule abazoba ikona empilweni.


“Ulwazi lusaphakile kulezinsuku, kulele kumuntu ukuthi avuke azithathe, alusebenzise. Ukufunda akusho ukuya ezikhungweni zemfundo kuphela kodwa kuningi kakhulu umuntu angakufunda kumakhalekhukhwini wakhe. Lento yethu yokujabulela ukuphatha omakhalekhukhwini ababizayo kodwa bengasisebenzeli,kumele iphele.Awuthi ubiza umakhalekhukhwini owuphethe,ube ukusiza nawe ukuthi uthole ulwazi.”

Okwamanje usebenzela endlini kodwa uthi usezinhlelweni zokuvula isitolo,lapho ezodayisa khona neminye imikhiqizo edingwa kakhulu abantu.
Eminye yemikhiqizo ye Joyful Creations

Yazi ukudla okukulungele
Sithembiso Sibisi
Isikhathi esiphila kusona asisafani nesakuqala , usuku nosuku kuqhamuka izifo ezintsha ezibeka impilo yabantu engcupheni. Yonke into iyashesha manje, impilo iyabiza, abantu abaningi abasebenzi,abasebenzayo, abakwazi ukuphila impilo abayifisayo. Indlela esidla ngayo, nayo inomthelela omkhulu ezinkingeni esibhekene nazo.

Abantu abaningi abasenaso isikhathi sokubheka ukuthi badlani,abanye baze basho ukuthi okungena ngomlomo akubulali. Kungaba iqiniso ukuthi akubulali ngalesosikhathi umuntu esakudla kodwa umphumela wako ngemumva kwesikhathi uye ungabi muhle.Ubumnandi obuthe chithisaka izwe lonke,bunawo nabo umthelela ekutheni abantu bagcine bedla noma yini,noma ikanjani. Yinto engasathusi ukuthi abantu bavuke ngenyama yokosa,balale ngenyama yokosa. Kwabanye ibhodwe alisayi nhlobo eziko,baphila ngokudla okuthengwa sekuvuthiwe. Uphuzo oludakayo ke lona luya ngokuya lusithatha isikhala samanzi,kukhona abangasayiboni impilo ngaphandle kwalo.
Abantu abaningi banenkolelo yokuthi ukudla ukudla okunempilo kuyabiza,nokuyinto engelona neze iqiniso. Ukudla okunempilo ikona okushibhile uma kuqhathaniswa nalokudla abantu abakudlayo. Ungazenzela nawe ucwaningo,uzibonele ngokwakho ukuthi izithelo nemifino kubiza kancane kangakanani. Okunye okuhle ngezithelo nemifino,ukuthi umuntu uyakwazi ukuthi azitshalele yena egcekeni lakhe.Akudini nokuthi uze ube nodedangendlale womhlaba ukwenza
.
Ungaziqalela nje ingadi yakho noma ngabe ikuphi lapho ukhona. Nako ukuqala ingadi, akudingi mali njalo kodwa kudinga isikhathi nje esincane sakho. Akuwona nomsebenzi otheni,umuntu angaze awunqene kodwa imiphumela yako iyamangalisa. Sizokhuluma kabanzi ngokuziqalela ingadi oshicilelweni lwangenyanga ezayo.
Into esemqoka kakhulu kulezinsuku,ukuthi umuntu nomuntu akwazi ukudla ukudla okulungele umzimba wakhe. Ukuthi ukudla kumnandi noma ikona okudliwa kakhulu ngalesosikhathi akusho ukuthi kuwulungele umzimba wakho. Akekho ke umuntu ongathi awumtsheli umzimba wakhe ukuthi
uzizwa kanjani ngokudla okuthile. Akekho futhi umuntu ongathi zonke izithelo nemifino kuyamgulisa.
Bakhona ke abazifanela nami,okubahlulayo ukudla izithelo nemifino kubhekile nje. Okuhle manje ukuthi kukhona izinto ezifana nama blender nama juicier,usuyakwazi ukuthi uvele ukugaye lokudla kube isiphuzo esizoyizayo,ungalahleki kodwa umsoco okukona.

Abantu abaningi bayayithanda inyama futhi akukho okubi ngaloko.Okudingekayo nje ukuthi umuntu azi ukuthi inyama yani, elungiswe nini,yalungiswa kanjani le ayidlayo. Nokuzikalela futhi ukuthi uyidla kanjani,kubalulekile.
Amanzi nje ewodwa,enza umsebenzi omkhulu kabi emzimbeni.Kuhlalwa kugcizelelwa njalo ukuthi abantu abazijwayeze ukuphuza amanzi, okungenani umuntu aphuze izingilazi eziyisishiyagalombili ngosuku.
Okubaluleke kunakokonke ,ukubheka umbhalo osemikhiqizweni esiyithengayo. Iningi lethu aliyibheki lemibhalo kanti iyona equkethe ulwazi oluningi ngokudla esikudlayo. Lento yokubheka ukuthi kushibhile nokuthi kumnandi,ayisebenzi ngoba imizimba yethu iyona ellimalayo ekugcineni,sizithole sesiphathwa izifo ezingavikeleka uma sidla ngendlela.
Sibulawa yini isisekelo esiwumndeni?
Bonke abantu engike ngakhuluma nabo, basho into eyodwa,lena yokuthi isakhiwo somndeni isona esibaluleke ukuzedlula zonke ezikhona ngaphansi komthunzi welanga. Uma konakele lesakhiwo, mancane kakhulu amathuba okuthi kungalunga okunye.
Ngiyalithanda iculo likaMaskandi elinezinhlamvu ethithi “ Noma ngabe izindlu ezodaka,kusekhaya la”. Njalo uma ngilizwa,kuba khona imibuzo evukayo kimina ngalesakhiwo okuthiwa umndeni. Eminye yayo ithi, kungabe uyini umndeni,kungabe ubaluleke ngani umndeni,kungabe isekhona ke yini yona lento okuthiwa umndeni? Angisona ke isazi uma kuza kuloluhlobo lwezindaba,engikubhalayo kusukela ezintweni engike ngizibone zenzeka,nengike ngizizwe uma ngixoxisana nabantu abahlukene. Okunye abavumelana ngako, ukuthi noma sibalulekile lesakhiwo kodwa sesiyivela kancane kulezinsuku. Kuningi ke abakuveza njengezizathu okuyizona okuyizona ezibonakala zifuna ukuqeda ngalesakhiwo. Ngizocaphuna ezintathu okuyizona ezivelile kwabaningi engixoxisane nabo.
Esokuqala,abazali. Abazali bayaludala uqhekeko emndenini ngokuthi babe nengane abayithanda kakhulu kunezinye. Bagcina beyitotosa
bayenze iqanda,bangaboni lutho olungeluhle ekwenzayo. Noma ngabe yenzani, iyavikelwa nokuyenza igcine isizibona inkulu kunezinye izingane zakwabo. Angeke ke ingakhumali ngoba iyazi ukuthi kukhala esayo isicathulo.
Eyesibili,imali. Kuyinto eyaziwayo ukuthi uma ungenayo imali,bambalwa kakhulu
abantu abakubuka njengomuntu ophilayo.
Awuhlonipheki ngisho noma ngabe kuthiwa uwena omdala emndenini noma ofundile .Onemali uyena ohlala ehamba ngisho noma ngabe kuthathwa izinqumo ezibalulekile futhi ezinithinta nonke.

Eyokugcina kodwa enganekekile, inkolo. Ngesikhathi umuntu ekhula,amehlo avuleleka ezinkolweni eziningi . Kuba inkinga ke uma umuntu ezikhethela inkolo ehambisana naye,okungesiyo le akhuliswe ngayo.
Ngosizo lochwepheshe,sizolithola ikhambi kulezinkinga zomndeni.
Asiyihloniphe imali.
Umhlaba ungaka nje, ayikho into eyinkinga njengemali. Ngendlela eyinkinga ngayo imali,ayikhethi ukuthi iyinkinga kubani. Iyinkinga kwabaMnyama ,iyinkinga kwabaMhlophe, iyinkinga kwabacebile, iyinkinga kwabampofu ,iyinkinga kwabadala, iyinkinga kwabancane, iyinkinga kwabangakholwa, iyinkinga ngisho nakwabakholwayo imbala.
Sesingaphika nje phela ngoba iqiniso asizwani nalo, imali iyona ebusa izwe. Akukho okwenzeka ngempumelelo uma imali ingekho.Yingakho nje abanye baze benze izinto ezishaqisayo uma sebeyifuna. Abanye size sibagxeke kodwa ngaphakathi sifise ukuthi ngabe nathi sinesibindi esifana nesabo.

Izingxabano eziningi ezibakhona,kuba kancane zingayifaki imali. Kwesinye isikhathi kuze kuphume imiphefumulo imbala. Ubudlelwano obuningi bumiswe iyona,uma kungase kuphele yona,bungaphela nabo. Siyibonile imindeni ebibukeka sengathi ibumbene,ibhidlika ngoba nje sekuphele imali ebiyihlanganisile. Lithi elinye iculo,uma ungenayo imali,uyazifanela nje nenye inamba, awubizwa nangegama.
Kulesikhathi esiphila kusona,kuyinto engelula neze ukuyithola ngoba imisebenzi ayikho,amabhizinisi ayawa nezinto zimba eqolo.Iningi lethu sesiphila ngomusa nje weNkosi,akukho nokukodwa esingakukhomba
sithi sikuthole ngokuhlakanipha kwethu. Ngendlela isimo esibi ngayo,kukhala abafundile,kukhale nabasebenzayo. Kukhala nabafundisi imbala, ingakho nje inkonzo isuke ingaphelele uma ngabe ungafunwanga umnikelo. Kunezinto abangasazenzi, njengokungcwaba umuntu obengawugcini umnikelo. Lento yokuthi balandela ubizo,isiza kamuva, kwabanye, imali ehamba phambili. Yisikhathi lesi sokuthi sibheke izindlela ezintsha zokwenza imali,zokuyikhulisa nezokuyigcina. Yinto engelula yona le ngoba ukubiza kwezinto kwenza ukuthi nalena encane umuntu ayitholayo, iphelela ezandleni. Kusemqoka ukuthi siyisebenzisa kwini,nini futhi nakanjani.
Asiyihloniphe imali ukuze nayo izosihlonipha. Ngaphambi kokuthi siyisebenzise, asizibuze ukuthi ngabe siyisebenzisa kwesikudingayo yini?
Uma ufuna ukufihlela umuntu oMnyama into,yifake encwadini.

Kunesisho esisaziyo sonke kodwa engingaboni ukuthi sisibheka ngendlela efanele. Lesisho sithi,”Uma ufuna ukufihlela umuntu oMnyama into,iboyifaka encwadini”. Esikuqondile ukuthi umuntu oMnyama akazwani nokufunda. Abaningi incwadi,bagcina ukuyithinta ngoba besaphoqelekile ezikoleni,bangaphasa abayibheki nokuyibheka.
Ngike ngazinika isikhathi kulezinsuku ezidlule,ngabuza abantu abambalwa eThekwini ukuthi ngingawutholaphi uMtapo wolwazi. Abaningi bebengikhomba ezindaweni okungezona,abanye bengangifihleli nje ukuthi abawazi. Abangimangaze kakhulu,ilaba abathe abawazi kodwa bephambi kwawo. Ilapho ngivele ngabona khona ukuthi sibheke eweni njengesizwe. Kuyacaca ukuthi ezinye izizwe ziyohlala zingaphezulu kwethu ngoba thina sifundela ukuthola iziqu nje kuphela,ulwazi asinendaba nalo.
Ayikho into ebuhlungu njengokuhlangana nesifundiswa sakithi ,esisebenza kahle kodwa uma uqala nje uthi uxoxa naso,uthole ukuthi ingqondo inqunu. Omunye aze azame ukuziveza ukuthi uhlakaniphile ngokuveteza isilungu,avele agcine esesho amagama amakhulu kodwa angawenzi umqondo. Angifuni nokuyiphatha ke eyothisha abafundisa izingane zathu. Kuvele kube sengathi umuntu angacasha uma ezwa into ephuma emilomeni yabanye. Kunento ethi angiphawule ngamaphoyisa kodwa ngenxa yokusaba isibhamu,ngizozibamba.
Kulengosi sizohlaziya izincwadi ezibhalwe ababhali bakithi futhi ngolwimi lwethu. Inhloso yaloku ukuvuselela utahndo lokufunda izincwadi kubantu ukuze nathi sizokwazi ukuqhudelana nezinye izizwe ngolwazi. Uma nawe kunencwadi ongafisa ukuyihlaziya noma ongafisa ukuthi siyihlaziye,wamukelekiel ukuthi uxhumane nathi.
Yazi imoto ekulungele
Kuqala imoto kwakuyinto nje eyenzelwe ukuthi umuntu akwazi ukufinyelela kalula lapho ayesuke efuna ukuya khona. Kwahamba kwahamba ,izinto zajika, yagcina isiwuphawu olukhombisa ukuthi umuntu uphumelele kangakanani. Kulezinsuku abantu bayakwazi ukuthi bakufunde, bakunikeze nenhlonipho ngokohlobo lwemoto ohamba ngayo.
Loku kubafaka ngaphansi kwengcindezi enkulu abaningi ngoba bagcina sebethenga izimoto ezingaphezu kwamandla abo ukuze bajabulise abantu. Abanye bagcina sebephila impilo elusizi, bengasakwazi ukubhekana neziinye izidingo zabo ngoba nakhu bekhokhela izimoto ezibizayo. Abanye baze babhekane nokuthi zidliwe izimoto zabo,bese bephenduka ihlaya kulabantu abasuke bethi bazama ukubajabulisa.
Kunemibuzo okumele uzibuze yona ngaphambi kokuthi uthenge imoto. Owokuqala uthi,kungabe uyayidinga ngempela yini? Uma ungakwazi ukuphila ngayo,ungayithengi. Thatha lemali obuzoyithenga ngayo uyigcine ebhange noma wenze ezinye izinto ezibalulekile.
Owesibili owokuthi,uyidingelani? Lombuzo ubalulekile ngoba iwona ozokuholela ekutheni uthenge imoto ezohambisana nezidingo zakho. Angeke uthenge i 4X4 ekubeni isidingo sakho sithi udinga imoto encane. Imoto nemoto yakhelwe ukuhamba endaweni ethile,asikho ke isidingo sokuthenga imoto ehamba ogwadule kodwa wena ube uhlala edolobheni.
Owokugcina ,uzokwazi yini ukuphila uma isikhona noma kukhona lapho okuzokonakala khona. Imoto iyizindleko ezinkulu,inezidingo zayo nje iyodwa. Uma izibalo zakho zikuphikisa,uzogcina ususebenzela yona,linda kuze kube isimo siyakuvumela,ungaphoqi. Ukuphoqa nokuzama ukujabulisa abantu, ikona okudala ukuthi abanye bagcine sebenengcindezi esuke ingagwemeka.

Ubuhle bokuvakasha, emqondweni nasemphefumulweni
Umphefumulo kuyawulapha, ikakhulu uma uzovakashela izindawo ezingenawo umsindo, okuphila kuzona imvelo ngokukhululeka.
-

Uma kukhulunywa ngokuvakasha ,abantu abaningi bazitshela ukuthi kuyinto yabathile, abanemali noma abaphila uhlobo oluthile lwempilo. Iloku ke okuye kjudale ukuthi umuntu aze adlule emhlabeni, engakaze avakashele kwezinye izindawo. Uma eke waphuma lapho azalelwe khona,usuke eya ezihlotsheni ezisemakhaya uma kunemicimbi ethile. Nalapho akalitholi ithuba lokubamunye nemvelo ngoba kusuke kuphithizela.
Ukusuka nje la okhulele khona,uye kwenye indawo,kuyayivula ingqondo. Kwenza ukuthi impilo uyibuke ngelinye ihlo, uyeke ukuyibuka ngokwalendawo okhulele kuyona kuphela. Kukwenza ufunde izindlela ezintsha zokwenza izinto.
Njengengqondo,umphefumulo uyadinga nawo ukuthi uvuselelwe. Kuhle ukuwuvuselela enkonzweni kodwa kwesinye isikhathi kudingeka ukuthi usondelane nemvelo ,ube nokuxhumana okujulile nayo.Uyomangala ukuthi kwenzani loku emphefumulweni.

Uma ubuyela ekhaya,usuke ungasesiyena loyamuntu ohambe uwuyena ngoba ingqondo yakho isuke isivuseleleke kabusha futhi umhlaba usuwubuka ngehlo elihlukile. Usuke usunesibindi sokubhekana nezinselelo ngoba usuke usuhlome ngengqondo evuselelekile.
Akusho ke ukuthi kumele uze uye ezindaweni ezibizayo ukuze kube uvakashile. Ziningi izindawo eziseqophelweni eliphezulu,eziseduze futhi ezingabizi eqolo. Njalo ngenyanga sizokwethulela lezindawo,okwakho nje ukuthi ukubeke emqondweni ukuthi usuzoqala nawe uzinike isikhathi sokushaywa umoya. Kumqoka ukuzijabulisa isikhathi sisavuma.
Editorial Phone 0614017076 Email mediaezasekhaya@gmail.com Address 22 Marine View Building, North Beach, Durban, 4000