
1 minute read
Isikhathi esihle lesi sokuqala UKONGA
from Phly Mag
by phlymagazine
Qala namhlanje, ngaloku okuncane onako
Uma kusaqala unyaka, wonke umuntu usuke enezinto azinqumele zona ukuthi ufisa ukuzifeza ngalowonyaka. Ezinye ziyaphumelela kanti ezinye aziphumeleli. Ziningi ke izizathu eziyimbangela yaloku kodwa okuyisona esivamisile,ukushoda ngemali.
Advertisement
Angazi ukuthi ngingakugcizelela kanjani ukuthi imali ibalulekile futhi iwukhiye wezinto eziningi. Ngaphandle kwemali, amaphupho amaningi ayashabalala.
U February isikhathi esihle sokuthi umuntu aqale azongele imadlana okuyiyona ezombheka uma sekufike isikhathi.
Ukonga ke akusho ukuthi kumele umuntu aze abeke amakhulu noma izinkulungwane ebhange kodwa kusho ukonga loku okuncane onako.
Kuyinto eyaziwayo ukuthi abantu abaningi abasebenzi kodwa ikhona imadlana encane abayitholayo ngenyanga.
Kulezinsuku sekukhona nemali eyisibonelelo sabangasebenzi evela kuhulumeni. Ngiyavuma incane njalo ngenyanga, ukonge, mukhulu emali kodwa uma ungahlephula okuncane kuyona, mukhulu umehluko ongawubona esikhathini esizayo.
Ukhiye kulento yokonga ukuthi uqale manje, ungaloku uhlehlisa ngoba ungagcina ungaqalanga. Qala namhlanje ngaloku okuncane onako, ungalindi ukuthi uze ube nezizumbulu.
Ungaqala ngokuthi uzibekele imali ewuhlweza endaweni eyaziwa uwena kuphela. Kubangcono kakhulu uma uzoyibeka unganaki lemali, ungaloku uyibheka ukuthi isingakanani ngoba uzosuke ulingeke bese uyayisebenzisa singakafiki isikhathi ozinqumele sona.
Kuyasiza nokuthi ube nento ebalulekile esemqondweni, ozozitshela ukuthi wongela yona. Loku kuzokusiza ukuthi ukwazi nokuzincisha ezinye izinto ngoba nje uhlose ukongela lento eyaziwa uwena kuphela.




