2 minute read

Izindlela ezihlukene zokuthenga imoto

Sithembiso Sibisi

Lento yokuthenga imoto ayikho lula futhi iyabashaya abantu abaningi abavele bathathe isinqumo sokuthenga imoto bengazange bakuthole ukwelulekwa. Abaningi banako ukwenza iphutha lokuthi ngoba nakhu sebeyasebenza futhi futhi banegama elihle ukuthi bangathatha isikweletu noma banganikezwa isikweletu ebhange,bese begijimela ukuthenga imoto.

Advertisement

Namhlanje sizobheka izindlela ezintathu okuyizona ezijwayelekile uma abantu bethenga imoto okokuqala.

Ukuthenga ngebhange

Lena iyonandlela esetshenziswa abantu abaningi ngoba ibukeka ilula. Okwenza abantu bayithande ukuthi amabhange amaningi awasafuni ne deposit manje, uma igama lakho lilihle ayakunika imoto wena bese uyikhokhela ngenyanga. Konke kuzwakala kukuhle futhi kulula uma ukubukela kude kodwa kunemiqathango yako egcina ibashaya abaningi. Abakukhohlwayo abaningi ukuthi imoto kusuke kungesiyona eyabo kodwa kusuke kungeyebhange kuze kube bayikhokhela ngokuphelele. Ibhange nebhange ke linemithetho yalo ngemoto yalo,okuyicala ukuyephula.Ngale nje kokuthi kufanele uqinisekise ukuthi uyikhokhela njelo ngosuku enivumelene ngalo, awukwazi kushintsha lutho kuyona.Uma kukhona okufayo kuyona,awukwazi ukuthi uye koyikhanda lapho uthanda khona kodwa kumele uyiyise lapho kusho khona bona,akukhathalekile ukuthi kubiza kangakanani. Kukhona nokunye okuningi okuhlala kukukhumbuza ukuthi imoto akusiyo eyakho kodwa kufana nokuthi uyayithelela nje.

Balloon payment

Ibaqedile ke abaningi lento ye ballon payment ngoba bangena kuyona bevale amehlo.

Lendlela ithi uthenga imoto ngale kokukhokha i deposit, ukhokha imali encane ngenyanga kodwa uma sekuphele isikhathi enivumelene ngaso nebhange sokukhokhela imoto,kunemali eyisamba okumele uyikhokhe ngesikhathi esisodwa. Okulimaza abaningi ke kulendlela ,ukuthi basuke bengayibekile eceleni lemali eyisamba edingekayo nokwenza bahluleke ukuyikhokha bese ibhange liyayithatha imoto yalo. Amabhange amaningi ayabavumela abantu ukuthi uma sekufike lesikhathi, baqale kabusha benze benze isivumelwano esisha sokukhokha njalo ngenyanga. Kuye kuncike ekutheni ukhokha kanjani ke lokhu ngoba uma kade ungakhokhi kahle,ibhange linalo ilungelo lokusinqaba isicelo sakho,lithathe imoto yalo.

Uma livuma,loku kusuke sekusho ukuthi usuke usuzokhokha isikhathi esingaphezulu kunalesi esisuke sibekwe ekuqaleni. Okubanzima ke ngalesivumelwano esisha ukuthi imoto isuke isindala, kwesinye isikhathi isinezinkinga eziningi. Umuntu uzithola esekhokhela imoto futhi esekhokhela nokulungisa izinkinga enazo.

Ingakho ke izindawo eziningi ezidayisa izimoto, zivamise ukukhuthaza abantu ukuthi bazibuyise izimoto uma sezihambe ibanga elithile noma ngemumva kweminyaka ethile,bathathe ezintsha.

Kungazwakala kuyinto enhle loku kodwa iqiniso lithi umuntu usuke amukela ukuthi akasoze aba nayo imoto okungeyakhe kodwa uyohlala ngokukhokhela ibhange njalo nje.

Ukuthenga kumuntu

Kunemibuzo ebalulekile okufanele uzibuze yona uma uzothenga imoto kumuntu,ikakhulu uma ungamazi. Owokuqala owokuthi yena usuke eyidayiselani.Bambalwa abantu abadayisa izimoto zabo ngoba besuke bengasazidingi noma ngoba besuke bezifunela imali. Abaningi bazidayisa ngoba kukhona izinto esezibahlupha ngako. Bayakufihla loku ngesikhathi besakudayisela,uzibonela usuwedwa ukuthi wenzenjani ngezinkinga ohlangabezana nazo. Akukho ke osuke usengakwenza ngoba abaningi abazidayisa ngo cash baye bakugcizelele ukuthi bazidayisa zikulesosimo esikuzona.

Ukuthenga kwi Auction

Isikhathi esiningi,izimoto ezidayisa kwi auction zisuke zidliwe amabhange kulabo abasuke sebehluleka ukuzikhokhela. Ngike ngazinika isikhathi,ngahlala phansi nomunye osebenza ukudayisa lezimoto,ngambuza ngobuhle nangobubi bokuthenga kubona. Ubuhle uthe kuba ukuthi zishibhile uma utholane nabantu abaneqiniso, abadayisela ngemali okuyiyona.

Uthi abaningi bazidayisa ngemali enkulu lezimoto,ecishe ilingane naleyo ezidayiswa ngayo uma zisezintsha.

Okunye akuvezile ukuthi azilungiswa uma kukhona okonakele kuzona kodwa zidayiswa zisesimweni esifanayo nalesi ezisuke zidliwe zikusona. Okungenze ngashaya amakhala ke ngalendlela yokuthenga imoto,ilena yokuthi banako ukwehlisa ama kilo metre esuke isiwahambile imoto,benze kubukeke sengathi ayikahambi kakhulu ekubeni isuke isiphelile.

Loku basuke bekwenzela ukuthi bayibizise imali enkulu. Uma isikuhlupha,basuke bengasekho bona.

Ukuthenga ngo cash.

Angeke ngande ke ngalena ngoba iyazisho futhi ilungele abathile, abanemali abasuke beyigcinile emgodleni wabo. Ngithi nje yenza isiqiniseko sokuthi uthola ulwazi olwanele ngaphambi kokuthenga imoto.

This article is from: