
1 minute read
Uthando lusemqoka
from Phly Mag
by phlymagazine
kuMsakazi weZwi loMzansi
Sithembiso Sibisi
Advertisement
Umsakazi we Zwi loMzansi, u Msajero Mbonambi,obuye aziwe ngelika “The Ice breaker”, uthi ukukhula emndenini owawunothando,kungezinye zezinto ezimenze wakubona ukubaluleka kwalo empilweni. Uthi luyinto esemqoka kakhulu kuyena,ingakho engalubekeli isikhathi sokuthi kumele alukhombise nini kodwa uma kuvela ithuba nje uyalukhombisa.
“Kwakungikhuthaza ukubona ubaba etetema,umama esemtotosa noma ephethwe ukugula okuncane nje kodwa athole ukunakekelwa okusezingeni eliphezulu.” kuchaza u Msajero, ongakufihli ukuthi uyazifela ngowakwakhe u Nosisi Pretty Mbonambi,u MaZweni, nangendodakazi yabo eneminyaka engu 12, uSinobuhle.
Usuku lwezithandani akanankinga nalo futhi kuye kumthokozise ukubona abantu bekhombisana uthando, bephana nezipho ngalolusuku. Ngokwakhe uthando ngathi kungaba yinto abantu abakhombisana yona zonke izinsuku ngoba iyona ewumgogodla wempilo.
“Uma ngibona into enhle futhi engaziyo ukuthi angayithanda u Terrier, okuyigama engimbiza ngalo uMaZweni, ngiyayithenga. Angilindi ukuthi kuze kube usuku olukhethekile ukuze ngikhombise uthando.”

Uthando lwabo aluncikile nakancane ezintweni eziphathekayo kodwa bajabulela noma ngabe yini abayenza ndawonye noma omunye ayenzela omunye.
“ U Ma Zweni noma ngimthengela umbila noma izingingila lezi ezidayiswa emgwaqweni, uyakujabulela loko ngoba uyazi ukuthi kusuka enhliziyweni enothando.Uyazi ukuthi angiyena umuntu okhethayo ekudleni, uma engibuza ukuthi ngizizwa ngithanda ukudlani, ngivele ngimtshele ukuthi noma yini,inqobo nje uma iphekwe kahle.”- kuchaza uMsajero, uthando okuvele kukhanye izinhlansi zothando emehlweni akhe uma ephatha elika Terrier.
“Angisiyena umuntu okhonze ukuhlela ukuthi ngizomenzelani u Terrier noma umndeni wami ngoba izinto ezihleliwe zinako ukuthi zingahambi ngalendlela umuntu asuke ehlele ngayo. Loko nje okufikayo emqondweni ngalesosikhathi, ngiyakwenza, inqobo nje uma kuzobajabulisa abathandiweyo bami.”
Umshado uwubona njengento ebaluleke kakhulu ngoba uba nalowomuntu owazi konke ngempilo yakho futhi okukhathalelayo ngokuphelele. Uthi uma ufuna ukubona ukubaluleka komshado, ibobheka ubunzima obuthwalwa indoda engashadelwe uma kwenzeka igula.
Akubanga isinqumo esinzima kuyena ukungena emshadweni ngoba ubuhle bawo wayesebubonile kubazali bakhe nokwamenza naye wakulangazelela ukuba kuwona.
Usuku lwezithandani uthi kubona luyisikhathi sokuthi bakhombise abanye abantu uthando ngoba bona baphila ngalo nsukuzonke. Kwazi bani,mhlawumbe isikhathi lesi sokuthi baqinisekise ukuthi u Sinobuhle uyalanywa njengoba benesifiso sokuba nezinye izingane ezimbili ukuze kuzopheleliswa ubuthathu buka Nkulunkulu.

Ungasithumelela nawe izithombe zakho ku
Whats App, usikhombise ukuthi ulugubhe kanjani usuku lwezithandani. I number ithi 061 401 7076.