1 minute read

Igumbi loMhleli

Sithembiso Sibisi

Advertisement

Kusukela ngesikhathi sikhiphe ushicilelo lokuqala lwe PhlyMag, ucingo lwami alukutholi ukuphumula njengoba ngithola inqwaba yezingcingo nemiyalezo okuvela kubantu abakhombisa ukweseka loku esikwenzayo. Loku kuyasikhuthaza futhi kusinika umdlandla wokuthi siqhubeke nokubhala izindaba ebezingeke zinikezwe ithuba kweminye imithombo yezindaba yaloluhlobo ngoba eminingi ihlelelwe abantu abathile noma abasezingeni elithile lempilo.

Iqiniso ukuthi baningi abantu abenza izinto ezinhle futhi ezikhuthazayo okumele ngabe bavezelwa izwe kodwa ke ngenxa yezimo esiphila ngaphansi kwazo,abaningi baze badlule emhlabeni kungashiwongo lutho ngabo. Abanye baze badikibale ngoba bebona benganakiwe noma bengahlinzekwa ngezinkundla ezifanele ukuze baziveze. Ngiyabazi ubuhlungu bokushaywa indiva ngoba naku nje ungasondelene nabathile, ungabukeki ngendlela ethile noma ungaphili ngendlela ethile. Kuyawathena amandla ngoba ugcina ungabhekwa ngehlo lezinto okwazi ukuzenza kodwa ubhekwa ngehlo lokuthi ungubani.

Abaningi bake bangigxeke uma ngithi nginako ukuwukhumbula kancane umbuso wabaMhlophe. Uma singazinikeza isikhathi, kuningi esingakufunda kwabaMhlophe,ikakhulu endleleni abenza ngayo izinto nabaziphatha ngayo. Banehlo elibukhali elibenza bakwazi ukubona into enhle bese beyisondeza eduze,bayilolonge ukuthi igcine iyiloku abakufunayo.Ngakolunye uhlangothi, thina akukho esikwakhayo kodwa simandla ekucekeleni phansi kwakona loku okusuke sekwakhiwe. Bangaki nje abantu abaMnyama asebephumelele, abangaphumela obala bathi balapho bekhona manje empilweni, batakulwa abanye abaMnyama,babalolonga baze baba iloku abayikona manje? Angikhulumi ngabantu abanikezwe ithuba ngoba naku bazana nobani abasezikhundleni noma ngoba begwazile ngandlela thile.

Inkohlakalo,umona nenzondo kubukeka kugijima emithanjeni yabantu abaMnyama,ingakho nje izwe singasoze salibusa uma sisabuswa ilezinto. Ihlo lethu alikwazi ukubona into enhle , liyithuthukise kodwa libukhali ekuboneni okungekuhle. Nolwimi lwethu alukwazi ukuncoma nokukhuthaza kodwa lumandla ekugxekeni nasekuhlebeni. Kuhleba kuze kuhlebe namadoda ke kulezinsuku,uvele ubone nje ukuthi asiyindawo bakithi.

Inyanga ka February inyanga yothando,angifisele bonke ke abasothandweni ukuthi bagubhe kahle. Abangakalutholi uthando,bangadikibali kodwa balinde nje. Ngesikhathi belindile, bazithande bona ngoba alukho uthando olukhulu oludlula olokuzithanda wena kuqala. Uma uzithanda wena, akukhathalekile ukuthi omunye umuntu ucabangani noma uthini ngawe, uyama nje ngokuzithemba.

This article is from: