1 minute read

Imfundo eyiyonayona iqala ekhaya

Unyaka uqalile, izikole eziningi sezivuliwe kanti nalabo abafunda ezikhungweni zemfundo ephakeme sebezovula kungekudala. Loku kusho ukuthi izingane sezizochitha isikhathi esiningi zingekho phambi kwamehlo abazali njengoba zizobe zisezikoleni. Kuningi ke okwenzekayo ezikoleni,abazali abagcina bengazi lutho ngako. Ingakho bembalwa abazali abangaphumela obala,bame nje ngeqholo bathi izingane zabo ziyasukelwa uma kungathiwa kukhona ezikwenzile. Kulesimo, umzali oqotho angathi ngokuyazi kwakhe ingane yakhe,angeke ikwenze okuthile.

Okungacishe kube yiqiniso noma nako kunzima nje,ukuthi uma ungumuntu onakisisayo,uyakwazi ukubona ukuthi ingane ivela ekhaya elinjani. Kusukela endleleni egqoka ngayo,ekhuluma ngayo,eziphatha ngayo,kuyavela kona ukuthi kunjani lapho ephuma khona.

Advertisement

Ukuphambuka komuntu ophuma ekhaya eliphilayo futhi okhuliswe kahle,akufani nokwenza kwengane ephuma ekhaya elingenayo imfundiso eqondile. Ephuma ekhaya eliphilayo iyakhalimeka kanti ephuma ekhaya elingenamfundiso, iba wumdlwembe nje ongakhalimeki noma kuzanywa ukuyikhalima. Ayibi namuntu emsabayo nemhloniphayo ngoba yazi ukuthi yona ayitshelwa.

Kuwumsebenzi womzali ukuqinisekisa ukuthi ingane yakhe uyikhulisa ngendlela efanele. Uma iphambuka, kusuke sekungokwayo loko. Umzali usala nonembeza omsulwa ngoba yena usuke ekwenze konke okufanele.

Kuwumsebenzi ongelula nakancane ukukhulisa ingane,ikakhulu kulesikhathi samanje lapho abazali abaningi bezikhulisela izingane ngabodwana , abanye bengasebenzi kanti nezingane kulezinsuku zinamalungelo,enza kubenzima kubazali ukuthi bazikhulise ngendlela abakhuliswa ngayo bona.

Kuye kuthiwe ayikho indlovu engasindwa umboko wayo, umzali nomzali kumele afingqe imikhono, azibambele ukukhulisa ingane yakhe. Othisha nabo babambe iqhaza elikhulu ekukhulisweni kwezingane kodwa imfundo okuyiyona yengane, iqala ekhaya.

This article is from: