1 minute read

Impi yaboMdabu isethunjini

Lencwadi ka Dkt J. C Dlamini ikhuluma ngokujulile ngezinkinga ezikhungethe imindeni yabantu abaMnyama kuleli kanye nalezo ezikhungethe isizwe sonke esiMnyama. U Dkt.

Dlamini usivezela ubungozi obudalwa ukwehlukana ngokwamazinga empilo, nokwenza ukuthi abanye bazibone bephila emhlabeni ongcono kunalona abahlala kuwona.

Advertisement

Lencwadi ikhuluma ngemindeni emibili yakwa

Ngubane kodwa ehlala ezindaweni ezi- mbili ezingafani njengoba omunye ukobantu kanti omunye usesilungwini. Lokuhlukana kwenza ukuthi lemindeni uyibuke ngezindlela ezingefani impilo, ikakhulu njengoba lona osesilungwini uyibuka ngehlo labe Lungu nokwenza kube khona ukungqubuzana okukhulu nalona osemakhaya, osabambelele ezindleleni zesintu zokwenza izinto.

Lomndeni osesilungwini ubhekana nezi-ngqinamba eziningi,ezibangelwa ukuzama kwawo ukuphila impilo ongayazi futhi ongakhuliswanga ngayo.

Ngakolunye uhlangothi, lomndeni osemakhaya, osabambelele ezindleleni zakudala zokwenza izinto,ubonakala udlondlobala kakhulu.

U Dkt. Dlamini kulencwadi uthinta amaqiniso abuhlungu ngempilo yabantu abaMnyama, ngoba uveza ukuthi kukhulunywa ngani uma ukuthini inkululeko yangempela kumuntu oMnyama. Uveza ubuhle bemfundo uma iwele emhlabathini ofanele, nobubi bayo uma kungukuthi iwele ogwadule, lapho ipheshethwa khona kalula umoya.

Kuningi okungamaqiniso athinta umuntu oMnyama kulencwadi njengoba ithinta udaba lokulandela amasiko nosikompilo kwabezizwe, indlela yokuphila kwabantu besifazane ezindaweni zase- makhaya, izinto eziholela ekutheni isizwe eziMnyama singaphumi kalula enkingeni yobubha obusikhungethe.

Lencwadi iyaheha,iyafundisa ukuthi kumele siziphathe kanjani siyimindeni yabantu abaMnyama nokuthi kumele ngabe siphilisana kanjani siwumphakathi.

Ngingakhuthaza ukuthi lencwadi ifundwe iwona wonke umuntu, ikakhulu abasha.

Kuningi umuntu angakuzuza kuyona ngobuyena.

Mina nje sengiyifunde izikhathi eziningi kanti njalo uma ngiyifunda kuba sengathi ngiyifunda okokuqala ngoba ngihlala ngithola okusha futhi ngivuseleleke ukuthi ngivuke ngizithathe noma ngabe amandla ebeseqala ukungiphelela.

This article is from: