PhlyMag

Page 1

PhlyMag

FOR PEOPLE ON THE MOVE

Phakamile Weza

March 2023 IGAMA ELISHA EMCULWENI WOKHOLO ZINIKEZE ISIKHATHI NOMNDENI MEET Kelebohile Mavuso WHO USES HIS CONDITION TO HELP OTHERS YAZI KABANZI NGESTOKVEL OSIJOYINAYO FAME VS SUCCESS

2.1

OKUNGAPHAKATHI Editorial Phone 0614017076 Email mediaezasekhaya@gmail.com Address 22 Marine View, North Beach, Durban, 4000
LOMHLELI
BETHU
4.UMNDENI
IMALI YAKHO
FUNDA NATHI
SISEMGWAQWENI
SISHAYWA UMOYA Asizisebenzise izinkampani ezihlela ezokuvakasha Umshuwalense oyiwonawona wemoto yakho Cwaninga nge stokvel osidlalayo Zinikeze isikhathi somndeni Yiziphi izindlela ezilungile zokulungisa ukudla?
1.IGUMBI
2.ABANTU
3.EZEMPILO
5.
7.
8.
9.
Phakamile Weza- Igama elisha emculweni wokholo
His condition inspired him to teach others.
yini iphupho lakho?
SICIKOZA NAMACIKO Fame vs Success Hustlers Bible by Gayton McKenzie
EZOMOYA
are talking to Skhulu Masuku
2.2
Usalilandela
6.
10.
We

Igumbi loMhleli

Sithembiso Sibisi

Ngikhumbula ngesikhathi sisafunda amabanga aphansi,kunombuzo sonke esasibuzwa wona futhi ngabe ukhuluma iphutha ongathi akakaze awubuzwe. Sasibuzwa ukuthi sifuna ukuba yini uma sesibadala noma sibuzwe ukuthi sifundelani. Izimpendulo ezaziqhamuka zazihlukahlukene futhi zazikhombisa ukuthi sonke sinamaphupho amahle ngekusasa.

Kuloluhambo lwempilo ke,bakhona abangaphumela obala bathi amaphupho abo besebancane, bakwazi ukuthi bawafeze. Abaningi abakwazanga ngenxa yezingqinamba eziningi esingeke sizibale ngoba kungashona ilanga uma singathi siyazama. Bakhona ke nabanye abazishintshela bona amaphupho abo ngoba sebekhangwa izinto ezintsha noma imikhakha emisha. Alikho ke iphutha kulokhu ngoba njengoba sikhula nje,sihlangabezana nezinto ezintsha usuku nosuku , ezisenza ukuthi impilo siyibuke ngenye indlela.

Engikhathazeke ngabo ilaba abadela amaphupho abo ngenxa yezingqinamba abazithola bebhekana nazo noma ngenxa yabantu abangawaboni ebalungele. Angikholelwa nakancane ekutheni kukhona into okumele ivunyelwe ukuthi ime endleleni yephupho lomuntu. Abantu abaningi namhlanje benza imisebenzi abangayithandi ngoba nje kukhona okwasuke kwama endleleni yamaphupho abo.Abaningi bayabikelwa uma kufanele bavuke baye emisebenzini,uma sebefikile abayenzi ngendlela imisebenzi yabo ngoba abayizwa ngaphakathi. Abanye baze basho nokusho ukuthi bakulemikhakha abakuyona ngoba nje benzela iholo kodwa uthando alukho.Sonke siyazi ke ukuthi kwenzekani emisebenzini yalabobantu,sihalala sizibonela zonke izinsuku,ikakhulu eminyangweni kahulumeni.

Angisiye umethuli wezinkulumo ezikhuthazayo kodwa kulenyanga ngifisa ukukukhuthaza ukuthi uke uzibuze ukuthi liyini ngempela iphupho lakho ngempilo. Uma usuyitholile impendulo,ake uzibuze ukuthi yini ekuvimbile ukuthi usengalifeza. Kungenzeka ukuthi esikhathini esidlule kwakuyimali, usuyasebenza ke manje,yini ongathi isakuvimbile? Kungenzeka yini ukuthi usuzidelile ukuthi wena uyoze ufe ungajabulile ngoba nje ungasenawo umdlandla wokulandela iphupho lakho?

Kulolushicilelo lwe PhlyMag, siyaqhubeka nokukwethulela abantu abalandela amaphupho abo ngenhloso yokukukhuthaza nawe ukuthi ulandele elakho. Ukwesekwa esikuthola kubantu abasezindaweni ezahlukene futhi abangasikhulumi isiZulu,kusenze sathatha isinqumo sokuthi kusukela kulolushicilelo sesizoba nezindaba ezibhalwe nangolwimi lwesilungu. Siyazibongela ukwesekwa.

Igama elisha emculweni wokholo

Sithembiso Sibisi

Ukukhulela enkonzweni nokungaxhamazeli

ajahe ukungena emculweni,kubukeka

kungezinye zezinto eziyisebenzele kakhulu

lentokazi ebonakala inekusasa eliqhakazile emculweni wokholo.

U Phakamile Weza wase Wembezi, e Escourt, KwaZulu Natal,uthi umculo wokholo ubuvele

uyinto esempilweni yakhe kusukela esemncane

.”Ngikhulele enkonzweni yase African Gospel

Church lapho indumiso ibiyingxenye enkulu

yenkonzo kusukela ku Sunday School. Ekhaya

bekuculwa njalo uma sekuthandazwa ebusuku

nokungezinye ke zezinto ezenze umculo waba

ingxenye enkulu yempilo yami.”

Uthando lomculo wokholo uthi ilono olumenze

wagcina esengumlandeli omkhulu wabaculi

abahlukene ngoba ubenesifiso sokuthi ngelinye

ilanga abe ngomunye wabo. Loku kumsizile

ngoba kumvule amehlo ngezinto eziningi eziqhubekayo embonini yomculo.

“ Akukho lapho ebengingayi khona uma

kunabaculi bokholo futhi abanye ngigcine

sengisondelene kakhulu nabo.Bengingagcini

nje ngokuhambela imicimbi abacula kuyona

kodwa bengibaseka kakhulu ngokuthenga

umculo wabo. Konke loku bengikwenziswa

uthando nayisifiso sokubabona bedlondlobala.

PHAKAMILE
WEZA
Abantu bethu

Uthi ubazi ukuthi luyofika nakuyena usuku louthi

afune ukwesekwa noma ebengazi nje ukuthi luyofika

nini futhi kanjani. Kungakho lithe uma lifika,lamfica

elilungele wabe eselibamba ngezandla

zombili,wagijima nalo.

“ Angeke ngiqambe amanga, isangithusa namanje indlela

abantu abavele bakhombisa

ngayo ukuwuthakasela

umculo wami.Bevele benza

okungaphezulu kakhulu

kunaloku ebengikulindele, ikakhulu abangasekhaya.”

Umculo wakhe uyindumiso

ethakwe ngesigqi sesimanje.

Uhlukile emculweni wokholo

ojwayelekile nokuwenza

ukuthi uthakaselwa abantu

abehlukene ngokweminyaka.

Okunye okuwenza ukuthi

uhehe,ingoba akenzanga

lento esivamise ukwenziwa

abaculi abaningi kokushintshashintshana ngamaculo

amadala,nokugcina sekunzima ukubahlukanisa

ngoba abanye bacula ngendlela efanayo. Iculo lakhe

lokuqala nokuyilona azethule ngalo kubantu elithi

Izolo Lami , liyezwakala ukuthi liyindumiso esuka

ngaphakathi ekujuleni kwenhliziyo futhi enikeza

ithemba lokuthi noma ngabe izinto zingahambanga

kahle osukwini lwayizolo kodwa kukhona okuhle

okuza nekusasa.

“Indumiso iyona engibusisayo mina okudlula konke okunye. Kungashunyayelwa,kukhulekwe ,kwenziwe

konke okunye kodwa uma kungakadunyiswa kusuke

kungakapheleliswa kimina. Iyona eyenza

ukuthi ngisondelane no Mdali, ngizizwe

ngisebukhoneni bakhe.Kuyisifiso sami ukuthi umculo wami wenze okufanayo nakubantu.”

Uthi asikho isimo aslule kusona abgasizwanga kusona umculo

ngakho kuyisifiso sakhe ukuthi uma abantu belalele umculo

wakhe babuyelwe ithemba futhi

bathobeke noma ngabe yiziphi izinhlungu abazithola ebhekene nazo ngalesosikhathi.

Uthi kube intokozo enkulu kuyena ukusebenza no Jumbo,ombhalele lomculo wakhe omusha asanda

kuwukhipha.Uthi kukhulu kakhulu

ukuthi uthi usafika endimeni bese kuba nomculi omkhulu njengo

Jumbo,obona kufanele ukuthi angasebenzisana nawe.

“Ukubhalelwa uJumbo umculo

kuvele kwavuselela ukuzithemba ngoba kusho ukuthi ikhona lento ekhona

ayibonile ukuthi kungasebenzeka nayo.

Baningi nabanye engisafisa ukuthi ngisebenze nabo esikhathini esizayo

kodwa okwamanje ngisafuna ukugxila ekukhuliseni igama lami ukuze lingaziwa la eMzansi kuphela kodwa laziwe kuzona zonke izindawo emhlabeni.”

Umculo ka Phakamile usuyatholakala kuzona zonke izinkundla zomculo..

His condition inspired him to teach others

Kelebohile Radebe Mavuso is not just an ordinary 26 year old but he is extra-ordinary. He was born deaf and he has a difficulty pronouncing some words but he did not allow his condition to dertemine his future.

“Growing up in a rural area, in Lesotho, I was faced with quagmire of barriers and discriminattion due to my heearing loss. Sometimes I was ridiculed about my speech impairment and difficulty to pronounce some words.” says Kelebohile who is now a qualified educator who also teaches sign language on weekends.

He says his breakthrough came in 2018 when he was admitted to study teaching at Lesotho College of Education which is the only teaching college in Lesetho. That is where he was introduced to sign language and he immediately fell in love with it and developed a passion to help other deaf people like him.

“ Sign language is a beautiful and complete language which has its own gramma rules and combines hand gestures with facial expressions and body language to convey meaning. It gives deaf people opportunity to

participate in conservations on an equal footing with others.”- says Kelebohile boldly.

He says one of the biggest problems they are facing as a deaf society,is that of parents who are in denial that their children are deaf.

Children from such families are then delayed in acquiring and developing their language because they don’t have an early access to sign language.

As a volunteer at the National Association of the Deaf Lesotho,his work entails advocating for the inclusion of children with disabilities in schools,from early childhood development to tertiary level.

His dream is to see more people learning sign language because he believes that ,this will help them to be able to interact fully with deaf people. He says people need to do away with negative social attitudes ,stereotypes and prejudice because these things avery harmful to deaf people.

Abantu bethu

Yenza ucwaningo nge stokvel osijoyinayo

1. Uhlobo luni i stokvel osijoyinayo?

Ahlukene ama stokvels futhi izinhloso zawo nazo zihlukene. Isibonelo nje

kukhona awemali,awokudla,awempahla njalo njalo. Uwena ke ozaziyo ukuthi lesi osijoniyayo sizobhekana yini nezidingo zakho.

2. Obani amalunga aleso stokvel?

Bazi abantu ongena nabo I stokvel ukuthi bangobani, bahlala

Sithembiso Sibisi

Ama stokvel asephenduke ingxenye

ebalulekile yempilo yethu futhi akusavamisile ukuthola umuntu ongasijoyinile. Abanye

bajoyine ezihlukene ngoba bebhekela izidingo zabo.

Njengayoyonke into, amastokvel anobuhle

nobubi bawo. Inkinga isekutheni abantu

abaningi ababe besazihlupha ngokubheka

izinto eziningi uma bejoyina ama stokvel.

Ngenxa yaloku ke, kuvamise ukuthi kube nesililo uma sekufike isikhathi sokusihlukanisa i stokvel.

Ngemumva kokuxoxisana nabantu abambalwa

abawongoti kwezithinta ama stokvel, nazi izinto

ezimbalwa esibone ukuthi kubalulekile ukuthi

umuntu azazi ngaphambi kokuthi ajoyine noma ngabe be isiphi istokvel.

kuphi,basebenza kuphi futhi baphila kanjani. Okubalulekie kakhulu,uyabathemba yini.

3. Ithini imigomo ye stokvel futhi uzokwazi yini ukumelana nayo?

Onke ama stokvel anenqubomgomo yawo okumele ilandelwe futhi ihlonishwe amalunga ayo. Kungabe wena uzokwazi yini ukumelana nayo?

4. Kungabe sisemthethweni yini?

Kunemithetho elawula ukuphathwa

kwemali futhi okumele ilandelwe izona zonke izinhlaka eziphatha imali. Kungabe i stokvel osijoyinayo siyiyilandela yini leyomthetho?

5. Sihlukanisa nini nakanjani?

Ukuphepha kubalulekile,kungabe sinazo yini izinhlelo zokuqinisekisa ukuphepha kwamalunga aso uma sekuhlukaniswa?

Imali yethu

Fame vs Success

Sindiso Nkosi who has been in the Arts industry for more than three decades, gives us an insight on this.

PM. For those who don’t know who Sindiso is, briefly tell us about yourself.

SN : My name is Sindiso Nkosi, a former member of Sarafina Theatre Musical which toured the world for more than eight years. I am now the Artistic Director of my own company, Izigi Performing Arts which specialises in orthodox theatre,industrial and corporate theatre,sound and stage hire.

PM. Where did the love for the Arts come from and how did you get into the industry?

SN: I fell in love with Arts when I was still a Primary School learner in Ermelo, Mpumalanga. My love for theatre blossomed more at Sukuma Secondary School, a boarding school that I went to which is in Imbali Township at Pietermaritzburg in KZN. After matric I became a primary school teacher but that didn’t last long because I was always yearning to become a singer and an actor. I packed my bags and went to Johannesburg to try my luck.I auditioned for Sarafina together with Somizi Mhlongo at the Market Theatre.Mbongeni Ngema chose me to be one of the cast members of Sarafina and we toured the whole world with that musical.

PM. Many people when they think about Arts , they think of Acting, Singing and Dancing. Very few want to work behind the scenes. As a person who has done both successfully, what do you think causes this?

SN: I think the reason most people do not want to work behind the scenes is “FAME.” Most people want to be at the forefront, to be seen and to be recognized. They forget that fame is temporaly, one cannot be famous forever. The behind the scenes jobs that they ignore are more sustainable. For instance, It is easy to “kill “or replace a TV character but it’s not easy to replace a cameraman, a scriptwriter or an editor. These jobs require technical skills.

Siyacikoza namaciko

PM. People love fame. Some people would kill to be on TV, on Stage or to be heard on Radio . Does fame mean a person is successful?

SN: Iqiniso ukuthi abantu abaningi bagijimela udumo but okubuhlungu kakhulu ukuthi being famous doesn’t guarantee success and it doesn’t mean a person is rich. The sad thing about showbusiness in South Africa is that actors are underpaid. They don’t mention this because most of them are living a lie. They want people to believe that they are doing well fanancially but sadly,that is not the truth.Only a few,carefully chosen actors,are really making money in this country. Our actors do not earn performance royalities but they are just paid once and that is it. In other countries like USA and England,actors are paid everytime a TV series or a film they are part of is replayed or sold to the other TV stations. Executive producers and owners of TV seriesies are the ones who make money and they hardly appear in media. Only the disposable,low paid actors like tobe seen but they have little material benefits to show for their fame.

PM. How important is it for Artists to learn different skills in the industry?

SN: It is very important for artists to learn other skills in the industry because it gives them a competitive edge. If they have other skills, they are able to make a living during the dry seasons. That is exactly what I did. Personally I don’t want to be famous as I learnt a long time ago that real money is behind the scenes.

PM: What would be your advice to someone who is still trying to get into the industry about fame and success?

SN: They must join the industry only because they are dedicated to it and they must be willing to learn different skills that will sustain them when the dry seasons of the industry come. Education is key, fame is temporally.

Siyacikoza namaciko

Zinikeze isikhathi somndeni

Impilo ephilwa kulezinsuku yenza kubukeke sengathi lama hora angu 24 akhona osukwini, awanele. Loku kubangelwa ukuthi wonke umuntu uzama izindlela zokuhlanganisa impilo ukuze ikati lingeke lilale eziko. Okubuhlungu ngalesimo ukuthi kulimala isisekelo esiwumndeni.

Izingane eziningi kulezinsuku ziyazikhulisa ngoba abazali bamatasatasa nokuzama ukuhlanganisa impilo. Abanye abazali baze bazibeke ezandleni zabanye abantu izingane zabo kanti abanye bazama ukuvala isikhala sokungabibikho kwabo ngemali nangezinye izinto eziphathekayo . Iqiniso ukuthi zonke lezinto azisivali isikhala somzali empilweni yengane kodwa kunaloko zidala ukudideka okukhulu okugcina kuholele ekutheni ingane iwele ezintweni ezingalungile njengezidakamizwa,ukuqala ucansi isikhathi singakafiki,u kungalawuleki, nezinye.

Kunesisho sesilungi esithi “ A family that prays together,stays together.” Sisho lukhulu lesisho mayelana nokubaluleka kokuthi umndeni uzinike isikhathi sokuthi ubendawonye, uxoxe ngezinto eziqhubeka empilweni yawo. Loku kuyawuqinisa umndeni futhi kuwenza uphumelele ngokuhlanganyela.

Indlela elula yokwenza loku kungaba ukuzama ukuthi umndeni udle isidlo sakusihlwa ndawonye, ungaphazanyiswa ubuchwepheshe besimanje obufana nomakhalekhukhwini, umabonakude nokunye. Isikhathi lesi okumele abazali basisebenzisele ukulalela izingane zabo,bezwe ukuthi zibhekana nani empilweni yazo yansukuzonke. Okunye okungenziwa ukuhlela izinsuku zomndeni lapho uhlangana khona wenze okuthile ndawonye. Kuningi okungenziwa okufana nemidlalo, imisebenzi ethile noma ke ukuvakasha. Isikhathi somndeni sibalulekile futhi akukho kwenziwe kubaluleke ngaphezu kwaso.

Umndeni
Sithembiso Sibisi

Iziphi izindlela ezilungile zokulungisa ukudla?

Sithembiso Sibisi

Kulezinsuku ziningi izinhlobo zokudla esinazo

futhi izindlela zokuzenza ziyathuthukiswa usuku nosuku ukuze zimelane nesikhathi

esiphila kusona. Sekuyinto ejwayelekile ukuthi kube nabantu abangasazihluphi ngokupheka, abaphila ngokudla okuthengwa sekulungile.

Abanye banemishini enhlobonhlobo ezindlini zabo,eyenza ukuthi ukulungisa ukudla kube yinto esheshayo futhi engadli isikhathi.

Zisahamba phambili izindlela zakudala zokupheka.

Iqiniso elifihliwe ngalezindlela ezintsha

zokulungisa ukudla,ukuthi akuzona zonke ezilungile. Eziningi zenza ukudla okumnadi impela kodwa ziyawubulala umsoco osekudleni, nokuyiwona odingwa umzimba.

Loku kudalwa amazinga aphezulu okushisa anazo.

Isibonelo nje,i microwave yinhle kakhulu futhi yenza umsebenzi wokulungisa ukudla ubelula.

Esingakubheki ngayo ukuthi yenza umonakalo ongakanani ekudleni okwenziwa kuyona.

Enye indlela ebonakala ithandwa kakhulu kulezinsuku yokulungisa ukudla, ukusebenzisa air fryer. Ubuhle bayo yona ukuthi ayidingi amafutha amaningi uma uyisebenzisa kanti isikhathi esiningi ayiwadingi nhlobo. Uyakwazi futhi ukuyisebenzisela ukupheka ukudla okuhlukene. Noma kunjalo,usamile umbuzo wokuthi kunomsoco kangakanani ukudla okulungiswe ngayo.

Ochwepheshe bezokudla bayavumelana

ngokuthi zisahamba phambili izindlela zakudala zokulungisa ukudla. Ingakho nje abantu bakudala babephila isikhathi eside futhi babengaguli kalula. Indlela ababelungisa ngayo ukudla,yayiwulondoloza umsoco.

Ezempilo

Umshuwalense oyiwonawona wemoto yakho

Kunezinto ezivamise ukubukeka njengezinto ezingenasidingo kuze kube umuntu uyazidinga.

Isikhathi esiningi kusuke sekungemumva

kwendaba ngoba umuntu usuke

engazinakanga ngesikhathi isikhathi isikhathi sisekhona.

Enye yalezinto,umshuwalense wemoto. Usuke

uyinyathele emsileni kwabaningi uma ukhuluma

ngalento ngoba bayibona njengokumosa imali

nje. Abanye baze basho nokusho ukuthi uma

kwenzeka izimoto zabo zifa,banomakhenikha

babo bona ababakhandelayo.

Into okumele siyiqonde ukuthi umshuwalense

wemoto awufani kodwa uhlukiahlukene

ngokwezidingo zomuntu. Lento yokuthi usiza

uma imoto ifile kuphela,kumele siyilahle le kude

ngoba ayilona iqiniso. Kumele siqonde futhi

ukuthi ukuba nomshuwalense wemoto,akuvikeli

nje wena kuphela kodwa kuvikela nabanye

abashayeli osebenzisa nabo umgwaqo,uma

kungenzeka nihlangabezana nengozi. Ingozi ke into efika kungalindelwe futhi bambalwa abantu

abangathi bona bahlala benemali ebhange, elindele ukusiza esimweni sengozi.

Okunye okumele sikuqonde ,ukuthi akuwona wonke umshuwalense olungele wonke umuntu. Njengoba izimoto ezisebenzisa umgwaqo zingefani,nomshuwalense wazo nawo angeke uze ufane. Kungakho ke kubalulekile ukuthi umuntu enze ucwaningo olunzulu uma

ezothatha umshuwalense wemoto yakhe ukuze

angazitholi esekhokhela into engeke imsize ngalutho uma sekuvela isidingo.

Kunomthetho omuhle owenziwa izindawo ezidayisa izimoto,wokuthi aaziyidedeli imoto ukuthi iphume kuzona uma ingenawo umshuwalense. Kukhona abangakuqondi ukubaluleka kwaloku,okuthi bangaphuma nje nemoto kulezindawo bese beyawuvala ngoba bethi uyabiza. Kuyinto engalungile ke lena futhi ekhombisa ukungazicabangeli wena kanye nabanye abashayeli osebenzisa nabo umgwaqo.

Ngaphambi kokuthi uthenge imoto,kubalulekile ukuthi wenze ucwaningo ngomshuwalense okulungele ,ukugweme ukuthatha noma imuphi odayiselwa wona ngoba ubiza kancane.

Kwamanye amazwe kuyimpoqo ukuthi imoto esemgwaqweni ibe nomshuwalense,kumele kube njalo nakuleli.

Sisemgwaqweni
Sithembiso Sibisi

Hustlers Bible

Wnen my wife bought me this book as a Christmas gift in 2015, I didn’t know what to expect from it. I kwew about Gayton McKenzie from TV and other media platforms. I had heard him speaking about his life as a gangster and his days as a convict but it never crossed my mind that there was something I could learn from him and his best friend who is also an ex convict, Kenny Kunene. .

Books are my life, I love reading and I read everything I come across. For unknown reason, I didn’t have an appetite to read this book, I just put it away and forgot about it. Few months later I was bored and I took it and started reading it. Since that day I have never put it down. It has changed my life for the better and I am what I am because of it.

In this book,Gayton leaves no stone unturned about his life as a gangster,some of the things he learnt in prison and how his journey as a successful businessman started. The way he tells his story,makes it easier for everyone to read and enjoy this book.

One thing that makes this book stand out from other busuness books I have read in the past, is that it is written by a South African who understands the challenges South Africans are facing. Even the examples he makes, are things that we see happening everyday in our lives.

Whether you want to venture into business or not,this is a book for you,get yourself a copy and I promise you won’t regret it.

Funda nathi
Sithembiso Sibisi

Asizisebenzise izinkampani

ezihlela ezokuvakasha

Sithembiso Sibisi

Ngendlela impilo ematasatasa ngayo kulesikhathi

esiphila kusona,akulula ukuthi umuntu azenzele

yonke into njengokufisa kwakhe. Yingakho ke

kunabantu asebekwenze kwaba umsebenzi

wabo ukuthi basenzele loku thina esingenaso

isikhathi sokukwenza.Ziwusizo olukhulu

lezinkampani ngoba zenza izinto zibe lula futhi

zihleleke kangcono.

Kwezokuvakasha kunezinkampani ezibizwa ngama ‘Travelling Agencies’. Umsebenzi

walezinkampani ,usikuhlela konke okumayelana

nokuvakasha,kusukela endaweni elungele

iphakethe lethu,izidingo zethu, ezokuthutha, indawo yokuhlala nokunye okuningi. Isikhathi

esiningi uma usebenzisana nalezinkampani, akukho wena okwenzayo ngaphandle kokuthi

uxhumane nazo bese uzitshela ngohlobo

lokuvakasha noma lweholide ofisa ukuba nalo.

Konke ke okunye kuba sekuba sezandleni zazo.

Abantu abaningi banomqondo wokuthi ziyabiza

lezinkampani kanti lutho,akunjalo. Uma usubheka umsebenzi eziwenzayo,uyabona

ukuthi zishibhile futhi kakhulu. Impilo zivele

ziyenze ibe lula futhi ukuthokozele nokuvakasha

kwakho ngoba awuloku uzihlupha ngezinto

eziningi ngoba zisuke zihlanganisiwe emalini oyikhokhayo.

Yinto engeke sayibalekela ke ukuthi

njengakuyona yonke imikhakha yempilo, zikhona eziqola abantu,zibathembise into engekho,babone ekugcineni ukuthi imali yabo idliwe amaqola. Abanye babone sebefike kulendawo abavakashele kuyona ukuthi ayisondeli nakancane kulento abasuke beyithenjisiwe futhi beyikhokhele. Ingakho ke kukumuntu nomuntu ukuthi aqinisekise ukuthi wenza ucwaningo olunzulu ngenkampani azoyisebenzisa ukuze engeke azithole esekhalela imali yakhe,neholidi lakhe seliphenduke isiqalekiso.

Kulezinyanga ezizayo sizoloku sikuvezela izinkampani ezisemthwthweni futhi ezenza umsebenzi oncomekayo uma zikuhlelela ezokuvakasha. Zikhona nezikhungo umuntu angaya kuzona uma efuna ukuthola ulwazi ngezinkampani ezenza umsebenzi oncomekayo.

Sishaywa umoya

Skhulu Masuku A prayer warrior

PM. Who is Skhulu?

My name is Skhulu Masuku. I was born in KwaMashu Township but now I live in Windermere, Morningside. I have a sense of humour, I love people and I am very caring. Nginenhliziyo yokusiza abantu.

PM. What do you do for a living?

I use most of my time doing the work of the Lord . I am also in Property Business and I introduce customers to car dealerships and earn commission.

PM. How do you spend your time, when you are not at work?

I dine a lot and meet new people. Ngiwumuntu wabantu.

PM. Which place do you enjoy going to if you want to relax and reflect on life?

I visit hospitals to pray for sick people and I like going to Starbucks, it is my favorite place.

PM. How do you take care of your spiritual person?

I go to church five times a week and I read my Bible a lot. I also pray and fast often.

Ezomoya

Turn static files into dynamic content formats.

Create a flipbook
Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.
PhlyMag by phlymagazine - Issuu