1 minute read

Iziphi izindlela ezilungile zokulungisa ukudla?

Sithembiso Sibisi

Kulezinsuku ziningi izinhlobo zokudla esinazo futhi izindlela zokuzenza ziyathuthukiswa usuku nosuku ukuze zimelane nesikhathi esiphila kusona. Sekuyinto ejwayelekile ukuthi kube nabantu abangasazihluphi ngokupheka, abaphila ngokudla okuthengwa sekulungile.

Advertisement

Abanye banemishini enhlobonhlobo ezindlini zabo,eyenza ukuthi ukulungisa ukudla kube yinto esheshayo futhi engadli isikhathi.

Zisahamba phambili izindlela zakudala zokupheka.

Iqiniso elifihliwe ngalezindlela ezintsha zokulungisa ukudla,ukuthi akuzona zonke ezilungile. Eziningi zenza ukudla okumnadi impela kodwa ziyawubulala umsoco osekudleni, nokuyiwona odingwa umzimba.

Loku kudalwa amazinga aphezulu okushisa anazo.

Isibonelo nje,i microwave yinhle kakhulu futhi yenza umsebenzi wokulungisa ukudla ubelula.

Esingakubheki ngayo ukuthi yenza umonakalo ongakanani ekudleni okwenziwa kuyona.

Enye indlela ebonakala ithandwa kakhulu kulezinsuku yokulungisa ukudla, ukusebenzisa air fryer. Ubuhle bayo yona ukuthi ayidingi amafutha amaningi uma uyisebenzisa kanti isikhathi esiningi ayiwadingi nhlobo. Uyakwazi futhi ukuyisebenzisela ukupheka ukudla okuhlukene. Noma kunjalo,usamile umbuzo wokuthi kunomsoco kangakanani ukudla okulungiswe ngayo.

Ochwepheshe bezokudla bayavumelana ngokuthi zisahamba phambili izindlela zakudala zokulungisa ukudla. Ingakho nje abantu bakudala babephila isikhathi eside futhi babengaguli kalula. Indlela ababelungisa ngayo ukudla,yayiwulondoloza umsoco.

This article is from: