
1 minute read
Umshuwalense oyiwonawona wemoto yakho
from PhlyMag
by phlymagazine
Kunezinto ezivamise ukubukeka njengezinto ezingenasidingo kuze kube umuntu uyazidinga.
Isikhathi esiningi kusuke sekungemumva kwendaba ngoba umuntu usuke engazinakanga ngesikhathi isikhathi isikhathi sisekhona.
Advertisement
Enye yalezinto,umshuwalense wemoto. Usuke uyinyathele emsileni kwabaningi uma ukhuluma ngalento ngoba bayibona njengokumosa imali nje. Abanye baze basho nokusho ukuthi uma kwenzeka izimoto zabo zifa,banomakhenikha babo bona ababakhandelayo.
Into okumele siyiqonde ukuthi umshuwalense wemoto awufani kodwa uhlukiahlukene ngokwezidingo zomuntu. Lento yokuthi usiza uma imoto ifile kuphela,kumele siyilahle le kude ngoba ayilona iqiniso. Kumele siqonde futhi ukuthi ukuba nomshuwalense wemoto,akuvikeli nje wena kuphela kodwa kuvikela nabanye abashayeli osebenzisa nabo umgwaqo,uma kungenzeka nihlangabezana nengozi. Ingozi ke into efika kungalindelwe futhi bambalwa abantu abangathi bona bahlala benemali ebhange, elindele ukusiza esimweni sengozi.
Okunye okumele sikuqonde ,ukuthi akuwona wonke umshuwalense olungele wonke umuntu. Njengoba izimoto ezisebenzisa umgwaqo zingefani,nomshuwalense wazo nawo angeke uze ufane. Kungakho ke kubalulekile ukuthi umuntu enze ucwaningo olunzulu uma ezothatha umshuwalense wemoto yakhe ukuze angazitholi esekhokhela into engeke imsize ngalutho uma sekuvela isidingo.
Kunomthetho omuhle owenziwa izindawo ezidayisa izimoto,wokuthi aaziyidedeli imoto ukuthi iphume kuzona uma ingenawo umshuwalense. Kukhona abangakuqondi ukubaluleka kwaloku,okuthi bangaphuma nje nemoto kulezindawo bese beyawuvala ngoba bethi uyabiza. Kuyinto engalungile ke lena futhi ekhombisa ukungazicabangeli wena kanye nabanye abashayeli osebenzisa nabo umgwaqo.
Ngaphambi kokuthi uthenge imoto,kubalulekile ukuthi wenze ucwaningo ngomshuwalense okulungele ,ukugweme ukuthatha noma imuphi odayiselwa wona ngoba ubiza kancane.
Kwamanye amazwe kuyimpoqo ukuthi imoto esemgwaqweni ibe nomshuwalense,kumele kube njalo nakuleli.