1 minute read

Zinikeze isikhathi somndeni

Next Article
Fame vs Success

Fame vs Success

Impilo ephilwa kulezinsuku yenza kubukeke sengathi lama hora angu 24 akhona osukwini, awanele. Loku kubangelwa ukuthi wonke umuntu uzama izindlela zokuhlanganisa impilo ukuze ikati lingeke lilale eziko. Okubuhlungu ngalesimo ukuthi kulimala isisekelo esiwumndeni.

Izingane eziningi kulezinsuku ziyazikhulisa ngoba abazali bamatasatasa nokuzama ukuhlanganisa impilo. Abanye abazali baze bazibeke ezandleni zabanye abantu izingane zabo kanti abanye bazama ukuvala isikhala sokungabibikho kwabo ngemali nangezinye izinto eziphathekayo . Iqiniso ukuthi zonke lezinto azisivali isikhala somzali empilweni yengane kodwa kunaloko zidala ukudideka okukhulu okugcina kuholele ekutheni ingane iwele ezintweni ezingalungile njengezidakamizwa,ukuqala ucansi isikhathi singakafiki,u kungalawuleki, nezinye.

Advertisement

Kunesisho sesilungi esithi “ A family that prays together,stays together.” Sisho lukhulu lesisho mayelana nokubaluleka kokuthi umndeni uzinike isikhathi sokuthi ubendawonye, uxoxe ngezinto eziqhubeka empilweni yawo. Loku kuyawuqinisa umndeni futhi kuwenza uphumelele ngokuhlanganyela.

Indlela elula yokwenza loku kungaba ukuzama ukuthi umndeni udle isidlo sakusihlwa ndawonye, ungaphazanyiswa ubuchwepheshe besimanje obufana nomakhalekhukhwini, umabonakude nokunye. Isikhathi lesi okumele abazali basisebenzisele ukulalela izingane zabo,bezwe ukuthi zibhekana nani empilweni yazo yansukuzonke. Okunye okungenziwa ukuhlela izinsuku zomndeni lapho uhlangana khona wenze okuthile ndawonye. Kuningi okungenziwa okufana nemidlalo, imisebenzi ethile noma ke ukuvakasha. Isikhathi somndeni sibalulekile futhi akukho kwenziwe kubaluleke ngaphezu kwaso.

This article is from: