1 minute read

Yenza ucwaningo nge stokvel osijoyinayo

1. Uhlobo luni i stokvel osijoyinayo?

Ahlukene ama stokvels futhi izinhloso zawo nazo zihlukene. Isibonelo nje kukhona awemali,awokudla,awempahla njalo njalo. Uwena ke ozaziyo ukuthi lesi osijoniyayo sizobhekana yini nezidingo zakho.

Advertisement

2. Obani amalunga aleso stokvel?

Bazi abantu ongena nabo I stokvel ukuthi bangobani, bahlala

Sithembiso Sibisi

Ama stokvel asephenduke ingxenye ebalulekile yempilo yethu futhi akusavamisile ukuthola umuntu ongasijoyinile. Abanye bajoyine ezihlukene ngoba bebhekela izidingo zabo.

Njengayoyonke into, amastokvel anobuhle nobubi bawo. Inkinga isekutheni abantu abaningi ababe besazihlupha ngokubheka izinto eziningi uma bejoyina ama stokvel.

Ngenxa yaloku ke, kuvamise ukuthi kube nesililo uma sekufike isikhathi sokusihlukanisa i stokvel.

Ngemumva kokuxoxisana nabantu abambalwa abawongoti kwezithinta ama stokvel, nazi izinto ezimbalwa esibone ukuthi kubalulekile ukuthi umuntu azazi ngaphambi kokuthi ajoyine noma ngabe be isiphi istokvel. kuphi,basebenza kuphi futhi baphila kanjani. Okubalulekie kakhulu,uyabathemba yini.

3. Ithini imigomo ye stokvel futhi uzokwazi yini ukumelana nayo?

Onke ama stokvel anenqubomgomo yawo okumele ilandelwe futhi ihlonishwe amalunga ayo. Kungabe wena uzokwazi yini ukumelana nayo?

4. Kungabe sisemthethweni yini?

Kunemithetho elawula ukuphathwa kwemali futhi okumele ilandelwe izona zonke izinhlaka eziphatha imali. Kungabe i stokvel osijoyinayo siyiyilandela yini leyomthetho?

5. Sihlukanisa nini nakanjani?

Ukuphepha kubalulekile,kungabe sinazo yini izinhlelo zokuqinisekisa ukuphepha kwamalunga aso uma sekuhlukaniswa?

This article is from: