
1 minute read
Asizisebenzise izinkampani
from PhlyMag
by phlymagazine
Ezihlela Ezokuvakasha
Sithembiso Sibisi
Advertisement
Ngendlela impilo ematasatasa ngayo kulesikhathi esiphila kusona,akulula ukuthi umuntu azenzele yonke into njengokufisa kwakhe. Yingakho ke kunabantu asebekwenze kwaba umsebenzi wabo ukuthi basenzele loku thina esingenaso isikhathi sokukwenza.Ziwusizo olukhulu lezinkampani ngoba zenza izinto zibe lula futhi zihleleke kangcono.
Kwezokuvakasha kunezinkampani ezibizwa ngama ‘Travelling Agencies’. Umsebenzi walezinkampani ,usikuhlela konke okumayelana nokuvakasha,kusukela endaweni elungele iphakethe lethu,izidingo zethu, ezokuthutha, indawo yokuhlala nokunye okuningi. Isikhathi esiningi uma usebenzisana nalezinkampani, akukho wena okwenzayo ngaphandle kokuthi uxhumane nazo bese uzitshela ngohlobo lokuvakasha noma lweholide ofisa ukuba nalo.
Konke ke okunye kuba sekuba sezandleni zazo.
Abantu abaningi banomqondo wokuthi ziyabiza lezinkampani kanti lutho,akunjalo. Uma usubheka umsebenzi eziwenzayo,uyabona ukuthi zishibhile futhi kakhulu. Impilo zivele ziyenze ibe lula futhi ukuthokozele nokuvakasha kwakho ngoba awuloku uzihlupha ngezinto eziningi ngoba zisuke zihlanganisiwe emalini oyikhokhayo.
Yinto engeke sayibalekela ke ukuthi njengakuyona yonke imikhakha yempilo, zikhona eziqola abantu,zibathembise into engekho,babone ekugcineni ukuthi imali yabo idliwe amaqola. Abanye babone sebefike kulendawo abavakashele kuyona ukuthi ayisondeli nakancane kulento abasuke beyithenjisiwe futhi beyikhokhele. Ingakho ke kukumuntu nomuntu ukuthi aqinisekise ukuthi wenza ucwaningo olunzulu ngenkampani azoyisebenzisa ukuze engeke azithole esekhalela imali yakhe,neholidi lakhe seliphenduke isiqalekiso.
Kulezinyanga ezizayo sizoloku sikuvezela izinkampani ezisemthwthweni futhi ezenza umsebenzi oncomekayo uma zikuhlelela ezokuvakasha. Zikhona nezikhungo umuntu angaya kuzona uma efuna ukuthola ulwazi ngezinkampani ezenza umsebenzi oncomekayo.