2 minute read

Igumbi loMhleli

Sithembiso Sibisi

Advertisement

Ngikhumbula ngesikhathi sisafunda amabanga aphansi,kunombuzo sonke esasibuzwa wona futhi ngabe ukhuluma iphutha ongathi akakaze awubuzwe. Sasibuzwa ukuthi sifuna ukuba yini uma sesibadala noma sibuzwe ukuthi sifundelani. Izimpendulo ezaziqhamuka zazihlukahlukene futhi zazikhombisa ukuthi sonke sinamaphupho amahle ngekusasa.

Kuloluhambo lwempilo ke,bakhona abangaphumela obala bathi amaphupho abo besebancane, bakwazi ukuthi bawafeze. Abaningi abakwazanga ngenxa yezingqinamba eziningi esingeke sizibale ngoba kungashona ilanga uma singathi siyazama. Bakhona ke nabanye abazishintshela bona amaphupho abo ngoba sebekhangwa izinto ezintsha noma imikhakha emisha. Alikho ke iphutha kulokhu ngoba njengoba sikhula nje,sihlangabezana nezinto ezintsha usuku nosuku , ezisenza ukuthi impilo siyibuke ngenye indlela.

Engikhathazeke ngabo ilaba abadela amaphupho abo ngenxa yezingqinamba abazithola bebhekana nazo noma ngenxa yabantu abangawaboni ebalungele. Angikholelwa nakancane ekutheni kukhona into okumele ivunyelwe ukuthi ime endleleni yephupho lomuntu. Abantu abaningi namhlanje benza imisebenzi abangayithandi ngoba nje kukhona okwasuke kwama endleleni yamaphupho abo.Abaningi bayabikelwa uma kufanele bavuke baye emisebenzini,uma sebefikile abayenzi ngendlela imisebenzi yabo ngoba abayizwa ngaphakathi. Abanye baze basho nokusho ukuthi bakulemikhakha abakuyona ngoba nje benzela iholo kodwa uthando alukho.Sonke siyazi ke ukuthi kwenzekani emisebenzini yalabobantu,sihalala sizibonela zonke izinsuku,ikakhulu eminyangweni kahulumeni.

Angisiye umethuli wezinkulumo ezikhuthazayo kodwa kulenyanga ngifisa ukukukhuthaza ukuthi uke uzibuze ukuthi liyini ngempela iphupho lakho ngempilo. Uma usuyitholile impendulo,ake uzibuze ukuthi yini ekuvimbile ukuthi usengalifeza. Kungenzeka ukuthi esikhathini esidlule kwakuyimali, usuyasebenza ke manje,yini ongathi isakuvimbile? Kungenzeka yini ukuthi usuzidelile ukuthi wena uyoze ufe ungajabulile ngoba nje ungasenawo umdlandla wokulandela iphupho lakho?

Kulolushicilelo lwe PhlyMag, siyaqhubeka nokukwethulela abantu abalandela amaphupho abo ngenhloso yokukukhuthaza nawe ukuthi ulandele elakho. Ukwesekwa esikuthola kubantu abasezindaweni ezahlukene futhi abangasikhulumi isiZulu,kusenze sathatha isinqumo sokuthi kusukela kulolushicilelo sesizoba nezindaba ezibhalwe nangolwimi lwesilungu. Siyazibongela ukwesekwa.

Igama elisha emculweni wokholo

Sithembiso Sibisi

Ukukhulela enkonzweni nokungaxhamazeli ajahe ukungena emculweni,kubukeka kungezinye zezinto eziyisebenzele kakhulu lentokazi ebonakala inekusasa eliqhakazile emculweni wokholo.

U Phakamile Weza wase Wembezi, e Escourt, KwaZulu Natal,uthi umculo wokholo ubuvele uyinto esempilweni yakhe kusukela esemncane

.”Ngikhulele enkonzweni yase African Gospel

Church lapho indumiso ibiyingxenye enkulu yenkonzo kusukela ku Sunday School. Ekhaya bekuculwa njalo uma sekuthandazwa ebusuku nokungezinye ke zezinto ezenze umculo waba ingxenye enkulu yempilo yami.”

Uthando lomculo wokholo uthi ilono olumenze wagcina esengumlandeli omkhulu wabaculi abahlukene ngoba ubenesifiso sokuthi ngelinye ilanga abe ngomunye wabo. Loku kumsizile ngoba kumvule amehlo ngezinto eziningi eziqhubekayo embonini yomculo.

“ Akukho lapho ebengingayi khona uma kunabaculi bokholo futhi abanye ngigcine sengisondelene kakhulu nabo.Bengingagcini nje ngokuhambela imicimbi abacula kuyona kodwa bengibaseka kakhulu ngokuthenga umculo wabo. Konke loku bengikwenziswa uthando nayisifiso sokubabona bedlondlobala.

Uthi ubazi ukuthi luyofika nakuyena usuku louthi afune ukwesekwa noma ebengazi nje ukuthi luyofika nini futhi kanjani. Kungakho lithe uma lifika,lamfica elilungele wabe eselibamba ngezandla zombili,wagijima nalo.

“ Angeke ngiqambe amanga, isangithusa namanje indlela abantu abavele bakhombisa ngayo ukuwuthakasela umculo wami.Bevele benza okungaphezulu kakhulu kunaloku ebengikulindele, ikakhulu abangasekhaya.”

Umculo wakhe uyindumiso ethakwe ngesigqi sesimanje.

Uhlukile emculweni wokholo ojwayelekile nokuwenza ukuthi uthakaselwa abantu abehlukene ngokweminyaka.

Okunye okuwenza ukuthi uhehe,ingoba akenzanga lento esivamise ukwenziwa abaculi abaningi kokushintshashintshana ngamaculo amadala,nokugcina sekunzima ukubahlukanisa ngoba abanye bacula ngendlela efanayo. Iculo lakhe lokuqala nokuyilona azethule ngalo kubantu elithi

Izolo Lami , liyezwakala ukuthi liyindumiso esuka ngaphakathi ekujuleni kwenhliziyo futhi enikeza ithemba lokuthi noma ngabe izinto zingahambanga kahle osukwini lwayizolo kodwa kukhona okuhle okuza nekusasa.

“Indumiso iyona engibusisayo mina okudlula konke okunye. Kungashunyayelwa,kukhulekwe ,kwenziwe konke okunye kodwa uma kungakadunyiswa kusuke kungakapheleliswa kimina. Iyona eyenza ukuthi ngisondelane no Mdali, ngizizwe ngisebukhoneni bakhe.Kuyisifiso sami ukuthi umculo wami wenze okufanayo nakubantu.”

Uthi asikho isimo aslule kusona abgasizwanga kusona umculo ngakho kuyisifiso sakhe ukuthi uma abantu belalele umculo wakhe babuyelwe ithemba futhi bathobeke noma ngabe yiziphi izinhlungu abazithola ebhekene nazo ngalesosikhathi.

Uthi kube intokozo enkulu kuyena ukusebenza no Jumbo,ombhalele lomculo wakhe omusha asanda kuwukhipha.Uthi kukhulu kakhulu ukuthi uthi usafika endimeni bese kuba nomculi omkhulu njengo

Jumbo,obona kufanele ukuthi angasebenzisana nawe.

“Ukubhalelwa uJumbo umculo kuvele kwavuselela ukuzithemba ngoba kusho ukuthi ikhona lento ekhona ayibonile ukuthi kungasebenzeka nayo.

Baningi nabanye engisafisa ukuthi ngisebenze nabo esikhathini esizayo kodwa okwamanje ngisafuna ukugxila ekukhuliseni igama lami ukuze lingaziwa la eMzansi kuphela kodwa laziwe kuzona zonke izindawo emhlabeni.”

Umculo ka Phakamile usuyatholakala kuzona zonke izinkundla zomculo..

This article is from: