1 minute read

EZOKUVAKASHA ZIYINSIKA YOMNOTHO

Sithembiso Sibisi

Umhlaba ungaka nje,ayikho indawo engenawo umlando wayo futhi ohlukile kunowezinye izindawo. Awukho futhi umlando obaluleke okudlula omunye, into eyenza ukuthi wehluke ukuthi abantu benzani ngomlando wezindawo zabo.

Advertisement

Wonke umlando musha kumuntu oqalayo ukuwuzwa . Kulesimo somnotho esibhekene naso kumele sike siyibheke eyokuthi singawushintsha kanjani umlando wezindawo zethu siwenze ube amabhizinisi angasingenisela umnotho. Uma singakwenzi loku ngokwethu,abezizwe bazokwenza bese beqasha thina ukuthi sisebenzele bona.Okubuhlungu ke ukuthi umnotho okumele ngabe uza kithina uzobe usuya kubona,basibonge ngokusiholela amakinati.

Okuhle ngokuqala ibhizinisi lezokuvakasha ukuthi akudingi abantu abaningi kodwa kudinga ukuthi umuntu aqale awuqoqe umlando wendawo bese eyayilungisa ukuze ilungele abavakashi. Ukuyilungisa ke kudinga izinto ezahlukene ngoba kudinga ukuthi ihehe, ihlanzeke futhi iphephe. Lezinto zisemqoka kakhulu ngoba abavakashi kumele bakuthokozele ukuba sendaweni yakho ukuze bezoxoxela nabanye ukuze ibhizinisi lakho lizochuma.

Noma ngingakholelwa nje ekutheni abantu bagijimele ukufuna uxhaso kuqala , bengakawuqali umsebenzi kodwa nginesiqiniseko sokuthi uhulumeni unazo izinhlaka ezilungele ukusiza abantuabaqala loluhlobo lwebhizinisi. Isikhathi manje sokuthi sishintshe indlela esicabanga ngayo ngoba sekucacile ukuthi angeke siqashwe sonke.

Inkolo Eyomuntu Ngamunye

Okwethu ukushumayela okusiphilisayo,akukona ukugxeka

Namhlanje ngiifisa ukuthi kesibheke kafushane udaba oluthinta inkolo noma izinkolo ezahlukene. Ngikwenza loku ngoba sebebaningi abantu bebuza ukuthi kungabe iyini inhloso ngalengosi. Noma ngingeke ngiwuphendule ngqo lombuzo kodwa ngiyethemba ukuthi umuntu ojulayo,uzoyithola impendulo yawo.

Udaba olubucayi kakhulu lolu ngoba luthinta imizwa,yingakho ke ngizozama ukunyathela ngesizotha ukuze ngingeke nginyathele amakhona abantu. Okunye okumele ngikucacise ukuthi angiyena ungoti wezenkolo kodwa loku engizokusho kuwumbono nje wami.

Okokuqala engifisa ukuthi sikubheke ukuthi akekho umuntu ongaphumela obala athi wayekhona ngesikhathi kudalwa izinkolo ezahlukene kodwa sonke sizifice khona la emhlabeni sekukudala zaba khona. Okwesibili ukuthi kunezimo ezahlukene okuyizona eziholele ekutheni sigcine sikulezinkolo esikuzona futhi lezozimo azifani. Okwesithathu ukuthi sonke sikholwa ukuthi kuyasisebenzela loku esikholelwa kukona.

Kubalulekile ukuthi singabantu sihloniphe izinkolo zabanye Lento yokungcofana esiyandile,ikhombisa ukungakholwa kanye nokungakhul emqondweni.Wonke umuntu unelungelo lokuzikhethela inkolo inqobo nje uma ingaphazamisi abanye.

Lento ngike ngiyifanise namaphilisi ekhanda. Sonke siyazi ukuthi noma engadayisa ekhemisi elilodwa kodwa awefani futhi abantu abasebenzela ngezindlela ezingefani. Angeke kuthi ngoba nakhu wena usizwa uhlobo oluthile bese ugxeka abasizwa uhlobo olwehlukile. Kunokugxekana ,bekungakuhle ukuthi umuntu nomuntu aqhakambise okumsebenzelayo bese abantu beyazikhethela ukuthi bayakulandela yini noma cha. Asingabi ke amabhoklolo aphoqa abantu ukuthi balandele okuthandwa yithina noma kungabasebenzeli. Inkolo eyomuntu ngamunye.Khumbula, sisizakala ekhemisi elilodwa , ngemithi ehlukene.

This article is from: