
1 minute read
QAPHELA UMA USEBENZISA
from PhlyMag
by phlymagazine
Izithuthi Zomphakathi
Sithembiso Sibisi
Advertisement
Kuyiqiniso elingagwinyeki kalula ukuthi akuyena wonke umuntu oyogcina enemoto yakhe. Kumele samukele ukuthi abanye bethu bayosebenzisa izithuthi zophatkathi impilo yabo yonke futhi akulona nakancane ihlazo loku. Ungcono umuntu osebenzisa isithuthi somphakathi kodwa okhululekile emoyeni,kunalona onemoto kodwa ophila nengcindezi yokuthi uthwele kanzima ukuyikhokhela.
Okumele sikwamukele ukuthi izithuthi zomphakathi ziyingxenye ebalulekile yempilo futhi impilo ingama uma zingekho. Noma kunjalo,kubalulekile ukuthi siqaphele uma sizisebenzisa ngoba impilo yethu iyona ebaluleke kakhulu. Lento yokugibela noma iyiphi nje imoto esinikezwa yona,iyinkinga futhi ikhombisa ukungazicabangeli.
Kubalulekile ukuthi uma uwumgibeli,waneliseke ngesimo semoto oyigibelayo,uma kukhona onganelisekile ngako ungagibeli. Ngabe ngithi uma unganelisekile ukhulume kodwa sonke siyalazi iqiniso lokuthi abanye abanikazi nabasebenzi bakulemboni ethutha umphakathi,akukhulumeki nabo.Kwesinye isikhathi ukuzama ukukhuluma nabo kungaba yingozi ngokwako. Yingakho ke kubalulekile ukuthi ube nezinombolo ezibalulekile kumakhalekhukhwini wakho ukuze ukwazi ukuthi ubike uma kukhona ongakuboni kahle. Kungaba izinombolo zamaPhoyisa,ezoMnyango weZokuthutha noma esikaSoseshini.
Ngale nje kokubheka isimo semoto,kubalulekile nokubheka isimo somshayeli ukuze ungeke ubeke impilo yakho ezandleni zomuntu ongayikhathalele.