
1 minute read
ONE HOUSE ONE GARDEN
from PhlyMag
by phlymagazine
Sithembiso Sibisi
Kunezinhlelo okufanele ukuthi uma uhulumeni eqhamuka nazo,sizamukele ngezandla zombili ngoba zisuke zizosiza thina . Isikhathi esiningi kuye kubukeke sengathi ngoba nakhu ziqhamuke nohulumeni kusho ukuthi kumele ziqhutshwe iwona,sime eceleni sibukele thina.
Advertisement
Uma ubheka isimo somnotho esibhekene naso kulesikhathi,kuyacaca ukuthi uhlelo lwe One Home One Garden oseluneminyaka lwaqalwa lungezinye lwezinhlelo okwakumele sizisukumele singabantu,sigijime nazo. Indlela okubiza ngayo ukudla kanye nezinye izinto eziyizidingo zansukuzonke,zidinga ukuthi singabantu sicabange izindlela eziphusile zokonga imali . Izinto ezifana nemifino kanye nezithelo sezimba eqolo kanti ziwumgogodla wempilo. Uma wonke umuzi ungaba nengadi yalezinto,inkulu kakhulu imali esingayonga singabantu kanti futhi awukho umndeni ongabulawa yindlala.
Abantu abaningi banokukhala ngokuthi abanawo umhlaba owanele wokutshala kodwa alikho iqiniso kuloko. Ukuqala ingadi yemifino nezithelo akudingi umhlaba omkhulu,umuntu angakwazi ukuyiqala noma ngabe uhlala kuphi. Into edingekayo nje ukuthi umuntu avuke azithathe,abheke ukuthi yini angayenza kulendawo akuyona.

Angeke Sithandwe Ngokufanayo
Sithembiso Sibisi
Ayikho into ehlukanisa umndeni njengalena yokuthi abazali kube khona izingane abazithanda kakhulu kunezinye. Emehlweni abazali lezingane akukho nokukodwa okubi ezikwenzayo ,ingakho isikhathi esiningi zivamise ukuthi zenze noma ikanjani ngoba ziyazi ukuthi ziyathandwa. Okubuhlungu ukuthi lomqondo zigcina ziphumela nawo ngaphandle kwasekhaya bese zibhekana nobunzima obukhulu ngoba basuke bengasekho abazali abasuke bezitotosa.
Angeke sibagxeke abazali ngokuthi kube nezingane abazithanda okudlula ezinye ngoba basuke benezizathu zabo,abazazi bodwa. Noma singakukhuthazi loku kodwa kumele sikwamukele ngoba iqiniso ukuthi kukhona futhi angeke kuze kushintshe. Emiinye imindeni ike ezame ukusilungisa lesimo ngokuthi ibambe imihlangano kodwa kube nhlanga zimuka nomoya. Kunokuthi kusize loku,kugcina kwenza umonakalo omkhulu ngoba wonke umuntu usuke engafuni ukwamukela isimo njengoba sinjalo.
Uma uyingane evela emndenini onjalo futhi useshweni lokuthi ube yilengane enegazi elingelihle kuMzali,ayikho into engakusiza ngaphandle kokuthi wehlise umoya.wamukele isimo njengoba sinjalo bese uyaqhubeka nempilo. Ngiyazi ukuthi yinto engelula lena kodwa iyona engumanqoba. Ngisho noma ngabe usuphumile ekhaya,qhubeka umazise uMzali wakho noma yena engakufuni,ngelinye ilanga uyovuzwa ngaloku.