
4 minute read
ESIKHATHI SAMANJE
from PhlyMag
by phlymagazine
Sithembiso Sibisi
Isizukulwane nesizukulwane siba nabantu baso ababa amaqhawe aso.
Advertisement
Isikhathi esiningi kuvamise ukuthi kube abantu abenza izinto ezihlukile futhi emehlweni abaningi okuye kubonakale sengathi azenzeki noma zilungele ukwenziwa abantu abathile kuphela. Okubuhlungu ukuthi labantu abavamisile ukunconywa ontanga yabo,baze banconywe ngoba sebedlulile emhlabeni. Lolu uhla lwabambalwa abangamaqhawe kimina futhi nginethemba lokuthi baningi abazovumelana nami .
Mthokozisi “ Dj Tira” Khathi
Akekho umuntu ongathi akayazi lenzizwa yakwa Hlabisa ngenxa yamagalelo ayo embonini yezomculo kuleli. Lensizwa ifike eThekwini izokwenza izifundo zayo eNyuvesi yakwaZulu Natal kodwa uthando lomculo lwagcina luyengamile.
Yenze okungajwayelekile njengoba iqhubekile nokuhlala esifundazweni iKwaZulu Natal ekubeni abaningi bebefudukela eGauteng uma befuna ukungena embonini yomculo. Namhlanje inenkampani ypmculo ebalwa nezinye ezihamba phambili kuleli futhi ingu DJ ohlonishwayo emhlabeni wonke. Okuhle ngayo lensizwa ukuthi akuthanga uma izinto ziyihambela kahle yabe isiba nomona kodwa ivulele abantu abaningi iminyango,abanye babo asebezimele futhi abasiza abanye.
Dudu “ Lady D” Khoza
Ngiyazi ukuthi uma kukhulunywa ngalentandokazi yomsakazi ,kuba khona ukudideka okuningi njengoba kuyinto engelula neze ukusho ukuthi ikusiphi isigaba. Abadala bambona njengomunye wabo kanti nabantu abasha njalo abamshiyi ngaphandle uma bebala abantu babo. Loku nje kukodwa kusho lukhulu ngenkhono lika Dudu Khoza kwezokusakaza,elenza ukuthi bonke abantu bazizwe bemelelekile ohlelweni lwakhe. Okuhle ngaye ukuthi ukwenza konke okulindeleke kumsakazi njengoba ejabulisa,efundisa futhi enikezelana ngolwazi. Kunemibono eyahlukene ngesikhathi asesihlalile ohlelweni lwakhe olungena ngo 9 kuya ku 12 emsakazweni uKhozi kodwa enginesiqiniseko nako ukuthi uyothwala kanzima oyongena ezicathulweni zakhe mhlazane wabeka phansi izintambo.
Nkosinathi “ Black Coffee” Maphumulo

Lensizwa esizakhele igama emhlabeni wonke, idabuka oGwini oluseNingizimu nesifundazwe iKwaZulu Natal. Okuyenza ukuthi ibe yiqhawe kimina ukuthi yenze okungajwayelekile njengoba ingavumelanga isimo sayo ukuthi siyivimbe ekutheni ifeze amaphupho ayo. Bekuqala ngalensizwa yakwaMaphumulo ukuthi kubekhona u Dj osebenzisa isandla esisodwa. Abaningi bebekubona kuyihlaya loku kodwa ayizange iba nake,namhlanje ingu DJ ohamba phambili emhlabeni wonke. Kuningi esingakufunda kulensizwa uma kuza ekulandeleni amaphupho ethu.

Somizi Mhlongo

Ngiyafisa ukwazi ukuthi iliphi ibhokisi umuntu okungadingeka ukuthi alisebenzise uma ethi uvalela lensizwa ngoba akukho engicabanga ukuthi kuyayehlula noma ayikwazi ukukwenza. kwezikaqedisizungu Iwumdansi,iwumlingisi, iwumculi, iwumphathi wezinhlelo,iwumsakazi ,ingumpheki ,ingumbhali wezincwadi nokunye okuningi. Okufike kuhlaluke ngalensizwa ukuthi kuyona yonke into eyenzayo,ifike ivelele. Loku nje kukodwa kuyenza ibe yiqhawe ngoba akukona ukuthi igcina icala uma yenza into kodwa isebenza ngokuzikhandla. Kuningi okukhulunyiwe ngayo uma kuza ohlobweni lwempilo eyiphilayo njengoba ithandana nabobulili obufanayo futhi ike yashayeka izikhawu ezimbalwa empilweni kuze kube sengathi sekuphelile ngayo. Angingabazi ukuthi baningi okungabe kade badikibala uma izinto esezishiwo ngayo zazibhekiswe kubona. Kunokuthi iphele amandla lensizwa yakoNjomane kuvele kube sengathi abayigxekayo bayinikeza amandla amasha. Kuningi esingakufunda kuyona mayelana nokuziphusha empilweni,umuntu angeneliswa ukwenza into eyodwa. Okunye esingakufunda,ukuziba yonke imisindo okusuke kuhloswe ngayo ukusithena amandla.
McGyver “Mac G” Mukwevho
Lensizwa yase Venda iziphilela emhlabeni wayo yodwa futhi angingabazi nakancane ukuthi kukude lapho ibheke khona empilweni. Ingumsunguli nomnikazi we podcast ehamba phambili e Africa futhi angingabazi nakancane ukuthi ukube ibingeyona eyakuleli kodwa bekungeyaphesheya kwezilwandle,ngabe i podcast yayo ingehamba phambili emhlabeni. Lensizwa enekhono eliyisimanga kwezokusakaza,ivalelwe iminyango yilabo abasemandleni emisakazweni kodwa loko akuzange kuyithene amandla,kunaloko iziqalele okwayo. Singafunda kuyona ukuthi singahlali njalo Sibalisa ngabantu abasivalela ngaphandle kodwa kumele sisukume siziqalele okwethu.

Ngizwe “Zulu Charmer” Mchunu

Lensizwa yase Nkandla iqale ukugqama ngesikhathi iwumsakazi kuKhozi FM lapho ibigabe khona ngolwazi lwezinto ezithinta ulwimi lwesiZulu kanye namasiko. Iningi lezwakalisa ukungathokozi ngesikhathi lomsakazo uyixosha ngoba kwakubonakala lengathi loku kusho ukuthi sekuyaphela ngayo. Kunokuthi kuphele ngalensizwa, kwenzeka okungajwayelekile njengoba yavele yaba nedumela okudlula ngesikhathi isesemsakazweni.Ngendlela enedumela ngayo njengamanje,udumo lwayo ludlula inqwaba yabasakazi abasemoyeni zonke izinsuku. Loku kuyisifundo sokuthi akumele sivumele izimo ukuthi kube yizona ezisilawulayo kodwa kumele samukele nje bese siqhubeka nempilo. Ngiyazi ukuthi abaningi bambuka njengohlanya uMacingwane kodwa iqiniso ukuthi iningi labambuka kanjalo,liyafisa ukuthi lifane naye.
Angeke ukhulume ngemboni kamabonakude kuleli,iganma lika Connie ulishiye ngaphandle. Iningi lethu liqale ukumazi ngesikhathi elingisa indawo ka Karabo emdlalweni owuchungechunge i Generations. Ngesikhathi eshiya kulomdlalo, abaningi babelindele ukuthi uzobonakala kweminye imidlalo njengoba kwenza ozakwabo. U Connie wavele wenza okuhlukile njengoba ngokubambisana nalowo owayengumyeni wakhe ongasekho u Shona,bavele baziqalela eyabo inkampani ekhiqiza imidlalo kamabonakude. Miningi imidlalo ehamba phambili abayikhiqize kulenkampani yabo futhi bavulele ainqwaba yabalingisi amathuba. Ukusungula inkampani akuzange kumphazamise ekulingiseni njengoba esabonakala namanje kweminye imidlalo ekhiqizwa inkampani yakhe.



Zanele “ MaZet Zet” Mbokazi
Bambalwa abantu okuthi uma sebethole umsebenzi omuhle futhi ofiswa abantu abaningi,bawushiye ngoba befuna ukufeza amanye amaphupho abo. U Zanele odabuka e Dassenhoek, e Marianhill wakwenza loku futhi kwamsebenzela.Washiya uKhozi FM okuwumsakazo omkhulu kunayoyonke e Africa wasungula inkampani yakhe i Gospel Powerhouse,ngaphansi kwayo ahlela imicimbi eyahlukene okubalwa kuyona ama Crown Awards, i Khwezela neminye. Lemicimbi ibalwa neminye ehamba phambili kuleli,nasemazweni angomakhelwane. Akagcini lapho ngoba uphinde abe ngumbhali wezincwadi ezikhuthazayo. Kuningi kakhulu esingakufunda kulentokazi mayelana nokulandela into osuke uyizwa ngaphakathi bese usebenza ngokuzikhandla kuyona. Babeqinisile abadala uma bethi ezinye izinto azibaleki kodwa kusuke kumele uzilindise kancane ngesikhathi usenza ezinye ukuze kungeke kube nokushayisana. Ubufakazi baloko ukuthi u Zanele usebuyelile emsakazweni futhi ubonakala eqhubeka lapho agcina khona ngekhono lakhe.
Shaun Mkhize
Lentokazi yase Ntinyane eMbumbulu,izihambela yodwa kwezamabhizinisi kuleli futhi amandla enawo ayamangalisa njengoba isinqobe izikhawu eziningi bethi bazama ukuyilahla phansi. Ingene emkhakheni wezokwakha,ogcwele kakhulu abesilisa,yafike yazibonakalisa ukuthi isikhona njengoba yenze izimanga ezihlula abaningi. Ayigcinanga lapho njenoba iphinde yangena nakwezimabonakude,uhlelo lwayo lwabalwa nezinye ezihamba phambili. Imangaze abaningi ngesikhathi ithenga iqembu lebhola lezinyawo futhi elibonakala lenza kahle kakhulu. Kuningi okukhulu okusalindelekile kulentokazi ngoba njalo iqhamuka nokuhlukile. Okuhle ngayo ukuthi ayibakhohlwa abanye abantu njengoba inesandla sokufukula abanye.


Felix Hlophe

Kusuke kungakhulunywa iphutha uma kuthiwa isiphiwo sakho sinamandla okuthi sikuvulele iminyango,ungene bese uhlala namakhosi,udle nawo. U Felix Hlophe ungomunye wosomahlaya bokuqala kwaZulu Natal futhi kusukela angena kulomkhakha akakaze abheke emumva. Akagcini ngokuba uSomahlaya kodwa ungumsakazi osezakhele igama,ungumphathi wezinhlelo, ungusomabhizinisi, ungumlingisi kanti usengene nasekuthuleni izinhlelo zikamabonakude. Izinto azivelanga nje zabalula kulensizwa edabuka elokishini lase Mlazi kwa Zulu Natal njengoba ike yashayeka izikhawu eziningi empilweni. Okuhle ngayo ukuthi noma bezike ziyinethe kodewa ibingakuvumeli ukulala phansi kodwa ibivuka izithathe. Namhlanje imiphumela yokubekezela nokuphikelela iyabonakalo njengoba isidla izithelo zako.
Kuyinto engelelua neze ukushintsha ,ikakhulu uma uqale endleleni engenhle futhi osuke usuzibonile izithelo zayo. Yingakho nje kuye kuthiwe kungcono ukuthi umuntu angangeni kwanhlobo ebugebengwini kunokuthi angene ngoba enethemba lokuthi uyokwazi ukuphuma ngelinye ilanga. U Gayton McKenzie uwubufakazi bokuthi noma kungelula kodwa kuyenzeka ukuthi umuntu aqale kabi kodwa aqede kahle. Lensizwa ichithe isikhathi esiningi ejele ngenxa yobugebengu obahlukene eyayibandakanyeka kubona. Kunokuthi ijele liyenze iqhubekele phambili ebugebengwini,liyishintshile layenza umuntu ongcono. Namhlanje ingumbhali wezincwadi ovelele,umethuli wezinkulumo ezakhayo,usomabhizinisi osimeme ,iwumholi weqembu lezepolitiki kanti iphinde ibe iMeya kuMasipala. Kuningi esingakufunda kulensizwa mayelana nezinqumo esizithathayo empilweni.

