1 minute read

Izibazi Zomphefumulo

by Sithembiso Sibisi

Namhlanje ngithe ake ngenze okuhlukile noma ngazi kahle nje ukuthi kukhona okungeke kwehle kahle kubona. Kunokubuyekeza izincwadi zabanye ababhali, ngithe ake ngithethe ithuba ngibuyekeze eyami incwadi. Loku ngikwenza ngoba nginenkolelyo yokuthi uma singaziphusheli ngokwethu izinto zethu, abekho abanye abayosenzela loku.

Advertisement

Incwadi engizokhuluma ngayo ithi Izibazi Zomphefumulo nokuyincwadi yami yokuqala ,engiyikhiphe ngo 2017. Lencwadi iyiqoqo lezindaba ezimfishane ezithinta izindikimba ezahlukene kodwa ezinokuxhumana ngandlela thize uma umuntu eyifundisisa kahle. Nakuba zonke izindaba ezikuyona ngizisusele ekhanda,zinokuthinta izigameko ezenzeka empilweni yethu yansuku zonke.

Incwadi lena ezokushiya unemizwa eyahlukene kodwa okuhle ukuthi iyavuselela futhi yenza ukuthi umuntu ayibheke ngenye indlela impilo. Iningi labantu asebeyifundile linokubuyela kimina lingitshele ukuthi ibasizile kakhulu ekutheni kuvuseleleke onembeza babo. Abakhala ngako ukuthi ayiphumi nesixwayiso sokuthi bangayifundi uma bephambi kwabantu ngoba bazithola sebekhihla isililo kade bengalindele.

Izibazi Zomphefumulo ziyincwadi elungele bonke abantu ,abadala nabancane.I yatholakala ngokuthinta u 0614017076.

This article is from: