
1 minute read
Igumbi loMhleli
from PhlyMag
by phlymagazine
Sithembiso Sibisi
Inyanga ka June ibaluleke ngendlela eyisimanga empilweni yami. Ngale nje kokuthi ngizalwa ngayo futhi ngaphinde ngashadelwa ngayo,inyanga lena equkethe umlando omkhulu kakhulu empilweni yabantu abaMnyama nasesizweni nje sonke jikelele.
Advertisement
Kungalenyanga lapho intsha yango 1976 yavuka khona umbhejazane yalwisana nokufundiswa ngolwimi lwesibhunu nokwakuyinqubo kahulumeni wobandlululo. Kuyinto engangabazeki nakancane ukuthi umbhikisho walentsha ungenye yezinto ezingasoze nanini zalibaleka emlandweni wabantu bakuleli. Awushintshanga nje indlela yokufunda kodwa washintsha izinto eziningi ezithinta abantu abaMnyama kanye nomzabalazo wabo enkululeko. Abantu abaningi abasha bathola izwi labo,baqala bazibandakanya ezintweni eziyisana phambili futhi ezakha isizwe. Angingabazi nakancane ukuthi ngabe asikho la esikhona namhlanje ukuba yayingazange isukume intsha yango 1976.
Umbuzo ongihluphayo ke nokho,ilona wokuthi kungabe silapha okumele ngabe sikhona yini namhlanje noma kungabe intsha yango 1976 ingaziqhenya yini ngemizamo yayo uma ingathola ithuba lokuthi ivuke,ibone ukuthi sikuphi njengesizwe namhlanje?
Iqiniso elibuhlungu ukuthi sisyisizwe esiMnyama sikude kakhulu nalapho okumele ngabe sikhona. Ngendlela esikude ngayo,kushiya umbuzo wokuthi siyoke sifike yini noma kumele sisale sesamukela nje ukuthi siyophelela khona la. Inkohlakalo kwezepolitiki,ubugebengu,izidakamizwa ,imfundo engekho ezingeni, ukuntuleka kwamathuba omsebenzi nezinye izinto eziningi,kusibuyisela emumva. Yisikhathi lesi sokuthi sisukume, siqophe umlando omusha,kungenjalo ziyosijaja izizukulwane.