1 minute read

Igumbi loMhleli

Next Article
Nathi Ngwenya

Nathi Ngwenya

Udaba olusematheni kulezinsuku oluka Thabo Bester nesinqandamathe sakhe u Dr. Nandipha. Engikuqaphelayo ukuthi akekho umuntu ongathi akanambono ngaloludaba futhi kunokuhlukana phakathi ngemibono njengoba kukhona abaseka uDr.Nandipha kanti kukhona nalabo abamsolayo. Kuhlukile ngasohlangothini luka Bester ngoba kubukeka sengathi bonke abantu baya nganxanye njengoba bezwakalisa ukumsola ngayoyonke into athinteka kuyona.

Loludaba lungenze ngacabanga ngajula ngezimo esizithola sikuzona empilweni ngenxa nje yokuhlohlana nabathile esisuke sibabiza abangani noma ke esisuke sisondelene nabo ngalesosikhathi. Kuye kube kuhle konke uma sisahlohlana,sikhombisa ukwesekana,size sisho nokusho ukuthi angeke size silahlane noma ngabe sekutheni.Izinto zivamise ukujika uma sekufanele ukuthi lawomazwi nezithembiso kufezeke. Ilapho ivela khona obala imibala yabantu,sebezama ukuziqhathulula ngoba besaba ukujeza. Okuye kube buhlungu kakhulu ukuthi kuvele kube noyedwa nje onebhadi, yonke into evele isulelwe kuyena bese ebhekana nokuthwala izono zeningi. Isikhathi esiningi kuye kube ilona osuke engazi lutho ngempela kodwa osuke elandela nje ngoba ebona abanye benza bese eyenza naye.Yingakho ke ngazifundisa kudala ukuthi ngizimele ngedwa, ngingalandeli iningi noma ngabe sekutheni. Ngiyazi ukuthi kubukeka njengobuwula loku kodwa kungisindise ezintweni eziningi ebezingaqeda ngempilo yami noma zingishiye ngimanxebanxeba. Angikwenzanga loku ngoba ngingcono noma ngihlakaniphile kodwa kube ukusha engibhekane nako ezigamekweni eziningi ezidlule.

Advertisement

Angikwamukele oshicilelweni lwethu lwalenyanga,ngibonge ukuseseka kwakho,kusho lukhulu kithina.

This article is from: