
1 minute read
Liqhakazile ikusasa kumdwebi osemncane
from Phly Mag
by phlymagazine
Sithembiso Sibisi
Ngesikhathi ontanga bakhe bematasa nemidlalo abanye bezibandakanya ezintweni ezingalungile, u Seun Ngobese usuke ematasa nokulolonga ikhono lakhe lokudweba nathi liyisipho asinikezwe uMdali ukuze aziphilise ngaso esikhathini esizayo.
Advertisement
U Seun ongowase Wushwini,kwaNgcolosi uthi waqala ukubona ukuthi unesiphiwo sokudweba ngesikhathi esafunda amabanga aphansi.” Esikoleni engangifunda kuso kwakunomfana owayedweba opopayi esasibabuka kumabonakude futhi ebakhipha njengoba benjalo. Ilapho ke imbewu yokudweba eyatshaleka khona kimina,ngafisa ukuthi nami ngidwebe njengaye. Ngaqala nami ngadweba konke engangikubona phambi kwami,ngadweba opopayi,ngokuhamba kwesikhathi ngadlulela ekudwebeni abantu.”
Lomfundi owenza u Grade 10 esikoleni sendawo iKwabazothini High,uthi ubonga kakhulu uGogo no Mkhulu wakhe okuyibona abahlala bekhombisa ukumeseka njalo kulesiphiwo sakhe esesimakhele igama elihle emphakathini kanye nasesikoleni.

Kukhona nemincintiswano yabadwebi abancane aseke waba yingxenye yayo.
“UGogo no Mkhulu bayangigqugquzela kakhulu ukuthi ngingasiyeki lesiphiwo ngoba bathi bayabona ukuthi sizongiyisa
Kude empilweni. Yibona abangithengela nezinto zokudweba.”
Isifiso sika Seun esikhulu kuthi ngelinye ilanga lesiphiwo sakhe simvulele iminyango yokuthi naye abalwe nabanye abadwebi abahlonishwayo emhlabeni futhi umsebenzi wakhe ugcine usumvulele neminyango yokuthi afinyelele nasemazweni aphesheya kwezilwandle.

