
2 minute read
Uphila iphupho lakhe leminyaka SIFISO SIMAMANE
from Phly Mag
by phlymagazine
Sithembiso Sibisi
Uma umbukela kude, ubonakala njengomuntu onenhliziyo embi futhi onesihluku esimangalisayo.Konke loko kuyashintsha uma ususondela eduze naye ngoba kuvela ukuthi uyindoda elungile, ekholwayo futhi eyazisa umndeni wayo.
Advertisement
“Akusangithusi ukuthi abantu abaningi bangibuke njengomuntu onenhliziyo embi ngoba ngiyaqonda ukuthi kubangelwa izindawo engivamise ukuzilingisa.Abantu bake babone lomuntu engiwuyena emidlalweni engisuke ngilingisa kuyona bese bezitshela ukuthi nasempilweni ngiwumuntu onjalo kanti akunjalo,ngizilungele mina.”-kuchaza uSimamane ngesikhathi sinengxoxo ekhethekile naye.
Uthi uthando lokulingisa lusuka kude esemncane njengoba ayekhonze ukuzidlalela njengezinye izingane kodwa achazeke kakhulu uma abantu bekhombisa ukuthi bayayijabulela into ayenzayo. Ngalesosikhathi wayengazi nokuthi yayibizwa ngani leni lento ayeyenza kodwa wayejabuliswa ukubona abantu bejabulile nje yena kuphela.
” Lapho yagxila khona kakhulu lento yokufuna ukuba umlingisi kungo 1978 uma ngingaphosisi, kunomdlalo weshashalazi lapho ngangilingisa khona indawo yenkosi eyayinamadlebe amise okwawembongolo. Ngendlela abantu abawuthakasela ngayo lomdlalo, ikakhulu indawo engangiyilingisa, kwaze kwaphela cishe iminyaka eyishumi bengibiza ngenkosi enamadlebe amise okwawembongolo. Ngenxa yesasasa lalowomdlalo, angibange ngisabheka emumva kodwa ngaqhubeka ngazibandakanya neminye imidlalo yeshashalazi eyayibakhona endaweni nasezikoleni engangifunda kuzona.”

USimamane uselingise emidlalweni eminingi emikhulu kuleli futhi eshiyelana inkundla nabalingisi abanamagalelo aziwayo. Loku kwenza igama lakhe lingasali ngaphandle uma kukhulunywa ngezinkakha zabalingisi bakuleli. Into emenza ahluke kwabanye,ikhono lakhe lokuthi akwazi ukulingisa emidlalweni kamabonakude, eyeshashalazi kanye nakumafilimu,nokuyinto engasavamisile kubalingisi abaningi kulezinsuku. Kuzona zonke lezindawo ufike angene khaxa, angakhombisi ukuba nobunzima.
“Kuyangijabulisa ukuthi kukhona abantu abawuthokozelayo futhi abakhombisa ukuwuhlonipha umsebenzi wami ngoba izinto azivelanga zabalula njengoba abaningi bengacabanga,ikakhulu njengoba umuntu ekhulele endaweni yaseMangamazini,okuyindawo engamakhaya futhi esathuthuka. Thina sikhule ngesikhathi imithetho yobandlululo yayingasivumeli khona ukuthi singene ezindaweni ezithile noma sinikezwe amanye amathuba. Loku kwakwenza ukuthi izinto sigciine sizenzela ekusithekeni ukuze singabanjwa.Ngikhumbula ukuthi nje sasesifana nezinhlanya nomunye uMfowethu uSithembiso Madlala ngokuzivalela emjondolo wakubo,siziqeqeshe.Udlame nalo lwalusiphazamisa kakhulu ngoba abanye esasiyibambe nabo baze badlula emhlabeni kodwa saqhubeka thina sayibamba ishisa. Kukhona ababeze baphimisele amagama angemnandi,besho nokusho ukuthi umuntu akasoze aphumelele,avele kumabonakude, nokuyinto eyayinkulu kakhulu ngalesosikhathi. Ngenxa yothando saphokophela kunzima kunjalo,naku lapho sikhona namhlanje.”
Ngale nje komsebenzi wokulingisa ohlala umgcina ematasatasa, uSimamane uyindoda yomuzi ewuthandawo umndeni wayo.
“ Umndeni uyinto ebaluleke kakhulu kimina futhi angiboni ukuthi ngingabe ngila engikhona namhlanje ukube angizange ngikuthole ukwesekwa uNkosikazi wami ongasekho emhlabeni,owadlula ngesikhathi esimbi ngilungiselela umdlalo weshashalazi owawubizwa nge “One Among Many”, owawubhalwe u Edmund Mhlongo,ukhuluma ngempilo ka Chief Albert Luthuli. Kulobobunzima ngakwazi ukuthi ngiqhubeke nomunye umdlalo owawubizwa nge Sophia ekubeni futhi ngangimatasa nokubhala umdlalo womoya owawuthi “Ukube ngangazi.” Ingalesi sikhathi futhi lapho engagula khona kwaze kwaphoqa ukuthi ngilale esibhedlela inyanga yonke,ngibanjwe yingcindezi. Angiboni ukuthi ngangiyodlula kanjani kulesimo ukuba angizange ngikuthole ukusekwa okuvela emndenini wami.”
Uthi abantu abanentshisekelo yokulingisa akumele baphele amandla ngisho noma ngabe sebezame kangakanani,iminyango ingavuleki kodwa ukhona oyogcina uvulekile uma bezazi ukuthi bafunani,bengalandeli udumo.Ukuhlala njalo bezicija njengamasosha ahlala ezilolonga noma ingekho impi azobhekana nayo, uthi kungomunye wokhiye ababalulekile bempumelelo. Uyayikhuza lento yabantu abahlala befuna ukungeniswa ngo potsho,abangafuni ukusebenza kanzima ukuze bezovuna izithelo zamandla abo.
Abantu bangalindela olukhulu kuleliqhawe njengoba kumanje selisungule eyalo inkampani ezokhiqiza imidlalo ehlukahlukene. Uthi kungekudala uma sekuphelele konke akuhlanganisayo,abantu bazobe sebeyabona ukuthi ubephekani. Noma kunjalo usazoqhubeka nokujabulisa abantu emidlalweni eyahlukene.
