
2 minute read
I-BALLOON PAYMENT
from Phly Mag
by phlymagazine
Sithembiso Sibisi
Kunezinto ezibukeka zizinhle futhi ziwusizo kodwa uthi uma usuzibhekisisa kahle ubona ukuthi ziyingozi enkulu. Enye yalezozinto ilena esiyandile yokuthenga imoto ngale kokuyikhokhela i deposit bese ukhokha i balloon payment ekugcineni, usuqedile ukuyikhokhela imoto.
Advertisement
Ilula yona lendlela yokuthenga imoto futhi yinhle kumuntu okwaziyo ukugcina imali noma ongenayo inhloso yokuthi imoto igcine ingeyakhe ngokuphelele ngelinye ilanga.Umuntu lona ozinikele ekutheni uzohlala eshintsha imoto njalo emva kweminyaka embalwa, athathe enye nayo azoyikhokhela iminyakana bese eyishintsha. Umuntu lona ozinikele ukuthi uzophila ngesikweletu impilo yakhe yonke ngoba iqiniso elibuhlungu ukuthi imoto uma ungakaqedi ukuyikhokhela, kusuke kungeyona eyakho kodwa kusuke kungeyebhange. Isikhathi esiningi abadaisa izimoto bayalifihla leliqiniso kubathengi ngoba okusuke kubalulekile kubona ukuthi badayise ukuze bezohola.
Iqiniso ukuthi ababaningi abantu abahlala benesamba semali abasibekile esisuke silindele ukukhokhela imoto ekugcineni. Abantu abaningi abathenga izimoto ngesikweletu,ingoba basuke bengenawo amandla anele..Abanye amagama abo asuke engemahle kahle. Kuwubuqola ke ukuthi kulindeleke ukuthi bakhokhe imali eyisamba ekugcineni ekubeni behlulekile ukuyikhokha ekuqaleni.Okubuhlungu ukuthi abanye ababe besakwazi nokuthi banikezwe ithuba lokusikhokha kancane kancane lesamba ngoba basuke bethwale kanzima ngesikhathi besakhokha imali yanyangazonke. Cabanga ke ubuhlungu ababuzwayo uma sebelahlekelwa imoto abasuke sebeqedile ukuyikhokhela.
Sesingaziba nje phela kodwa iqinisi ukuthi i balloon payment iwuhlelo olubhekele kakhulu amabhange nezindawo ezidayisa izimoto, kunokubhekela abathengi. Yinto engelula neze ukuthi umuntu athi ekhokhela imoto zinyanga zonke futhi enezinye izindleko ezimbhekile ,aphinde akwazi ukuthi abe nemali ayibekelelayo,elindele ukuthi ayikhokhe isiyisamba ekugcineni. Nalento yokuthi kumele abantu bakhokhe imali ethe xaxa kunalena abasuke benqunyelwe ukuyikhokha zinyanga zonke, inzima kakhulu uma kubhekwa izimo esiphila ngaphansi kwazo .Baningi abantu esengibabone belahlekelwa izimoto zabo ngenxa yalo loluhlelo. Amabhange ngakolunye uhlangothi asuke esezozuza ngokuphindiwe wona ngoba aphinde azidayise ngemali eshisiwe izimoto asuke ezidle kubantu.

Owami umbono uthi kungcono ukuqongelela imali ye deposit kuqala ngaphambi kokuthi umuntu acabange ukuthenga imoto. Loku kumnikeza ithuba elingcono lokuthi ngelinye ilanga abe umnikazi waleyomoto ngokuphelele. Ngisamile ekutheni lento ye balloon payment nopma ibukeka iyinhle kodwa ayilungele wonke umuntu kodwa inabantu bayo. Mancane kakhulu ukuthi imsebenzele umuntu osebenza umsebenzi ongenasiqiniseko sekusasa ngoba uma uphela kusho ukuthi angeke esaba nawo amandla okukhokha nokusho ukulahlekelwa imoto esayithanda.
Ngaphambi kokuthatha isinqumo sokuthenga imoto,ziningi izinto okumele umuntu azibhekisise kuqala ukuze angazitholi esephoseke esiweni angeke esakwazi ukuphuma kusona. Loluhlelo lwe balloon payment lungezinye zezinto ezidinga ukubhekisiswa.
by Michael Williams
Labo esifunde nabo kuma High Schools ngeminyaka yama 90’s, bazoyikhumbula lencwadi ka Michael Williams ethi Crocodile Burning. Incwadi eyasivula amehlo lana , yasenza sabona izingqinamba ezazibhekene nabantu abasha abaningi abasemkhakheni wokulingisa, nokuwumkhakha abaningi bethu ababenesifiso sokuthi bangene kuwona. Loku kwakwenziwa idumela lomdlalo ka Dr. Mbongeni Ngema othi Sarafina.



Ngaba nenhlanhla mina yokuyifundiswa uthisha owayenesiphiwo esiyisimanga sokuxoxa indaba,u Ndabe Myeza. Ngaphinde ngaba nenhlanhla yokuthi ngibe ingxenye yabalingisi bomdlalo weshashalazi owawuqondiswe uJerry Poe, ususelwe kuyona lencwadi. Loku kwangenza ngawuqonda kangcono kakhulu.
Kulencwadi u Michael Williams usithatha asibeke ngempilo yomfanyana omncane u Serake,okuthi engazelele azithole esengene kwezokulingisa futhi esephenduke usaziwayo owaziwa nakwamanye amazwe. Uhambo lwakhe lwempilo ,lufakazela isisho esithi akukona konke okukhazimulayo okuyigolide. Userake nozakwabo bazithola bebhekene nezinkinga ezinkulu,okubalwa kuzona ukungaphatheki kahle emazweni angaphandle, ukungaholelwa ngendlela efanele,ukusetshenziswa ngokweqile nezinye.
Incwadi lena ezokushiya unemizwa eyahlukene kodwa okuhle ukuthi iyavuselela.

Sithembiso Sibisi
Ukuphila ngaphansi kwezimo zombuso wobandlululo, kusilimaze kakhulu thina ezintweni eziningi futhi kusazothatha isikhathi eside ukuthi siphume gelekeqe kuzona. Kunezinto namhlanje esezithathwa njengamasiko ethu noma njengezinto eziyindlela yethu yokuphila kodwa uma usuzibukisisa,ubone ukuthi eqinisweni kusaqhubeka zona izimiso zobandlululo.
Enye yalezinto, ilento yokuvakasha ngezikhathi ezithile zonyaka kuphela. Sekuyinto ejwayelekile nje ukuthi thina saziwe njengesizwe esivakasha kuphela kungamaholidi ka December. Ilapho sitholakala khona sinqwabelene ezindaweni zokujabula. Ezinye izizwe ziyavakasha noma ingasiphi isikhathi sonyaka,ingakho nje kuhlala kugcwele zona ezikhumulweni zezindiza nasemahhotela aphambili. Umuntu uke aze afise ukubuza ukuthi kanti zona zisebenza nini, izingane zazo zona zifunda nini. Ilapho ivele ihlale obala ke imiphumela yombuso wobandlululo kuleli, lapho uma umuntu esebhekisisa ukuhluka kuhlobo lwempilo esiyiphilayo.

Angeke sikuzibe ukuthi ukuvakasha kuyayidinga imali kanye nesikhathi.Izinto lezi ezingekho ezandleni zethu. Thina siphila emseni wabo ukuthi bakhetha ukusiholela malini, nokuthi basikhethela ukuthi silithathe nini ikhefu. Ngale nje kwaloko,thina singabantu abayazisayo imindeni,ingakho ke siye sikhethe ukuvakasha ngesikhathi imindeni yethu iphelele ukuze sizovakasha sonke.
Sekuyisikhathi manje sokuthi sishintshe ukwenza,sizifundise izindlela ezintsha zokwenza izinto. Ukuvakasha akubekelwa sikhathi ngakho alikho iphutha ekutheni sivakashe noma ingasiphi isikhathi sonyaka. Okudingekayo nje ukuthi sihlele kahle
Nabaqashi bethu kanye nezikhungo okufunda kuzona izingane zethu ukuze kungeke Kube nokuphazamiseka endleleni okumele kuqhutshwe ngayo kulezikhungo. Into enhle ngokuvakasha ukuthi umuntu ayenze ngesikhathi esivumelana naye ukuze ezokuthokozela.