2 minute read

ABADALA BETHU

Sithembiso Sibisi

Kulezinsuku ezidlule ngithole ucingo olungiphoqe ukuthi ngishiye phansi yonke into ebengiyenza, ngithwale imithwalo yami ngibuyele ekhaya lapho kukhona khona abazali bami. Ucingo beluthi umama akukuhle empilweni,ubambekile. Kufike izinto eziningi emqondweni kodwa okuyiyona ebisemqoka ilena yokuthi ngiyadinga ukuthi ngibe seduze kwabo ngalesikhathi,ikakhulu ngoba nobaba usekhulile.

Advertisement

Kunento ebuhlungu evamise ukwenzeka emiphakathini yethu thina abaMpisholo,yokuthi abantu abadala singabanakeleli. Siyabashiya bahlale bodwa,sibashiye nabazukulu noma sibahambise kulezindawo ezifike nabezizwe,okuthiwa ziyabanakelela. Akungoba ngimelene nalezindawo kodwa angikholwa ukuthi kukhona umuntu ongaba nesineke sokunakelela umzali wami okudlula mina.Angikhathali noma kungathiwa lowomuntu uqeqeshwe kangakanani noma uhola imali eningi kangakanani,angiboni engakwazi ukunikeza umzali wami loluthando engingamnika lona mina.

Ngendlela esiyisizwe esilahleke ngayo,ithina kuphela esibulala abadala bethu ngoba sibasola ngokuthi bayathakatha. Siyakhohlwa ukuthi njengoba sebebadala nje,imiqondo yabo isebenza ngendlela ehlukile futhi abanye ibuye ilahleke,bazithole benza izinto ezingajwayelekile njengokulahleka,ukuhamba ebusuku nokungagqoki imbala. Ngoba siyisizwe esidukile ke thina,kunokuthi sibavikele,sibanakelele uma sebeficwe ilesikhathi esiyosifica nathi uma sibe nenhlanhla,siyabashaya,sibabulale ngesihluku,sibasole ngokuthakatha. Mhlawumbe ingakho nje izinto zethu eziningi zingasilungeli,sihlala siyizincelebane zabezizwe,ingoba sigudlukile ezimisweni zempilo. Nencwadi engcwele iyasiyala ukuthi sithande abazali bethu ukuze izinsuku zethu zizokwanda emhlabeni. Umzali ke inoma umuphi umuntu omdala esihlangana naye,akusho ukuthi kumele kuze kube okuzalayo noma owebala lakho.

Ukunakelela umzali akusho ukumgcina endlini ngasosonke isikhathi kodwa kusho izinto eziningi. Uma ewumuntu othandayo ukuphuma ashaywe umoya,umsebenzi wethu ukuthi siphume nabo. Uma ewumuntu othanda ukuya enkonzweni,kuwumsebenzi wethu ukuthi simuhambise khona uma engasenawo amandla okuzihambela. Asiyiyeke lento yokucosha izinto ezimbi zodwa kwabezizwe, sibheke ukuthi yini enhle esingayicosha kubona,engasakha,isiyise phambili nathi njengesizwe.

Abezizwe bayabanakelela abadala babo,ingakho nje isikhathi esiningi kuba ibona ababonakala behamba nabo ezindaweni zokudla eziphambili ngezimpelasonto nangamaholidi. Ngalesosikhathi thina sisuke sibambeke ekuzijabuliseni nabantu abangasikhathalele ngalutho ematshwaleni. Ngisho noma bebagcine kulezindawo ezigcina abadala, bayasenza isikhathi sokuthi bahlale nabo, futhi babanakele ,babafundele izi ncwadi,baqinisekise nokuthi bahleli kahle. Thina abethu uma sibayisa kulezindawo,sisuke sibalahla ngoba sibabona sebeyisiphazamiso empilweni yethu.

Uma sebedlulile emhlabeni ,siqhamuka sesenza imingcwabo esezingeni elicokeme namatshe ezikhumbuzo abizayo Iqiniso elibuhlungu ukuthi sisuke singasenzeli bona kodwa sisuke sesenzela ukubukwa abangani bethu nokugeza onembeza bethu ngoba singakwenzanga okufanele isikhathi sisekhona.

Isadinga ukubhekisiswa indaba yalomuntu owasitshela ukuthi izibusiso zitholwa kumuntu ongasekho. Umuntu kade elamba esaphila,uma engasekho bese simhlabela izinkomo minyaka yonke sithi sicela izibusizo.Angiphikisani nokuthi kukhona impilo ekhona ngale kwethuna kodwa izibusizo zangempela zitholakala ngapha kwalo. Ukujabulisa abadala bethu kungenye indlela yokuvula iminyango yalezozibusiso.

Ake sishintshe ukwenza,sizinikele ekunakeleleni abadala bethu ngoba bayadinga ukunakekelwa nokunikezwa uthando. Kuningi esingakuzuza njengesizwe ngokwenza loku, okufana nolwazi abaluqukethe emigodleni yabo,nazo ke lezibusiso esihlala sizigijimisa kangaka uma bengasekho. Kukona konke esikwenzayo,asikhumbule ukuthi abadala bethi bayisisekelo sobukhona bethu ,ngale kwabo ngabe asikho thina.

Sithembiso Sibisi

Angazi noma ngizothi isitayela noma umkhuba nje wokuthanda izinto lona odlange kulezinsuku, wokuthi abantu baphuze ama energy drinks ngisho isidingo singekho. Ngendlela owande ngayo lomkhuba, asetholakaka edayiswa yonke indawo,ngisho nakubadayisi basemgwaqweni imbala. Okubuhlungu ukuthi akekho ozihluphayo ngokuthi achazele abantu ngobungozi baleziphuzo, ikakhulu uma umuntu eziphuza ngokweqile noma ngendlela engafanele.

Igama liyazisho ”energy drinks” okusho ukuthi iziphuzo ezinikeza amandla noma umfutho.Umbuzo uthi imuphi ke lomfutho abantu abawufuna zonke izinsuku, abanye abangasakwazi ukuphuza ezinye iziphuzo ngaphandle kwalezi ezinieza amandla. Kunensizwa nje engiyaziyo ephuza amakani angaphezu kwamathathu alesiphuzo ngosuku.Okubuhlungu ukuthi iphinde ibheme futhi isebenzise sona lesiphuzo uma ixuba utshwala bayo obushisayo. Noma ngingashongo kodwa angithukanga ngelinye ilanga uma ishayeka phansi,kwathi uma iphuthunyiswa esibhedlela kwatholakala ukuthi inomfutho ophezulu kakhulu wegazi futhi icishe yamelwa inhliziyo. Loku kuwubufakazi bokuthi leziphuzo ziyingozi kangakanani emzimbeni womuntu.

Ukuba nginamandla,bengiyothi mina kumele kulawulwe abazempilo ukudayiswa kwazo ngoba sekucacile ukuthi abantu abaningi abazisebenzisi ngendlela futhi zibeka empilweni yabo engozini. Njengazozonke izidakamizwa,zinokubaphendula imilutha yazo abaziphuzayo,bagcine sebephila ngazo.Abantu abavikelwe,baphinde bazivikele nabo ebungozini obubangelwa ukungazi.

This article is from: