1 minute read

Igumbi loMhleli

Next Article
National shutdown

National shutdown

Sithembiso Sibisi

Kunesisho esisha ebengiqala ukusizwa kulezinsuku ezidlule esithi, “ Uma ufuna ukubona into ifa, yibeke ezandleni zomuntu oMnyama.” Angifuni ukuqamba amanga,ngidinwe ngagana unwabu uma ngisizwa lesisho,ikakhulu ngoba besishiwo oMhlophe. Kuthe uma sengingedwa endlini, ngicabanga ngaso, ngabubona ubuqiniso baso, ngazithola sengivumelana naso.

Advertisement

Ngiyacabanga ukuthi sekumele sikwamukele manje ukuthi siyisizwe esilimele, ingakho nje kulula kithina ukulimaza nokubulala kunokwakha. Ngendlela esilimele ngayo,siyamonelana, asisekani,siyahlebana futhi siyabulalana.Kulula kithina ukuthi sibambe imihlangano,sikhulume izinto ezingakhi ngabanye bethu,kunokuthi sihlangane,sisekane. Kulula kithina ukuthi sibambe imihlangano,sibhikishe,sicekele phansi izakhiwo nempahla kunokuthi sibambe imihlangano yokuthi sisukume sizibambele ngokwethu,silungise loku esisuke sikubona konakele.

Ngike ngabuka i video ka B.I Phakathi ku Facebook,izinyembezi zagcwala amehlo kimina ngesikhathi insizwa abeyisiza izikhalela,icela ukuthi angayibulali. Ngendlela esilimele ngayo sekuyethusa ukuthola usizo kumuntu oMnyama njengawe,kuvele kube sengathi kukhona okubi akuhlosile. Kulezinsuku uma uhamba emgwaqweni,uthandazela ukuthi ungahlangani nomuntu wakini oMnyama ukuze uzizwe uphephile. Asiphephile kithina kodwa asinamahloni okukhala ngezinye izizwe uma zizizwa zingaphephile kithina.

Mhlawumbe icala kumele silibeke kulaba okuthiwa babelwela inkululeko ngoba abayichazanga ukuthi lenkululeko ababeyilwela iyini futhi kumele iphathwe kanjani. Ngakolunye uhlangothi ngiyabaxolela nabo ngoba sekucacile ukuthi kwabona babelwela into abangayazi. Uthi omunye oMhlophe ngelinye ilanga,ukuba abaMhlophe babazi kwasekuqaleni ukuthi iyona nkululeko eyayifunwa abaMnyama lena,babengeke baloku bebalwisa kodwa babeyovele babanike yona. Thina asihlukile enkomeni,ethi inkulu futhi inamandla amangalisayo kodwa uyifice igijinyiswa umfana omncane ngoswazi ngoba nje ingawazi amandla enawo.

Angibonge kulabo abaqhubekayo nokusiseka kuyona yonke imizamo esiyenzayo,ngibonge kulabo okuthi noma bengenako okutheni emigodleni yabo kodwa bakhangise kithina ukuze sizokhuthazeka. Ngibonge kakhulu nakulabo abathatha isikhathi sabo basithinte,basibonise ukuthi singenza kanjani ukuze sikhule. Kinina nonke nje ngithi uJehova anibusise,abusise nezizukulwane zenu.Ngalemizamo nathi senzela kona ukuthi ngelinye ilanga izizukulwane zethu ziziqhayise ngathi uma sezihlangene nezinye izizwe,kungabi sengathi sasidla amankwebevu nje kuphela ngesikhathi ezinye izizwe zenza izinto eziziyisa phambili.

This article is from: