
1 minute read
YEHLISA KUSHUKELA
from PhlyMag
by phlymagazine
Uzizwe Uwumqemane
Sithembiso Sibisi
Advertisement
Bambalwa abantu abangaphumela obala bathi abazithandi izinto ezimnandi,ikakhulu oncamnce abanoshukela. Bambalwa kakhulu nabangathi banolwazi ngobungozi obudalwa ushukela empilweni yomuntu. Abezempilo emhlabeni,ushukela bawubala nezinye izidakamizwa eziyingozi enkulu empilweni yomuntu. Ingakho nje kunesilinganiso esibekiwe ,esisemthethweni , okuyisona esilawula ukuthi kumele kusetshenziswe ushukela omngakanani ekudleni .

Izifo ezifana nokukhuluphala ngokweqile, ukuvaleka kwemithambo ehambisa igazi okuvamise ukuholela emfuthweni ophezulu wegazi, ukungabi namnyakazo enkonzweni yasekamereni nezinye eziningi,zibangwa ukusebenzisa ngokweqile ushukela. Unomthelela futhi nasekutheni umuntu agcine esephethwe isifo sawo ushukela, nesiyingozi kakhulu ngoba asilapheki.
Kunempikiswano eqhubekayo kwabezempilo ,njengoba kukhona abathi kumele kuvalwe ukusetshenziswa kukashukela ekudleni. Ngakolunye uhlangothi,kukhona abathi akungavalwa ngoba kukhona okuhle okuwenzayo emzimbeni,njengokunikeza amandla ngakho akuqiniswe imithetho yokusetshenziswa kwawo. Abanye bathi kungcono kakhulu ukusebenzisa ushukela ophuma ngqo ezitshalweni kunokusebenzisa lona othengwayo ,osuke usuhluziwe. Abavumelana ngako bonke , ukuthi ushukela unobungozi emzimbeni womuntu ,ikakhulu uma usetshenziswa nokweqile.
Kukumuntu ngamunye ukuthi anakekele impilo yakhe, ingakho kubalulekile ukuthi sazi ngokugcwele ngezinto esizidlayo ukuze singajabuliswa ubumnandi nje kuphela kanti sesiyazibulala. Noma kungelula ukuthi sithi wuyeke ngokuphelele ushukela kodwa esingakusho ukuthi yehlisa,uhlale uwumqemane.
