1 minute read

Qaphela amaqola!

Izindlela Ezingakusiza Ukuthi Uphephe

1. Gwema ukuphatha imali eningi ngoba amaqola ngathi ayizwa ngephunga imali.

Advertisement

Sithembiso Sibisi

Kulezinsuku kunamaqola asekwenze umsebenzi wawo wansukuzonke ukuqhamuka nezindlela ezintsha zokugebenga abantu. Lamaqola awananembeza futhi awanabo nobuncane ubuntu,azicabangela wona kuphela. Izinto azisafani nakuqala lapho amaqola kwakwaziwa ukuthi abantu abawuhlobo oluthile futhi abagqoka ngendlela ethile noma abaphila ngendllela ethile.Kulezinsuku kulukhuni ukuthi umuntu abonakale ukuthi uyiqola ngoba amaningi awasolisi nakancane ngoba amanye afundile, asebenza kahle ,agqoka kahle futhi amanye aphila impilo esezingeni elicokeme.

Ukuthembela kwabomthetho ukuthi basivikele emaqoleni, kuyefana nje nokuzichithela isikhathi ngoba amanye awo angamaqola. Sekukaningi sizwa ngezigameko zabantu abaqolwa iwona kanye amaphoyisa abasuke bewathembile.Enza loku ngoba azi ukuthi azozivikela ngomthetho.

2. Musa ukuhamba uthemba wonke umuntu ongamazi ngoba umbona egqoke kahle noma ekhuluma kahle.Amaqola amanje ayaswenka futhi anolwimi.

3. Hlukana nokuhamba nezinto eziningi, ongeke uzisebenzise ngalolosuku.

Izikhwama ezinkulu ziyawaheha amaqola.

4. Qikelela ukuthi imali uyikhipha kuphi. Imishini eminingi yokukhipha imali ayisaphephile, amaqola anezindlela zokuyicupha. Kungcono ukuyikhipha ezitolo kodwa uzikhethe nazo.

5. Gwema ukuthenga izinto ezinkundleni zokuxhumana ngoba uzibona zibiza kahle. Amaqola amaningi asebenzisa lezinkundla ukuqola abantu.

6. Kugweme ukuhamba wedwa,ikakhulu ezindaweni ezingathembisi.

7. Hlukana nokuhamba uma, ubuka

This article is from: