
1 minute read
National shutdown
from PhlyMag
by phlymagazine
On the 20th of March, thousands of South Africans mostly members of the Economic Freedom Fighters took to the streets and demanded President Cyril Ramaphosa to step down. They say he has failed to lead the country and things like load shedding, high rate of unemployment and crime,are some of the few examples of this. Uthini umbono wakho?
“ Hey ,umehluko awukho ngoba yonke into isenjalo nje.I loadsheding ibuyile ,uMongameli still akehlile esihlalweni so le shutdown ayenzanga mehluko, konke kusenjalo nje” Mandisa Mahlobo
Advertisement
“Isebenzile ,kubonakele ukuthi izinkinga esinazo ezamabomu . Ugesi awuhluphanga kanti futhi namaphoyisa kade ebusy enza izivimbamgwaqo. Bengiqala ukubona itraffic enjeya ngase toll gate yokuqala ku N2 . Ibiqala ngaseMhlanga nokusho kona ukuthi ubugebengu bangabunqanda uma bethanda.

Ngiyayincoma i shutdown , iwenzile kakhulu umehluko”.- Musa Mabika

“
“Ukwenzeka kwale national shutdown kuphinde kwanginika isiqinisekiso sokuthi yonke lento ye loadshedding iwumdlalo nje wezepolitiki okuhloswe ngawo ukuthi kuzuze abathile, asebewugubuzele ,bawudla uKhongolese ngemvume yogombela kwesabo abathi bamele thina bantu abangabavoti”. – Sibonelo Mkhize
Uhulumeni udlalile ngathi kakhulu singabantu base South Africa. Kube kuhle ukumiswa kwezwe lingasebenzi ngokubambisa okungaka, sabona nobumbalo kumaqembu ahlukene ezepolitiki,ekhuluma ngazwi linye .


Okubuhlungu ukuthi konke lokhu kube yize leze ngoba isayaqhubeka futhi iload shedding obekuyiyona ebimashelwa ngo mhlaka 20 . Ukumasha nokuvala izwe ikona okwakhulula izwe lethu futhi ikona okuyosikhipha kulezinkinga esibhekene nazo.. Akengincome bonke abathathe ithuba baya emashini maqede baziphatha kahle bangabulala umnotho wethu nemfundo yabantwana njalo njalo.”
Uthini umbono wakho?
Oshicilelweni lwangenyanga ezayo,sizobheka udaba lwabantu bokufika kuleli. Kungabe kumeleyini sibaxoshe sithi abayolungisa izinto emazweni abo noma kumele sibamukele ngoba nabo basikhoselisa ngesikhathi sasisabhekene nobunzima kuleli. Umbono wakho ohambisana nesithombe ungawuthumela ngo Whatsapp ku 0614017076.