1 minute read

U- DUDU KHOZA WABANTU

Umbhali u-Nontethelelo T. Nxumalo

Sithembiso Sibisi

Advertisement

Zimbalwa izinto ezimnandi okudlula ukufunda incwadi ebhalwe ngomuntu ongaqhelelene kakhulu naye futhi onebala elifana nelakho. Kuba mnandi kakhulu ke uma leyoncwadi ibhalwe ngolwimi lwakho ngoba uvele ube nokuxhumana okuthile nombhali noma nomuntu okubhalwe ngaye. .

Ngesikhathi uMkwenyana kaMama uDudu Khoza engipha izincwadi ezibhalwe ngomlando kaMama uKhoza,ngangimagange kakhulu ukuzifunda ngoba ngangifuna ukuqinisekisa loku enganginako emqondweni ngaye. Ngiyazi ukuthi angingedwa okuye kuthi uma ebuka umuntu osephumelele futhi owenza kahle emkhakheni akuwona, azitshele ukuthi izinto ziivele zabalula kuyena. Abanye baze benze iphutha lokuthi bazame ukuzifanisa nalabo bantu,bakhohlwe ukuthi sonke njengoba silana emhlabeni,sinolwethu uhambo okumele siluhambe.

Lencwadi ikuthatha ikubeke ngohambo luka

Mama u Dudu Khoza kusukela ebunganeni bakhe kuze kuba uyilentandokazi yomsakazo ayiyona namhlanje. Okuvelayo kuyona ukuthi izinto azivelanga nje zabalula kodwa naye bukhona ubunzima adlule kubona empilweni, nokuyinto emveza njengomunye wethu futhi ozaziyo izingqinamba zempilo. Loku kuyavela futhi nasendleleni axhumana ngayo nabantu uma esemsakazweni noma esemphakathini.

Into engichaze kakhulu eyenziwe uMbhali uNontethelelo T. Nxumalo kulencwadi, isitayela sakhe sokubhala njengoba eyibhale kwaba sengathi iyi novel kanti iqukethe amaqiniso.

Uma ufuna ukukhuthazeka kumele nakanjani uyithole lencwadi,angeke nakancane uzisole.

Sishaywa

This article is from: