1 minute read

UMNDENI KUMELE USEKANE

Next Article
Qaphela amaqola!

Qaphela amaqola!

Sithembiso Sibisi

Ayikho into ehlupha njengenhliziyo ngoba ihlala ilubaluba,ilangazelela izinto ezingaqondene nayo. Konakele kangaka nje emindenini kulezinsuku,inkinga iqala enhliziyweni evele isukeleke nje kungonakele lutho,ifune okungaphezu kwamandla omnikaziyo.Uma ingasakutholi bese yakha amasu okuthi ikuthole ngendlela engalungile.Ilapho ke kungena khona umona,inzondo, ukubulalana nazozonke izinto ezingalungile futhi ezichitha imindeni.

Advertisement

Singabantu sihlulwa yinto encane nje, ukwamukela nje ukuthi asifani futhi asidalelwe izinto ezifanayo. Ngiyawuthanda umculo futhi angiyiboni impilo ngaphandle kwawo kodwa iqiniso ukuthi angisoze ngaba umculi ngisho noma sengikhala igazi. Ngike ngimangale ke emndenini uma kukhona abangihleka ngokuthi angikwazi ukucula,bese ngibheka izinto engikwaziyo mina ukuzenza kodwa bona abangakwazi futhi abangasoze bakwazi ukuzenza. Ilapho ngivele ngibone khona ke ukuthi mukhulu kakhulu umonakalo okhona emindenini yethu futhi uyadinga ukuthi ulungiswe ngoba ugcina uphumele ngaphandle emphakathini nasesizweni.

Kubalulekile ukuthi abazali bazazi izingane zabo, bazimukele futhi bazisize ekutheni zikhule kuloku ezidalelwe kona. Emindenini eminingi ingane ethandwayo neyaziswayo kuvamise ukuthi kube ileyo efundile yaba into ethile futhi enemali. Lena engenalutho noma esebenza umsebenzi obukeleke phansi,ivamise ukunganakwa. Okuye kufike kumangalise ukuthi lengane enganakwa,iyona esuke imise umndeni. Noma ingasawumisanga ke ngemali kodwa zikhona izinto esuke iphathiswe zona,okuyizona ezenza umndeni ume.Okufike kube buhlungu ke ukuthi akuvamile ukuthi lezozinto zibonakale uma isekhona kodwa kuthi ingahamba bese kuba ima sibonakala isikhala sayo.

Imindeni kumele kube indawo yokusekana,yokukhulisana,yokuvikelana nokhuthazana. Lento yokuthi imindeni iphenduke inkundla yokugxekana nokubukelana phansi,iyayibulala futhi uma isinoqhekeko,kubanzima ukuthi iphinde ilungiseke.

This article is from: