1 minute read

Kuyaphileka ngesiphiwo

Sithembiso Sibisi

Emaphutheni onke esiwenzayo singabantu,ambalwa kakhulu adlula leli lokubukela phansi iziphiwo zethu,sigijimise iziphiwo zabanye abantu.Umuntu athi ezazi kahle ukuthi esakhe isiphiwo asikho emculweni ,sisekulingiseni,ashiye phansi ukulingisa,agijimise umculo.

Advertisement

Imfundo esinayo kuleli,ikakhulu ezikoleni zabaMnyama,inomthelela omkhulu kuloku. Sikhula sifundiswa ukuthi kumele siqashwe nokusho ukusebenzela abanye abantu othola ukuthi bona baziphilisa ngeziphiwo zabo zokusungula nokuphatha amabhizinisi.Umuntu useyoziphatha kabi ke ebhizinisini lomunye umuntu,kwesinye isikhathi aze aholele ekuweni kwalo. Kuthi uma sekubhekisiswa kahle,kutholwe ukuthi akazenzi naye kodwa usemkhakheni angawuthandi futhi angabizelwe kuwona.

Enye inkinga ekhona ezikoleni zethu,ukuthi ayinakiwe indaba yokusimamisa amakhono. Into okugxilwe kuyona imfundo yamabhuku,eyamakhono ithathwa njengento nje yokuchitha isizungu.

Ezikoleni zabezinye izizwe,nakwamanye amazwe angeke ukubone loko.Ingane bayilandela isencane,babone ukuthi inasiphi isiphiwo bese besebenza ekuyisizeni ukuthi isikhulise. Uma bengakayiboni kahle ukuthi iphiwe ngakuphi,bayayivulela amathuba okuthi izame ezintweni ezahlukene kuze kube iyazithola. Yingakho nje ezemidlalo,ezobuciko nezemisebenzi yamakhono zinakwa kakhulu kulezikole nakulamazwe.

Uma singabhekisisa kahle,abantu abacebile nabaphila impilo efiswa abaningi emhlabeni wonke, akubona laba abafundile kodwa ilabo abasheshe bathola ukuthi baphiwe kuphi base belandela iziphiwo zabo. Loku sikubona kakhulu emkhakheni wezobuciko,amaciko amaningi aphumelele, akuwona lawo agabe ngeziqu zemfundo kodwa ilawo athe angathola ukuthi aphiwe kuphi abe esesebenza kanzima ukukhulisa iziphiwo zawo.Izibonelo ezimbalwa nje,uMhlonishwa uJoseph Shabalala we Black Mambazo ongasekho, uDkt. Rebecca Malope nabanye abaningi.

Konke loku akusho ukuthi imfundo ayibalulekile kodwa kusho ukuthi isebenza kangcono uma umuntu ekhulisa isiphiwo sakhe. Sekuyisikhathi sokwamukela ukuthi kuyaphileka ngesiphiwo.

This article is from: