
1 minute read
KUYASIZA UKUVAKASHA NIYIQEMBU
from PhlyMag
by phlymagazine
Sithembiso Sibisi
Isimo sokubiza kwezinto esibhekene naso kulesikhathi esiphila kusona,siyasiphoqa ukuthi sihlale sibheka iizindlela ezahlukene zokonga imali. Akumele sivumele isimo ukuthi sisincishe injabulo ngoba asazi ukuthi elokufa liyofika nini.
Advertisement
Kulolushicilelo ngifisa ukuthi sibheke ubuhle balento yokuvakasha niyiqembu.Kungaba iqembu labangani, istokvel, omakhelwane,abasebenzi benkampani eyodwa noma ke abantu abasonta esontweni elilodwa. Eqinisweni nje akubalulekile ukuthi nihlanganiswe yini kodwa okubalulekile ukuthi niyezwana yini emoyeni futhi niyathembana yini.
Ningahlangana niyiqembu nihlele ukuthi nizobeka imali yokuthi nivakashe endaweni eyodwa futhi ngesikhathi esisodwa. Okuhle ngaloku ukuthi izindawo eziningi zokuvakasha ziba nezipesheli ezihlelelwe abantu abavakasha bengamaqembu.
Lezipesheli zivamise ukufaka izinto eziningi, ezifana nezokuthutha, indawo yokuhlala, izindawo enizozivakashela kanye nokunye okuningi. Lendlela iyasiza kakhulu ekutheni ungezwakali kumuntu ngamunye umthwalo wezindleko zokuvakasha, ngoba nisuke nithwalisene.
Lendlela yokuvakasha iphinde ibe yinhle kakhulu uma izosetshenziswa imindeni emikhulu kodwa eqhelelene ngokuhlala. Kuba yithuba elihle leli lokuthi ijabule indawonye, engekho ongaphansi kwengcindezi yokuthi kumele asebenze ukunakekela amalunga omndeni asuke emvakashele.
Njengazozonke ke izinto ezikhona,nalendlela yokuvakasha idinga ukulungiselelwa isikhathi sisekhona,ukuze kungeke kube nabakhalayo uma sebeshiywa ngemumva.