1 minute read

THOLA ABANTU ABANOLWAZI NGEZIMOTO

Next Article
YEHLISA KUSHUKELA

YEHLISA KUSHUKELA

Angeke ngiqambe amanga,yayiyinhle imoto yakhe futhi inazozonke izinto ezidingwa umuntu omusha emotweni. Umdayisi wayengawuvali wayengawuvali umlomo,eyincoma imoto yakhe,esho nokusho ukuthi ubengahlosile ukuyidayisa kodwa isimo sasimphoqa ngoba wayesethuthela kwelinye izwe.

Angeke uze ukholwe uma ngikutshela ukuthi lulodwa kuphela uhambo aluthatha uzakwethu ngaleyomoto,olusuka la ayithenga khona luya lapho sasihlala khona. Ngemumva kwaloko yayingasafuni lutho ,ingasavumi kwakuduma kodwa loku. Kubo yafika isidonswa ngoba omakhenikha babevele bafuna imali enkulu kakhulu,ayengenayo. Nomlisa owayemdayisele yona,wayengasatholwa ndawo.

Advertisement

Sithembiso Sibisi

Kunensizwa esasifunda nayo , eyayisebenza ngokukhulu ukuzikhandla. Ngale nje kokufunda yayiphinde yenze imisebenzi eyahlukene.

Ngaphezu kwako konke loko,yayiphinde ibe nenhlanhla yokuthi ithole uxhaso esikhwameni esibhekele ukuxhasa abafundi.

Lensizwa engingeke ngilisho igama layo, yake yehlelwa umshophi engicabanga ukuthi ayisoze yawukhohlwa empilweni. Yathatah imali yayo yonke eyayiyilondolozile,yaya kothenga imoto ngoba izwe ukuthi ishibhile. Uma ngikhumbula kahle yayibiza u R 27 000.00 nokwakuyimali enkulu kakhulu ngalezozinsuku. Sayihalalisela ngoba ukuthenga imoto kuhlala kuyinto enkulu.

Nangosuku eyayiyilanda ngayo imoto yayo, sayiphelezela ngoba sikhombisa ukuyeseka.

Loludaba lusivezela ukubaluleka kokuthola abantu abanolwazi ngezimoto,ikakhulu uma uzothenga imoto esisebenzile. Abantu abavamisile ukudayisa izimoto zingabahluphi ngalutho kodwa nabo basuke sebezichitha. Okubuhlungu ke ukuthi abamtsheli umthengi ukuthi zisuke zinayiphi inkinga.

Umuntu onolwazi ngezimoto,usuke ezokwazi ukuthi ayihlole bese eyakubonisa ukuthi kumele uyithenge yini noma uzobe ulahla imali yakho

This article is from: