Sibungaza abantu besifazane ebhizinisini

Page 1

Abantu besifazane EBHIZINISINI SIBUNGAZA Agasti 12, 2022 | www.umbele.co.za

Isuke ibambe ngakho kuyena uma kunezinselelo ngoba uwumholi ongatatazeliswa wubunzima Ukhuthazwe ‘yizinhlupheko’ zakhe ozibophezele ekuthuthukiseni ezempilo eNingizimu Afrika. Uwusosayensi ofuna izisombululo ezintsha nonentshisekelo yokufukula abantu besifazane kulo mkhakha Usekhaleni lokuthungathela iKwaZulu-Natali imicimbi owangena kwezokuvakasha engaqondile Uzinikele ukuthuthukisa ulwazi ngokwenzeka emkhathini ukuphucula impilo yabantu emhlabeni Uguqula izinto ngemfundo nangamabhizinisi embonini kawoyela osanda kuthenga igaraji edolobheni Unogcobo lwemisebenzi ebucayi ophethe uphiko oluqondene nokuhlinzeka iNingizimu Afrika yonke ngemali Uneminyaka emihlanu eqalile kwezolimo kodwa ugila izimanga. Uwola imiklomelo, ungafunga ukuthi selokhu kwathi nhlo, yiyona nto Ushebaayenzayoubunjiniyela, imfucuza nokulima ukuphucula ezolimo oqhamuka nezindlela ezintsha zokulima Ukuzifela kwakhe ngomuntuza kumholele ebhizinisini lezingane Owakhulaelihlukile ebona uninakhulu oyisikhwishikhwishi esikholelwa kumakhambi emvelo uhamba ezinyathelweni zakhe ngendlela yesiInselelomanje yokugula kwakhe imholele ekusunguleni ibhizinisi Zibuya emasisweni konebhizinisi elikhiqiza ogalaza besimanje abavuthayo

wabadlali bethenisi obalwa nezingwazi zalo mdlalo uNksz uSerena Williams umemezele ukuthi usethatha umhlalaphansi ngoba ufuna ukugxila ebhizinisini alisungule eminyakeni embalwa edlule nokuba nabanye abantwana.

KUNEZIMEMEZELO ezimbili ezithinta abantu besifazane emikhakheni ehlukene ezibe wundabamlonyeni kuleli sonto kanti kusazoqhutshekwa kukhulunywe

Mihla le kuMbele sibhala ngabesifazane abenza ezibukwayo emikhakheni ehlukene kanti sikholwa wukuthi imisebenzi yabo akufanele iqhakanjiswe ngo-Agasti kuphela kepha zinyanga zonke namihla yonke.

KhanyileSlindile Umhleli

www.umbele.co.za

Okuqukethwe

Ngokombiko owakhishwa yiPwC ngo-2020, wu-5.8% kuphela wezinkampani ezihweba eJohannesburg Stock Exchange eziphethwe ngabesifazane. NaseMelika, izwe elinomnotho omkhulu kunayo yonke emhlabeni, kuthi akucishe kufane. Ngokombiko weWorld Economic Forum ophume kulo nyaka, isibalo sezinkampani eziwu-500 ezinkulu kuleli zwe eziphethwe ngabesifazane sesinyukele ku-74, sisuka ku-41 ngo-2021 kanti ngo-2002, zaziyisikhombisa. Lilonke bawu-15% abesifazane abayizikhulu eziphezulu. Ziningi izizathu ezenza abesifazane bangathuthuki ngendlela okufanele ngabe bathuthuka ngayo. Enye yazo yinkoleloze yokuthi abanawo amava afanele. Kepha ngalolu shicilelelo esibungaza ngalo abesifazane abaphethe izinkampani ezinkulu, ezincane, abalimi nezinkampani abazisungulele zona, siyathemba ukuthi labo abasawoThomasi okholwa ngokubona bazobhema bakholwe. Kuyishwa ukuthi nanamhlanje kusafanele abesifazane balwele indawo yabo njengoba sibona ukuthi emhlabeni jikelele abakavulelwa iminyango ngokwanele.

Isimemezelo sesibili sithinta ukuqokwa kukaNkk uNomusa Dube-Ncube abe wundunankulu wokuqala wesifazane waKwaZulu-Natali.

Agasti 12, 2022

Umsebenziabamnyamaabizelwe kuwona unezinselelo futhi uyasinda emphefumulweni kodwa ukwazi ukuthi usiza umphakathi kuyamgqugquzela ophethe iHhovisi loMcwaningimabhuku-Jikelele KwaZulu-Natali Ukhuthazwa wukuthanda ukufukula abantu abamnyama nabesifazane embonini ezimele Owenza ezibukwayo emkhakheni wokuphatha imali uthi akuqhakanjiswe izindaba zabamnyama abavelele ukukhuthaza izingane Uwumholi okhuliswe ukuhlale ehlwaya ulwazi olusha nokuzilungiselela ocija abaholi bezinkampani

Lezi zimemezelo ziwundabamlonyeni ngenxa yamagalelo abo bobabili emikhakheni abakuyona – ezemidlalo - nepolitiki. Uma ukhuluma ngoNksz uWilliams noNkk uDube-Ncube awufuniseli ngabakuzuzile emikhakheni abakuyona; imisebenzi yabo iyabakhulumela. Nasekuphatheni izinkampani nasekuzisunguleni, ziningi izinto abantu besifazane asebezizuzile kanti mihla namalanga siyabona ukuthi benza umsebenzi oncomekayo. Kepha noma kunjalo, abasekwa futhi abanikwa amathuba ngokwanele, nokungakho sisakhuluma ngokuthi kufanele kube wukuthi u-40% womsebenzi okhishwa wuhulumeni ubekelwa abesifazane.

Bekufanele kubungazwe mihla 20.19.10.1.8.5.2.18.21.14.16.13.11.15.17.12.9.6.3. ngabesifazane |

Uhola elinye lamahhovisi amqoka ekusebenzeni ukuze intando yabantu ithele izithelo Uwumphathi kwezomnotho owenza okungavamile kwabesifazane

Omunyengazo.

lomcwaningimabhuku-jikelele esebenzisana nomcwaningimabhuku-jikelele ongasekho emhlabeni uMnu uKimi Makwetu. Nalapho wayeqophe umlando ngokuba owesifazane wokuqala ukuqokelwa kulesi sikhundla. Uthi lena ngenye yezinto ezimsizile ngesikhathi ethatha izintambo. “Kungisizile ukuthi besengivele ngilazi ihhovisi futhi ngikwazi okufanele kwenziwe, ikakhulukazi ngesikhathi sobhubhane. Okwesibili, wukuthi nginethimba elihle futhi eliwaziyo umsebenzi walo. Bayazimisela abantu engisebenza nabo futhi nginenhlanhla ukusebenza nabo nokwazi ukuthi umsebenzi wethu unomthelela ongakanani emphakathini nakuhulumeni… yiyona nto engikhuthazayo zonke Ezinyeizinsuku.”zezinto esezenzekile nezingavamile endleleni okucwaningwa ngayo amabhuku wukucwaninga umsebenzi ngesikhathi imali esanda kusetshenziswa ngaso, phecelezi i-real time auditing. Umthetho wakhona abacwaningimabhuku bafika emva kwendaba. Loku kwenziwe ngemali eyayihlinzekelwe ukubhekana nokubheduka kweCOVID-19.

Agasti 12,

| www.umbele.co.za | 1 INKUNZ’ EMIDWAYIDWA WUSLINDILE KHANYILE

ENEMINYAKA ewu-11 walulazwa wuthishomkhulu wesikole esixube izinhlanga ayesanda kufika kusona ngoba ephase ngamalengiso umsebenzi wesiNgisi. Uthishanhloko wacikwa wukuthi kwenzeka kanjani ukuthi ephuma esikoleni esiselokishini kodwa afike aqwaqwade izingane zabelungu emakhanda. Wazibona onile, wase enquma ukuthi kufanele agweme ukuvelela ukuze angazidonseli amehlo abantu; nokuyindlela aqhubekile waphila ngayo ngaphambi kokukuyiyeka. Namhlanje loku kuzethemba kwakhe kuhlomulisa iNingizimu Afrika njengoba umCwaningimabhuku-Jikelele uNksz uTsakani Maluleke ehlale esemehlweni abantu ngenxa yomsebenzi wakhe. Leli hhovisi elimqoka aliholayo libheke ukuthi imali yabakhokhintela isetshenziswa ngendlela efanele. Okunye okugqamisa uNksz uMaluleke wukuthi ungowesifazane wokuqala ukuphatha lesi sikhundla anezinyanga eziwu-19 eqalile kuso. “Kwangithatha isikhathi eside ukuyeka le nto yokuthi ukuze ngigweme ukuzidonsela amehlo abantu kumele ngingaveleli. Sengafunda ukuthi ukuzenyeza akusizi muntu ngalutho futhi ungavumeli abanye abantu bakunqumele Ngalesiongakwenza.”sigameko kwakungamqali uNksz uMaluleke ukuthi ehlelwe yinto esikoleni emfundisa “indawo “Kukhonayakhe”. umfana esasifunda naye ngisafunda eSoshanguve esasihlale sishintshane naye ngokuphuma unombolo 1 nonombolo 2. Ngisakhumbula negama lakhe kwakuwuKenneth. Kwathi ngelinye ilanga ngiphume unombolo 2 ngaya ekhaya ngafika ngaxoxa. Hheyi angikaze ngithethiswe kanje, ngatshelwa ukuthi ngingavumeli muntu angitshele ukuthi akufanele ngibe ngcono naye, ikakhulukazi ngoba “Ngikhumbulangiyintombazane.ukuthiuthisha wethu washo into eyayinokuthi kuhamba kahle-ke uma kunje, yiyona ndlela izinto okufanele zibe yiyona, nokuyiwona mqondo engaya ekhaya nawo.” Ihhovisi lomcwaningimabhuku-jikelele linezisebenzi eziwu-3 600 ezweni lonke. Bacwaninga amabhuku eminyango kahulumeni, omasipala namabhizinisi kahulumeni, yize kulawa amakhulu bengayicwaningi i-Eskom kanti banonyaka beqale iTransnet. Umbiko wokugcina abawethule ngoDisemba, nobubheka ukusetshenziswa kwemali eminyangweni nasemabhizinisini kahulumeni ngo2020/21, uveze ukuthi isibalo sezikhungo ezithole imibiko emihle engenagcobho ziwu-115 noma u-27%, nokuyiminyango namabhizinisi abesebenzise uR1.9 trillion. Ehlangane nabezindaba eThekwini ezinyangeni ezimbalwa ezidlule, uNksz uMaluleke ugcizelele akusho ngenkathi ethula umbiko ukuthi nakuba ukuthola umbiko omuhle kungasho ukuthi nezidingo zihlinzekwe kahle kodwa kuyisiqalo nesisekelo sokufinyelela lapho. UNksz uMaluleke uzalwa futhi ukhulele eSoshanguve, ePitoli, ngaphambi kokuthi bathuthele eGoli. “Mina ngiwumntwana walokishini. Bathanda ukuthini ‘uyaphi emakhaya?’ Basithathela (umhlaba), ugogo nomkhulu babenomhlaba kodwa bathuthelwa eSoshanguve nomphakathi wonke ngenkani besuswa eWallmansthal eyaphendulwa indawo yamasosha. Uhulumeni wobandlululo wayithatha indawo, abanye abantu bathuthelwa eThemba, nokungakho-ke singenawo amakhaya esigoduka siye kuwona.” Ngaphambi kokuqokelwa kulesi sikhundla, uNksz uMaluleke ubeyiphini

umNyango wezeziSebenzi ukwaze ukubuyisa uR2.7 billion owawusebenze kungafanele kodwa uthi ihhovisi lakhe alikwazi ukuzibophezela ekusebenzeni“Kungenzekakanjena. kona sikwandise ukucwaninga ngale ndlela kodwa akufanele loko kwenzeke ngendlela yokuthi kugcine sekungathi awubalulekile umsebenzi wabajutshelwe ukuphatha (imali) okumanjeesikhuluIHhovisinangesikhathiesesikhuphukenathiabamnyama,emboniniEnyelokho,”kunabantuisikhathiukubabangaphakathi.nabacwaningambhukuThinaasikwaziyonkeindawongasosonkefuthiakufanelengobaabaqokelweukwenzakushoyena.yezinseleloekeyabakhonayabowukushodakwabantuikakhulukaziabesifazane,kuyajabulisaukubonaindlelaisibalongayoumaeqhathanisabonabesandakuqala.lomcwaningimabhuku-jikelelelinesandlakulokunjengobabenohlelolwamathwasaawu-1200.Omunyewabantuabakhiqizweyilolu hlelo lokuqeqesha amathwasa

Uhola elinye lamahhovisi amqoka ekusebenzeni ukuze intando yabantu ithele izithelo

Nakuba uNksz uMaluleke ethi lo msebenzi wenza umehluko omkhulu njengoba wuMnu uPolani Sokombela osanda kuqokwa waba yi-chief financial officer yaleli hhovisi. Nokho uthe uyavumelana ne-Association for the Advancement of Black Accountants of Southern Africa ukuthi kumele kucutshungulwe into yomehluko endleleni okuphasa ngayo abantu abamnyama engafani nendlela okuphasa ngayo abelungu njengoba ethe kusenenkinga uma sekufikwa kwi-board exam UNksz uMaluleke uthi isifiso sakhe wukuthi mhla ededa kulesi sikhundla kube wukuthi sekunomehluko endleleni okuphathwa imali kahulumeni ngayo, kuqokwe abantu abawaziyo umsebenzi. “Singagcini nje ngokugxeka okubi bese kuthi okuhle senze ngathi yinto engathi shu. Kumele sakhele phezu kokuhle ukuze indlela izinto ezenziwa ngayo izoba ngefanele.”

Okunye ngaye: • Uyi-chartered accountant eqeqeshwe e-UCT; • Uphumula ngokuhlala nabantwana bakhe abaneminyaka ewu-18 nemih•lanu;Abanye babantu abukela kubona nguSerena Williams noLewis Hammilton. 2022

UNkk uTshazibana, ozalelwe eBenoni, eGauteng uthi kuyadingeka ukuthi nasezikoleni kuthi uma kutshelwa abantu ngamathuba akhona embonini yokuphathwa komnotho kushiwo ukuthi akuwona wonke umuntu ozoba yi-chartered accountant “Zikhona nezinye izinto. Akushintshwe nabantu, abantu bangahlali bebhajwe entweni eyodwa nokugcina kwenze lungakhuli ulwazi lwabo kanjalo nokufunda ezinye izinto.”

Uwumphathi kwezomnotho owenza okungavamile kwabesifazane abamnyama

UNkk uTshazibana uthi okunye abantu abangakuqondi wukucabanga ukuthi njalo uma behlangana emva kwezinyanga ezimbili (umhlangano we-monetary policy committee) basuke bezokhuluma ngemalimboleko kuphela kanti akukhona lokho kuphela abakuhlanganelayo. Uthi basuke bezobheka ukuthi kwenzakalani ngamandla emali. Uthi abantu kumele baqonde nokuthi labo abanezabelo kuleli bhange abanazwi endleleni eliphathwa ngayo. Abantu abathatha izinqumo nokufanele baphendule ngokwenzakayo wumphathi namaphini akhe. UNkk uTshazibana uthi ezinye zezinselelo abhekane nazo ngezokunquma ukuthi yisiphi isikhathi esifanele sokuthola abantwana. Uthi uyathemba isimo sesaba ngcono manje nokuthi abesifazane abancane bayasekwa ngendlela efanele. Uthi uyazama lapho ekhona ukuthi babeseke abesifazane ukuze umuntu angabi novalo lokuthi uzosala kubalingani bakhe besilisa. Okunye ngaye: • Uneziqu ze-Bachelor of Economics (i-Honours) ne-Master of Commerce in Economics zase-UKZN; • Unabantwana ababili; • Ukhonze ukufunda izincwadi, ukubuka amafilimu, ukuvakasha nomndeni wakhe nokunyakazisa umzimba ngokuhamba;

2 | www.umbele.co.za | Agasti 12, 2022 WUSLINDILE KHANYILE INKUNZ’ EMIDWAYIDWA

KUYAMTHOKOZISA ukwenza izinto ezingajwayelekile emkhakheni wozomnotho nokuvelela lapho abantu abaningi bebengeke balindele khona umuntu ofana naye – ongowesifazane omnyama. UNkk uFundi Tshazibana, oneminyaka engu-44, ungelinye lamaphini omphathi weBhange loMbuso kanti ungowesifazane omnyama wokuqala ukuphatha lesi sikhundla. Mathathu amaphini asebenza noMnu uLesetja Kganyago ukuhola iBhange loMbuso. “Ngangingalindele ukuthi ngingaphelela eBhange loMbuso nakuba ngangazi ukuthi ngiyayifisa impumelelo. Ngicabanga ukuthi yinto enkulu kakhulu lena,” kusho yena. UNkk uTshazibana, owusomnotho, uthi inselelo akusekona ukuthi abantu abamnyama bayashoda emkhakheni wezomnotho kodwa osekudingeka wukuthi le mboni ibe nendlela yokuqinisekisa ukuthi abantu abamnyama abagidagidi ndawonye ngoba naku kunohlobo oluthile oluphatha isikhathi “Ngifieside.sa abantu besifazane abamnyama abancane babone abantu abafana nabo abasezikhundleni futhi ezindaweni ezingajwayelekile. Uma sikhula thina singabesifazane abancane sicabanga ukuthi yikuphi lapho singathanda ukusebenza khona, sasifisa ukuba yi-chief financial officer ebhange. Ngicabanga ukuthi siyababona banda oCFO (o-chief financial officer) besifazane abamnyama, nokungakho ngiziqhenya kakhulu ngokuvelela endaweni lapho bekungalindelekile khona. Ngikholwa wukuthi loko yinto enhle kakhulu ukuthi abantwana abakhulayo njengamanje bayibone,” kusho uNkk uTshazibana. Uthi kuyamjabulisa nakakhulu ukuthi ungomunye wabaphathi beBhange loMbuso esikhathini lapho bebaningi abesifazane abamnyama abakhonyayo. “Ngiyiphini lomphathi weBhange loMbuso esikhathini lapho umphathi weSA Mint kungowesifazane omnyama owunjiniyela, umphathi weSA Bank Note naye wunjiniyela wesifazane omnyama kanjalo nenHloko yeCurrency naye ngowesifazane omnyama, owusomnotho. Zonke lezi zinto zingenza ngiziqhenye ngalesi sikhundla engikusona.”

UNkk uTshazibana uthi naye wayengazi okutheni ngezomnotho ngesikhathi eqala e-University of Natal, osekuyi-University of KwaZulu-Natal. Wayebhalisele iziqu zomthetho, wazithela kwezomnotho ngesikhathi ehlanganisa izifundo zakhe zonyaka wokuqala ngoba babevumelekile ukuxuba izifundo ezinhlobonhlobo. Kwathi uma efunda ngezomnotho wagcina esezithanda ngoba ebona ukuthi isifundo ongasisebenzisa noma yikuphi empilweni futhi nanoma kuphi emhlabeni. Uqale ukusebenza noKganyago ngenkathi esebenza emNyangweni wezeziMali ngenkathi ungqongqoshe kusewuMnu uTrevor Manuel. Omunye wabantu ababekhona ngaleso sikhathi kulo mNyango wuMnu uLungisa Fuzile. Uthi akufunda ngalesi sikhathi, ikakhulukazi kuManuel, wukuthi uma uphethe ungakusabi ukusebenza nabantu abazi ngaphezu kwakho futhi uyivumele imibono “UNgqongqosheyabo. uManuel wayezikhulumela futhi ewumuntu omkhulu. (Noma) yize kunjalo wayesivumela sonke esasimsebenzela ukuthi simphikise uma siphethe into ezwakalayo, senze izinto ngendlela ehlukile kunalena ayesuke eyicabanga. Ngafunda nokuthi awudingi ukuba yibhoklolo, angimkhumbuli nakanye esebenzisa kabi isikhundla sakhe ukuze sivumelane naye,” kulanda yena. Udlulele enkampanini elawula imboni kagesi iNational Energy Regulator of South Africa (iNersa) kanti khona uthi wafunda komunye wabaphathi bakhe uNksz uSnowy Khoza ukubaluleka kokwabelana ngolwazi analo, angalugodli kuyena, ngoba kuhle ukuthi wonke umuntu akhule enkampanini. “Omunye umphathi wami eNersa owangifundisa into emqoka wuKevin Morgan, owayephethe uphiko lomthetho. Sasiba nemihlangano nabantu bakwaEskom, engangithi uma ngibalalele ngishaywe wuvalo ngoba ngibona indlela abanolwazi ngayo. Wathi kimina bonke laba bantu banalolu lwazi ngoba sebesebenze iminyaka ewu-20 kuya kwewu-30. “Kodwa sisezinhlelweni zokushintsha le mboni nokuzoqhamuka nezinto ezintsha abangazazi. ‘Ngakho wena Fundi gxila ekufundeni lezi zinto ezintsha abantu abangazazi, uzitholele indawo ozoba ngumakhonya kuyona.’ Kungisizile loko kakhulu ngoba ngeke ukwazi ukuthi kuse usunolwazi abantu okubathathe iminyaka ukuthi babe nalo,” uNkk uTshazibana. Ngaphambi kokuza eBhange loMbuso, uNkk uTshazibana waya kwi-International Monetary Fund, lapho ethi inhloso kwakuwukufunda kabanzi ngokuhlanganiswa kwemigomo ezingeni lomhlaba nokuqonda ukusebenzisana namanye amazwe. IBhange loMbuso liyaye ligxekwe ngabakhala ngokuthi alenzi okwanele ukulekelela intuthuko yezwe. Abanye bayalisola nangokuba nabantu abazimele abanesabelo kuleli bhange. UNkk uTshazibana uthi mukhulu umsebenzi obahlalele wokufundisa abantu ngokuthi liyini iqhaza laleli bhange. “Umphakathi uyaye udidanise umsebenzi weBhange loMbuso nalowo webhange elibhekelele intuthuko. Imvamisa sibuzwa imibuzo efana nokuthi kungani singasebenzisi le mali esinayo ukweseka amabhizinisi amancane, ukweseka i-Eskom. “Thina siyibhange kuhulumeni, kumele sikwazi ukusiza uma kwenzeka amanye amabhange eba senkingeni, yilowo umsebenzi wethu. (UKganyago) uyaye athi sifana nomoya ophefunyulwayo. Awusiboni, ngakho uyazibuza ukuthi yini umsebenzi walo moya. Awuwuboni umsebenzi wawo kuze kube uyancipha noma kukhona okuwungcolisayo.”

ENONYAKA ethathe izintambo zokuba wumphathi eHhovisi loMcwaningimabhuku-Jikelele KwaZulu-Natali uNkk uFuthi Mhlongo waphoqeleka ukuthi ahoxise ithimba labacwaningimabhuku ababecwaninga uMasipala waseThekwini ngoba esabela ukuphepha kwalo emva kokuthi lisatshisiwe. Lesi sigameko sashaqisa abaningi, kwazise kwakuqala ukwenzeka into efana nalena. Nakuba kwakuyisigameko esithusayo lesi futhi esasingenza omunye umuntu azingabaze yena uqobo kanjalo nomsebenzi kodwa samqinisa ukhakhayi uNkk KwathiuMhlongo.noma kukhona abasigxekayo lesi sinqumo bethi akahambisi ngokomsebenzi awunikwe wuMthethosisekelo kodwa wabambelela esinqumweni sakhe ngoba ukholwa wukuthi ukuvikela obaholayo uma besengozini yinto okumele ihambe phambili. Uthi uma usuwenze loko, umsebenzi usungaqhubeka. “Uma umuntu-ke ekusabisa kuchaza ukuthi kukhona into enhle oyenzayo ngoba ngeke nje usuke uvele usatshiswe ungenzanga lutho oluthinta ingqikithi yezinkinga nezinselelo zomphakathi. Ngakho-ke kimina kwasho ukuthi uyazi ukuthini ikhona le nto esiyenzayo ezokwenza isimo sibe ngcono; kuwukuthi nje kufuneka siqinisekise ukuthi siphephile,” kusho “Lokho-keyena.kwasisiza kakhulu ngoba kumanje uKhomishana wamaphoyisa la KwaZulu-Natali uyazi ukuthi sizomthinta uma kukhona inkinga bese esisiza.” Uthi bafunda nokubaluleka kokusebenzisana namaphoyisa ngoba ukuba nonogada abazimele kwakungeke kubalungele ngoba babedinga indlela elula, ephephile nengezukubadla ephaketheni. Kwamsiza nokuthi inkonyane yayingathuki isisinga kuleli hhovisi, kwazise useneminyaka ewu-18 esebenzela ihhovisi loMcwaningimabhuku-Jikelele. Wafika khona emva kokuphothula iziqu zeHonours kwi-BComm Accounting eNelson Mandela University. Wayezosebenza iminyaka emithathu kuleli hhovisi ngokwesivumelwano somfundaze ayewutholile njengoba kuyilona elakhokhela izifundo zakhe KodwazeHonours.usegcine esehlale sonke lesi sikhathi, waphatha izikhundla ezihlukene ngaphambi kokuba wumphathi wesifundazwe sonke, okuyihhovisi elinezisebenzi eziwu-240. Uthi loku yikona okumenza kuthi noma kwesinye isikhathi efikelwa wumuzwa wokudikibala acabange ukuyozama “amadlelo aluhlaza” embonini ezimele kodwa akhethe ukuhlala kulo msebenzi ngoba kusizakala abantu abaningi. Esafunda isikole uNkk uMhlongo, ozalwa eNdwedwe, eThekwini, wezwa kuKhozi FM kukhulunywa ngomsebenzi wokucwaninga amabhuku nokuthi abantu abamnyama baseyidlanzana khona. Kwathi angezwa wanikela kuthisha wakhe eyobuza kabanzi ngakuzwile nokuthi kuthatha isikhathi esingakanani ukukufundela. “Ufunda okungenani iminyaka eyisikhombisa, ugcina usuwudokotela wezimali kuwuwena obheke yonke into. Nanokuthi into okufanele ube nayo yizibalo, isiNgisi ne-Accounting.”

INKUNZ’ EMIDWAYIDWA Agasti 12, 2022 | www.umbele.co.za | 3 WUSLINDILE KHANYILE

Nakuba isimo sakubo sasingavumi ukuthi aqhubeke nokufunda emva kokuphothula umatikuletsheni ngoba babedla imbuya ngothi kodwa wayezimisela esikoleni futhi ephasa ngamalengiso ngoba wayekholwa wukuthi imfundo Ngempelaingamsiza.kubeyisikole esimtakulile njengoba kungothisha bakhe abamsiza wathola umfundaze Ongoye, lapho enza khona izifundo ze-BCom Accounting Umsebenzi weHhovisi loMcwaningimabhukuJikelele uyaziwa njengoba ngeshwa kuyiwona ocacisa bha izinselelo ezikhona eNingizimu Afrika zokungaphathwa ngendlela kwemali yabakhokhintela.Owokugcinaumbiko, nobucwaninga unyaka wezimali ngo-2019/20, uphinde waqinisekisa ukuthi lusabhimba uhlelo njengoba nakuba ukusetshenziswa kwemali ngendlela engalungile noma ngokungawulandeli wonke umthetho kwehlile kodwa kuseyimali enkulu njengoba kube wuR54.34 billion Enye yezinto okuvame ukukhalwa ngazo ngalo msebenzi wukuthi abacwaningimabhuku bafika emva kwendaba umonakalo usuwenzekile. Yisikhalo lesi esiqhamukile nangesikhathi kuvela amahlazo okungaphathwa kahle kwemali embonini ezimele abethinta izinkampani ezifana neTongaat Hulett, iSteinhoff nezinye, nokuvele ukuthi abacwaningimabhuku babe nesandla kulo UNkkmonakalo.uMhlongo uthi ngeshwa izambane elilodwa libolisa isaka lonke. Kodwa uthi imigomo elawula ukuziphatha kwabo kanjalo nokuthi lezi zigameko sezihlala obala kuzosiza kukhucululwe ngoba kuyadingeka nabo Njengobabazihlole.esebenza ngaphansi kukaNksz uTsakani Maluleke manje, lona wuMcwaningimabhuku-Jikelele wesithathu asesebenza naye njengoba esebenze nomufi uMnu uKimi Makwetu noMnu uTerence UthiNombembe.wafunda kuNombembe ukuthi umcwaningimabhuku akahlali ehhovisi nje kodwa kumele aphume aye emakhasimendeni akhe nomphakathi ukuze abantu bezowuqonda umsebenzi awenzayo. KuMakwetu ufunde ukuthi awugcini nje ngombiko wakho bese ushiya kanjalo kodwa kumele uqhamuke neziphakamiso zokulungisa futhi uma enikwenzayo kungasebenzi, nizame okuhlukile. UNkk uMhlongo ubamba neqhaza ekwandiseni isibalo sabantu abamnyama kanjalo nabesifazane kulo mkhakha njengoba esebenza nezinhlangano ezihlukene ezinjengeSouth African Institute of Chartered Accountants, i-Advancement of Black Acounting Students of Southern African ne-African Women Chartered Accountants. Basebenzisana nanamanyuvesi.

Umsebenzi abizelwe kuwona unezinselelo futhi uyasinda emphefumulweni kodwa ukwazi ukuthi usiza umphakathi kuyamgqugquzela ophethe iHhovisi loMcwaningimabhuku-JikeleleKwaZulu-Natali

Women-owned agricultural initiatives are supported through Agri-Business and Agro-Ecology which offers infrastructure, mentorship, and other support. There are several successful women who participate in farming production such as poultry and vegetables that supply major retailers such as Spar and Pick ‘n Pay.

The City ushered in Women’s Month with style as three young designers are the talk of the town after being part of the team designing the opening ceremony kit for Team SA for the Commonwealth Games in Birmingham. The opening ceremony was on 28 July and was broadcast across the globe. This is the second time a team from eThekwini was given an opportunity to work with the Mr Price Sport team to design the kit for the South African team for an international competition.

To register on the eThekwini’s Women Economic Empowerment Programme database email: musa.ndabeni@durban.gov.za or call 031 322 6209.

During Women’s Month, eThekwini Municipality celebrates the steady progress made to position women on the path to socio-economic emancipation through various development programmes.

The DFF provides opportunities for participants to receive training, mentorship, and access to markets as part of the Municipality’s programme to develop the fashion and textile industry.

The Co-operatives Development Programme has produced many successful women-owned cooperatives that manufacture various products. This has been achieved through capacity building, providing training, equipment, and mentorship. These include women-owned business that produce detergents, bakery products, school uniform, shoe manufacturing, and arts and crafts.

EThekwini empowers women in business

To continue with the mandate of empowering women economically, the City established the Women Economic Empowerment Programme in 2006 which is spearheaded by the Business Support, Tourism, Markets and Agri-Business Unit. The Municipality invests about R1.5 million annually to the programme to breach the industry gaps in male dominated sectors and provide equal opportunities for women through capacity building and mentorship initiatives for women in business. Women are encouraged to register on the database of the programme to have easy access to information, training, access to market through exhibitions, skills development, trading space, and many other opportunities.

IKHASI ELIKHOKHELWE

The three designers are a product of the Durban Fashion Fair (DFF) Development Programme, of which 70 percent of the beneficiaries are women. The programme is facilitated by Fezile Mdletshe of Fezile Fashion Skills Academy working with eThekwini Municipality to transfer skills to emerging designers.

One of the programme’s success stories is Futhi Mkhize of Dr Phyto Medical Plants who through the programme, scored a bursary to study Phytomedicine and Ethnomedicine at the University of Pretoria. This was funded by the Municipality under the Cooperatives Development Programme. She now owns a manufacturing plant which produces skin care products and herbal pills. Upon completing her studies, she returned to Durban and transferred skills to a group of 30 women, many of whom are currently eking out a living through this skills development. Some of the women are awaiting their laboratory test results for their products to begin their business journey.

KUHLE ukuqala into uyiqede, kungakhathaleki ukuthi kukuthatha isikhathi esingakanani. Lena ngenye yezinto akholelwa kuzo oyisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa. Okunye akholelwa kukhona wukuthi izinselelo bona ababhekana nazo akumele labo abeza emva kwabo babhekane nazo, yingakho ekhuthalele indaba yentuthuko yabantu abamnyama. UNksz uBusi Mavuso, oneminyaka engu-43, kumthathe iminyaka ewu-24 ukufeza iphupho lakhe lokuba yi-chartered accountant ngenxa yendlela agcina efunde ngayo ngenxa yesimo sakubo. Leli phupho lifezeke emva kokufunda ngohlelo lwe-Association of Certified Chartered Accountants ese-United Kingdom. “Noma ngangingazi ukuthi kusho ukuthini ukuba yi-CA kodwa ngangazi ukuthi ngifuna ukuba yiyona ngoba ngangiziphuzela kwi-Maths nakwiAccounting,” kusho yena. Eseqede isikole, wathola umsebenzi e-Absa ngoba yayingekho imali yokuqhubeka nokufunda futhi wayefuna ukulekelela unina. Kuthe esesebenza, wase eyaziqhuba yena ngokubhalisa e-Unisa lapho ayenza iziqu ze-BCompt egxile kwi-Accounting ne-Auditing. Ukuthola lezi ziqu zokuqala kwamthatha iminyaka eyisishiyagalolunye. “Ngathola ukuthi kunzima ukujwayela indlela yokufunda kade usuka edeskini kunothisha phambi kwakho ebekutshela ukuthi funda lana, ufunde lana nalana kodwa manje akasekho. Kunezifundo engaziphinda futhi kwakungekho ukwesekwa kahle, kwangithatha isikhathi, ngaze ngajwayela,” kukhumbula yena. Ukuze abe yi-CA kwakuzodingeka enze ama-article, nokwakuzosho ukuthatha umsebenzi ozonciphisa umholo wakhe, into ayingeke akwazi ukuyenza ngenxa yesimo sakubo. Muzwe echaza ngohambo lwakhe lokuba UkungapheliyiCA. mandla yikona akusebenzisayo nasezimpini asezilwa manje njengoba esalwa nokuthi akube noguquko emnothweni nasekuphathweni kwezinkampani eNingizimu Afrika. Akalweli abantu abamnyama kuphela kodwa ulwela nentuthuko yabantu besifazane njengoba ekholwa wukuthi wumsebenzi walabo asebethuthukile ukuthi bakhuphule nabanye. Uthi ziphindaphindiwe izinselelo zabantu besifazane abamnyama. Uthi abantu besifazane baphinde balinyazwe nawukungazethembi nokuzingabaza, lokhu okubizwa nge-imposter syndrome, nathe kwenza ukuthi ngisho umuntu wesifazane esephethe aqhubeke kube sengathi Indlelaakaphethe.lolu daba olumshisa ngayo ibunzi waze waqoma ukulucwaninga kabanzi ngesikhathi enza iziqu ze-MBL, nazo azithole e-Unisa njengoba ayebheka ukuthi yini eyenza abantu besifazane abamnyama bangakhuphuki masinyane njengezinye izinhlanga noma njengamadoda amnyama. Ucwaningo lwakhe lwaveza ukuthi indlela abantu besifazane abakhuliswa ngayo nayo inomthelela. UNksz uMavuso uthi yamsiza kakhulu incwadi eyabhalwa yi-chief operating officer yakwaFacebook uSheryl Sandberg, esihloko sithi Lean In, njengoba enye yezinto eyamenza wazibona wukuthi abantu besifazane babanjezelwa nawukufuna ukuthandwa yiwo wonke umuntu emsebenzini. Ufike kwiBLSA ephuma kwiBlack Management Forum, lapho nakhona ebeyisikhulu esiphezulu, nathi yiwona msebenzi awujabulele kakhulu

ngenxa yomsebenzi wale nhlangano elwela ukuthi abantu abamnyama abanikwe amathuba ezinkampanini. Uyise washona eneminyaka eyisishiyagalombili nokwenza ukuthi yena nabafowabo ababili nodadewabo oyedwa bakhuliswe wunina yedwa. Omunye omgqugquzelayo wuSolwazi uBonang Mohale nathatha izintambo kuye kwiBLSA. Uthi uMohale umfundise izinto eziningi. Unina wuyena abukela kuyena njengoba ethi wafunda kuyena ukuthi into oyiqalile kumele uyiqede uma ebuka indlela abakhulisa ngayo emva kokuthi kushone uyise njengoba agcina ekwazile nokubathengela ikhaya elithi “Ngiyayithandabona. indlela aphokophela ngayo ukuthi abantu abamnyama kumele baphumelele, nendlela ayesebenzela ngayo ukuthi abantu abaphethe baphumelele. Ngiyayithanda indlela angenamahloni ngayo ngokufuna ukufukula abantu besifazane kanjalo nabantu abamnyama. “Akanamahloni ngokuthi uma singakaboni abantu abamnyama beyinqwaba ezikhundleni, kusho ukuthi isekude le mpi ukunqotshwa. Uthi uma sisebabili, sisebathathu ezikhundleni, asikwazi ukuhlala sithi dekle.

“Ngiyayithanda nendlela ayefakana ngayo emgqeni ngezinto ezifana nokuthi awukwazi ukuyongena emhlanganweni ungazilungiselele, awukwazi ukuba wumholi ongafundi, ukuhlulwa ukuhlonipha isikhathi. Wayekubuza nokuthi udingani ukuze uphumelele, egqugquzela nento yokunakekela umzimba, ukujima… indlela odla ngayo,” kuphetha uNksz uMavuso.

• Unabantwana ababili; • Uphumula ngokulala noma abukele amafilimu;

Okunye ngaye: • Uzalelwe futhi wakhulela eSoweto, eGoli;

embonininabesifazaneabamnyamaukufukulawukuthandaUkhuthazwaabantuezimele

Agasti 12, 2022 | www.umbele.co.za | 5 WUSLINDILE KHANYILE INKUNZ’ EMIDWAYIDWA

• Usanda kufaka isicelo sokwenza iziqu ze-PhD eGibs. Une-Post-graduation qualification in Management yaseGibs.

Me in SME I am the Terms and conditions apply Authorised Financial Services Provider Registered Credit Provider Reg No NCRCP7 #AbsaSmallBizFriday encourages Absa customers to shop local every Friday, and as an Absa Rewards member, you earn double cash back for using your Absa card every Friday. Supporting small businesses in my community starts with me. We do more so small businesses can thrive. That’s Africanacity. Visit absa.co.za for participating stores near you.

IZINKINGA ezinqala ezikhungethe iNingizimu Afrika, okuwububha, ukuntuleka kwemisebenzi nokungalingani, zingaxazululeka kalula uma wonke umuntu engazibophezela ekwenzeni umehluko lapho ekhona. Usho kanje uNkk uBongi Ngoma, inhloko yeNational Audit eHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele eNingizimu Afrika. Ngokwezibalo zeStatistics South Africa, isibalo sabantu abangasebenzi ezweni siwu-34.5%. I-gini coeffient, indlela esetshenziswayo ukukala ukungalingani kwabantu iwu-0.63, okwenza iNingizimu Afrika ibalwe namazwe ahamba phambili uma kukhulunywa ngokungalingani kwabantu abantu abaningi bangafikelwa wukuthi asithuthukise ezemfundo, asithuthukise uhlelo lokufundisa ezikoleni. Ngicabanga ukuthi yiloko okuvame ukushiwo abantu. Kodwa mina ngithi asingayenzi le nto into enkulu kangako…ayinkulu “Lekangako.ntoifuna ukuthi mina lapho ngikhona... mina Bongi Ngoma yini engingayenza ngokwamandla ami. Sinohlelo esike saluqala la emsebenzini obeluthi Each One Grows One ebengiluthanda kakhulu. Kuningi esingakwenza ukubhekana nalezi zinto; kungaba wukuxhasa abantwana ngezicathulo ukuthi bakwazi ukuya esikoleni, ukuxhasa amantombazane ngemisubelo ukuze akwazi ukuya esikoleni uma esesikhathini. Noma uthathe umntwana oyedwa uthi uzomfundisa, umsize afake izicelo zemifundaze. Yizinto zonke esingazenza kanti akudingi ukuthi kube yizinto ezinkulu,” kusho yena. UNkk uNgoma uthi kudinga ukuthi wonke umuntu alandele iseluleko sikaMama uCharlotte Mannya-Maxeke (ingqungqulu yomzabalazo) owathi abantu abayeke ukuzicabangela bona baqinisekise ukuthi uma bekhuphuka kukhona omunye abamkhuphulayo. “Akathi uCharlotte Maxeke ‘hamba uyokwakha isikole’. Cha, uthi nje ‘uma unyuka, nawe akube khona omnyusayo.’”

Agasti 12, 2022 | www.umbele.co.za | 7 WUSLINDILE KHANYILE INKUNZ’ EMIDWAYIDWA

“Ngicabangaemhlabeni.ukuthi

Owenza ezibukwayo emkhakheni wokuphatha imali uthi akuqhakanjiswe izindaba zabamnyama abavelele ukukhuthaza izingane

•Audit;Ufike eHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele ngo-2012 eyicorporate executive eqondene nophiko lweziMali, kwaNdabazabantu •nezoMthetho;Unabantwana abathathu; • Ukhonze ukufunda izincwadi nokuvakashela izindawo nomndeni

Uthi nakuba kukuhle ukukhuluma ngasekuzuzile kodwa uyathanda nokuxoxa ngezingqinamba endleleni ukuze abantu bazi ukuthi ukuphumelela akusho ukuthi yonke into ihamba kahle ngaso sonke isikhathi. Njengoba isiNtu sisho ukuthi indlela ibuzwa kwabaphambili futh injobo enhle ithungelwa ebandla, uNkk uNgoma uthi kuhle nokucela usizo kwabanye abantu. Okunye ngaye: • Wenze imisebenzi eminingi e-IDC, wagcina eseyinhloko ye-Internal

UNkk uNgoma, odabuka kuTsolo, eMpumalanga Kapa, ukhuliswe wunina ongasekho, nowagcina esewumhloli. Lifezekile iphupho akhule nalo, okuyilo elalimbusa futhi limkhuthaza lokuthi naye abe ngomunye wama-chartered accountant (i-CA) esifazane. Uthi wagqugquzelwa wukufunda ngoNkk uNonkululeko Gobodo, iCA yesifazane emnyama yokuqala. Wazi ngoNkk uGobodo ngenxa yokufunda amaphephabhuku unina ayevame ukuwathenga. “Siyadinga ukubuyela ekutheni sikhombise abantu bakithi izindaba ezingabagqugquzela ukuthi baphuphe (babenezifiso). Ngifisa ukuthi besingahlanganisa izindaba zabantu abamnyama abavelele… incwadi bese siyayisabalalisa emakhaya ukuze abantwana babone ukuthi ‘ha ungaba uwumuntu omnyama uphinde uphumelele kahle!’ “Le nto ingikhumbuze nokuthi yini izinto abantwana abazibonayo manje. La mafilimu amagintsa… nokuyikona abagcina befuna ukuba yikona, bafuna ukuba abaphathi bezigeleke ezishushumbisa izidakamizwa ngoba yiloko abakubonayo. Kumele sishintshe izinto intsha ezibonayo,” kukhuza uNkk uNgoma. Emva kokuphothula iziqu e-University of Natal (esiyi-UKZN manje) usebenze e-Ernst & Young, lapho enza khona ama-articles, uhlelo lokuthwasisa ama-CA. Uthe kwakunzima kuleya nkampani kodwa yamqinisa ukhakhayi. Wasuka e-Ernst&Young waya esikhungweni sikahulumeni esilekelela ukuthuthukisa osomabhizinisi ngokubaboleka imali i-Industrial Development Corporation (i-IDC). Wahlala iminyaka eyisithupha khona. Uthi yilapho lwatshaleka khona uthando lokusebenzela izikhungo zikahulumeni, nokwaholela ekutheni uma esuka khona, waya eHhovisi UthilomCwaningimabhuku-Jikelele.ukusebenzelaizikhungozikahulumeni kuyamgculisa kakhulu ngoba uyawubona umehluko awenzayo emphakathini ngoba into eseqhulwini akukona ukugaya inzuzo. Wengeze ngokuthi izikhungo zikahulumeni ziyahambisana nohlobo lomholi awuyena, phecelezi i-servant leader, okuwumholi okhathalele abantu kangangokuthi akabe esabheka ngisho lokho sekulimaza yena. Ephawula ngomsebenzi wabo eHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele, uthe ufisa abantu baqonde ukuthi ekwenzeni umsebenzi wabo nabo njengawo wonke omunye umuntu, bagqugquzelwa wukufuna ukubona izwe elisebenza kahle futhi kufezeke izethembiso ezikuMthethosisekelo. “Uma ngizocwaninga amabhuku, angilona iphoyisa kodwa yiyona ndlela yokuthi nami ngivikele intando yabantu. Sonke sifuna into eyodwa… kunciphe abantu abathembele ezibonelelweni, izibhedlela ezisebenza kahle futhi wonke umuntu azimele. Sinezindlela ezihlukene zokukwenza lokho,” kusho yena. UNkk uNgoma ube sematheni ngenxa yokuwina umklomelo we-African Women Chartered Accountants (i-Awca), i-2021 Public Sector CFO of the Year. Uthi lo mklomelo uwubufakazi bokuthi nasezikhungweni zikahulumeni uyenziwa umsebenzi osezingeni eliphezulu nokuthi babambisene kahle nethimba asebenzisana nalo. Ngaphambi kwalesi sikhundla asiphethe manje, ubeyi-CFO (i-chief financial of) khona eHhovisi loMcwaningimabhuku-

•wakhe;Izincwadi azikhonzile ngezikhuluma ngobuholi obususelwa eBhayibhelini njengezikaTD Jakes noMyles Munroe. Uyazithanda neze-fiction njengezikaSidney Sheldon; • Ukhonze ukupheka kanti ukudla azifelayo ngakho yidombolo nom•leqwa.Bazalwa bathathu kubo kodwa kukhona umfowabo ongasekho emhlabeni.

• Ngo-2018 waqokwa yiphephabhuku i-Entrepreneur wabalwa kwi-Top 30 Influential South African Business Leaders; • Uhlala emabhodini ambalwa okukhona eleBhange loMbuso, iVodacom Foundation Advisory, iBankserv Africa, i-Office of the Pension Fund Adjudicator, iFinancial Sector Conduct Authority; • Uyi-trustee eHumulani Trust nelungu leGibs MBA Alumni Bursary Committee;

• Ukhonze ukufunda kanti ezinye zezincwadi azithandayo yi-Things Fall Apart kaChinua Achebe ne-Devil on the Cross kaNgugi wa Thiong’o.

8 | www.umbele.co.za | Agasti 12, 2022

WUSLINDILE KHANYILE INKUNZ’ EMIDWAYIDWA

• Ngo-2010 waqokwa yiHhovisi leNxusa laseMelika ukuthi abe ngomunye wabantu abacathuliswayo abaholi besifazane kwi-FORTUNE/US Department Global Women Leaders; • Ngo-2015 waqokwa ukwenza umsebenzi wokucathuliswa yiCherie Blair Foundation;

• Ukhonze nokuyobhucungwa umzimba; • Uthanda iRnB.

Uwumholi okhuliswe ukuhlale ehlwaya ulwazi olusha nokuzilungiselela ocija abaholi bezinkampani

leabaqotho.nkampani, ngomunye ukufunda,ayibuka UNksz

INHLANHLA yinto eyenzeka ngokuthi uma kuqhamuka ithuba likuthole uzilungiselele. Into odinga ukuyenza ukuhlale uzilungiselele ukuze uma liqhamuka ithuba ukwazi ukulisebenzisa. Okungavumelekile wukucabanga ukuthi ngoba nakhu umncane, kufanele ulithole lelo thuba. Ukuba musha akusho ukuthi likufanele kepha wulwazi onalo okufanele lukwenze ulithole ngoba yilokho okusike kudingwa yinkampani. Lesi yiseluleko sikaNksz uDudu Msomi, isikhulu esiphezulu seBusara Leadership Partners. Lena yinkampani esiza ezinye izinkampani zihlanganise umhlahlandlela ezizowulandela, i-strategy. Iphinde izeluleke nangendlela elungile yokuziphatha njengebhizinisi, i-corporate governance, okufaka nendlela yokuziphatha kwabahlala emabhodini ezinkampani futhi ibaqeqeshe ukuba ngabaholi UNkszabaqotho.uMsomi, oneminyaka engu-13 ayisungula le nkampani, waqala ukuhlala ebhodini yabaqondisi benkampani eneminyaka ewu-24 esasebenzela iSaatchi & Saatchi. “Ngaleso sikhathi ngafika endaweni okwakungathi uma ubuka ihhovisi engangifakwe kulona ukuba ngangiwumuntu onomqondo omubi, ngangisasebenzisa leso sikhathi ngilibele wukunaka onke la mabhokisi ayesehhovisi lami, ukuthi ngangingenayo ikhompyutha nokuthi ngase ngineziqu ezintathu ngaleso sikhathi, ‘ngakho ningenza kanjani kanje?’. “Kodwa angibanga nengqondo embi. Ngapequlula amabhokisi, ngathola amafayela nge-akhawunti engangizoyisebenza. Ngangiqashelwe ukusebenza kwi-akhawunti yakwaPepsi. Ngafunda yonke into, lonke ifayela elalikhona amasonto amabili wonke, angilibalanga (wukukhononda),” kukhumbula yena. Loku kwenza ukuthi kuthi uma ecelwa ukuthi abambele esinye sezikhulu emhlanganweni emva kwamasonto amabili efikile, nokwamsiza kakhulu. “Ungasho ukuthi mhlawumbe bona babenzela ukubukeka kahle kodwa mina ngangena emhlanganweni, kwakubuzwa izinto ngoPepsi futhi ngangiphendula kungathi kade ngafika. Ngakho ayikho into enganikwa yona kodwa yindlela engenza ngayo uma nginikwa ithuba,” kusho uNksz uMsomi. Uthi kusukela lapho isikhulu esiphezulu sambheka ngamanye amehlo. UNksz uMsomi uthi namanje leso yisona seluleko asinikeza abantu. “Kunabantu abangawuqondi umnotho, abangayiqondi indaba yokuthi amazwe asebenzisana kanjani (i-globalisation), abangaziqondi ezobuchwepheshe kodwa bafuna ukunikwa ithuba lokuthi basithathele imigomo, banqume ngekusasa lezwe lethu. Ngobani? Ngoba nakhu bancane? Lutho,” eshaya amakhala. Uthi kunabantu abake basukume emihlanganweni uvele uswele umgodi wokucasha uma bevula umlomo. “Kufana nalabantu abakhuluma ngokuthi izinhlaka zonke zomnotho kumele zibe sezandleni zikahulumeni (i-nationalisation). Bayakuqonda kodwa lokho abakusho ukuthi kusho ukuthini. Iqhamukaphi imali etholwa wuhulumeni? “Manje siyathuka ukuthi asinayo imali eyanele ezweni, isibalo sabantu abasebenzayo sehlile, nokusho ukuthi inciphile intela engenayo, ngakho uzoyithathaphi imali. Uma uzoloku uqhubeka nokushisa izikole, silokhu sisebenzisa imali ukulungisa into eyodwa, hhayi ukwakha ezintsha. Imali iyaphela akulona nje ibhodwe elihlale liconsa,” kusho yena. UNksz uMsomi, owazalelwa futhi wakhulela eThekwini, uhlala kuleli dolobha naseGoli. Ekhula wayefisa ukuba ngomunye wabantu abahamba emkhathini, iastronaut Washintsha wafisa ukwenza umsebenzi wokunakekela umphefumulo nengqondo i-psychology ngoba uthi yayimchaza indaba yokuthi umqondo womuntu usebenza kanjani. Nokho washintsha umqondo uma ezwa ukuthi ama-psychologist awaholi mali etheni. Esinye isizathu kwaba wukuthi ngoba wayazi ukuthi angathanda ukuzisebenza futhi abantu abamnyama abawasebenzisi kangako ama-psychologist, ngakho kwakuzosho ukuthi kumele athembele ebelungwini, nayazi ukuthi kuzoba lukhuni ngoba akuthenjwana njengoba kwakuwu-1994. “Ngisho namanje nasembonini ezimele emva kweminyaka ewu-27 kusenzima ukuba namakhasimende ezinye izinhlanga,” kusho uNksz uMsomi. Kuthe efunda e-University of Natal, esibizwa nge-UKZN, wathatheka ezwa kukhulunywa ngomkhakha wokudayisa imikhiqizo i-advertising, nagcina nawo esewufundele. Uqale ekusebenze kwi-retail eqashwe e-Edcon, wabe esengena kwi-advertising. Uke waba nasemkhakheni wokuhlinzekwa kwezimali, enkampanini engenzi inzuzo, kwezobuchwepheshe nezinye ngaphambi kokuzisebenza. Uthi kwasheshe kwamcacela ukuthi angathanda ukuzisebenza emva kokuthi eqale ukufunda kabanzi nge-corporate governance, ayibuka ngeso lokuthi eyokuqikelela ukuthi izinkampani ziphathwa ngendlela efanele, hhayi nje ukuhlonipha umthetho othile. Lokho kwamenza wabona ithuba lokuba ngumuntu ohlanganisela izinkampani umhlahlandUNkszlela. uMsomi uthi uwumuntu ocosha lapha nalaphaya, ahlanganise ulwazi lwemikhakha ehlukene ukuqhamuka nezisombululo. Akakholelwa ekubeni wumakhonya womkhakha owodwa. “Kwesinye isikhathi sike sithi ukuzisebenza akukona okwamagwala, yiqiniso ngempela lelo. Kumele uluthande uhambo lonke nozama ukukwenza. Akusiko kangako ngebhizinisi kodwa kakhulu ngezinkinga ozama ukuzixazulula emphakathini noma ngebhizinisi lakho,” kusho yena. UNksz uMsomi uthi ukuba wusomabhizinisi ononembeza akuyona into elula. “Ikakhulukazi uma izinto zingahambi kahle. Buka mangaki amabhizinisi osekudingeke avale ngenxa yeCOVID-19. Ekugcineni ibhizinisi yibhizinisi ngoba kunamakhasimende akhokhayo. I-COVID-19 ishintshe izinto, amabhizinisi abenza ezinye izinto agcina esenza enye. Kodwa ngisho ngaphambi kweCOVID-19, umsebenzi ubengeyona indathane, ikakhulukazi eNingizimu Afrika, uma uwumuntu wesifazane omnyama futhi kubuye kuye ngohlobo lwebhizinisini onalo.”

Uthi imvamisa uhlobo lwebhizinisi elinjengelakhe alilindelwe kumuntu wesifazane omnyama, nathi yingakho kumqoka ukuthi uma kunesomiso ube nonembeza, ungazilulazi isithunzi. Uthi kumqoka nokuthi ungafuni umsebenzi ngendlela yokuthi ugcine usuwenza izinto ngendlela ikhasimende elifuna ngayo, esikhundleni sendlela okumele zenziwe ngayo, nokuyinto athi amakhasimende ayayizama kokunye uma azi ukuthi uxakekile.

• Ngo-2013 waklonyeliswa nge-Laureate Award yiNyuvesi yasePitoli ngomsebenzi wakhe emkhakheni inkampani yakhe egxile kuwo;

• Eminye imininingwane ithathwe kwi-website yeBusara Leadership Partners neyeSA Reserve Bank

Uthi akukashintshi lutho olutheni ngokwezinselelo ezibhekene nabantu besifazane njengoba bengakabi baningi emsebenzini nakuba kuyibona abaningi ezweni. Nokho uNksz uMsomi uphosele abesifazane inselelo ngokuthi kumele babheke nendlela abenza ngayo emakhaya labo abasemindenini lapho kukhona khona ubaba nomama. Uthi kumele kubanjiswane nangemisebenzi yasekhaya, umuntu wesifazane angafuni ukwenza yonke into. Okunye ngaye: • Une-BA Honours yase-University of Natal, i-Postgraduate Diploma in Advertising and Marketing yase-AAA School of Advertising, i-Postgraduate Diploma in Corporate Governance yaseRand Afrikaans University (i-University of Johannesburg), i-Programme for Management Development ne-MBA kwaseGibs;

Isuke ibambe ngakho kuyena uma

Uthi kwamsiza kakhulu ukukhulela emndenini lapho okwakuthi noma izingane kwakumele zihloniphe kodwa futhi zazilalelwa, zikhuthazwe ukuthi zisho ukuthi zifisani nokuthi ngokuhamba kwesikhathi afunde esikoleni esasixube izinhlanga. Loko kwamenza washeshe waqonda ukuthi kumele angasabi ukuzikhulumela nokucela akufisayo – okuyinto emsizayo emsebenzini wakhe. Ukhulele eGauteng naseLimpopo lapho ekhuliswe khona ngabazali bakhe nogogo nomkhulu wakhe. Uthi kubo yayaziswa kakhulu imfundo futhi yiyona akholwa wukuthi ingaba yisixazululo enkingeni yobubha ebhekene nezwe. “Impilo kamama wami ingcono kuneyabazali bakhe ngenxa yemfundo. Loko kusho ukuthi naye angenza okufanayo, nami ngenze okufanayo nokuqeda ukuthi ububha bungaqhubekeli ezizukulwaneni ezilandelayo. Sifaka imali eningi kwezemfundo kodwa asikawenzi umsebenzi wokuthi siyenze imfundo ibe sezingeni eliphezulu futhi “Siwuhulumenielilinganayo. sikhipha izibonelelo esizinika amantombazane akhulelwayo kodwa asikwazi ukuxhasa izitshudeni zasenyuvesi okungathi ngomuso uma sizixhasa ziyogcina sezikhokhela uhulumeni ngoba iyodwa kuphela indlela uhulumeni angenisa ngayo imali – wukuqoqa intela,” kusho yena. Uthi ukuntuleka kwemisebenzi kuzolungiswa wukukhuthaza ukwanda kosomabhizinisi abancane. Wenze isibonelo ngezwe laseGermany lapho ethe u-77% womnotho wakhiwe ngosomabhizinisi abancane. Wengeze ngokuthi kudingeka kusukunyelwe inkinga yobugebengu nokungahlonishwa komthetho eNingizimu Afrika. Uthi akaze abe nomuntu omcathulisayo kodwa kunabantu, nokungabesilisa, abamvulele amathuba kusukela esafunda nokuyiwona amkhulisile emsebenzini. Uthi nokwesekwa wumyeni wakhe kuyamsiza kakhulu. Okunye ngaye: • Abanye babantu abukela kubona nguNkk u-Indra Nooyi, owake waba wusihlalo nesikhulu esiphezulu ePepsico, umengameli we-European Central Bank uNksz uChristine Lagarde nowayenguMvikeli woMphakathi u-Adv uThuli Madonsela; • Uwumqondisi emabhodini ePrestige Bullion, eSouth African Bank Note Company ne-Ushaka Marine World;

Agasti 12, 2022 | www.umbele.co.za | 9 WUSLINDILE KHANYILE INKUNZ’ EMIDWAYIDWA

kunezinselelo ngoba uwumholi ongatatazeliswa wubunzima UKUZAMA ukujwayela ushintsho olulethwe yiCOVID-19 endleleni okuphilwa ngayo nokusetshenzwa ngayo yinto ezume wonke umuntu engalindele. Kukhona nokuyimanje abasazama ukulujwayela. Awucabange-ke ukuthi lolu shintsho lunjani uma usanda kuthatha izintambo enkampanini entsha? Mhlawumbe omunye umuntu yinto ebingamenza madolonzima, abambe eyeka. Kodwa kuNks uHoney Mamabolo, isikhulu esiphezulu seSouth African Mint igcagcele esokeni. Asimthusi futhi, asimtatazelisi Isikhathi esifana nalesi esidinga ukuthi kuqhanyukwe nezisombululo ezintsha, kushintshwe masinyane indlela okwenziwa izinto ngayo. I-South African Mint yinkampani eyingxenye yeBhange loMbuso kanti yona iqondene nokukhiqiza nokusabalalisa imali ewuhlweza. Le nkampani iphinde ikhiqizele namanye amazwe imali ewuhlweza futhi idayisele nabathanda ukuthenga futhi babeke imali ethathwa njengegugu efana neKruger Rand. UNks uMamabolo unezinyanga ezingu-31 engene kulesi sikhundla. Kwathi enamasonto ayisithupha eqalile, kwahlasela iCOVID-19, kwavalwa izwe thaqa, kwaphoqa ukuthi abantu basebenzele “Intoemakhaya.esengiyazi ngempela wukuthi ngiwuhlobo lo mholi oludalelwe ukusebenza uma kusuke kunenkinga, kuphithizela. Ngehlisa umoya, sengafunda ukuthi izikhathi ezinzima ziyasakha. “Ukufika enkampanini entsha kuyinselelo. Ukufika embonini entsha ngenye inselelo kanti ukukwenza lokho ngonyaka okuhlasele ngawo ubhubhane kwenza kube yinselelo ephindaphindwe kathathu. Kodwa ngiwumuntu okholelwa ekutheni izinto ezikwehlelayo empilweni kukuwena ukuthi uzibheka kanjani,” kusho yena. Uthi kumsizile ukuthi uwumuntu ohlale ezimisele ukufunda nokuthi inkonyane ibingathuki isisinga kuyena ngokusebenza ngendlela ephoqa ukuthi abantu osebenza nabo ningabonani nabo njalo. Wake wakwenza lokhu eminyakeni edlule ngenkathi esebenza embonini yezamandla lapho amanye amakhasimende abo ayekwamanye amazwe. Nokho uthi bekukhona ukuthi usenkampanini endala futhi enokwenza izinto isidala. “Nakuba sithathwa njengabanye babantu okuwukuthi umsebenzi wabo umqoka (nokusho ukuthi imboni yabo ayivalanga) kodwa sanquma ukuthi into emqoka kunazo zonke wukuqikelela ukuthi izisebenzi zethu ziphephile kuqala. Ushintsho alulula kuwona wonke umuntu kodwa ibhodi nabanikazi benkampani bayaseseka ngendlela emangalisayo,” kusho uNks uMamabolo. Ngaphambi kokuya kwiSouth African Mint, uNks uMamabolo ubeyisikhulu esiphezulu seThebe Unico, inkampani edayisa amakhemikhali embonini yezimoto. Wayefike khona esuka e-Industrial Development Corporation lapho ayengamele khona isikhwama esiwu R1 billion esasilekelela osomabhizinisi ababefuna ukuletha uguquko embonini yezamandla ngokukhiqiza ugesi ongaphehlwa ngamalahle. Uqale ukusebenza ezimayini nakuba engahlalanga ngaphambi kokusebenza emabhange. UNks uMamabolo uwunjiniyela ngokuqeqeshwa njengoba eneziqu ze-Chemical Engineering zase-University of Pretoria. Ethola lezi ziqu waqopha umlando ngokuba ngomunye wabesifazane bokuqala abamnyama abathathu abaphothula lezi ziqu kule nyuvesi, nokuyinto athi yiyona aziqhenyayo ngayo. Uthi wayazi esafunda ukuthi ngokuqeqeshelwa ubunjiniyela akusho ukuthi yilokho kuphela asezokwenza impilo yakhe yonke. Akahlalanga ezimayini ngoba ebona ukuthi le mboni yayingakafiki esigabeni sokuthi ifuna abantu abazoqhamuka nezisombululo, basungule izinto futhi yayingazimisele ngokushintsha. Uthi kwacaca nokuthi lalingekho icebo lokukhulisa abantu besifazane abamnyama. “Ngesikhathi ngisenza inhlolokhono eBhange loMbuso ngasho ukuthi ngiyathemba ukuthi ngeke ngibe yilolo hlobo lo mholi. Singabaholi siyaziwisa izinkampani ngoba sihlulwa wukucabangela ingomuso,” kusho yena. Uthi ukushintsha kwakhe izimboni kwenziwa wukuthi uma kuqhamuka ithuba ebona ukuthi linento ephathekayo, uhlala izithonto. Nokho uthi akayena umuntu ohlale enecebo, uholwa wuNkulunkulu ngokuthi yini elandelayo okumele ayenze. “Kumanje kunabantu abaye bangibuze bathi ‘uma usuka eMint uzoshonaphi?’ Angazi, wuNkulunkulu owaziyo. Okwamanje ngigxile ekwenzeni umsebenzi wami ngangokwamandla ami.”

• Uke waba ngomunye wabaoqondisi ebhodini yeDrakensberg Boys’ Choir School; • Uphumula ngokulala, ukufunda nangokubuka iNetflix;

• Ukukhonzile ukuvakashela izindawo ezihlukene; • Uyazifela ngegalofu; • Incwadi ayifunda kakhulu yiBhayibheli. Ezinye yezincwadi ezimshintshile empilweni ngezikaMalcom Gladwell, ekaSimon Sinek ethi Leaders Eat Last, iShoe Dog yomsunguli weNike uPhil Knight, ekaJohn P Kotter ethi Leading Change nekaPaul Kalanithi ethi When Breath Becomes Air; • Uthanda noma yikuphi ukudla inqobo nje uma kumnandi; • Ulalela wonke umculo uma umnandi; • Unabantwana ababili; • Usenabo abazali nabafowabo ababili abancane kunaye.

Enye yezinto eyatshala uthando lokwelapha kuDkt uBoikhutsho yizinselelo zezempilo abhekane nazo eseyingane. Eneminyaka eyisishiyagalolunye walimala kuqhunyiswa ibhomu ehamba nonina edolobheni ngezikhathi zodlame olwalandulela ukuphela kombuso wobandlululo. Kwathi eseneminyaka ewu-14 waphathwa wumdlavuza esidlekeni samaqanda, phecelezi i-ovarian cancer, nokuyinto eyamhlupha yonke iminyaka ayefunda ngayo isikole samabanga “Yilokuaphezulu.ngalapheka kusukela ngaleso sikhathi. Ngake ngafisa ukuba wudokotela ohlinzayo kodwa izinto engazibona ngesikhathi umuntu esafunda zangenza ngashintsha umqondo ngafuna ukuba wudokotela ozogxila ekwelapheni ezikhungweni zezempilo zikahulumeni. Ngenkathi sisaqeqeshwa sasiyiswa ezibhedlela ezisemakhaya. Sake saya esibhedlela e-Elim esiseVenda, saya eTintswalo eseBushbuckridge, eMpumalanga, lapho sasisebenza khona isonto esibhedlela ngasinye. Into engayibona eBushbuckridge… indlela okunzima ngayo ukuthola usizo lwezempilo, kwakukhona izingane ezisaphathwa yi-kwashiokor into okungafanele ngabe isagulisa abantu ngoba usuke udinga ukudla “Kwangenzaokufanele.ngafuna ukufaka isandla ekutheni yini esingayenza ukwenza isimo sibe ngcono, abantu bakwazi ukuthola kalula ezempilo noma ngabe baqhamuka kuphi; kungaba ngokwenza imikhankaso emiphakathini ukufundisa abantu… ngabona ukuthi kuthi kuqambe umuntu efika esibhedlela kusuke sekonakele kakhulu ekubeni kukhona obekungenziwa ukunqanda leso simo.” UDkt uBoikhutso uthi lwamsiza kakhulu ukholo lwakhe ngenkathi ebhekene nezinselelo zezempilo, kwazise ukhule evame ukuba sesontweni njengoba

Ukhuthazwe ‘yizinhlupheko’ zakhe

INKUNZ’ EMIDWAYIDWA

KUFEZEKE iphupho leminyaka eqokwa njengomphathi wesibhedlela esigxile ekulapheni abantwana ikakhulukazi abanezifo ezingajwayelekile. Loku kuhambisana nesifiso ayezibekele sona ngesikhathi esaqeqeshelwa ukuba wudokotela, nayezibekele ukuthi ufisa ukusifeza emva kweminyaka ewu-15. UDkt uNonkululeko Boikhutso, oneminyaka ewu-40, usanda kuqokwa njengesikhulu esiphezulu seNelson Mandela Children’s Hospital. Ubeyibamba lalesi sikhundla izinyanga eziyisishiyagalombili ngaphambi kokuqokwa ngokugcwele. Uneminyaka ewu-15 aqala ukuba wudokotela. “Ngiyabathanda abantwana, kulula ukusebenza nabo… abantu abadala kubuye kube nzima. Ngake ngafundisa nosontosikole,” kusho yena. Ngokohlelo lwakhe uDkt uBoikhutso wayezokwakha isibhedlela sabantwana eGoli, eGauteng. Nakuba lokhu engasakwenzanga njengoba lesi sibhedlela singakhiwanga nguyena kodwa uthi liyamthokozisa leli thuba, ikakhulukazi uma ebona indlela asekhule ngayo. “Manje sengiwumuntu othatha izinto kancane kancane, hhayi izinhlelo ezinkulu. Ngiyalijabulela leli thuba futhi angikafuni ukucabanga ngokuthi yini elandelayo engizoyenza ngoba ngisagxile nje kuloku. “Ngenkathi ngifika lapha ukuba yisikhulu esiphezulu akuyona into engangiyibhekile. Isikhathi engiqokwe ngaso ukuba yibamba bekuyisikhathi esinzima, isikhathi seCOVID-19, obekufanele senze abantu bangaphelelwa wumsebenzi, kungelula ukuthola imali, sijwayele ushintsho futhi sizame ukuphila nobunzima. Uma ngibheka lezi zinyanga eziyisishiyagalombili ngibambile… ngikhule kakhulu. Amalungu ebhodi (labaqondisi) abesekana futhi ngiyaziqhenya ngethimba lethu nendlela esishintshe izinto ngayo.”

10 | www.umbele.co.za | Agasti 12,

unina ewumfundisi. Efika uDkt uBoikhutso eNelson Mandela Children’s Hospital wayezoba yi-clinical manager. Lesi sibhedlela sineminyaka emihlanu siqalile ukusebenza. Yisibhedlela esiyinhlangano engenzi inzuzo esisebenzisana nezikhungo zezempilo zikahulumeni ukwelapha izingane, ikakhulukazi ezinezifo ezingajwayelekile kusukela kwezizelwe kuze kube ezeneminyaka ewu-16 kokunye kuze kube eneminyaka ewu-18. Simumatha imibhede ewu-220 kodwa okwamanje kusasebenza ewu-100 kanti siqashe abantu “Kunesiboneleloabawu-334.esisithola kuhulumeni bese enye imali siye sinxuse abantu abanikelayo kanti nalabo abanawo umshwalense wezempilo ozimele siyabelapha ngoba (okokuqala) ayikho ingane esiyinqabayo nokuthi leyo mali iyasisiza sikwazi ukwelapha lezo zingane ezingakwazi “Izibhedlelaukuzikhokhela.eziningiazinawo amagumbi agxile ezifweni zezingane ezingajwayelekile futhi abekho nodokotela abanele. Isikhathi esiningi kugcina sekugxilwa ezifweni lezi eziphatha izingane eziningi njengalezo eziguliswa yindlala uthole ukuthi lezi ezidinga ukuhlinzwa zilinda isikhathi eside.” UDkt uBoikhutso uthi bekunzima ukunxenxa abantu abazonikela ngesikhathi iCOVID-19 isadlange kakhulu ngenxa yokuthi abanye abantu bakholelwa kakhulu ekuyiboneni kuqala into abayinikelelayo ukuze bazi kahle ukuthi umnikelo wabo ushona kuphi. Okunye okuyinselelo wukuthi ziningi nezinye izidingo ezikhona eNingizimu Afrika. Nokho uthi sekungcono manje njengoba uhlelo lwabo lwamavolontiya seluyavuseleleka. Amavolontiya ngabantu abasiza njengokuzolekelela abantwana abasuke belaliswe esibhedlela ngomsebenzi wesikole nangokuzobafundela izincwadi neminye imisebenzi. Uthi nokubambisana nabanye abantu kuyasiza. Lesi sibhedlela samukela iminikelo ehlukene, hhayi imali kuphela. UDkt uBoikhutso uthi bayayithakasela neminikelo efana namathoyizi, izincwadi nokunye. Isifiso sakhe wukuthi mhla eseshiya kulesi sibhedlela kube wukuthi amagumbi asesebenza wonke ngokuphelele. • Abafisa ukunikela bangathola imininingwane ku: https://www.nelsonmandelachildrenshospital.org/donate noma baxhumane noNksz u-Agnes Kambira ku: +27 (0)10 133 0634 noma bathumele i-email ku: AgnesK@nmcf.co.za noma bashayele ku: +27 (0) 11 274 5600 Okunye ngaye: • UngowaseSoweto, eGoli; • Umkhulu wakhe kwakuwumqeqeshi wabashayibhakela uTheo Mthembu; • Ukhonza eGrace Bible Church; • Uganile futhi unabantwana abathathu; • Uqeqeshelwe ubudokotela eWits University; • Uke waba yi-clinical manager esibhedlela iCharlotte Maxeke; • Usemabhodini eChildhood Cancer Foundation, iRonald McDonald House Charities ne-Agang Sechaba Trust; • Uphumula ngokuqwala izintaba; • Udlala i-violin; • Uthanda amasi; • Incwadi ayithandayo ngekaSteve Biko i-I Write What I like. 2022 “Kunesibonelelo esisithola siye ayikho “Izibhedlela eziningi azinawo KHANYILE

WUSLINDILE

ozibophezele ekuthuthukiseni ezempilo eNingizimu Afrika.

• Une-Post-graduate Diploma in Management egxile kwi-Energy •LeadershipUyilungu lebhodi le-Nuclear Energy Corporation South Africa; • Uyilungu lebhodi yeMoses Kotane Insitute;

• Uphumula ngokuzivocavoca; • Ukhonze ukupheka kangangokuthi ngelinye ilanga angathanda ukuba nendawo yakho yokudla; • Ukhonze ukubuka ama-documentary kanti njengamanje ufunda kakhulu ngokuthi amaJuda awakha kanjani umnotho wawo. Agasti

WAZI eneminyaka ewu-11 ukuthi angathanda ukuba wumuntu wesifazane wokuqala e-Afrika ukuya emkhathini kanti nakuba kungakenzeki kodwa ziloku zivelile izimpawu zokuthi yiphupho elizogcina lifezekile. UNksz uSenamile Masango, oneminyaka ewu-35, umsunguli nosihlalo weWomen in Science and Engineering Africa (iWISE Africa) neSenamile Masango Foundation, waqopha umlando ngokuba ngowesifazane omnyama wokuqala oqeqeshelwe ukuba wungoti ocwaninga ngenuzi, i-nuclear physicist UNksz uMasango usehlonishwe ngamagalelo akhe kwisayensi ngezindlela ezihlukene kanti uvamile ukumenywa ukuthi azothula izinkulumo emazweni ahlukene. Ngo-2017 waqopha omunye umlando eba ngowesifazane wokuqala wase-Afrika osethimbeni locwaningo oluholwa ngososayensi baseAfrika kwelinye lamagumbi ocwaningo amakhulu emhlabeni i-European Organization for Nuclear Research, ikomkhulu layo eliseSwitzerland. “Thina sicwaninga ngomhlaba. Kunezinto ezincane ongeke uzibone ngamehlo akho kodwa uyazi ukuthi zikhona. Njengoba ngiwusosayensi ogxile kwinuzi kusho ukuthi ngifunda ngezinto ezingekho la emhlabeni, zile emkhathini. Njengamanje asikwazi la eNingizimu Afrika ukucwaninga ngenuzi yohlobo lwe-isotope ngoba imishini edingekayo asinayo, sahamba-ke sayocwaninga ngaloko. Kubalulekile ngoba sifunda ngomhlaba wethu ngoba uma siwuqonda kangcono, sizokwazi ukuqhamuka nezinto ezintsha kalula. “Njengamanje amandla enuzi asikawaqondi kahle ngoba yintsha kodwa uma sesiyiqonda kangcono izosisiza sixazulule inqwaba yezinkinga esinazo. Uma ngingenza isibonelo, ngokuqonda kwethu i-gravitational force sesinamabhanoyi akwazi ukuhamba emkhathini. Omunye umuntu angacabanga ukuthi isayensi iwukumosha isikhathi, azibuze ukuthi ngizocwaningelani ngomkhathi kodwa empeleni zonke izimpendulo zisemkhathini. Ukuze siqonde okwenzeka la emhlabeni kumele sazi okwenzeka phezulu. Isayensi iveza amandla kaNkulunkulu, ikakhulukazi lena engiyicwaningayo, konke iZwi elikushoyo kuyikho kodwa isayensi ikutshela ukuthi kwenzeke kanjani,” kusho le ntokazi edabuka KwaNongoma, enyakatho yeKwaZulu-Natali. Uzithola engena emkhakheni wesayensi nje yingoba uthanda izinto ezihlukile njengoba ethi wayazi ukuthi ngeke athande ukuba wuthisha njengabantu azalwa nabo. Noyise wayewuthisha kanti wagcina ewumhloli omkhulu KwaNongoma. Lezi zinhlangano anazo usenze umsebenzi omkhulu emphakathini ngazo njengoba zeseka abesifazane abafisa ukungena kwisayensi futhi zilekelela nangokutholela izikole zasemakhaya izinsizakusebenza ezifana nama-laboratory angomahambanendlwana nokunye okusiza ukufundisa isayensi kalula. Uthi ukucwaswa abhekana nakho kusukela esafunda enyuvesi kuze kufike lapho eseqala khona ukusebenza yikona okwamkhuthaza ukuthi asungule iWISE Africa. “Ngangena oNgoye ngimncane ngino-16, ngingaxhaswa kahle. Babebancane abesifazane ababenza isayensi, kwamanye amakilasi kwakuba yimina ngedwa owesifazane, baze besho abafana bathi ‘uyaphi mfazi, yizinto zamadoda?’ “Kwakunzima. Abantu babejabula enyuvesi kodwa kuwena kungemnandi, i-Physics yayinzima nokunye. Ngasebenza ngiyithwasa ngo2012, ngabona ukuthi le nto iyaqhubeka noma ususebenza, akulula, bambalwa abantu ongabukela kubona. “Ngikhumbula umphathi wami wake wangithuma ukuthi ngiyomumela emhlanganweni, ikhasimende lethu kwakuwumNyango wemiSebenzi yoMphakathi. Kukhona owesilisa owafika emhlanganweni wabhuqa wathi ucela ukubona i-CV yami ngoba yena akahlali emhlanganweni nabantu abangaqeqeshiwe ngoba kusho ukuthi kuyena ngangingaqeqeshiwe ngoba waze wafuna kubhalwe phansi ukuthi ucela i-CV ezama ukungihlambalaza,” kukhumbula uNksz uMasango.

• Une-Bachelor’s Degree in Physics and Electronics yase-University of •Zululand;Une-Diploma in Project Management ayenza eVarsity College;

Okunye ngaye: • Une-Master’s in Nuclear Physics ayiphasa ngamalengiso e-University of Western Cape; • Une-Honours in Nuclear Physics yase-University of Zululand

Uthi njengamanje uphezu kohlelo lokuhlanganisa yonke into ibe ngaphansi kweSenamile Masango Foundation ukuze umsebenzi wenziwe wonke kahle endaweni eyodwa. Njengoba ehlanganisa izinhlangano zakhe, yonke into isizoba ngaphansi kweSenamile Masango Foundation, nathi igxile kakhulu ekuqhamukeni nezisombululo ngaphezu kokubalisa. Uthi inhlangano yakhe ikhuthaza kakhulu nokuthi abantu besifazane abangafuni ukunikwa amathuba ngoba kuphela bengabesifazane kodwa abawathole ngoba umsebenzi bewazi, nathi kuzokwenzeka ngokuthi Ukubalulekabathuthukiswe.kwemfundo nokunikela emphakathini yinto ayifunde kuyise. Uthi akagcinanga ngokunakekela bona njengezingane zakhe kodwa wayelekelela nezinye izingane emphakathini ngezindlela ezihlukene. Uthi umsebenzi wayo awuzukuphelela eNingizimu Afrika kuphela kodwa uzokwenabela e-Afrika yonke ngoba usebonile njengoba ehamba amazwe omhlaba ukuthi izinselelo abesifazane ababhekane nazo emikhakheni yesayensi ziyafana.

Uwusosayensi ofuna izisombululo ezintsha nonentshisekelo yokufukula abantu besifazane kulo mkhakha

12, 2022 | www.umbele.co.za | 11 WUSLINDILE KHANYILE INKUNZ’ EMIDWAYIDWA

UNksz uMayise, oseke waqwala intaba ende kunazo zonke e-Afrika iMt Kilimanjaro, uthi nakuba esehlangane nabantu abaningi afundayo kubona kodwa umuntu abukela kuye wunina. “Ngelinye ilanga uMa washo into engingasoze ngayikhohlwa. Wathi kimina ‘ngiyazi uyintombazane kodwa ngiyabona uwena oyovusa umuzi, amathemba ami akuwena.’” Okunye ngaye: • Unamadodana amabili; • Ukhonze ukugijima nokubuka ibhola namadodana akhe; • Ukhonze amahlaya nomculo wokholo;

uthi le mboni izovuka ngokuphelele, kuphela nje kuzodingeka ukuthi izinto zenziwe ngendlela ehlukile kunokujwayelekile. “Kumele sijwayele indlela izinto eseziyiyo manje. Ngesikhathi izwe livaliwe sasingasongile izandla; ukukhankasela ukuthola imicimbi kuthatha isikhathi eside, kumanje singakwazi ukufaka izicelo zemicimbi kuze kufike ku-2035. Loko kusebenza kwethu ngisho izwe livaliwe yikona okwasisiza uma kuvela intuba sakwazi ukuthi sibene-Intra-African Trade Fair, nokwamangaza abantu abaningi. “Siyadinga ukusebenzisana. Ukusebenza uwedwa ekhosombeni lakho akusizi kanti nemithetho akuyona eyethu. Sisebenzisana futhi sithembela kakhulu nakweminye iminyango ukuze siphumelele. Sidinga nokwesekwa ngosopolitiki nawo wonke umuntu.” Akaqali ngalolu phiko uNksz uMayise ukusebenza ngemicimbi emikhulu nabantu bakwamanye amazwe. Ngenkathi kwethulwa uhlelo uhulumeni ayezolusebenzisa ukuphungula ububha phakathi kwango-2004 no-2014, i-Accelerated and Shared Growth Initiative for South Africa(iAsgiSA), wayengomunye wabantu abawu-10 abaqokwa ukuyocobelela ulwazi kwamanye amazwe. Waqala eDubai izinyanga eziyisithupha ngaphambi kokuya e-India, lapho ahlala khona ngaphezudlwana Ngesikhathikonyaka. kulungiselelwa imidlalo yeNdebe yoMhlaba yebhola wajutshwa eMhlathuze, kusathiwa wuThungulu, ebheke ukwakhiwa kwenkundla yezemidlalo. “Ngiyaye ngithi ngibusisiwe ngabantu engisuke ngingabazi nhlobo engihlangana nabo kusukela oNgoye ngoSolwazi uNzama abaye banginike amathuba. Nangesikhathi se-AsgiSA baningi abantu ababelifisa lelo thuba futhi langikhulisa kakhulu. IPhini likaMengameli uNkk uPhumzile Mlambo-Ngcuka wayengangazi ngesikhathi engiqokela i-AsgiSA.”

12 | www.umbele.co.za | Agasti 12, 2022 WUSLINDILE KHANYILE INKUNZ’ EMIDWAYIDWA

engaqondilekwezokuvakashaimicimbiiKwaZulu-NatalilokuthungathelaUsekhaleniowangena

• Ukhule esonta e-Ebenezer Family Church kodwa manje usekhonze eDurban Christian Centre; • Amazwe awathandayo yiSpain ne-Italy; • Ukhonze i-seafood

ININGIZIMU Afrika iyahlomula ngoba ewumuntu onganqeni ukuzama izinto ezintsha njengoba afundela ezokuvakasha engaqondile kangangokuthi ngisho nonina wayephoxekile ngoba engasaqhubekanga nokwenza izifundo zokuba yi-chartered accountant Namhlanje ungomunye wabantu abasekhaleni lokuhambela amazwe omhlaba bethungatha imicimbi nezingqungquthela ukuze zize kuleli UNkszzwe. uSonto Mayise uyisikhulu esiphezulu eKZN Convention Bureau. Lolu wuphiko olusemNyangweni wokuThuthukisa umNotho waKwaZulu-Natali oluqondene nokuhambe linxenxa amanye amazwe ukuthi alethe imicimbi nezingqungquthela zawo kulesi sifundazwe nokuyisinUNkszgatha. uMayise uthi lo msebenzi omenza ahlale ehla enyuka kwamanye amazwe awusho nje ukuqhudelana namanye amazwe kodwa kokunye basuke beqhudelana nezinye izifundazwe zakhona lapha eNingizimu “UthandoAfrika. lwami lwale mboni yemicimbi nezingqungquthela lwaqala emva kokuthi (sasizoba) neCop17. Emva kwaloko kwavunyelwana ngokuthi kumele kube nehhovisi elizimele elizobheka ukusingatha imicimbi nezingqungquthela ngoba amanye amazwe ayesevele eseqalile ukusebenzisa izingqungquthela nemicimbi ukukhulisa umnotho. Senza ucwaningo ngeVienna Convention Bureau, iKZN Convention Bureau yasungulwa kuqala ngisho ngaphambi kweyezwelonke. “Kuningi okuzuzwa wumnotho ngemicimbi nezingqungquthela njengoba kuletha imisebenzi futhi kwenza nesithunzi seKZN sibe sihle kwamanye amazwe. Asiyisingathi imicimbi ngoba senza nje kodwa sifisa ukuthi kube khona okunye okuzuzwayo uma umcimbi usudlulile. Isibonelo nje emva kokuthi sibene-Aids Conference ngo-2016, kwaliphakamisa ngempela igama leKZN kodwa futhi emva kwayo kunohlelo olwenziwa yi-UKZN olwaqhamuka lapho.” UNksz uMayise udabuka eNgoje, eKZN, lapho akhuliswa khona wunina ngemva kokushona kukayise esemncane. Esephothule uMatikuletsheni waya e-University of Zululand, nokuyilapho azithola khona esengena kwezokuvakasha. Waba wumfundi wokuqala owabhaliswa kuvulwa iCentre for Recreation and Tourism ngo-2000 emva kokuthi exoxisane noSolwazi uNzama owayehamba ebheka abafundi abangabhalisela lezi ziqu ezazisanda kwethulwa. Waphothula i-Bachelor of Tourism and Recreation, wenza i-Honours yakhona. Kwathi esenza i-Master’s kwaqhamuka ithuba lokuyofunda phesheya njengoba wagcina eyiphothule eRadford University eMelika. Une-MBA yase-Universidad de Madrid eSpain. Imboni yezokuvakasha nemicimbi ingenye yezishayeke kakhulu ngenxa yokuvalwa kwamazwe omhlaba ngenkathi kuhlasela iCOVID-19. Nokho izinto seziqalile ukuvuleka njengoba nemicimbi isiqalile ukubuya kancane UNkszkancane.uMayise

UKUSEBENZA ngama-satellite nokwenzeka emkhathini yizinto ezingabukeka ziqhelelene nabantu kodwa empeleni kuningi okungama emhlabeni uma kungathiwa lezi zinto azisebenzi. Ukuziqonda kuyasiza futhi kugwema izibhicingo emhlabeni.

ngokwenzeka emkhathini ukuphucula impilo yabantu emhlabeni

Usho kanje uNksz u-Andiswa Mlisa, isikhulu esiphezulu esibambile eSouth African National Space Agency (iSANSA). UNksz uMlisa unezinyanga ezine eqokwe kulesi sikhundla. Uneminyaka emihlanu esebenzela le nhlangano emelwe wukuthuthukisa iNingizimu Afrika ngolwazi nobuchwepheshe ngokwenzeka emkhathini. “Izithombe ze-satellite zisetshenziswa ngabantu bezimboni ezihlukene ukuxazulula izinkinga. Isithombe esisodwa sixoxa izindaba eziningi futhi ungabuyela kusona ngelinye ilanga ukuze ubone ukuthi izinto zazinjani. Uma kungathiwa asinayo i-satellite, ngeke ukwazi ukukhipha imali emshinini wasebhange, ngeke ukwazi ukungena ebhange usebenzisa ubuchwepheshe, ngeke ibe khona ithelevishini, iDStv, amaselula ngisho nabezempilo kukhona izinto abangeke bakwazi ukuzenza. I-satellite isisiza sikwazi ukubona izinto esingeke sikwazi ukuzibona ngamehlo enyama, sinqande umonakalo “Imishiniungakenzeki.yeX-ray ikwazi ukubona ngisho amathambo omuntu ngenxa ye-satellite. Nge-satellite siyakwazi ukubona uma kukhona okuzokonakala ngezitshalo ngaphambi kokuthi konakale kodwa uma usebenzisa amehlo enyama, ubona emva kwendaba sesishile isitshalo ingasekho into ongayenza,” kusho yena. UNksz uMlisa uthi okunye okuhle ngokuthi kuhlale kuhlale kube khona izinhlelo zokuya emkhathini wukuthi kuveza izindlela ezintsha zokuthuthukisa impilo. “Namhlanje kunobisi oluyimpumpu, nosekuyimboni enkulu yobisi lwezingane. Lolo bisi lwaqhamuka ngoba abantu ababeya emkhathini babedinga indlela yokuthola i-calcium kodwa bengeke bakwazi ukuhamba nobisi olungamanzi ngoba luyasinda. Nezicathulo lezi ezifakwa wumuntu uma ephukile njengoba kuthiwa amamoonboot nazo yizicathulo ezaqhamuka ngoba ababeya emkhathini babedinga into ezobasiza bamelane ne-gravity. “Yingakho kumqoka ukuthi i-satellite ikwazi ukufinyelela kuwona wonke umuntu. Sibalulekile lesi simemezelo esenziwa wungqongqoshe sokuthi sesizozakhela eyethu i-satellite ngoba ukukhokhela amanye amazwe kuyabiza kodwa kuzoba ngcono uma sesineyethu,”kusho uNksz uMlisa. UNksz uMlisa udabuka eSada, eMpumalanga Kapa, lapho ekhuliswe khona ngabazali bakhe nezingane zakubo ezintathu. Wayenezinhlelo zokuyofundela eminye imikhakha e-University of Cape Town noma eRhodes University. Kepha ngoba abazali babengenawo amandla okukhokhela lawo manyuvesi, wagcina ebhalise e-University of Fort Hare, lapho azithela khona phezu kweziqu ze-geographic information systems (iGIS) ayengazi ngazo. Wahamba eFort Hare esene-BSc Honours in Applied Remote Sensing, aziphasa ngamalengiso. Une-MSc GIS and Remote Sensing yaseUniversity of Stellenbosch ne-MBA yaseGibs. Eqala ukusebenza waqashwa yinkampani enkulu eyayimnike umfundaze ngenkathi enza unyaka wokugcina. Nokho izinto azihambanga kahle wagcina ehlale khona unyaka owodwa. Emva kwaloko wathola umsebenzi e-Umvoto Africa, okuyiyona athi imkhulisile futhi wagcina ehlale kuyona iminyaka ewu-13. “Ekhaya ugogo wayevame ukuthi ungabophika nokuthi isixuku senzani ngoba uma wona abantu bazophuma iqhubu nawe, ngakho bengihlale ngifuna ukwenza okulungile. Ngiyibonile leyo nto ingisebenzela ngoba ngokuzimisela kwami esikoleni, ngagcina sengithola umsebenzi kule nkampani engahlala kahle kuyona ngoba umuntu owabatshela ngami ngomunye wothisha bami basenyuvesi,” kukhumbula yena. Echaza ngomsebenzi wakhe eSANSA, uNksz uMlisa uthi: “Kade ngitshela umama ukuthi lo msebenzi engiwenza manje ufana nezulu laseMthatha. Lapho ngiqha-

Uzinikele ukuthuthukisa ulwazi

muka khona kuthiwa uma kungathi awukwazi ukwenza isinqumo ufana nezulu laseMthatha ngoba kusa ekuseni libalele kodwa emini“Ngenxaseliyana.yobukhulu bomsebenzi, ziningi izinto ezenzekayo eSwitzerland.kantiUNkszhlabanazookuzobawethulaiSpacengakho“Yisikhathinokuzosisiza.ngiwazi,Ngifundaoxa“Enyenabantukodwawumsebenzi,isiqiniseko.uvulelekeozophelelwaKephakwenzaendlelenilaphoUNkszwazingobaphathaizikhundlaumaengiyifundilelelogwiqiqiizindabakangangokuthienkampaniniufikeutholeezimnandimanjeusutshelwangense-kwenyeindawo.Intoes-kulomsebenzingiqhathanisanezinyeesengikengazi-wukulindelanomayiniosukwiniolulodwangekeukuthiuhlalelweyini.”uMlisautheyisikhathilesikunezinguqukoabazenzayoabenzangayoizintonathiizisebenzizihlaleleovalweni.ugcizeleleukuthiakekhoumuntuwumsebenzi.“KumqokaukuthifuthiuthembekeumaunikezaabantuUmasithiakekhoumuntuozophelelwaakuyonaintookufanelesigcineukuyishongomlomokufanelesilandelelenangezenzongobaakusebenzekikahleumabesaba.intoenhleeyenzakayongalesisikhathisoguqukowukuthingix-nabantufuthingiyafundangabongendlelaebingekeyenzeke.kakhulunangamakhonoabantuabanawoebengingekeabanyebanamakhonoemisebenziabangaqashelwangayona,futhilesilaphosiphuculakhonaisimosethusezimali,kunezinhleloeziningiesizozethula.Ngo-OkthobasizokwethulaWeatherCentre,okuzobangeyokuqalae-Afrika.Sihlelanok-iGroundStationezobeiqondenenezinhlelozokuyaemkhathini,ngeyesihlanuemhlabeni.Nakubazikhonaizintoesibhekenengaphakathikodwakukhonanezinhleloezinkuluezithintaum-eziqhubekayo,okuyintoemnandi.”uMlisauneminyakaengaphezukwewu-20esebenzakulemboniukewasebenzelaneGrouponEarthObservationseGeneva, Okunye ngaye: • Uthanda umculi we-opera u-Andrea Bocelli noDJ Spawny wase•France;Uthanda uhlelo lukaSteve Harvey i-STEVE on Watch nohlelo iRed Table Talk; • Wake wahlabana ngeTechnology for Women in Business Awards. WUSLINDILE KHANYILE Agasti 12, 2022 | www.umbele.co.za | 13 INKUNZ’ EMIDWAYIDWA

Uguqula izinto ngemfundo nangamabhizinisi embonini kawoyela osanda kuthenga igaraji edolobheni UKHULE edlala nabafana ngezimoto ezakhiwe ngamapulangwe nezingcingo usomabhizinisi ongomunye wabambalwa besifazane abamnyama abanamagaraji Ngenkathikaphethroli.uNkk uThandi Ngxongo edlala ngezimoto eseyingane wayengaphuphi ukuthi uyogcina esebenza ngazo njenganamuhla. Namuhla uwumnikazi wegaraji lakwaBP, elivulwe kabusha ngenyanga edlule eGlenwood, eThekwini. Leli garaji ngezinye zezindawo ezigqamile kulo mgwaqo elikuwona uChe Guevara (okwakuwuMoore) Road futhi abantu bayalelana ngazo. Yize lisanda kuvulwa kabusha kodwa ukuba sendaweni ephithizelayo kwenza libe matasa kakhulu. Uyazibambela kuleli bhizinisi nakuba enezisebenzi eziwu-55. Ngezikhathi zasekuseni nezantambama izimoto zisuke sezishaye ujenga zilinde ukufaka uphethroli, amanye amakhasimende ezothenga esitolo esingaphakathi. “Uma ukuleli bhizinisi akumele ube wubasi kodwa kumele uhloniphe amakhasimende. Ngiba khona (nsuku zonke) ukuqinisekisa ukuthi umsebenzi uhamba kahle. Amanye amakhasimende sengiwazi ngamagama ngenxa yobudlelwano engizama ukubakha nawo,” kulanda yena. Utshele Umbele ukuthi usebenze iminyaka ewu-16 emkhakheni kawoyela, eyiNational Health Safety Environment Quality Business Partner Manager e-Engen Refinery. Nokho ukuba kulo mkhakha isikhathi eside akwenzanga wathola upotsho ukuze abe negaraji lakhe. “Akulula neze ukungena kuleli bhizinisi. Yingakho bembalwa abesifazane ngoba kusakhonya abesilisa. Abanye abesifazane noma bekhona kuleli bhizinisi kodwa ababona abanikazi ngokugcwele. Kungisizile kona ukuba semkhakheni kawoyela ngoba kungisondeze nabantu asebephumelele, ngabona nokuthi kungenwa kanjani,” kusho uNkk uNgxongo. UNkk uNgxongo, owenze ucwaningo ngalo mkhakha ngenkathi enza i-Master of Business Administration (i-MBA), uthi balinganiselwa ku-4% abesifazane abamnyama abangabanikazi ngokugcwele kule mboni. “Kudingeka ube nemali uma uzongena kuleli bhizinisi. Nami ngaqala (ngemva kwesikhathi) ngiqongelela. Uma ufuna ukuboleka imali amabhange afuna ukuqinisekisa ukuthi ufanelekile. Miningi imicikilisho yokugcwalisa amaphepha. Kudingeka ube okungenani no-15% noma u-20% wemali yakho ngaphambi kokuthi bakuxhase,” kunaba yena. Uthi lesi ngesinye sezizathu esenza abanye baphele amandla endleleni bengakaqali. Ngenkathi enza ucwaningo esenyuvesi, wathola ithuba lokwazana nabesifazane asebephumelele kuleli bhizinisi, wathekela ulwazi. Uthe ngesikhathi esebenza kwa-Engen ubesevele esenawo umbono wokuqala ibhizinisi kulo mkhakha. Kuthe uma ethola isikhundla sokuba yimenenja ngo-2009, wabona ukuthi lingafezeka iphupho lakhe. Uqale ngo-2019 ukubhalisela ukuba nebhizinisi, elize laphumelela kulo nyaka. Echaza ngokukhula edlala izimoto, uqale wahleka. “Ekhaya nginodadewethu oyedwa kodwa sikhulele kwamkhulu, sikhula nabafana. Besidlala izimoto neminye imidlalo yabafana. Bengiyithanda inselelo ngoba kwakona ukungena emkhakheni we-chemical engineering ngezwa kuthiwa kufuneka abahlakaniphile.” Ubonga ukwesekwa yisikhungo esicija abafuna ukuqala amabhizinisi kulo mkhakha, iPetroConnect, esungulwe wuMnu uSbonelo Mbatha, naye okule mboni. Uthi loku kumqinise ukhakhayi kuleli. Eminyakeni emithathu ezayo uzibona enamanye amagaraji kodwa usafuna ukugxila kuleli. Ngonyaka odlule uvule indawo yokudla eMbilo, ebizwa ngeThandi’s Kitchen. Uqashe abathathu kuleli bhizinisi. Akaqali ukuba sematheni njengoba kwaba njalo ngenkathi ethola iziqu zeMBA eNyuvesi yaKwaZulu-Natali, ayiphasa ngamalengiso, u-Cum laude UNkk uNgxongo okhulele eMooi River, maphakathi nesifundazwe saKwaZuluNatali, kanti usanda kuphothula izifundo ze-PhD kanti uphinde avakashele izikole afunda kuzona ukweseka izingane. Okunye ngaye: • UnguMaThabethe; • Unabantwana abathathu; • Uphumula ngokudlala imidlalo yokujabulisa abantwana futhi ukhonze nokufunda;

• Ucwaningo lwePhD yakhe lugxile kokufanele kwenziwe ukuze abesifazane babe ngabaholi ngokupheleleyo.

• Uyisemkhulu, ozala unina, wayewuMfundisi waseWeseli;

14 | www.umbele.co.za | Agasti 12, 2022 WUZANELE MTHETHWA INKUNZ’ EMIDWAYIDWA

• Into emjabulisayo yimpumelelo kunoma yini ayenzayo nezinto ezincane njengokudla isidlo sasekuseni nomndeni wakhe;

• Okumcasulayo ngabantu abangafuni ukuzimisela nokusebenza, nathi kwabanye uyaye akulungise ngokubacathulisa nokubaqeqesha;

UNksz uKgalegi ugqugquzele umphakathi ukuthi awuzijwayeze ukuyibhekisisa imali, wathi kunezinto ezimbalwa obona ngazo uma uphethe imali yangempela. Ezinye zalezi zinto wubuso bukaMadiba futhi isayinwa wumphathi weBhange “YibambeloMbuso. imali yakho kube ngathi uyayilula, uyibhekise phansi naphezulu. Kunomugqa okhona kuyona i-watermark, ubuso bukaMadiba kanti uma uyibhekisa phansi naphezulu kumele ubone imibala yehembe likaMadiba inyakaza. Kukhona nophawu lukahulumeni nokuthi yimalini phakathi nendawo. “Kukhona nolayini esibafakayo ukuze nabantu abangaboni bezoba nendlela abakwazi ngayo ukuhlukanisa ukuthi baphethe uR10, uR20 noma uR100. “Kunobunjiniyela nomsebenzi omningi owenziwayo uma kwakhiwa imali ukuqikelela ukuthi lena efinyelela emphakathini ngeyangempela. Njalo emva konyaka siyalushintsha ulimi esibhala ngayo imali, kuba nezilimi ezimbili esizisebenzisayo ngonyaka,” kuqhuba yena.

IZIKHUNDLA aziphathayo ziwuhlobo lwemisebenzi ebucayi ekwazi ukuguqula impilo yabantu abaningi ngendlela enhle uma konke kusuke kuhamba kahle. Kanjalo uma kukhona lapho kuphunyuke khona kungaba yisibhicongo.

Agasti 12, 2022 | www.umbele.co.za | 15 WUSLINDILE KHANYILE INKUNZ’ EMIDWAYIDWA

• Ukhonze umculo wakudala. Omunye wabaculi abathandayo wuCaiphus •Semenya;Enyeyezincwadi azithandayo yi-Things Fall Apart ka-Chinua Achebe.

lwemisebenzi

Unogcobo ebucayi ophethe uphiko oluqondene nokuhlinzeka iNingizimu Afrika yonke ngemali

UNksz uPearl Kgalegi uyinhloko yomNyango weCurrency Management eBhange loMbuso. Lolu wuphiko oluqinisekisa ukuthi kunemali eyanele eNingizimu Afrika futhi imali efinyelela emiphakathini iwungqo. UNksz uKgalegi, oqale kulesi sikhundla ngoMashi, uthi uwuhlobo lomholi oluzikhulumelayo ngoba ukholwa wukuthi kuhle abantu banconywe uma benze kahle noma kubhimbile ukuze kulungiswe okonakele. “Ngiwumuntu olalelayo ngoba futhi ngisuke ngifuna ukuqonda indlela omunye umuntu abuka izinto ngayo ukuze ngingajahi ukumahlulela. Ngiyile nhlobo ethi asisebenze size siwuqede umsebenzi. Uma sihluleka, sizofunda siphinde sizame. Sonke siyakusaba ukwenza amaphutha kodwa kumele uzixolele bese uyaqhubeka nempilo. “Kowami umsebenzi iphutha lingasho ukulahleka kwezigidi nezigidi kodwa awukwazi ukuthi ungaphila usaba ukwenza iphutha,” kusho yena. Lo mcwaningi ozalelwe futhi wakhulela eRockville, eSoweto, eGauteng, wumsebenzi wethimba lakhe ukuqikelela ukuthi uma umuntu ekhipha imali emshinini uyayithola. Ngezikhathi lapho abantu bethenga kakhulu khona njengamaholidi kaKhisimuzi kumele nezitolo zingashodelwa yimali. Eqala enyuvesi uNksz uKgalegi wayefisa ukuba yi-chartered accountant ngoba ayebona kuwumsebenzi ohloniphekile. Wenza i-BCom eWits University kodwa wabuye wabona akuthi akuyona into ayithandayo nakuba aziphothula. Ube esengeza nge-economics enzela ukugxila nasekucwaningeni, kwakhona ezwa ngaphakathi ukuthi usethole ngempela into ezwana naye. Uthi ukucwaninga nokufunda yinto esegazini kuyena. Ufike eBhange loMbuso eminyakeni emithathu edlule ezophatha uphiko lweResearch, Policy and Strategy. Ngaphambi kwalokho wasebenzela umNyango wezokuThutha kanti into enkulu ayeyenza ngaleso sikhathi wukulungisa izinkinga zesiminyaminya nokungasebenzi kahle emingceleni yeNingizimu Afrika namanye amazwe – omunye umsebenzi obucayi. “Kwakuyinto enkulu ukulungisa izinkinga emingceleni. Ngiyazi ukuthi asizilungisanga zonke ngoba iBeitbridge (umngcele owelela eZimbabwe) iseyinkinga. Kepha uma ngibheka emuva, umngcele phakathi kweNingizimu Afrika neBotswana, umngcele phakathi kweBotswana neZambia, kwalungiseka… kwasebenza. Sasebenza senza ucwaningo, sihlanganisa, sasingenza okungaphezu kwaloko kodwa ngiyaziqhenya ngesakwenza. Nanamhlanje uma ngibuka indlela izinto ezisebenza kahle ngayo, ugxiviza kanye hhayi kaningi njengasekuqaleni, ngiyaziqhenya ngaloko,” kusho yena ngenhliziyo ethe kla. Uke wasebenzela umnyango osubizwa ngowokuHweba, Izimboni nokuNcintisana. Khona wasebenza ngezinhlelo nazo ezaba nomphumela omuhle emazweni amaningi e-Afrika, iNEPAD neyahlanganisa izivumelwano zokusebenzisana zokuhwebelana nokubambisana phakathi kwamazwe ase-Afrika. Wayesethimbeni futhi elalisebenza kubunjwa ibhange elihlanganiswe yiBrazil, iRussia, i-India, iChina neNingizimu Afrika, iBrics Bank. UNksz Kgalegi, okhuliswe ngabazali bakhe noninakhulu, uthe bayaye bafundise abamabhange, abezitolo nomphakathi ngokukwazi ukubona imali ewumkokotelo kodwa lona ngumsebenzi ophazanyiswe yiCOVID-19. Uthi isithunzi nokuthembeka kwemali kunesandla ekutheni imali yalelo zwe iba namandla angakanani nokungakho kumqoka kubona ukuthi wonke umuntu azi kahle kamhlophe ukuthi uyibona kanjani imali ewumkokotelo. “Kunento ebizwa nge-Currency Protection Device (iCPD) ekhona kuyona yonke imishini yokukhipha imali. I-CPD yiyona lena esiza ukuthi sibone uma umuntu ephethe imali engatholakala ngendlela esemthethweni ngoba iyona lena ekhipha u-ink lona ochithekela emalini uma kuvulwa i-ATM ngendluzula.

“Ekufundiseni kwethu abamabhizinisi kumele bazi ukuthi kufanele benze njani uma beqondana naleyo mali. Kokunye mhlawumbe umuntu ozothenga ufika nemali edabukile noma esihlanganiswe nge-sellotape, nalapho kumele abezitolo bazi ukuthi benzenjani, bayayamukela yini leyo mali.”

Ugqugquzele nabantu ukuthi basebenzise ne-app exoxa yonke into ngemali babone kahle lezi zinto okumele baziqaphele. Uthi kunomlando wemali kanti ngo-2023 bazokwethula imali entsha. UNksz uKgalegi uthi kuningi asekufundile kule minyaka emithathu eseBhange loMbuso kanti uthi umuntu omcathulise kakhulu nguMaggie Mogape osesebenze kuleli bhange iminyaka ewu-20, nathi umfundise yonke into futhi ubehlala kuze kube sebusuku besebenza. Okunye ngaye: • Ufunde e-boarding school eNorth West; • Une-MBA yaseMilpark Business School; • Wenze i-International Executive Development Programme eLondon Business School naseWits University; • Uchitha isizungu ngokudlala i-netball, ukuqwala izintaba nokwenza izinto nendodana yakhe; • Ukhonze i-pizza kodwa yena nekhishi ngamanzi namafutha;

16 | www.umbele.co.za | Agasti 12, 2022 ISIVUNO WUSLINDILE KHANYILE

izinselelo futhi ngiwumuntu onganqeni ukuzama izinto noma zibukeka zinobungozi. Ibhizinisi enganginalo ngaleso sikhathi lali ngahambi kahle. Kwakuyisikhathi somsindo (ngendaba) yaseNkandla, uThuli Madonsela ekhiphe umbiko ngokuqhwagwa koMbuso nokwakunomthelela omubi emnothweni, kuthikameza imboni engangikuyona nokwangenza ngavele ngayithanda yonke into engayizwa ngezolimo. “Ngaqala ngenza ucwaningo ngizama ukuqonda kahle ngezolimo eNingizimu Afrika kodwa ngangingababoni abantu abafana nami – abesifazane, abamnyama futhi abancane. Kunaloko ngangibona kugcwele amadoda amadala futhi okungabantu ababeqhubeka nomsebenzi owawuqalwe ngabazali babo kanti amanye amapulazi ayewa ngenxa yesomiso,” kukhumbula yena.

UNksz uNwoko uneziqu ze-BComm Industrial Psychology. Ngaphambi kokuba wumlimi, wayenenkampani esiza izinkampani uma zifuna ukugcwalisa izikhala neyayigxile ezimbonini ezifana nezobunjiniyela. “Ekwenzeni kwami ucwaningo ngangihlangana nezindaba ezazingikhombisa ukuthi kumnyama nakuyona le mboni yezolimo engifuna ukungena kuyona kodwa mina ngabona ithuba yize kunjalo. Loku nje kokuthi ngangingababoni abantu besifazane abamnyama futhi abancane njengami kwangenza ngabona elikhulu ithuba,” kusho yena. Nakuba beba khona abangamthembi ngoba emncane kodwa kodwa kumsebenzele uNksz uNwoko njengoba namhlanje engagcini nje ngokuba wumlimi kuphela kodwa unengosi yezolimo ayibhalela iFarmer’s Weekly, unane-podcast ngezolimo, isibalo sabalaleli bayo esikhula ngamandla kanti usewole nenqwaba yemiklomelo kule mboni. E-Green Terrace utshala isipinashi nezinhlobo ezihlukene zika-pepper. Uqale kade eqashe ipulazi elinamahektha awu-14 kodwa manje usethuthele kwelincane elinamahektha amabili kodwa eligabe ngokusebenzisa kakhulu ubuchwepheshe besimanjemanje. “Izinto ziyehla zenyuke futhi sekuke kwanezikhathi lapho bekunzima khona okwangempela kodwa njalo ngiyabona ukuthi kungani ngibizelwe kulo msebenzi. Kumnandi, abantu esengihlangane nabo bayangisiza uma bebona ukuthi ngizimisele ngempela, sekuke kwasa ngafica izitshalo zifile zonke ngenxa yesimo sezulu; kwacwila yonke imali ngasala nginesikweletu sikaR100 000. Unyaka u-2016 kwakuwunyaka wokuthi ngifunde ngempela,” kusho uNksz uNwoko. Kuleli pulazi elisha usetshale kwingqalasizinda yobuchwepheshe kaR4 million; nokuyimali ayihlanganise ngabeyilondoloza kwathi enye wacela amakhasimende akhe ukuthi amlekelele ngokuzibophezela emigomweni nemibandela ethize ngokwezivumelwano zakhe. Kumsizile nokuthi epulazini elidala kukhona akutholile ngoba nalo wayesilithuthukisile. Njengosomabhizinisi abaningi abancane naye waqala wayongqongqoza emabhange kodwa imizamo yakhe yafana nesithukuthuku epulazini elisha wukuthi batshale endaweni evalekile nokusho ukuthi akukhathaleki ukuthi isimo sezulu sinjani kodwa bayakwazi ukuya emasimini, bavune futhi ayikho ingozi yokulimala kwezisebenzi njengokuthi zishelele odakeni. “Sisebenzisa indlela yokutshala okuthiwa yi-hydroponic nokusho ukuthi

WAYENGAKAZE aziphuphe ewumlimi futhi wayengazitsheli ukuthi yimboni umuntu ofana naye angangena kuyona ngoba wayecabanga ukuthi ngeyabantu abacebile futhi abakhule vele emakubo kunamapulazi. Kodwa langa limbe exoxa nomunye umngani wakhe owayesengenile kule mboni, wavuleka amehlo ngenkathi emchazela ukuthi awudingi ukuthi uze ube nepulazi kodwa uyakwazi ukuwuqasha umhlaba futhi akumele kube wukuthi udayisela izitolo ezinkulu kuphela kodwa ungathengisela noma wubani ngoba wonke umuntu uyakudinga ukudla nsuku zonke. Kwathi qwebu kuNksz uMbali Nwoko, isikhulu esiphezulu seGreen Terrace, kanti emva kwaloko akapholisanga maseko njengoba kwathi emva kwamasonto amabili exoxe nomngani wakhe, wabhalisa inkampani “Ngiyazithandayakhe.

Okunyesenja.okuhlukile

Uneminyaka emihlanu eqalile kwezolimo kodwa ugila izimanga. Uwola imiklomelo, ungafunga ukuthi selokhu kwathi nhlo, yiyona nto ayenzayo

asitshali ngqo emhlabathini nokusho ukuthi asikho isidingo sabantu abazohlakula ukhula. Sinanekhompyutha okuyiyona esitshelayo ukuthi sekumele sichelele noma sekumele sifake umanyolo, hhayi lokhu kwakudala okuwukuthi sasizicabangela thina ukuthi cishe manje sekumele sichelele ngisho kungathiwa izitshalo azikawadingi amanzi. Iyasitshela futhi ikhompyutha uma kuwukuthi kunamapayiphi avalekile. “Sisebenzisana nanabantu abahlanganisa i-app ezoqopha okwenzeka epulazini. Le ndlela yokulima inciphisa amaphutha,” kusho yena. Epulazini uqashe abantu abayisihlanu ngoba eminye imisebenzini iseyenziwa wubuchwepheshe kanti ngesizini iyodwa isivuno sakhe singamathani awu-180 000. Imboni yezolimo ngenye okwaziwayo ukuthi ubandlululo ludlangile kuyona kodwa uNksz uNwoko uthi akakaze aqondane nokucwaswa ngokwebala, kunalokho yiminyaka nanobulili bakhe abantu abake bamcwase ngakho. Uthe intsha emnyama ingangena futhi iyadingeka kulo mkhakha kodwa wathi kumele kulungiswe izinto ezenza kube lukhuni ukungena ngoba yimboni izinto zakhona ezibizayo kanti neminye imigomo njengeyokubolekwa imali ngamabhange ayibavuni futhi kukhona nokuthi isuke ingaqhamuki emindenini yabalimi. UNksz uNokwo uzalwe futhi wakhulela eGoli kanti unendodana eneminyaka emine.

Usheba

KUBANTU abaningi ukudla okonakele nomunye udoti yizinto okufanele zilahlwe ngoba zisuke zingasenamsebenzi walutho. Kepha kunomlimi imfucuza eyigugu kuye njengoba ingenye yezinto azisebenzisayo ukuqhamuka nezindlela ezintsha zokulima, ezinempilo futhi ezivikela imvelo.

UNksz uThandiwe Mchunu, ongumlimi waseMahlongwa, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natali, wala ukhasha ngokudla okonakele njengoba esebenzisa kona ukukhiqiza umanyolo, okumnciphisela izindleko eMchunu Farm nasepulazini elilawulwa yiNtuba yoMnotho Co-op. UNksz uMchunu ugxile ekutshaleni iklabishi alidayisela umphakathi wendawo, amakhasimende athengisa ezimakethe ezinkulu zamaveji nezitolo ezinkulu zokudla. Uhlanganisa nezithombo azidayisela abanye abalimi. Eminye imikhiqizo enjengespinashi, u-pepper, no-anyanisi, uyitshalela kakhulu ukuthi kudle umndeni wakhe. “Ngiyakuthanda ukudlala ngenhlabathi futhi kuyangijabulisa nokubona into entsha iqhamuka enhlabathini. Uma ngibona u-green pepper usukhulile, ngesikhathi ngisahlala emqashweni ngangivele ngiwuthathe ngiwulume ngaso leso sikhathi. “Engadini yilapho mina ngipholisa khona ikhanda, angiyi kobhucabhucwa noma ukuyojima. Uma ngihlakula ngikhipha ukhula, ungibona sengimoyizela ngedwa,” kusho yena. Nakuba ekhule ebona unina elima umbila, amakinati, amadumbe nobhatata kodwa akuwona umsebenzi aqale wawunaka. Uyi-chemical engineer eqeqeshwe eMangosuthu University of Technology nase-Unisa, nokuyiwona msebenzi aqale wagxila Uqalekuwona.ukulima ngo-2020 emva kokubuyela ekhaya uma kuvalwe izwe ngoba enzela ukuthi bangakusweli ukudla kubo. Isivuno sakhe savela saba siningi wagcina esedayisela umphakathi wangakubo nabaphekela izikole. Umsebenzi uphinde wakhuliswa nawukukhangisa kwakhe ezinkundleni zokuxhumana. Uxhaswe yiMazisi Kunene Foundation ngenjini namapayipi adonsa amanzi, okwenza kube lula Ubunjiniyelaukuchelela.akabuyekile

ezintshaoqhamukaukuphuculaimfucuzaubunjiniyela,nokulimaezolimonezindlelazokulima

njengoba kuwulwazi lwakhona alusebenzisayo ukuthuthukisa indlela alima ngayo. UNksz uMchunu umatasa nocwaningo lwezifundo ze-MSc in Chemical Engineering alwenza e-University of KwaZulu-Natal lapho exhaswe khona yiCouncil for Scientific Research (iCSIR) ngomfundaze. Ngemva kokubona umsebenzi wakhe, iCSIR yamkhuthaza ukuthi ucwaningo lwakhe alugxile ekubhekeni ukuthi kungaguqulwa kanjani ukudla okonakele ukukuphendula umkhiqizo owusizo. Uqhathanisa umanyolo owenziwe ngokudla okonakele nowenziwe ngezinsalela uma kugaywa utshwala nangotshani nezitshalo ezingadingeki ezinjengomAbanyesilinga. abantu abamxhasile wuphiko lweNhlangano yeZizwe i-United Nations Development Programme (i-UNDP). EMchunu Farm abagcini nje ngokukhiqiza umanyolo ngokudla okudala kodwa baphinde bakhiqize negesi abapheka ngayo, i-bio gas, nathi ingcono kakhulu kunegesi ejwayelekile yeLPG ngendlela evutha ngayo, iphunga layo futhi ayiyicekeli phansi imvelo. Nokho uthe akukafiki ezingeni lokuthi bangayidayisela umphakathi ngoba basaqhubeka Uthinokucwaninga.umsebenzi wakhe wokuba yi-chemical engineer awusho ukuthi kufanele asebenze ngamakhemikhali kuphela. Epulazini elikhulu usebenza nabantu abayisithupha. Nakhona banenselelo yamanzi njengoba bengakwazi ukuyisebenzisa khona le njini abaxhaswa ngayo. Nezikhukhula zibamoshile zagugula ibhuloho, nokusho ukuthi abasakwazi ukungena ngemoto njengoba kudingeka ukuthi bayishiye kude kanti uthi sebehluleke bancama ukuthola ugandaganda. Uthi uzoqhubeka abekezele futhi aphokophele, isifundo athi wasincela kunina.

Agasti 12, 2022 | www.umbele.co.za | 17 Uqale ukulima WUSLINDILE KHANYILE ISIVUNO

Uthi ukuzisebenza sekumfundise ukuthi akwazi ukubheka ukuthi yini efunekayo angabambeleli nje kwakucabangayo njengoba esengeze nama-play date ezintweni abazenzayo nokufunda ukuthemba abanye abantu njengoba kukhona abaqashile.

18 | www.umbele.co.za | Agasti 12, 2022 WUSLINDILE KHANYILE ASAFUFUSA

Lolu thando lwezingane lumholele ekutheni afundele umsebenzi ozoqinisekisa ukuthi usebenza ngezingane njengoba ene-National Diploma in Child and Youth Development yaseNatal Technikon, okuthe ngokuhamba kwesikhathi wazithuthukisa ngokwenza i-BTech kulesi sikhungo esesibizwa ngeDurban University of Technology. Akagcinanga lapho njengoba uNksz uLondi Yika egcine esevule iHouse of Play (iHOP), indawo enakekela izingane nsuku zonke kusukela ngo-8 ekuseni kuze kushaye u-10 ebusuku. Kwesinye isikhathi izingane zigcina zilala kuye nesidingo somzali ngaleso sikhathi. Umzali uyayibekisela ingane uma ezodinga ukuthi igadwe ngosuku oluthile. UNksz uYika, ozalwa futhi okhulele KwaMashu, eThekwini, KwaZuluNatali, uthi umqondo weHOP kade wamfikela kodwa eloku esaba. Uthi isibindi uze waba naso ngo-2020 uma kuhlasela iCOVID-19 njengoba ethi lolu bhubhane lumkhombise ukuthi kulula ukuthi impilo ishintshe ungazelele wase ezidela. UNksz uYika nabamsizayo eHOP, indawo ebheka izingane yaKwaMashu, eThekwini, KwaZulu-Natali “E-House of Play sisiza abazali abangazi ukuthi ingane bazoyishiya nobani, labo bazali abangakwazi ukuyisa ingane kwagogo, mhlawumbe umuntu odinga ukuyokwenza ikhanda nezinzipho amahora ambalwa, umuntu ofundayo, ozisebenzayo othola ukuthi ubecabanga ukuthi uzobe eseqedile ngesikhathi esithile kodwa kube nekhasimende elimdingayo nokuphoqa ukuthi aqhubeke asebenze. “Izidingo zabazali azifani nokungakho sihluke ngokuthi thina asivali ngo5 ntambama. Senzela nalowo mzali othi noma enaye umuntu omsizayo kwakhe kodwa odinga usizo uma ‘uSisi’ (umzanyana) egodukile noma mhlawumbe eseshayisile ngoLwesihlanu ntambama. Indawo yethu iphephile futhi yindawo umntwana akwaziyo ukudlala akhululeke abe yingane kahle,” kusho yena. Nokho ugcizelela ukuthi abayona inkulisa, okusho ukuthi abakwenzayo akugxilile ekufundiseni izingane umsebenzi wesikole nakuba zikhona izinto izingane abazifundisa zona njengama-puzzle, ukudweba, ubuciko Okwamanjenezemidlalo.iHOP isazinze KwaMashu kubo kwaNksz uYika, lapho eqashe khona abantu ababili kanti nonina owuthisha osathatha umhlalaphansi Ukugadelwauyalekelela.inganekuqala kuR70 kuye nokuthi udinga ukugadelwa isikhathi esingakanani nokuthi ingane isuke izoziphathela yini ukudla noma umzali uyiletha nokwayo.

Okunye asebekwengezile yimicimbi yokungcebelekisa izingane njengokuthi babe nosuku lapho behlelela khona izingane ukuthi zibuke ifilimu.

UDUME ngokuthanda izingane emndenini wakhe kangangokuthi ngisho kunomcimbi kubo uyaziwa ukuthi yena unakekela izingane. Bathi abanye bezikhathaza ngokuthi konke kumi ngomumo yini ngomcimbi, yena usuke ebuza ukuthi izingane zihlinzekelwe ngakho konke yini ezizokudinga njengokudla, indawo yokulala nokunye.

Ngamaholidi ePhasika bazenzise i-Easter egg hunt. UNksz uYika uthi ngale kokuthanda izingane, enye into emgqugquzele ukusungula iHOP wuthando lwakhe lwe-speech and drama netoho ayelenza uma kuvalwe izikole ngesikhathi esenza amabanga aphezulu eDanville Park Girls’ High School eDurban North. Mlalele echaza. Uthi uzibone kahle izidingo zabazali uma naye esewumama njengoba enezingane ezimbili, intombazane eneminyaka eyisikhombisa nomfana oneminyaka emithathu. UNksz uYika usebenzela umNyango wezobuLungisa lapho eyi-intermediary yezingane. Emsebenzini usebenza ngezingane ezihlukunyezwe ngezindlela ezihlukene kanti yena umsebenzi wakhe wukukhulumela ingane uma kusuke kufanele ithule ubufakazi enkantolo. Uthi umsebenzi wakhe eHOP ngenye yezindlela azisebenzisayo ukukhohlwa yilezi zinto ezibuhlungu abhekana nazo emsebenzini. Kepha futhi uyalusebenzisa nalolu lwazi lwasemsebenzini ukufundisa izingane ngezinto okufanele zizigade, ikakhulukazi ngendlela ezithintwa ngayo “Ngiyabafundisaemzimbeni. abantwana ukucebana, yinto engiyikhuthaza kakhulu ngoba izinto zihlala obala uma umntwana eceba,” kusho uNksz uYika.

lezinganeebhizinisinikumholelengomuntuzakwakheelihlukile

Ukuzifela

Owakhula ebona ezinyathelwenioyisikhwishikhwishiuninakhuluesikholelwakumakhambiemvelouhambazakhengendlelayesimanje INTOMBAZANE yasemajukujukwini aseXobho, eningizimu yeKwaZuluNatali, ikhula ayikhumbuli ibona kudliwa amaphilisi futhi kuphuzwa imithi kubo. Empeleni uninakhulu wale ntombazane namuhla esiyintokazi wayeyihebeza indaba yemithi yesilungu. Intombi endala eyakhulisa uNks uLouise Dlungwana, oganele kwaMdluli kodwa osebenzisa isibongo sakubo ngezizathu beseempeshenini.“Ugogomahlalakhona.oneminyakazikaninakhuluyaseKZN,Shepstone,we-ObendaloUNksabanyeakhambikodwaamakhalayayingagcinizebhizinisi,njengokushayangemithiyodokotelafuthiyayithakaam-emvelobeseidayiselaabantu.uDlungwana,umsunguliOrganics,yasePortogwinioluseningizimuuthingenxayezimfundisongishonanamuhlauninaewu-75akanazoizifoezinga-wayewuzulaziyithole.UgogowayedayisaWayebilisainsanguayifakekuma-containereyidayisanjengesiphuzo.Sikhule(ekhaya)bethiimithi yesilungu ayilungile. Uma unenkinga yesikhumba ‘uthatha ibovu, ugcobe ibovu, uma (uqothukelwa) yizinwele, thatha la mafutha ugcobe’. Ngikhule ngibona ukuthi ugog’ wami kuyamsebenzela. Ekhaya akekho umuntu onenkinga yempilo, siphila impilo enhle nje,” kulanda le ntokazi eke ikhulume kuKhozi FM. Akusona isiphekepheke esiwuninakhulu kuphela esimkhuthaze ukuthi asungule ibhizinisi. “Sikhule vele ekhaya kudayiswa. Sikholelwa ekudayiseni. Ngicabanga ukuthi u-95% (ekhaya) uyazisebenza. Asibona abantu abakholelwa ekutheni kufanele uwufune (umsebenzi). Ngavele ngabona ukuthi ake ngithathe into engisebenzelayo ngisebenze ngayo.” UNks uDlungwana uqale wenza i-Diploma in Marketing e-ICESA ngaphambi kokusungula iBendalo Organics ngo-2020. Yenza imikhiqizo yesikhumba neyezinwele. Amanani ayo aqala kuR70 kuya kuR350. Iyakhanga indlela abapakisha ngayo imikhiqizo yesikhumba neyezinwele e-Obendalo Organics UNks uDlungwana uthi akulungile ukuthi amantombazane athombayo asebenzise imithi ecindezela ukukhiqizeka kwama-hormone enza kuqhumisa izinduna ebusweni. Uthi kukhona nezinduna ezibangwa yixhala. Uthi abantu besilisa banenhlanhla ngoba abakaze bangene shi ogibeni lokusebenzisa imithi yesikhumba yesilungu. Banekhambi labantu besilisa abajulukayo; bakhiqiza insipho ethakwe ngelahle. “Senza namafutha ezinwele. Uma izinwele zakho zoma, uma izinwele zingakhuli, sinawo amafutha emveljo. Sisebenzisa i-avocado oil, i-castor oil, i-tea tree oil; i-tea tree oil ilapha isikhumba esomile. I-avocado oil eyokuqinisa izinwele.Umndeni nabangani abamsekanga ngomlomo kodwa ngephakethe ngenkathi esungula ibhizinisi. “Bengenzela abangani nabantu basekhaya. Bathi loku kungisilze, senginamahloni ukuthi (sengikuthatha) mahhala. Ngathi awuthi ngikupakishe kahle, ngikushaye indali,” kukhumbula yena. UNks uDlungwana uthi isinengiso iCOVID-19 sibe yisibusiso kuyena. Yenza kwashintsha indlela abantu abamnyama abaningi ababuka imikhiqizo yamakhambi ngayo. “Kwafika iCOVID-19. Abantu baqala ukukholelelwa kwimIhlonyane… ukuzilapha. Ngabona ithuba lokuthi isiphumile le nto yokuthi abantu bathenge into esitolo ukuze babone kuthi ingcono. Yilapho ibhizinisi lami likhule khona, ngathatha ulwazi ekade nginalo ngalenza isimanje, ngafaka amalebula, ngaqala ngethula ibhizinisi lami, laqala (lenza) kahle. “Nasesikoleni ngifundele i-marketing. Ngivele ngasebenza into yami, ngasebenza yona,” kusho yena ephubuka ehleka. Le nto ihambisana nothando. Ngeke uyenze ungenalo uthando. Ngabona kuthi kungani ngingenzi into yami. Ngenza i-short course ye-organic beauty. Ngenza loku engikwaziyo; engazi ukuthi kuyangisebenzela,” kukhumbula lo somabhizinisi oseke waqokwa kumaRay Nkonyeni Munipicality Business Awards no-Umlando Creatives. Ngokwezinhlelo zangomuso uthi: “Sifisa ukwenza ama-toner. Kade ngenza ucwaningo nge-hemp oil yexhala, yokhwantalala. Uma ngenza ucwaningo, ngathola ukuthi iyasiza.” Ufisa ukutholakala ezitolo namakhemisi amakhulu. Okukhulu ufisa ukwenza i-network marketing yemikhiqizo ye-Obendalo Organics “ukuze wonke umuntu enze imali”. Nokho kukhona igedegede eliwuNks uDlungwana okulihluphayo. “Abantu abafuna ukuba mhlophe isikhumba… nabantu bafuna izinto Uneselulekoezisheshayo.”kwabanye osamabhizinisi. “Akukho lula, uma into uyicabanga uma into ikwenza ungalali, yenze, ubekezele, unamathele. Imfihlo ilele ekubezeleni, uzoyibona imiphumela,” kuphetha uNks uDlungwana engasahleki. Agasti 12, 2022 | www.umbele.co.za | 19 WULANGA KHANYILE ASAFUFUSA

Usebhale nencwadi esihloko sithi Reflections of a Convoluted Mind: A Journey with my Mental Illness. Uthi lena yincwadi eyamsiza emva kokuthi “ewile” ukugula kwakhe kwamehla ngenhla washiya imiyalezo eyayinganambitheki kwenye i-WhatsApp Group ayeyikuyona. Uthi ukusabalaliswa kwaleyo miyalezo kwamhlukumeza kodwa ngosizo lomndeni wakhe, odokotela nomkhuleko wadlula kusona. Yizwa echaza ngokubhala incwadi.

Kumzalele nebhizinisi iVocal Mentality. Le nkampani yakhe eneminyaka emibili igxile ekufundiseni abantu nge-bipolar ezinkampanini nasemphakathini. UDkt uNgcobo ufundisa ngokusebenzisa impilo yakhe nolwazi analo njengodokotela; nokho akasiye udokotela ogxile ekwelapheni izifo ezithinta umphefumulo nengqondo. Uma eyichaza i-bipolar, uDkt uNgcobo uthi lesi yisifo esenza imizwa yomuntu ingasebenzi kahle futhi indlela umuntu asuke ezizwa ngayo ngalelo langa iba mandla njengokuthi uma umuntu ejabule, ujabula kuze kweqe kanti uma edangele, ucobeka “Ngangimncanekakhulu.kakhulu ukuthi ngiqonde ukuthi kwenzakalani ngami. Abantu ababona ukuthi kukhona okushaya amanzi ngabazali bami. Yize ngangimncane kodwa into engangiyibona wukuthi imizwa yami yayiba ngaphezu kwengikwazi ukukumela. Ngangicabanga nokuthi wukucikeka nokushintsha kwemizwa okuhambisana nesigaba sokukhula kodwa abazali bami babona ukuthi kuyanyukela. “Ngangithi uma ngithule ngithule kakhulu futhi vele ngangingeyena umuntu okhuluma kakhulu ngaleso sikhathi. Kepha ngase ngiqala ukusho ukuthi ngibona abantu abangasekho, ngikhuluma nabo, ngizwa izinto ezindlebeni bona ababengaziboni. Abazali bami bangiyisa kwi-psychologist, yona eyagcina ingidlulisela kwi-psychiatrist, ngalala esibhedlela. Izinto zaba nzima esefundela ukuba wudokotela e-University of KwaZulu-Natal njengoba ethi wayelala esibhedlela okungenani kabili noma kanye ngonyaka. “Kwakulukhuni ukwamukela ukuphila (nalesi sifo) futhi ngangingawadli amaphilisi. Angiqedanga ngesikhathi okwakufanele ngiqede ngaso. Ukuthi ngafunda ngaze ngaqeda ukuba wudokotela kuyamangalisa futhi yinto engiyibongayo kakhulu.” UDkt uNgcobo, oneminyaka ewu-35, uzalelwe futhi wakhulela eThekwini, KwaZulu-Natali. Uthi enye yezinto edingekayo uma sekwaziwa ukuthi une-bipolar wukuthi udle amaphilisi impilo yakho yonke nokuthola usizo lwe-psychologist. I-Vocal Mentality ihlomisa abantu ngalo lonke lolu lwazi. Omunye umsebenzi omkhulu owenziwa yile nkampani wukwenza abantu baqonde kahle abantu abane-bipolar ukuze bezogada nendlela abababuka ngayo nabakhuluma ngayo ngabo njengoba kwesinye isikhathi kungabantu okuvele kuthiwe baneconsi noma banenhliziyo encane. UDkt uNgcobo wake wahlukumezeka naye ngezindlela ezihlukene abantu bembiza ngohlanya, bethi unamadimoni futhi uyathakatha. Ngaphambi kokusungula iVocal Mentality, uDkt uNgcobo ubeqashwe wumNyango wezeMpilo ewudokotela wezifo zonke. Ubezenzela eceleni umsebenzi wokufundisa ngezifo eziphazamisa ingqondo emphakathini, emasontweni nasezinkampanini. Kugcine kuholele ekutheni agxile kuwona. Uthi ukunakwa kwalezi zifo, okunyuke kakhulu emva kweCOVID-19, kukhulise umsebenzi awenzayo. Kepha naye uyabhekana nezinselelo bonke abanye osomabhizinisi abasafufusa ababhekana nazo. “Kunzima ukuzisebenza, angifuni ukuqamba amanga. Uma uqashiwe unosuku ohola ngalo. Kodwa uma uzisebenza kulukhuni, ikakhulukazi ngasekuqaleni ngoba usadinga abantu bakuthembe, kufanele ukwazi ukubekezela, sengifunde ukuphokophela nokubekezela. Abantu uma bekhuluma ngokuzisebenza baye benze sengathi kumnandi futhi kulula kodwa akunjalo. Awunaso isikhathi sokuthi ungena ngesikhathi esiwukuthi, uphume ngesithile, usebenza noma yinini.”

Nanamuhla luyamsiza njengoba ekwazi ukuphila impilo ejwayelekile njengawo wonke umuntu nakuba enesinye sezifo okunzima ukuziqonda kubantu abamnyama, i-bipolar. Akukhona nje loku akuhlomula ngokugula kwakhe uDkt uSamke Ngcobo.

Usesungule nenhlangano engenzi inzuzo iSisters for Mental Health. Igxile ekutheni abantu babenesigcawu lapho bengakhuluma khona bakhululeke ngezinselelo zezifo zengqondo. Uthi kuyathokozisa ukubona ukuthi izifo zengqondo sekukhulunywa ngazo njalo eNingizimu Afrika hhayi nje ngo-Okthoba kuphela, inyanga yokuqwashisa ngazo. UDkt uNgcobo uwumsakazi kwiWoman Radio, esakaza kwi-internet, lapho enohlelo olufundisa ngezifo eziphazamisa ingqondo.

20 | www.umbele.co.za | Agasti 12, 2022 WUSLINDILE KHANYILE ASAFUFUSA

Inselelo yokugula kwakhe ekusunguleniimholeleibhizinisi

WASIZWA wukuthi abazali bakhe bangapholisi maseko ukusukuma bayofuna usizo uma bebona okusolisayo ngaye. Lolo sizo aluthola eneminyaka ewu-14 lwamenza wakwazi ukuqeda isikole, waze wayoqeqeshelwa ukuba wudokotela.

Zibuya

UKUBHUNTSHA kwezinhlelo zokubuyela embonini ayifundele nayizwa ngaphakathi ngenxa yeCOVID-19 kuphenduke isibusiso njengoba egcine eqhamuka nomqondo webhizinisi elingavamile kubantu abamnyama.

UNkk uMngadi, oneminyaka ewu-38 nodabuka eMandeni, KwaZulu-Natali, uthi wabona ithuba ngesikhathi izwe livaliwe. “Into engayiqaphela ngesikhathi izwe livaliwe ngokwesigaba sesihlanu nesesine wukuthi baningi abapheki abaqhamuka, abantu babepheka ngapha nangapha. Nami ngangipheka ukuxosha ukhwantalala ngoba sasidiliziwe nasemsebenzini futhi ngase ngikhathele nawukugijima. “Kodwa ngaqaphela ukuthi ngathi ngiyothenga kwenye inxanxathela yezitolo, isitolo sezitsha ezinhle engangilokhu ngizibona sasivaliwe kwase kuyangifikela ukuthi mhlawumbe into engingayenza wukusungula isitolo sezitsha namabhodwe okudayiswa online Wabe esebonisana nababesebenzisana naye oyi-graphic designer bahlanganisa umqondo wokuthi lizoba yinhloboni yebhodwe ibhodwe labo. Bavumelana ngokuthi akufanele licwebezele ngoba amabhodwe amaningi ayacwebezela futhi babefuna ibhodwe elizoqhakambisa ukuthi ngelase-Afrika, nokungakho bethathele kugalaza. Empeleni uNkk uMngadi nomyeni wakhe babezovula indawo yokudlela engaseHazelmere Dam eVerulam, eThekwini, ngePhasika lango-2020. Nokho lezo zinhlelo zamiswa wukuvalwa kwezwe ngenkathi kuhlasela iCOVID-19. Kuthe uma kuvulwa izwe bayethula ngoJulayi ngawo u-2020 kodwa kwasho ukuthi umnotho wawungemuhle futhi abantu babesasaba ukuvakasha. Bobabili bangabantu bemboni yezokudlela nokutetemukisa abantu. UNkk uMngadi wenza i-Hospitality Management eML Sultan (esibizwa ngeDurban University of Technology) kanti usebenze kule mboni iminyaka ngaphambi kokushintshela kuhulumeni nasembonini yezimali. Umyeni wakhe wayekade enendawo yokudlela ngesikhathi beqala ukuhlangana. Ukhamba Cookware luqale ukudayisa ngoSepthemba nyakenye kanti uthe uphela u-2021 bese bedayise amasethi awu-56. Into abayithengayo isinqe sebhodwe kodwa konke okunye bayazenzela futhi bazihlanganisele ibhodwe liphelele. “NgoJanuwari sadayisa (amasethi) awu-36, nokwasijabulisa ngoba uJanuwari sazi ukuthi abantu basuke bengenayo imali kodwa samangala sibona ukuthi abantu abazweli. Ziloku zinyukile izibalo njengoba kusukela ngaleso sikhathi asikaze sidayise ngaphansi kuka-30. “Kuyisifiso sethu ukuthi Ukhamba lugcine lutholakala kwezinye zezitolo, umuntu akwazi ukungena esitolo awathole amabhodwe, iyona (nto) engiyibhekile ngo-2022,” kusho yena. Isethi yoKhamba ibiza uR2 500 kanti uyabavumela nalabo abathenga inqwaba kuyena ngoba befuna ukuyodayisa nabo. Banabantu abayisithupha abasebenzisana nabo abadayisayo ezindaweni ezihlukene. Abantu bayakwazi ukufaka ama-oda kuWhatsApp noma uFacebook. Ukuphazamiseka kwendawo yokudla kwasho nokucwila kwayo yonke imali ababeyongile bewumndeni. Nokho bavuke bazithatha. Yizwa echaza uNkk Mngadi ukuthi bagqugquzelwe yini. Sebegcine beyivulile indawo yokudla iHazelmere Lounge. Iqashe abantu ababili abasebenza ngokugcwele, nokuyisibalo esinyukayo sifinyelele kwabayisikhombisa kuya kwabawu-10 uma kumatasa. KHANYILE

Agasti 12, 2022 | www.umbele.co.za | 21 WUSLINDILE

ASAFUFUSA

abavuthayoogalazakonebhizinisiemasiswenielikhiqizabesimanje

UNkk uLindiwe uMngadi uwumsunguli wenkampani ekhiqiza amabhodwe esiZulu akhiwe isimanje futhi okuphekwa ngawo esitofini, hhayi eziko elisemnyango, Ukhamba Cookware. La mabhodwe adayisa eyisethi esihlanu agabe ngokuhlotshiswa ngemidwebo yemibala egqamile yase-Afrika kanti amanye anemidwebo yezilwane zasendle i-Big 5

Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.