Umbele Magazine Osibindigidi edition

Page 1

UMBELE Magazine

Osibindigidi edition

EPHRELI 2022

1


OKUQUKETHWE 6

Isibusiso egcina eqale ibhizinisi Lihamba ngesivinini ibhizinisi lokuthutha

10 Ukudilizwa kumvuse emaqandeni Uncelisa amawele ofuye izinkukhu, alime namaveji

14

20 Ikhono lokupheka ligijima egazini Ubuswa wukwenza okwehlukile

32 36

Amabhizinisi akhe amzalele elensipho Usabalalisa umvini nezinyembezi zikaKhwini

40

Ushaya isidlo samaNtaliyane elokishini

44

42 Ubacwala izinwele emakhaya

2

26

Umbhaki ufunde ngamaphutha Uqale ushukela webhizinisi

38

22

Uyikhambi kwabanenkinga yesikhumba Umpheki ugqanyiswe yizindlela ezintsha

34

18

Uletha isibiliboco elokishini Bavuke ngokusonga izipho

28

12

Uthula abalimi umthwalo emahlombe Ukuwa kwendlu kube wukuvuka kwenye

24

8

Umyalezo womHleli SANIBONANI bafundi boMbele. Kuyintokozo ukunethulela lolu shicilelo lwethu olukhethekile lapho sinilethela khona osomabhizinisi abangosibindigidi.

sanda kuphindela bonke esikoleni. Ngalolu shicilelo, nokungokwesibili sinalo, sithemba ukuthi nabanye abantu abafisayo ukuqala amabhizinisi bazokhuthazeka ukuthi basukume bazithathe.

Laba ngosomabhizinisi okuthe ngokubheduka kweCOVID-19 abangakhala ubumayemaye, kunaloko babona amathuba. Abanye basungule amabhizinisi amasha kanti abanye bashintshe amabhizinisi abebevele benawo ukuze ahambisane nezidingo ezintsha.

Abazi kangcono ngamabhizinisi baye bathi into yokuqala nemqoka ngebhizinisi wukuliqala. Bathi noma unganezifiso ezinkulu kanjani ngebhizinisi lakho futhi ube nohlelo oluhle olubhalwe phansi kepha konke loko akusizi ngalutho uma ungaqalile.

Sekuphele iminyaka emibili golokoqo iNingizimu Afrika ilawulwa ngomthetho i-Disaster Management Act ngenxa yokubheduka kweCOVID-19. Lo mthetho okuqediwe ukusetshenziswa kwawo kusukela namhlanje ushintshe indlela okusetshenzwa nokufundwa ngayo ngenxa yokuvalwa kwezwe.

Labo somabhizinisi esibhale ngabo bayisibonelo esihle saloku. Kwakuvalwe amehlo ngesikhathi izibalo zeCOVID-19 zisephezulu nemingcele ivalwe thaqa. Ithemba lalingelikhulu kangako ngezinkampani ezincane njengoba kwakuwa nezinkulu. Nokho nazi lezi zalaba osibindigidi zisamile emva kweminyaka emibili.

Ezinye izinkampani zisanda kubuyela ekusebenzeleni emahhovisi kanti nabafundi ba-

Sengathi abafisa ukuqala bangakhuthazeka, kuthi abatabalasayo babekezele.

Slindile Khanyile 3


4

5


Yebo, ibhizinisi lami lisasebenza futhi lenza kahle kakhulu emakethe, nenkampani iyakhula nje uma ngibheka indlela umkhiqizo wethu othengwa ngakhona.

Isibusiso egcina eqale ibhizinisi SIMANGALISO NTSHANGASE UMnu u-Aphiwe Mzizi, umsunguli we-Ubuntu Creatives

UNGOMUNYE wabantu bakuleli, naye uphelelwe wumsebenzi ngenxa yokubheduka kweCOVID-19, eholele ekutheni izinkampani eziningi zivale, ezinye zinciphise izisebenzi ngenxa ye-lockdown. Nokho loko kuphenduke isibusiso kuMnu u-Aphiwe Mzizi okwase kuyisikhathi eside efisa ukuqala ibhizinisi, nokwathi uma kuvalwa izwe esehleli ekhaya waba nesikhathi esanele sokucabanga, wafikelwa wumqondo webhizinisi lobuhlalu. UMzizi, oneminyaka ewu-30, waseMzimkhulu, eNingizimu yeKwaZulu-Natali, wumsunguli we-Ubuntu Creatives, inkampani eyenza imigexo, amawashi, amacici nokunye okunobuhlalu. “Kwathi uma kuphela inkontileka yami kuMasipala waseThekwini engangisebenza kuwo ngiyithwaswa kwiGO! Durban abangayivuselela, okwaphoqa ukuthi ngibuyele ekhaya. “Kwathi sengisekhaya ngathola ithuba lokucabanga

6

kahle ukuthi yini enye engingayenza, ngase ngikhumbula ukuthi konje ngikhule ngifisa ukuba nebhizinisi. “Ngenxa yokuthi ngiyabuthanda nobuciko, ngabona kuwumqondo omuhle ukuthi ngiqale ibhizinisi lokwenza ubuhlalu. Ngaqala ngazicija ngolwazi lokukwenza kuYouTube, ngase ngisungula Ubuntu Creatives ngoJuni wango-2020,” kusho yena.

lalu ubiza uR30 kuya kuR200. Abagcini ngokusebenzela eMzimkhulu kuphela kodwa amanye amakhasimende akude bayawathumelela ama-oda awo.

Okwamanje usebenza ngokubambisana noMnu uThabo Dlamini omsiza ngokwenza ubuhlalu, okuthi uma sebulungile badayise emgwaqweni edolobheni eMzimkhulu.

“Sihlale senza isiqiniseko sokuthi senza imikhiqizo yethu ngendlela eyehlukile, sinike amakhasimende ethu ithuba lokusho ukuthi afuna into enjani. Loko ngenye yezinto eyenza sihluke ezimbangini zethu. Negama lenkampani yethu liyazikhulumela liphinde lifakazele ukufisa kwethu ukubuyisa ubuntu ebantwini ngemikhiqizo esiyenzayo,” kusho yena.

“Kuseyinselelo enkulu ukungabi nendawo eqondile yokusebenzela, nokuthi kwesinye isikhathi amakhasimende afika abe maningi kakhulu, loko okwenza sigcine sisebenza ngaphansi kwengcindezi,” kusho uMzizi. Uthi kuvame ukuthatha usuku kuya kwezimbili ukwenza umsebenzi bawuqede. Umsebenzi wobuh-

Iseluleko sakhe kwabafisa ukuqala ibhizinisi wokuthi baqale ngokuncane abanako, bangalindi baze babe nayo yonke into ngaphambi kokuthi baqale. “Buka nje nami ngathatha uR400 emholweni wami wokugcina ngaqala Ubuntu Creatives, futhi angizisoli nakancane ngalokho ngoba ibhizinisi liyakhula usuku nokusu

kanti mkhulu nomehluko eseliwenzile empilweni yami.” kusho yena. Ukuzihlonipha, ukwazisa isikhathi nokuphatha kahle imali yebhizinisi ngezinye zezinto athi uzifundiswe wukuba wusomabhizinisi.

“Ngiyafisa ukuthi Ubuntu Creatives bugcine sebunamagatsha okungenani amathathu emadolobheni ehlukene eminyakeni embalwa ezayo ukuze ngikwazi ukusiza intsha engasebenzi ngokwandisa amathuba (omsebenzi),” kuphetha uMzizi. Ubuntu Creatives |

ubuntucreatives

7


Sifunde ukuthi isikhathi sobunzima kuyenzeka sikunike ithuba lokwenza into enhle.

Lihamba ngesivinini ibhizinisi lokuthutha SIMANGALISO NTSHANGASE

Umthwalo usobhokweni iveni yeBlack Star Transport & Logistics ithutha izimpahla

UKUBHEDUKA kweCOVID-19 kwenze babona ithuba lokuqala ibhizinisi. Namhlanje sebeqashe abantu abangaphezu kuka-100 ebhizinisini eliqashisa ngezimoto zokuthutha ifenisha nezokuvakasha. Beqala ukuthola amakhasimende kwakungabantu ababedinga ukuthuthelwa izimpahla begoduka ngemva kokubheduka kobhubhane iCOVID-19. OMnu uDerah Manyelo noMnu uFortune Shabangu, base-Ivory Park, eGoli, eGauteng, basungule iBlack Star Transport & Logistics, ibhizinisi abaliqale ngeveni eyodwa. UManyelo uthi nakuba bebenethemba lokuthi uma besebenza kanzima ibhizinisi lizokhula kodwa bebengalindele ukuthi lizokhula ngaman-

8

dla ngokushesha kangaka.

njengamaveni namaloli okuthutha ifenisha.”

uhambo lude kanganani.

“Abantu abaningi babethutha ezindaweni abahlala kuzona benzela ukuphepha besemakhaya. Siliqale kanjalo-ke leli bhizinisi sisebenzisa iveni ukusiza abantu ababeqiqinga imithwalo belibangise ezindaweni ezihlukene ngoba bebona kungaphephile ukuhlala lapho abebehlala khona ngenxa yokuvala kwezwe,” kulanda yena.

UShabangu uthe bagcine sebengeza ngokuqashisa ngezimoto kwabasuke bethatha uhambo olude lomsebenzi noma bevakasha nemindeni yabo, okungenye yezindlela abakhulisa ibhizinisi ngayo.

Bathe ungakapheli unyaka bazokwethula i-app ezokwenza kube lula ukuthi amakhasimende aqashe izimoto.

“Sigcine sithintwa ngabantu abakude nathi, nokusiphoqe ukuthi siqashe abashayeli abanamava ngoba umsebenzi ubusukhula ngokuphindiwe. Kumanje sisebenzisana nabashayeli abangaphezu kuka-200 abanezimoto ezihlukene

“Abashayeli bethu bahambisa (abantu) ezindaweni abasuke beya kuzona, bahlale babalinde uma kukude kakhulu naseGoli lapho bese bebabuyisele emuva uma sekuphele isikhathi sohambo,” kusho yena. Ukuthutha ifenisha kuqala kuR400 izindawo eziseduze neGoli kanti babiza uR2 500 kuya phezulu ngosuku kwabaqasha imoto, kuye ngokuthi

“Sizoqhubeka futhi sivule amathuba emisebenzi entsheni yakithi engasebenzi. Sifuna kuphele lo nyaka sesinabashayeli abangephezu kuka-1 000 futhi (maduze) sizogcina sesiyinkampani enkulu njenge-Uber,” kuphetha uManyelo. Black Star Transport & Logistics |

blackstartrans

9


Ukudilizwa kumvuse emaqandeni SIMANGALISO NTSHANGASE Umsebenzi we-Amachunu Plumbers

ULWAZI lomsebenzi wokuxhuma ompompi nokulungisa amapayipi, okungaba awokuthutha amanzi nendle, i-plumbing, ulubone lwenele ukumsiza ukuthi aqale ibhizinisi. UMnu uSamkele Khanyile, oneminyaka ewu25, uthi ubone singekho isidingo sokufuna umsebenzi awuqeqeshelwe, waqoka ukuqala i-Amachunu Plumbers ngoJulayi walo nyaka. Uqeqeshwe Kwakhonkolo Concrete Skill Development Centre. UKhanyile, waseNtuzuma, eThekwini, wenze izifundo ze-Information Communication Technology eDream Skill Centre ngo-2017. Ubhalise Kwakhonkolo ngo-2018. “Ngiqeqeshwe khona unyaka wonke, kwathi ngo-2019 kuya ku-2020 ngasebenza njengethwasa kwenye yezinkampani ze-plumbing, okuyilapho engifunde khona okuningi ngokuba wu-plumber,” kusho yena.

10

Uthi ngasekuqaleni kwalo nyaka kuphele inkontileka abenayo kule nkampani abeqeqeshwa kuyona, okuyilapho ebona khona ukuthi usengakwazi ukusebenzisa ulwazi aluthole kuyona ukuqala i-Amachunu Plumbers. Uthi kuleli bhizinisini ugxile ekulungiseni ompompi, amapayipi avuzayo, izindlu zokugezela nokufaka izinsizakusebenza zasendlini encane. Usebenzisana noMnu uPhumlani Mchunu, omsiza ukwenza lo msebenzi, awuchaze njengongelula.

ngesimo nesimo nokuthi umsebenzi odinga ukwenziwa mkhulu kangakanani. Ukuba wu-plumber uthi kumfundise ukusebenza ngokuzimela nokukwazi ukuxoxisana namakhasimende ngenxa yokuthi lona ngumkhakha wabantu abancintisana kakhulu.

“Ukuba wu-plumber wumsebenzi ongelula ngoba kudingeka ukuthi usebenze kanzima futhi sibuye sisebenze ngaphansi kwezimo ezibucayi nezidinga ukuthi usebenzise umqondo ngokushesha,” kusho uKhanyile.

Ucebise abafisa ukuqala ibhizinisi elinjengelakhe nabathanda ukuba o-plumber ukuthi baye ezikhungweni nasemakolishi abazocijwa kuwona ukuze bezoba nolwazi olwanele nolufanele lomsebenzi. “Nokuthi uma sebefuna ukuqala ibhizinisi babuze indlela kwabaphambili, bazihluphe ngokufuna ulwazi bese begwema ukuqasha izisebenzi eziyinqwaba. Ebhizinisini elinjengaleli kufanele ukuthi umsebenzi uzibambele wena mathupha,” kweluleka yena.

Uthi amanani omsebenzi awenzayo ayashiyana, awanalo inani eliqondile ngoba aya

Uthi akubheke kakhulu manje wukuqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla ukuze akwazi

ukuhlanganisa imali yokuthenga imoto, athe ukusebenza ngaphandle kwayo kwenza umsebenzi wakhe ube nzima. “Imoto eyiveni iyona nto engiyidinga ngempela manje ngoba uthola ukuthi ngigcina ngilahlekelwa amakhasimende akude ngenxa yokuthi akufinyeleleki kalula kuwona ngoba anginayo imoto.

“Njalo uma kumele ngiyosebenza endaweni ekude, ngiphoqeleka ukuthi ngiqashe umuntu onemoto angihambise, loko okwenza kuhlale kunemali ephumayo njalo ebhizinisini. Uma ngingathola imoto nje kuningi okungalunga,” kuphetha uKhanyile. Amachunu Plumbers

11


Yebo, Iphukeshe Projects isakhona yize kuke kwaba nezikhathi ezinzima kodwa ngisayibambile.

Uncelisa amawele ofuye izinkukhu, alime namaveji SIMANGALISO NTSHANGASE

UMnu uSiphesihle Gumede, umsunguli we-Iphukeshe Projects yaKwaMaphumulo, KwaZulu-Natali

UKHOLWA wukuthi ukubumbana, ukwesekana nokusizana yizona zinto ezingenza abalimi badlondlobale kule mboni.

ukhule ekhonze imfuyo kodwa wangena kwezolimo ngokutshala u-anyanisi, i-butternut, u-beetroot no-green pepper.

UMnu uSiphesihle “uPhukeshe” Gumede, oneminyaka ewu-27, ushaya izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa ngebhizinisi lokulima amaveji, afuye nezinkukhu.

“Ngemva kokuphothula umatikuletsheni ngo2010 ngenze izifundo ze-Retail Business Management eDurban University of Technology, nokuthe sengiziphothulile ngo-2014 ngasebenza ezinkampani ezihlukene ngizama ukuziphilisa.

UGumede, waseNhlanomfula, KwaMaphumulo, KwaZulu-Natali, uwumsunguli we-Iphukeshe Projects, ngaphansi kwayo okukhona Iphukeshe Poultry Farm, ibhizinisi lezinkukhu. “Ngiyafisa ukuthi singabalimi sizijwayeze ukusebenzisana nokusizana lapho esingakwazi ukusizana khona, silekelelane nasekukhangiseni amabhizinisi ethu ukuze sonke sidlondlobale,” kusho yena. Echaza ngokungena kwakhe kwezolimo, uthi

12

bo obungasetshenziwa ukuziphilisa. “Yasunguleka kanjalo-ke Iphukeshe Projects ngo-2020 njengenkampani yamaveji, nokuthe ngasekupheleni konyaka ngathenga izinkukhu eziwu-50 engiqale ngazo ibhizinisi lokufuya. Isiyonke imali engayisebenzisa ngingena ebhizinisini kwaba wuR5 000,” kusho yena.

“Ngo-2018 ngenze i-Occupational Health and Safety eNOSA College. Kuthe sengiqede khona, ngasebenza ngiwumshayeli wezimoto zenye inkampani kagesi. Ngeshwa washeshe waphela lowo msebenzi, ngaphoqeleka ukuphindela ekhaya,” kulanda uGumede.

Izinkukhu ezifuywe e-Iphukeshe Poultry Farm Ukuthengwa ubuthaphuthaphu kwezinkukhu zakhe yiko okwenze waqinisa kakhulu ebhizinisini lazo yize engakuyekile nokulima. Udayisa izinkukhu eziphilayo, ezichuthiwe nenyama yazo esilungelwe ukudliwa. Ubiza uR40 kuya kuR145 inkukhu iyodwa.

Esesekhaya, sekubhoke neCOVID-19, yilapho akhumbula khona ukuthi konje wayezifela ngokufuya futhi ukhuliswe wugogo obekhonze ukulima wase enquma ukulima umhlaba waku-

Uthi eqala Iphukeshe Poultry Farm ubebuye adayise izinkukhu emiholweni yesibonelelo sikahulumeni, nokuthe ngokuqhubeka kwesikhathi zagcine sezithengwa kakhulu wo-

thisha bendawo ngemva kokukhangwa wumsebenzi wakhe ezinkundleni zokuxhumana. “Okwamanje ngisebenzela ekhaya ngokubambisana nezisebenzi ezintathu eziyitoho kanti umkhiqizo wami usatholakala KwaMaphumulo, KwaDukuza nakwezinye izindawo ezakhelene nalezo.

Mayelana nezinhlelo ngekusasa, uthi: “Ngiyafisa ukuthi izinkukhu zami ngigcine sengizidayisa nasezitolo ezinkulu, ngokuhamba kwesikhathi ngicije abanothando nokufuya nokulima.” Ucebisa abafuna ukungena kule mboni ukuthi benze ucwaningo olunzulu ngezolimo, baqale ngokuncane abanako bangajahi ukwenza imali. IPhukeshe Poultry/Siphesihle Lungelo Myeki

13


Uthula abalimi umthwalo emahlombe SIMANGALISO NTSHANGASE UNkk uPhumzile Chifunyise, umsunguli we-The Crop Box

UKUCWANINGA nokuqonda kabanzi ngezingqinamba ezibhekana nabalimi nsuku zonke ngezinye zezizathu ezenza waqala ibhizinisi elisiza abalimi. UNkk uPhumzile Chifunyise oneminyaka ewu34, ungumphathi we-The Crop Box, okuyibhizinisi eligxile ekudiliveni imikhiqizo yabalimi kumakhasimende abo kalula nangendlela ephephile. UNkk uChifunyise ungowaseHammanskraal, eGauteng. Uqede umatikuletsheni eGlen High School ngo-2005 ngaphambi kokwedlulela eUniversity of Johannesburg (i-UJ), lapho ephothule khona iziqu zobuntatheli ngo-2009. Ngaphambi kokuqala i-The Crop Box ayisungule ngo-2020, ubeyintatheli kwi-UJ FM ngo-2007 nakwiYFM ngo-2008. Kusukela ngo-2010 udlulele ezinkampanini okungesizo ezezindaba, nokuyilapho ezuze khona ulwazi oluningi ngokuphathwa kwamabhizinisi.

14

Uthi ukuqonda ngobunzima obubhekana nabalimi ekusabalaliseni imikhiqizo yabo yikona okumfikisele ngomcabango walolu hlobo lwebhizinisi. “Izingqinamba ezibhekana nabalimi abasafufusa nsuku zonke ezinjengokusabalalisa imikhiqizo yabo, ngezinye zezizathu ezingenze ngasungula i-The Crop Box ngenkathi kusanda kuhlasela iCOVID-19 kuleli zwe ngo-2020,” kuchaza uNkk uChifunyise. Uthe okwamanje basasebenzisana kakhulu nabalimi baseKrugersdorp, eNorth West, namaphethelo. “Siphinde sisebenzisane kahle kakhulu nezitolo ezincane zasendaweni, izinhlangano ezisebenza ngokungabheki inzuzo namakhasimende ethu (okungabalimi nabathengi bemikhiqizo yabo),” kusho uNkk uChifunyise. Uthe ukumba eqolo kwezinsiza kusebenza, ukusokolela amakhasimende nokuguquguquka kwesimo sezulu ngezinye zezingqinamba abhe-

kana nazo kuleli bhizinisi.

bazuze lokho abakufunayo.

Uthi okwenza i-The Crop Box yehluke kwamanye amabhizinisi wukuthi babeka phambili ukubaluleka kwamakhasimende abo abawahambisela imikhiqizo yabo. Uthe uma sebediliva akupheli izinsuku ezinhlanu umkhiqizo ungafikile kulelo khasimende elisuke liwu-odile.

“Kumele uqonde ukuthi kwenzekani ebhizinisini uzibambele konke mathupha, wakhe ubudlelwano obuhle namanye amakhasimende bese usebenzisa nezinkundla zokuxhumana ukukhangisa ibhizinisini lakho,” kucebisa uNkk uChifunyise.

Babiza kusukela kuR400 ibhokisi lomkhiqizo ngamunye bese kuncika ekutheni ikhasimende lifake i-oda lomkhiqizo ongakanani. Uthi ngaleli bhizinisi akagcini ngokwenza impilo yabalimi ibe lula kuphela kodwa uphinde asize nabantu abangasebenzi.

Uthe esinye isifiso sakhe wukuthi naye agcine esenomkhiqizo wezolimo ukuze akhulise ibhizinisi lakhe.

“Sengisebenze nabalimi abaningi futhi ngiphinde ngisebenze nabantu abangisiza ekutheni sidilive imikhiqizo yamakhasimende ngokushesha, ngaleyo ndlela ngikwazi ukufaka isandla ekulweni nokuntuleka kwemisebenzi,” kusho yena. Unxuse abafisa ukungena kwazamabhizinisi ukuthi bakulungele ukusebenza kanzima ukuze

“Ngifuna ukuthi ngigcine sengizenzela owami umkhiqizo ngibe nezinsiza kusebenza ezanele ukudiliva imikhiqizo yami neyabanye abalimi,” kuphetha uNkk uChifunyise. Phumzile Chifunyise |

thecropboxafrica

15


Education and careers portal for matric learners and university students A portal of Likhanyile Tutoring & Media. Est. January 2020 or email

Email: info@likhanyiletm.co.za

16

Cellphone: 083 471 0367

Facebook: @umkhanyisi

17


Sifunde ukubekezela, isineke nokuthi uma utshala imali eningi ekumaketheni ibhizinisi lakho kungakubeka kwelinye izinga.

Ukuwa kwendlu kube wukuvuka kwenye SIMANGALISO NTSHANGASE

UKUBHEDUKA kwegciwane iCOVID-19 kuholele ekutheni abashadile baseBenoni, eGauteng, bavale ibhizinisi lokudla kwabaholela ukuthi baqale ibhizinisi lokuhlanza izindlu nefenisha. UMnu uSibusiso Mzobe, odabuka ePimville, eSoweto, eGauteng, nomkakhe uNkk uNokulunga Mzobe, odabuka eMatatiele, eMpumalanga Kapa, baqale i-One Day Made Cleaning Services ngoDisemba wango-2020. UNkk uMzobe uthi: “Sinomyeni wami besinebhizinisi lokudla ebesikudayisa erenki yamatekisi, nokuthe uma kubhoka iCOVID-19 (saphoqeka) ukuthi silivale ngenxa yokuthi amakhasimende abeseyindlala ngemva kokuqiniswa kwemithetho ye-lockdown ukunqanda ukubhebhetheka kwalo mkhuhlane.” Babe sebebonisana ngokuthi bazomisa kanjani

18

njengoba bebengasenayo indlela yokuziphilisa. “Yilapho-ke esivumelane ngokuqala ibhizinisi lokuhlanza (izindlu zabantu ngaphakathi), kubalwa (nefenisha), amafasitela nayo yonke ifenisha yasendlini. Siwasha nezimpahla zamakhasimende ethu, sizi-ayine bese sizibeka ngononina,” kulanda yena.

UNkk uNokulunga noMnu uSibusiso Mzobe, abasunguli be-One Day Made Cleaning Services yaseBenoni, eGauteng

“Nenkinga yemali iseyinselelo enkulu ngoba yenza singabi nazo izinsizakusebenza ezanele,” kuqhuba uNkk uMzobe. Amanani omsebenzi wabo aqala kuR300 kuya kuR1 500, kuye ngokuthi umsebenzi odinga ukwenziwa ungakanani.

Ukwanda kobugebengu eNingizimu Afrika ngenye yezinselelo ezinkulu ebhizinisini labo, ngoba bagcina belahlekelwa amakhasimende asuke engathembi ukuthi bazokwenza umsebenzi ngokwethembeka.

Uthi: “Umsebenzi esiwenzayo awulula neze, kangangokuthi kuyasithatha usuku lonke ukuhlanza ingaphakathi lendlu eyodwa ngoba sisuke sifuna ukugculisa ikhasimende lethu. Yiloko okwenze saqasha abantu abane abasisiza ukwenza umsebenzi.”

“Amanye amakhasimende abuye angakhululeki ukusishiya sodwa (sisebenza) emizini yawo. Nathi asiwenzi umsebenzi endaweni esisuke singayethembi kahle.

Uthi ibhizinisi libafundise ukubeka imali nokungayisebenzisi ezintweni ezingenasidingo. Ucebise abafuna ukuqala ibhizinisini ukuthi babe nesizathu esinqala sokulifuna bese bevumela

ukuthi leso sizathu sibagqugquzele ukuliqala nokuqhubeka nalo. “Okunye okusizayo wukuzihlolisisa ubheke ukuthi uwuhlobo luni lomuntu nokuthi yikuphi omandla kukona bese ugxila kukona,” kweluleka yena.

“Sifuna ukuthi mhlawumbe sigcine sesinezisebenzi eziwu-10 ukuze sikwazi ukusebenza nakwezinye izifundazwe, njengoba okwamanje sisasebenzela eGauteng kuphela. Sifisa ukugcina sesinehhovisi lokusebenzela,” kuphetha uNkk uMzobe ngezinhlelo zabo zangomuso. One Day Made Cleaning Services |

mauricemzobe

19


Ikhono lokupheka ligijima egazini SIMANGALISO NTSHANGASE UNksz u-Amanda Mseleku, umsunguli we-Eve’s Eatery Cuisine yaseMthwalume, KwaZulu-Natali

UKUKHULELA emndenini wabantu abakhonze ukupheka, ikakhulukazi uninakhulu osandla sakhe esimnandi ebhodweni yikona okwatshala imbewu yothando lokupheka. UNksz u-Amanda Mseleku, oneminyaka ewu33, uwumnikazi we-Eve’s Eatery Cuisine, ibhizinisi lakhe lokudla. Lo somabhizinisi ungowaseMfazazane, eMthwalume, oGwini oluseNingizimu yeKwaZulu-Natali. Wenza unyaka wokugcina ezifundweni zobuthisha e-UNISA. I-Eve’s Eatery Cuisine uyiqale ngo-2020 nakuba eyibhalise kulo nyaka. Uthi okwenze ikhono lakhe lokushaya ibhodwe walenza ibhizinisi yingenkathi kubhoke iCOVID-19 ngo-2020. Bekuthi njalo uma ephekile afake izithombe zezibiliboco zakhe ezinkundleni zokuxhumana, abantu aban-

20

ingi bangawuvali umlomo. “Kuqale lapho-ke abantu bengibuza ngezithako engizisebenzisayo ukwenza loku kudla. Ngaqala ngasebenza njenge-private chef ngiphekela abantu emakhaya abo. Kuthe ngokuqhubeka kwesikhathi ngagcina sengiqala ibhizinisini lokupheka,” kusho yena. Ugcine esengeze namakilasi okupheka ngenhloso yokucija abanothando lokupheka. “Amakilasi ami okupheka ngiwenza ezindaweni ezihlukene ngenxa yokuthi baningi abantu abakhombisa intshisekelo yokupheka, ngakho ngiye ngihambele izindawo ezihlukene, lapho engifike ngicije khona abantu ngokushaya ibhodwe,” kusho uNksz uMseleku.

Uthe eqala leli bhizinisi ubezenzela yonke into yedwa njengoba manje esenezisebenzi ezintathu asebenzisana nazo. Uthi enye yezinselelo abhekene nazo manje wukumba eqolo kwamanani okudla. “Ukukhuphuka kakhulu kwentengo yokudla ekubeni abantu bengenayo imali kwenza kube lukhuni ukusebenza, lokho okuphoqa ukuthi umuntu aqhubeke nokusebenza ngokuzikhandla ukuze ahlenge ibhizinisi,” kusho uNksz uMseleku. Uthe amanani abo aqala kuR65 i-takeaway kuye ngokuthi hlobo luni lokudla futhi uliphekela abantu abangaki. Uthi ibhizinisi selimfundise ukukwazi ukuzime-

la, ukuba nesibindi nokukholelwa emaphusheni akhe.

Weluleke abasafisa ukungena kwezamabhizinisi ukuthi babe nohlelo oluqondile lwabafuna ukukwenza “bese bengalindi-ke ukuthi baze babe nesigidi samarandi ukuze baqale, kodwa abasebenzise loko okuncane abanakho ukuqala bese bekhula ngendlela”. Uthi ufisa ukuthi i-Eve’s Eatery Cuisine igcine isinendawo yokudlela okuzotholakala kuyona zonke izibiliboco zayo. Amanda Eve Mseleku |

evemseleku

21


Ubuswa wukwenza okwehlukile SIMANGALISO NTSHANGASE UNksz uNozipho Nala weNozie Creations yaseThekwini, KwaZulu-Natali, eyenza imidwebo yasodongeni

UCWANINGO alwenza ngenkathi ezihlupha ngokuthi yini ehlukile angayenza ukuze aziphilise yilona olwamfikisela ngomcabango wokuqala ibhizinisi lokupenda imidwebo yezithombe zokuhlobisa odongeni. Lolu wuhlobo lwebhizinisi olungandile kwabesifazane abamnyama. UNksz uNozipho Nala, waseMolweni, eThekwini, usungule iNozie Creations, ibhizinisi eligxile ekupendeni nokwenza imidwebo yokuhlobisa odongeni. UNksz uNala, oneminyaka ewu-28 une-Diploma in Tourism Management aziphothule eDurban University of Technology ngo-2013. INozie Creations uyiqale ngo-2020 ngenkathi kusaqine imithetho yokuvalwa kwezwe ngenxa yeCOVID-19.

22

“Bekuwu-2020 ngenkathi kusaqine imithetho yokuvalwa kwezwe, okuyilapho engacabanga khona ukuthi yini eyehlukile engingayenza ukuziphilisa. Ngikhule ngivele ngiwumuntu okhonze ubuciko kakhulu, njengoba nasesikoleni ngangigxile kakhulu ekubhaleni izinkondlo futhi bengivele ngikwazi ukupenda. “Ngabe sengifikelwa wumcabango wokuthi ngikhiqize imidwebozithombe yokuhlobisa ngisebenzisa upende. Ngenxa yokuthi angikwazi ukudweba ngazihlupha ngizicija ngolwazi oluku-YouTube lokuthi ngingawusebenzisa kanjani upende ukuze ekugcineni ngikhiqize into enhle njengalena,” kulanda yena. Uthi phakathi kwezinto azisebenzisa ukukhiqiza lemidwebo wupende wohlobo lwe-acrylic nehairdryer, esiza ukomisa upende. Phakathi kwezingqinamba abhekana nazo

ekuqhubeni i-Nozie Creations, uthi kwenye inkathi abantu bayaye bamthembise ukumsiza kuthi ngokuqhubeka kwesikhathi kuhlaluke ukuthi izinhloso zabo zisuke zingezinhle. “Okunye-ke wukuthi kwesinye isikhathi amakhasimende abuye abe yindlala, loko okwenza ukuthi ibhizinisi lingahambi kahle kodwa uma eseza futhi eza mawala ngize ngithuke impela,” kusho uNksz uNala. Imidwebo yakhe iqala kuR350 kuya kuR1 500. “Into engingayichaza njengesengiyifundile ngebhizinisi wukuthi kubuye kube nezikhathi ezinzima, wena njengosomabhizinisi okufanele ukuthi uma kwenzeka ubhekana nazo ungagudluki emkhondweni wokuthi kungani waqala lelo bhizinisi,” kusho yena. Weluleke abantu abanesifiso nothando lokwenza uhlobo lwebhizini elinjengelakhe ukuthi

bangazingabazi kodwa bazitshele nje ukuthi konke abakufisayo kungenzeka. “Kulula. I-YouTube iyona ndlela esizayo. Abantu bayawuziba uYouTube ekubeni lungekho uhlobo lolwazi ongeke uluthole kuwona. Ungajahi. Sebenzisa ulwazi olutholaka kwi-internet ukuya phambili.” Uthi uhlose ukuzicija ngolwazi lokudweba oluzomsiza ukukhulisa ibhizinisi lakhe.

“Ngifuna nokuthi imidwebo yami igcine isitholakala kuma-art gallery, ngenze nemibukiso yezobuciko, kuyona engiyobe ngikhangisa, ngiveze uhlobo lomkhiqizo engiwenzayo,” kuphetha uNksz uNala. Nozipho TheArtist Nala |

@nozipho_nala / @noziecreations

23


Ukuqala ibhizinisi kubhoke iCOVID-19 kungifundise ukumelana nobunzima nokukholelwa kimina.

Uletha isibiliboco elokishini SIMANGALISO NTSHANGASE UNksz uPamella Nkosi, umsunguli wePizza Place yaseNewcastle, KwaZulu-Natali

UCWANINGO alwenzile luveze ukuthi asikho isitolo se-pizza elokishini langakubo nobekuphoqa abantu ukuthi baye edolobheni uma beyifuna. Yileso sidingo esimkhuthaze ukuthi aqale ibhizinisini le-pizza, alisungule ngonyaka odlule. UNksz uPamella Nkosi, oneminyaka ewu-28, waseMadadeni, eNewcastle, KwaZulu-Natali, wumsunguli we-Pizza Place, ibhizinisi le-pizza enezinhlobo eziyisithupha. Elanda ngokusunguleka kwePizza Place, ayibhalise ngaphansi kwenkampani yakhe iGugulethu Trading, uthi ekuqaleni kwalo nyaka usebenze izinyanga ezine endaweni yokudlela ngaphambi kokuphelelwa wumsebenzi ngoJuni. “Ngisuke lapho ngazama ukufaka izicelo zom-

24

sebenzi ezindaweni ezahlukene kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Yilapho-ke enginqume khona ukuthi kube khona into eyehlukile engiyiqalayo ukuze ngiziphilise,” kusho yena.

itholakala ngezinhlobo eziyisithupha. Ngiphinde ngiyithake ngamaveji ehlukene, nokwenza ukuthi amakhasimende ayithokozele kakhulu,” kusho uNksz uNkosi.

Usebenzise ulwazi lokupheka aluthola emsebenzini nocwaningo alwenza ngokwenziwa kwe-pizza nezinhlobo zayo ezahlukene. Eqala iPizza Place usebenzise uR4 500, athenga ngawo izinto zokuqala umsebenzi.

Izinhlobo azenzayo yiChicken Pizza, iVeggie, iPepperoni/Sausage Pizza, iMixed Pizza, iBeef Pizza neBurger Pizza. Ibiza kusukela kuR40 kuye kuR130.

“Ibhizinisi le-pizza yilona engibone kufanele ngiliqale ngenxa yokuthi abantu bayayithanda kodwa baphoqeleka ukuthi baze baye edolobheni beyoyithenga khona ngenxa yokuthi akukho lapho itholakala khona elokishini langakithi. “Eyami ngiyenze yehluka ngokuthi ibe nkulu kuneyakwezinye izitolo, iyasuthisa futhi

Uthi inselelo asabhekene nayo okwamanje wukuthi inkampani emdilivelayo isheshe ishayise ngezimpelasonto, nokuphoqa ukuthi asheshe avale ukwamukela ama-oda. “Nokuthi ngisasebenzela ekhaya endaweni encane, okwenza ngingakwazi (ukuthatha) amakhasimende amaningi ngenxa yokuthi ekhaya kuselokishini eliminyene nelikakwe

yimizi ngapha nangapha.” Eluleka abafisa ukuqala ibhizinisi, uthi: “Abangazikhathazi ngokuthi abanye abantu bathini ngebhizinisini labo kodwa baqale (ngokuncane) abanako bese besebenza kanzima ukuze badlondlobale.” Okwamanje unomuntu oyedwa omlekelela ukwenza umsebenzi ekhosombeni asebenzela kulona kubo. Mayelana nezinhlelo zangomuso, uNksz uNkosi uthi:

“Ngifuna ukuthi ibhizinisi lami likhule ngikwazi ukuqasha nabanye abantu abaningi, ngigcine senginendawo evulekile yokusebenza.” Pizza Place |

pamellarnkosie

25


Lisahamba kahle kakhulu. Siyanda isibalo sabantu abangiqashayo nakwezinye izifundazwe imbala, loko okungamazayo kakhulu. Yize ziba khona izikhathi zobunzima, kodwa konke kuhamba ngohlelo.

Bavuke ngokusonga izipho SIMANGALISO NTSHANGASE UNksz uPhumzile Mkhize noNksz uZama Nkabinde, abasunguli bePensGifting and Picnics yaseHammarsdale, eThekwini, KwaZulu-Natali

BANGABANYE babantu abaphelelwa wumsebenzi ngenxa yeCOVID-19. Nokho abazange basonge izandla, kunalokho bavuke bazithatha bebheka ukuthi yini abangaziphilisa ngayo.

gibe sengidilizwa khona ngo-Agasti wonyaka ka-2020. Kwenzeka into efanayo nakuNksz uNkabinde wadilizwa enkampanini abesebenza kuyona,” kulanda yena.

Yilapho okusunguleke khona iPensGifting and Picnics, ibhizinisi likaNksz uPhumzile Mkhize noNksz uZama Nkabinde, abakhule ndawonye eHammarsdale, eThekwini, KwaZulu-Natali.

I-PensGifting and Picnics yibhizinisi elenza izipho ezihlukene, lihlele nama-picnic osuku lokuzalwa, ama-baby shower neminye imicimbi enjalo.

UNksz uMkhize exoxa noMbele, uthe ukuba ngosomabhizinisi yinto ababengakaze bayiphuphe ngisho belele. Nokho kuthe uma bephelelwa wumsebenzi nomngani wakhe, kwaphoqa ukuthi basukume.

Uthi baqala inkampani ngoR3 000 abawusebenzisela ukuthenga zonke izinto ababezidinga.

“Kuthe ngiqeda umatikuletsheni ngasebenza eMr Price. (Ngake) ngasebenza kwenye inkampani yezobuchwepheshe, okuyilapho-ke en-

26

“Ibhizinisi lethu ligxile ekuthengeni izipho ezihlukene, sizihlanganise kahle ngendlela esuke ifunwa ikhasimende. Siyawadilivela (amakhasimende) asuke esezindaweni ezikude nathi, siphinde sihlele nama-picnic kwabasuke be-

gubha usuku lokuzalwa, imishado neminye imicimbi ehlukene,” kuchaza uNksz uMkhize. Uthi ukungena ebhizinisini bengenalo ulwazi lwebhizinisi kuke kwaba yinselelo enkulu, kangangokuthi besaqala bekunabantu abebengakholelwa ebhizinisini labo.

eyabantu abawu-10 noR2 200 abawu-20.

“Okunye futhi okuke kwasinika inkinga wukungakwazi (ukuklama) kahle amanani esikwenza ebhizinisini, uthole ukuthi kwesinye isikhathi sigcina sishayisana ngemibono yokuthi ikhasimende bekumele silibize malini, nokungabi nemoto kuseyinselelo enkulu, nokugcina kuphoqa ukuthi sisebenzise (u-uber) uma siphethe izinto eziningi, ezifayo nezisindayo,” kusho yena.

Ucebise abasafisa ukuqala ibhizinisi ukuthi basebenzise okuncane abanakho ukuqala, bakholelwe embonweni wabo bese behlomela ukusebenzisana nabantu namakhasimende angafani.

Amanani ezipho aqala kuR350 kuya phezulu, kube uR850 i-picnic yabantu ababili, uR1 350

Uthi ukuba sebhizinisini kubafundise ukubekezela, ukungajahi ukwenza imali, ukufunda emaphutheni nokuqinisekisa ukuthi benzela amakhasimende abo umsebenzi ogculisayo.

“Sifuna nokugcina sesiyinkampani ehlela imicimbi eyaziwayo sikwazi nokusebenzisana nezinkampani ezinkulu,” kuphetha uNksz uMkhize. PensGifting and Picnics |

pensgiftingandpicnics

27


Yebo, lisasebenza futhi konke kusahamba ngendlela ejwayelekile okwamanje.

Uyikhambi kwabanenkinga yesikhumba SIMANGALISO NTSHANGASE UNksz uSmangele Zuma, umnikazi we-Intombiyomzulu Aesthetic Spa yaseMbilo, eThekwini, KwaZulu-Natali

UKUKHULA enothando lwesikhumba bekwenza akhathazeke uma ebona umuntu onesikhumba esinezinduna nezisihla. Loku kumenze wafisa ukuba yisixazululo kwabanenkinga yesikhumba esingesihle. UNksz uSmangele Zuma, oneminyaka ewu-30, waseNtshongweni, KwaZulu-Natali, usungule Intombiyomzulu Aesthetic Spa, ibhizinisi lokubhucunga abantu, lenze nesikhumba sabo sibe sihle. UNksz uZuma uthi ukhule evele ewumuntu othanda isikhumba nohlale ethokoziswa wukusibona sisihle. “Leso ngesinye sezizathu ezenza ngafundela i-Somatology eDUT, nokuthe sengiyiphothulie ngo-2013 ngasebenza ezinkampanini ezahlukene, ngazuza ulwazi oluningi ngokunakekelwa kwesikhumba, ikakhulukazi

28

kule engigcine kuyo ngo-2020. “I-COVID-19 yenze isimo saba nzima enkampanini ebengisebenza kuyona ngonyaka odlule, (sancishiselwa) namahora okusebenza, loko okwenza ngathatha isinqumo sokwesula emsebenzini, ngaqala Intombiyomzulu Aesthetic Spa ngoNovemba wango-2020,” kulanda yena. Uthi uqale ngokubhucunga nokukhuculula isikhumba sabangani bakhe bese efaka izithombe ezinkundleni zokuxhumana, nokuthe ngokuqhubeka kwesikhathi wathola indawo yokusebenzela eMbilo, eThekwini, lapho asesebenzela khona. Unomuntu oyedwa omsizayo okwamanje. “Ngiphinde ngisebenzisane noDkt uLibalele Ngwenya ongisiza ngama-drip ezakhamzimba, nokunye okwenza izikhumba zamakhasimende

zibe nempilo,” kusho uNksz uZuma. Ukusebenzisa imikhiqizo ayichaze njengeyezinga eliphezulu, ukuqeqeshwa ngokunakekela isikhumba nokwazisa amakhasimende ngezinye zezinto athi zenza ehluke ezimbangini. “Nokuthi futhi umsebenzi wethu uyizinga elicokeme ngamanani aphansi njengoba siqala kuR200 kuya kuR1 700. (Ngicija) abafuna ukungena kule mboni izinsuku ezinhlanu ngoR4 000. “Angigcini lapho, ngiphinde ngibacebise ngokumele bakwenze ukuze bachume kulo mkhakha. Baningi nesengibasize baqala amabhizinisi, abanye bathola umsebenzi,” kusho yena. Uthi ukumba eqolo kwemikhiqizo edingeka ebhizinisini lakhe ngenye yezingqinamba enkulu abhekana nayo. Nokho uthi loko akumkhathazi;

kunalokho kwenza aqine ukhakhayi futhi kuningi nakufunda ngokuphatha ibhizinisi. “Okunye esengikufunde ebhizinisini wukuthi kumele uzimisele, uzibambele mathupha kuko konke okuthinta ibhizinisi, ukholelwe kokwenzayo bese uhlale njalo uzicija ngolwazi oluzokwenza udlondlobale ebhizinisini.

“Abafuna ukuqala (ibhizinisi) ngingabacebisa ngokuthi bangenqeni ukubuza lapho bengaboni kahle khona, bese beqikelela ukuthi benza izinto ngendlela eqondile,” kucebisa uNksz uZuma. Uthi ufisa ukugcina esenendawo enkulu yokusebenzela, andise namathuba emisebenzi. Smangele Smiley Zuma |

intombiyomzulu_spa

29


Ukuqala ibhizinisi ngesikhathi izwe livaliwe kungifundise izinto ezingi njengokulinda nesineke ngoba izinto azenzeki kalula. Ngifundile nokubhalisa ibhizinisi ngokusemthethweni nokuba nohlaka osebenza ngalo olukwazi nokuthi lukusize uma uboleka imali. Ngifundile nokuthi ibhizinisi kusuke kungelona elakho wedwa kodwa usuke wakhela umphakathi, usungula nemisebenzi.

Umpheki ugqanyiswe yizindlela ezintsha

ZANELE MTHETHWA UMnu uZibusiso Mnikathi odume ngelikaChef Linda UKUSEBENZA kanzima ngenkathi kuvalwe izwe ngenxa yokubheduka kweCOVID-19, kumvulele amanye amathuba umpheki osemusha. UMnu Zibusiso Mnikathi, odume ngelikaChef Linda kulo mkhakha, wachonywa uphaphe ngokuba wumpheki ovelele. Ngenkathi abanye abapheki bebamba beyeka bezama amasu okuvusa amabhizinisi athikanyezwe yiCovid-19, waklonyeliswa ngelinye lamaphephabhuku ngomsebenzi wakhe. Ukleliswe kwiTop 5 Best Male Chefs. Uthi awukho umlingo awusebenzisile kodwa wukuzikhandla nothando lomsebenzi okwenze ukuthi avelele.

30

“Bekuyisikhathi esinzima kosomabhizinisi abaningi ngenkathi kuvalwe izwe. Nami ngangikhathazekile ukuthi ngabe ngizophila kanjani uma kuvalwa nemicimbi. Ngisizwe wuNkulunkulu nje ukuthi ngicabange isu lokuziveza kakhulu ezinkundleni zokuxhumana,” kulanda yena.

Exoxa ngamasu amsebenzele kakhulu, uthi ubefundisa abantu ukupheka ezinkundleni zokuxhumana. Loku kumvulele amathuba okushelwa yizinkampani ezinkulu zemikhiqizo yokudla. Ezinye zazo kubalwa iLucky Star nabeMoet & Chandon, abagcine bemxhasa ukuqhubeka nezinhlelo zakhe zokufundisa ukupheka. UMnikathi, oneminyaka eyisihlanu esebhizinisini lokupheka, uthi ubeqala ngo-2020 ukuthola ithuba lokusebenza nezinkampani ezinkulu. “Ngesikhathi abantu bevaleleke emakhaya, bengibasiza ngokubanikeza amasu okupheka ngemikhiqizo engabizi, okwenze bangithande nabakwaLucky Star,” kusho yena. Uthi waqala ngokuphekela imishado neminye imicimbi emincane ngaphambi kokuyofundela ukupheka. Ubevele enothando lokupheka, athi kungenxa kayise akhule ebukela kuyena nobelishaya ibhodwe.

Ngemva kokuphothula umatikuletsheni, waswela imali yokuqhubeka nokufunda. Kwaholela ekutheni abambe itoho endaweni yokucwala izinwele. Esethole imali yokufunda, wenze izifundo zokupheka eCapsicum Culinary Studio, enza i-Diploma kwiFood Preparation and Cooking. Ubuye wengeza ngesitifiketi kwiHospitality Management saseRosen College of Hospitality. Engakaliqali ibhizinisi lakhe lokupheka, usebenze ezindaweni zokudla ezimbalwa. UMnikathi, okhulele eNewcastle KwaZuluNatali, uke waba wumpheki e-Old Town Italy, waba yimenenja yekhishi e-Oscars Café, wabuye waba yi-head chef eRemo’s Originale. “Kudingeka uthando nentshisekelo kuleli bhizinisi ngoba sebebaningi abalenzayo. Indlela engangikuthanda ngayo ukupheka, bengithenga amaphephabhuku ngijahe ukubona amakhasi anezidlo,” kukhumbula yena. Uthe ubevele enamakilasi okufundisa ukupheka,

okwenze ukuthi awaqhube ezinkundleni zokuxhumana sekuvalwe izwe. Unendawo yokupheka kubo, lapho amakhasimende akhe ethenga khona. Okunye okumenze avelele wukuthi ubengakwazi ukubhaka amakhekhe, athi uzifundise khona ngesikhathi kuvalwe izwe.

“Yize ngafundela ukupheka kodwa bengingekho muhle ekubhakeni. Kudingeke ngizicije ngokushesha ngenxa yengcindezi. Bengizama zonke izindlela ezizongingenisela imali ngesikhathi kuvalwe imicimbi. Ngithole ama-oda amakhekhe ebantwini abebenza imicimbi emincane emakhaya,” kusho yena. Isifiso sakhe wukuba nesikole sokufundisa ukupheka. Usezinhlelweni zokuvula indawo yakhe yokudla, akhiphe nencwadi yokupheka. @cheflindamnikathi

31


Umbhaki ufunde ngamaphutha SLINDILE KHANYILE UNksz uNompumelelo Mtshali we-599 Foods Services

NGEMVA kokudilizwa emsebenzini wasungula inkampani yokudla eyaqala igxile ezikhaftinini zabantwana nokwalandelwa wukugcina esephekela imicimbi yezinkampani ezinkulu. UNksz uNompumelelo Mtshali, umsunguli we599 Food Services, uthi umsebenzi wokuphekela izinkampani ezinkulu wavele wadlondlobala ngale ndlela yokuthi wayengasiboni isidingo sokuzixaka ngezinye izinto njengokubheka ukuthi iyiphi enye indlela ibhizinisi angalikhulisa ngayo, nokwagcina kuholele ekuweni kwalo. “Akukho engizisola ngakho kodwa ngiyazi ukuthi ngangingenza kangcono kakhulu kunaloku engakwenza futhi ngiyazi ukuthi angiwasebenzisanga kahle amathuba engawathola. Ukube ngawasebenzisa nje, ngabe angisasebenzeli ekhaya. Ngangiphekela imicimbi yeMultichoice neBusiness Fair kodwa angibange ngisabheka okungale kwaloko, ngavele nganethezeka ngalokhu enganginakho,” kukhumbula yena.

32

UNksz Mtshali, oneminyaka engu-46, uthi okunye okwamlimaza wukuthi wasuke wagxila kakhulu kuloku akwaziyo okungukupheka, akangabe esazihlupha ngalokhu angakwazi njengokukhangisa ibhizinisi lakhe. “Ngangisebenzisa izinkundla zokuxhumana ukukhangisa ibhizinisi lami kodwa ngaxakeka kuFacebook yize babebaningi abantu ababengilandela kodwa leso siphithiphithi sangihlula. Ngavela ngathuthela ku-Instagram ngoba khona kupholile. Sengiyazi kodwa manje ukuthi kuyinselelo ukuthi ngiphucule nalokho engingemandla kukona ukuze izinto zizohlangana kahle. “Enye into wukuthi njengoba ngangiphekela inkampani enkulu kwangenza ngafuna ukugxila kuyona kuphela ngoba ngangisaba ukuyiphoxa,” usho kanje. Nokho-ke into uma ubizelwe kuyona kuyacaca ngoba uba nayo indlela yokuqhamuka neqhinga

elisha. Namhlanje i-599 Food Services ayisapheki; kunalokho imandla ekubhakeni njengoba ibhaka amakhekhe kanti ngaphezu kwalokhu isinane sinkwa esidliwa zonke izinsuku esenzayo. Lesi sinkwa sidayiselwa ama-tuck shop KwaMashu njengoba ngenyanga ediliva olofu abawu-600 ezitolo ezahlukene. UNksz Mtshali uthi isinkwa yingane yakhe ayizale ngesikhathi izwe livaliwe. “Ngesikhathi izwe livaliwe abantu bebengawathengi amakhekhe emicimbi ngaphandle kwalawo abebezowasebenzisa emingcwabeni. Kodwa namanje ayikabi miningi imicimbi futhi abantu abanayo imali yokuthenga ikhekhe elilodwa eliwuR700. Kodwa isinkwa yinto abantu abayidla zonke izinsuku. Ngibe nenhlanhla nje ukuthi kube khona amatuckshop avumayo ukuthi athenge kimina. “Ngibheke manje ukuthi ngikhulise lowo msebenzi futhi ngiyazi ukuthi yinkulu inselelo engihlalele

ngoba (ngibangisana) nezinkampani ezinkulu okwangempela. Kodwa ngizitshelile ukuthi angifuni ukuloku ngiyobanga nazo emashalofini ezitolo ezinkulu; kunaloko ngizodayisela abantu ngqo njengakho ukuya kuma-tuckshop emalokishini.

Konke engikwenzayo manje wukuthi ngitshala imali ekukhuliseni loko ngoba kumele nje ngibe nanomshini wokusisika isinkwa,” kusho yena. UNksz uMtshali uthe useyazi manje ukuthi ukuzuza impumelelo ethize akusho ukuthi kumele usonge izandla, weneliswe yiloko kodwa kumele uphokophele okunye; uziphucule. Uneminyaka eyisishiyagalombili aqala ukuzisebenza. Ngaphambi kwalokho usebenze emikhakheni ehlukene njengoba eneziqu zeBusiness Management zaseDamelin College. 599_foodservices

33


Uqale ushukela webhizinisi SLINDILE KHANYILE UNksz uPhumelele Myeza, umnikazi wePure Elegance @Home, eyenza izinhlobo zikajamu ezehlukene

UKUFUNA into ehlukile angachitha ngayo isizungu ngesikhathi sikathaqa kumzalele ibhizinisi elikhula ngamandla. UNksz uPhumelele Myeza, umsunguli wePure Elegance @Home usehlale ematasa ediliva izinhlobo zikajamu awenza ekhaya amakhasimende akhe angawuvali umlomo ngawo. “Emasontweni amabili okuqala sivalelekile ngangingazi ukuthi (ngenzeni) ngoba impilo umuntu ayeyijwayela yokuya emsebenzini, ukuvakasha yayingasekho. Ngoba ngiwumuntu okuthandayo vele ukupheka ngelinye ilanga ngenza ama-pancake ngase ngenza i-strawberry sauce eyaba mnandi kakhulu,” kuchaza yena. “Emva kwalokho ngathi awuthi ngizame ujamu, bawuthanda ekhaya. Ngase ngiwenzela nezinye izihlobo zami, nazo zawuncoma zase zithi

34

‘uyazi ungawudayisa?’.” Okwalandela lapho kwaba wukuthi acwaninge kabanzi ngokuthi wenziwa kanjani ujamu ukuthi uhlale isikhathi eside ungaboli futhi wabheka namabhodlela amahle angawufaka kuwona njengoba ayefuna into ozothi ungakayivuli nje ikuhehe ngenxa yendlela ebukeka ngayo. “Ujamu wethu uhlala izinyanga eziyisithupha ungaboli uma ungakavulwa kanti uma usuvuliwe uhlala izinyanga ezimbili. Kukhona owamamixed berries, okapopo nophayinaphu besekuba yi-marmalade exutshwe ne-passion fruit. “Abantu abeve besincoma, bachazwa nangamabhodlela esiwasebenzisayo. Siwakhetha sasibheka nokuthi senzela nabantu abangathanda ukuwuthenga ujamu njengesipho lezi ezisetshenziswa emicimbini nasemishadweni ukubonga izihambeli,” kusho uNksz Myeza.

UNksz Myeza, oyi-arts facilitator kuMasipala waseThekwini, usebenza nomzala wakhe, uNksz Samukelisiwe Lembethe, kule nkampani. Okunye inkampani ekwenzayo wukupheka nokuhlobisa ezindlini, i-interior design. “Ngaqala ngibuka uhlelo lukaJamie Oliver lapho ayenza khona ukudla okuvuthwa ngemizuzu ewu-15, ngachazeka ngase nami ngiyaqala kancane kancane ngikuzama ekhaya. “Okokuhlobisa ngaqala ukukuthanda ngesikhathi ngisasebenza e-library, abantu abazi ukuthi akufanele nje ubeke usofa oyinoma yimuphi umbala noma (yikuphi) endlini ngoba umbala nombala kukhona okushoyo,” kuchaza yena. Nakuba esazi ukuthi ukuba wusomabhizinisi kusegazini kuye kodwa usazihlela kahle ukubheka ukuthi kufanele yini agcine esezisebenza

ngokugcwele. “Sengifundile ukuthi ukuzisebenza kunzima futhi kumele uzikhandle. Kumnandi ukuhlangana nezinhlobo (ezihlukene) zabantu kodwa imiphumela ithatha isikhathi. Kumele kucace ukuthi yini oyiphokophele, ufunde ngomkhakha okuwona futhi wazi kabanzi ngoncintisana nabo.

“Ngoba lona wumsebenzi owaqala ngizenzela nje ngasekuqaleni, ngangingazibali izindleko zami kodwa manje sengiyabeka zonke iziliphu, ngizame ukuba nesabelomali. Akulula nokuthembela emholweni ngoba imali iqhamuka kokuncane osala nako uma usukhokhele izindleko zakho,” kuphetha uNksz uMyeza. Ibhodlela likajamu libiza uR40 lilodwa. @phumelele3333

35


Amabhizinisi akhe amzalele elensipho SLINDILE KHANYILE UNksz uTebogo Langa, umnikazi weMarvelous Chem

UKUNGALITHOLI ithuba lokuyoqeqeshwa emva kokwenza izifundo ze-Mechanical Engineering eTshwane South TVET College kwamphoqa ukuthi abheke enye indlela angaziphilisa ngayo.

UNksz uLanga, oneminyaka ewu-26, uthi kuwufezeka kwephupho kuyena ukusungula le nkampani yesibili ngoba ibisinesikhashana itshalekile kuyena imbewu yebhizinisi lokukhiqiza.

Waqeqeshelwa ukuhlela imicimbi, wabe esevula indawo yokucima ukoma ewumahambanendlwana edayisa emicimbini nakumapop-up markets.

“Kukhona ubhuti okuthiwa wu-Edward Moshole osembonini yokukhiqiza engazithela kwivideo yakhe kuYouTube ekhuluma ngokuthi waqala kanjani kule mboni. Into eyangithinta wukuthi wathi waqala ngoR68 nje kuphela. Kwakuwu-2020 ngoFebhuwari ngimbona, kusukela ngaleso sikhathi benginesifiso sokungena kule mboni kanti ithuba lizoqhamuka uma sekuvalwa izwe,” kulanda yena.

Kuthe esekujwayele ukuthi nansi into axosha ngayo ikati eziko, kwahlasela ubhubhane iCOVID-19, oluphoqe ukuthi kuvalwe izwe, imicimbi nokudayiswa kotshwala, waphinde wafana nomuntu oswele umsebenzi. Nokho-ke leyo nselelo isiphenduke isibusiso kuNksz uTebogo Langa njengoba isizale ibhizinisi elisha lokukhiqiza izinto zokuhlanza indlu, iMarvelous Chem, okumanje inensipho yokugeza izitsha.

36

UMoshole wusozigidi owayeqashelwe ukuhlanza ibhilidi ngaphambi kokuziqalela ibhizinisi ngo-1999. Waqala edayisa izinto zokuhlanza izindlu kodwa wagcina esezikhiqizela ezakhe ngaphansi kweChem-Fresh yakhe. Imikhiqizo yakhe iyatholakala ezitolo ezinkulu kuleli njen-

goPick n Pay, Spar nezinye. Ngo-2018 kwabikwa ukuthi le inkampani ingenisa uR25 million ngonyaka. Insipho yezitsha kaNksz uLanga iqale ukudayisa ngo-Okthoba nyakenye. Okwamanje isatholakala eGauteng naseLimpopo kuphela. Ibhodlela eliwu-750ml liwuR25, kuthi eliwu-5 litre libe wuR140. “Iyangimangaza futhi iyangijabulisa indlela abantu abasemukele ngayo ngoba kusukela siqalile nje, sesidayise amabhodlela awo750ml angaphezu kuka-500. Insipho yethu ikhona nasezipaza. Ukungena nje esitolo ubone ukuthi nansi insipho engiyikhiqizile ngempela iseshalofini iyadayisa kuyinto enkulu nako nje loko kukodwa.” Okwamanje usebenza nomfowabo kuphela kanti basezinhlelweni zokwandisa izindawo lapho insipho yabo itholakala khona njengoba okwamanje besebenzisa izipaza kanjalo ne-

sitolo esidayisa nge-internet kodwa esidiliva eGauteng kuphela. Okunye abamatasa ngakho wukuzama ukuthola usizo lwemali ukuze bezokwandisa umkhiqizo.

“Azilula izinto kule mboni uma ngiqhathanisa naloku kokuba nendawo yokucima ukoma engumahambanendlwana kodwa ukuphokophela kuyazithela izithelo noma kuwumqansa kunjalo,” kuphetha yena. UNksz uLanga udabuka eMokopane, eLimpopo. Ukhuthaze intsha ukuthi ingazithambisi uma kukhona ibhizinisi elicabangayo, wathi ayisukume iqale ngalokho okuncane enakho ingadikibali noma kuzoba nzima endleleni. marvelous_chem

37


Usabalalisa umvini nezinyembezi zikaKhwini LANGA KHANYILE UNksz uZintle Mkize umsunguli weWines & Spirits Stories

WONKE amabhizinisi anendaba ethile ngokusungulwa kwawo. Kunjalo nangebhizinisi lentokazi ewumsunguli webhizinisi elisabalalisa iwayini nogologo iWines & Spirits Stories.

engiwaziyo, ngithe ‘kungani ngingazidayiseli utshwala?’ ngoba ngenkathi ngisebenza bengibhekele ukuthengela izindawo engisebenza kuzona iwayini nogologo,” kusho yena.

Indaba enkulu ngeWines & Spirits Stories wukuthi isungulwe ngesikhathi sokuvalwa kwezwe ngenxa yeCOVID-19.

“Esinye isizathu wukuthi bengithi uma ngithenga istokwe seziphuzo, ngithole izinto engingafakanga ama-oda azo. Okubi wukuthi loku bekwenzeka uma ngidilivelwa ngabantu bakithi (abamnyama), kuthi uma ngikhononda, ubone ukuthi akwehli kahle; babona sengathi bangenzela ufefe ngokungidayisela. Ngibone ukuthi esikhundleni soku-oda kubantu, angivele ngingene emkhakheni wokudilivela abanye abantu.”

I-Wines & Spirits isungulwe ngemva kokubuya phesheya komsunguli nomnikazi wayo uNksz uZintle Mkize, isungulwa ngoJuni kulo nyaka. “Ngaqala ukuba nomqondo waleli bhizinisi ngaphambi kukaJuni. Kwathi ngesikhathi se-lockdown ngathola ithuba lokuhlela izinto kahle. Inkampani iqalwe ngoJuni ngoba bengingasathandi ukuqashwa ngemva kwelockdown futhi bengingafuni ukuthi imali engiyenze phesheya ize iphele,” kusho le ntokazi eneminyaka ewu-26, eziqekethelayo. UNksz uMkize, osebenze unyaka e-New York, e-USA, uthe enabalingani bakhe babuye eNingizimu Afrika ngaphambi kokuthi kuvalwe izwe ngoba besaba ukuvaleleka phesheya ngemva kokuzwa isimemezelo sikaMengameli uCyril Ramaphosa sokuthi izwi lizovalwa ukugwema ukubhebhetheka kobhubhane iCOVID-19. “Enye into engenze ngaqala leli bhizinisi wukuthi bengingasathandi ukusebenza embonini yezindawo zokudla ngoba siyaxhashazwa (ngokwemiholo nesimo sokusebenza). Ngoba yiwona mkhakha

38

UNksz uMkhize, onoxhaxha lwezitifiketi kulo mkhakha, okubalwa kuzona nesokuba yi-sommelier (umuntu owungoti ekuhlanganiseni uhla lwamawayini nokuwathaka ahambisane nezidlo ezitholakala endaweni yokudla, uthe wenze ngamabomu ukuthi ibhizinisi libesendaweni edume ngokuthi eyontamolukhuni bamaBhunu. “I-Boksburg (eGauteng) ngiyikhethe ngamabomu. Bengifuna ukungena esizindeni samadoda namadoda angamaBhunu. Kakade ngenkathi ngisasebenza bengijwayele ukusebenza nawo. Ngale ndlela (ukuba sendaweni yamaBhunu), bengifuna ukukhombisa ukuthi angizile ukuzodlala kodwa ngizosebenza. “Kuhle ukuthi njengomuntu wesifazane omnyama nomncane ngizithola ngemukeleka, kusha umsebenzi,” kusho le ntokazi.

Lihluke ngani kwamanye ibhizinisi lakhe lokuphakela izindawo zokudla namahhotela ngeziphuzo zomvini nezinyembezi zikaKhwini? “NgeWines & Spirits Stories ngihlose ukuthi lo msebenzi kungabi ngowokudayiselana kuphela kodwa futhi kube khona indawo yobuntu ekuhwebeni nokwakha ubungani namakhasimende ethu.”

Nakuba ibhizinisi lakhe lilisha kodwa useyazazi izinselelo zokuba nebhizinisi. “Inselelo enkulu wukulahlekelwa yimali oyifaka ebhizinisini. Okunye okuyinselelo wukulahlekelwa yizimpahla osanda kuzithenga. Kodwa-ke sifunda kanjalo.”

Kulesi sikhashana ibhizinisi likhona, yini angathi useyizuzile. “Ngenxa yokuthi liselisha ibhizinisi, alikakhuli ngendlela engifisa ngayo, kangangokuthi ngine-mobile bar engileseka ngayo, kodwa into enkulu engingathi sesiyizuzile wukwakha ubudlelwano nabantu kule ndima.”

Le ntokazi eyazalelwa eRiverside, eGauteng, izalwa ngabantu baseThekwini naseMzimkhulu, inephupho elikhulu, ngento ethi iyibone phesheya. Ukulifeza isiqale izingxoxo nenhlangano engenzi nzuzo i-Tree of Unity. Iphupho layo wukuthi uma abantu abangondingasithebeni nabadla izidakamizwa sebegezwe yiTree of Unity bese betholelwa umsebenzi ezindaweni zokudla nasemahhotela.

I-mobile bar yakhe igxile ekuthakeni ama-cocktail ezindaweni zobumnandi zabanye. Uvame ukuyibeka eMoagi Wings eSpruitview, e-East Rand naseMadibuseng, ishisa nyama yodumo yaseBuhle Park, eGermiston. “Okunye wukuthi sesinabalandeli abevile ku-5 000. Laba balandeli sesingabangani nabo; asikhulumi nabo njengamakhasimende kepha njengabangani. Bakwazi ukusitshela noma yini njengomngani; njengokuthi kwenye inkathi batshela thina ukuthi i-cocktail ishoda ngani. Nakuba siwongoti entweni esiyenzayo, asibaphikisi kodwa sibenzela ngendlela abafuna ngayo,” kusho le ntokazi esike yasebenza ezindaweni ezidla izinjinga koSandton nakwi-golf estate eMogopong, eLimpopo.

“ENingizimu Afrika sibabukela phansi abantu abangondingasithebeni. Yebo, akusibo bonke abantu abadla izidakamizwa abashintshayo kodwa ababili noma abathathu bayashintsha uma sebegeziwe, batholelwa umsebenzi. Kuhle ukubona abantu beshintsha,” kusho yena. Zithini izinhlelo anazo? “Eminyakeni emihlanu ezayo ngifisa ukuzibona sengikwazi ukusabalalisa ezweni lonke, ibhizinisi le-mobile bar liqeqesha intsha ukuthi ilungele ukusebenza; okungenye yezinto esihlulayo eNingizimu Afrika (ukufundisa intsha umsebenzi isencane). Isiko lokusebenza kufanele lingene kubantu beneminyaka ewu-18,” kusho uNksz uMkize. Wines and Stories PTY LTD |

Winesstories

39


Ubacwala izinwele emakhaya SLINDILE KHANYILE UMnu uNjabulo Sithole weGQ Hair, efika qathatha lapho ukhona

KUMTHATHE okungenani inyanga esaba ukuya kumakhasimende akhe ayemcela ukuthi akazowenzela ikhanda ekhaya uMnu uNjabulo Sithole weGQ Hair. USithole, oneminyaka ewu-38, usedla ngakho manje ukuthi uwumcwali wezinwele oya ekhaya lekhasimende, nokuyinto aqale ayixwaya ngesikhathi emcela kodwa wabuye wasukuma gubhubhu esemukelile ukuthi izikhathi zishintshile. Manje uya kumakhasimende ayisihlanu kuya kwayisikhombisa ngosuku eyowenza ikhanda, izinzipho, ubuso nokubhucunga umzimba. Kanti amanye uyawaphekela nokuwaphekela kuye nokuthi umuntu udingani. “Into engiyibonile ngalesi sikhathi wukuthi akumele ugxile entweni eyodwa kodwa kumele uvule inhliziyo, ucabange izinto eziningi futhi

40

ungabambeleli entweni eyodwa,” kusho yena. USithole, owenza yonke into ethinta ikhanda ngaphandle kokuluka, uthe enye into ayifunde ngenxa yeCOVID-19 wukubaluleka kwenhlanzeko emsebenzini wakhe, nathe kwenza amakhasimende akhe akhululeke uma eza kuwona. Uthe into emsizayo wukuphatha kahle amakhasimende futhi wonke amakhasimende akhe abalulekile. “Nginomngani owayenza izinwele nokwangikhuthaza, ngagcina ngibona ukuthi nami ngingawenza lo msebenzi futhi kangcono. Umsebenzi wethu (uwukwenza) abantu babe bahle; abantu uma bebahle, bayazethemba. Ngenhlanhla yami, ngigcine sengithola namakhasimende angosaziwayo,” kuqhuba uSithole. Uthe kumele kube wukuthi ikhasimende lizokwenza into ezodla iphakethe okungenani

uR300 kuya phezulu ukuze aye kulona ekhaya. Yize umsebenzi uqhubeka kahle kodwa uthe uzoyivula indawo yokucwala izinwele eMorningside, eThekwini, ngoba yize isimo esikhona manje sikhuthaza abantu ukuthi bangabi wuvanzi, kodwa akuwona wonke umuntu othanda ukuthi kufike “umuntu angamazi” kwakhe. Izindawo zokucwala izinwele ngezinye zalezo ezithwale kanzima ngesikhathi izwe livaliwe. USithole usenabantu abajwayele ukuthi ubenzela ikhanda emakhaya, pho kungani efuna ukuvula indawo eyisakhiwo? “Awukwazi ukuthi ungasaba ukwenza into ngoba naku ikusasa alaziwa, vele ibhizinisi nokuzisebenza kunobungozi obuhambisana nakho. Into nje kuzomele wenze abantu bakuthembe, uhlanze indawo osebenzela kuyona futhi uqinisekise ukuthi abantu baphatheke kahle,” kuchaza yena.

Le ndawo azoyivula izodala amathuba omsebenzi ayisithupha kanti izomsiza anakekele namakhasimende asuke edinga ukucwalwa ngoba enemicimbi efana nemishado. USithole, oneminyaka ewu-15 aqala ukwenza lo msebenzi, ukhuthaze osomabhizinisi ukuthi bathembeke kumakhasimende abo.

“Ungayezi into ongayazi futhi ulitshele ikhasimende iqiniso ukuthi lokhu elikucelayo awukwazi ukukwenza, ucela ukulidlulisela komunye ozolenza le nto eliyifunayo,” kweluleka uSithole. USithole udabuka eMtubatuba, enyakatho yaKwaZulu-Natali, kanti wenze izifundo ze-Hair Care eDurban Tech, esibizwa ngeCoastal College. njabulo_gq

41


Ushaya isidlo samaNtaliyane elokishini LANGA KHANYILE UMnu uThabani Dube umsunguli wePizza Guy

IBHUNGU laseMlaza elinamathalente amaningi neliqeqeshelwe ubuciko bokudweba, phecelezi i-fine art, liveza ubuciko balo ngendlela ehlukile – esitofini. UMnu uThabani Dube, oneminyaka ewu23, uwundabizekwayo kulo dedangendlale welokishi nasezinkundleni zokuxhumana, hhayi ngobuciko abafundele eBAT Centre, isizinda sobuciko esisemtateni eThekwini, kodwa ngepizza yakhe eshiya abantu bencinda iminwe. “Ayikho into ethinta ubuciko engingayenzi. Ngiyadweba, ngiyapenda, ngiyacula, ngiyadansa,” kusho leli bhungu ngeqholo. Lifike kanjani iciko ekhishini, ekudayiseni isidlo samaNtaliyane? “I-pizza ngiyithanda kakhulu… ngiyayithanda. Ngenxa ye-lockdown, izitolo zivaliwe nami nginesizungu, ngezwa ngiyikhumbule. Ngafikelwa wukuthi ngibenzele ekhaya uMa

42

nezingane,” kusho le nsizwa ewuthunjana kubo. Uthi i-pizza ayenza, yabashiya bencinda iminwe kubo kanti ngoba wayeshuthe izithombe zayo, wazifaka ezinkundleni zokuxhumana. Okwalandela lapho wayengakulindele, ngoba wathola ama-oda ubuthaphuthaphu. Abantu bamkhuthaza ukuthi ayenze, bathi bazoyithenga. “Ngathi ngidinga abantu abawu-20 (abazofaka ama-oda), ukuze ngiyenze. Ngaqala kanjalo ngoR500; ngathenga amabhokisi, inyama noflour.” kulanda uDube. Uthi njengomthandi we-pizza ubethi uma eyidla endaweni yayo abuke ukuthi yenziwa ngani. “Ngiwumuntu oqaphelayo. Bengithi uma ngidla i-pizza, ngibuke ngibone ukuthi wutamatisi lo, ushizi lo, u-flour lo… ngibuke ukuthi ngingayenza le nto. Ngaqala kanjalo ukuyenza, ngingenabhuku, ngingenaresiphi, ngabona ukuthi i-topping kungaba noma yini oyithandayo. Yaphuma

kahle,” kukhumbula yena, engeza ngokuthi yena uzifela nge-creamy chicken. Uthi nama-sauce awasebenzisayo kwi-pizza yakhe uyazenzela. Ngenxa yokuthi ibhizinisi le-pizza uliqale kubo ngesikhathi sokuvalwa kwezwe, uthi waqala ethatha ama-oda bese edilivela amakhasimende mahhala. “Ngacela omunye wabaf’wethu onemoto ukuthi angisize ngokudiliva. Bengidiliva mahhala. Ngokuqhubeka kwesikhathi (sekuxegiswe imigomo) abantu sebefaka ama-oda bese bewalanda ekhaya,” kusho uDube. Umsebenzi ususimeme kangangokuthi kubo sebethuthile ukuze ikhaya alisebenzisele umshikashika wakhe. Ukuthutha komndeni wakhe kube yiyona nselelo enkulu ebhizinisini ngoba bahamba nesitofu abesisebenzisa. Nokho uthi loko kwenze ukuthi azekhele isitofu, okuyisona

asesesisebenzisa. Ngenxa yama-oda angena ubuthaphuthaphu uthi usenomsizi omsiza ngokuqoba nokuhlanza indawo yokusebenza ePizza Guy. “Ukuqoba, wenze i-pizza, uhlanze indawo yokusebenzela kuyakhathaza; ngakho ngagcina ngithola umuntu ozingisiza. Kumqoka ukuthi usebenzele endaweni ehlanzekile uma wenza ukudla,” kusho yena.

Limfundiseni ibhizinisi? “Amava. Angikaze ngibe nebhizinisi. Into enkulu engingathi ngiyifundile wukuba namava. Yiyona nto enkulu engingathi ngiyizuzile.” I-pizza yakhe itholakala ngosayizi ababili okwamanje; ephakathi nenkulu. Ephakathi isingili iwuR50, idabuli libe wuR70 bese kuthi enkulu eyisingili ibe wuR100 bese idabuli liba wuR150. The Pizza Guy

43


44

45


46

Ncela kogwansile


Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.