Xpress times 14 02 2014

Page 14

February 14, 2014 PAGE 15

XPress

X

CORNISH FOWLS FOR SALE WHOLESALE PRICES DIRECT TO PUBLIC

If it matters to you, it matters to us

press Indaba

ast north co

R70 OR 4 FOR R260

CORNISH HENS/ ROOSTER

each

AVAILABLE AT KWA JUSTICE LIVESTOCK Doesburg Road (Before Crematorium) CONTACT 0824274293 032 5512408

Amaqiniso ngokuvikelwa komuzi kaMengameli

Ngakwesokunxele, owesithathu kwabahleli phansi: nguNkk Nocawe Mafu ovela ekomidini likaZwelonke le-ANC, uNkk Maggie Govender ovela ekomidini leSifundazwe bekanye namavolontiya alenhlangano ngaphansi kwegatsha i-Chris Hani.

bawo kwangakhombisa ukuthi bekuphakathi nezinsuku. Amavolontiya abheme akholwa ngesikhathi lomholi osemnkantshubomvu ewatshela amaqiniso ngodaba lokubaluleka kokuqiniswa kwezokuphepha emzini kaMengameli. Lokhu uthe kubalulekile ukuthi amalunga alenhlangano akwazi ukuze angazitholi esesenkingeni yokuchazela umuntu ongazi kahle mayelana nombiko woMvikeli woMphakathi okunguNkk Thuli Madonsela. Uchazele lamavolontiya ukuthi uMsholozi unguMengameli wokuqala ukuthi ahlale endaweni yasemakhaya njengoba abanye babezinze ezindaweni ezisemadolobheni.

Uthe kungumsebenzi kahulumeni ukuqinisekisa ukuthi uhlala ephephile nalapho ehlala khona njengoba enguMengameli wezwe. Washo nokuthi ucwaningo lwezokuphepha kwakhe olwenziwayo lwakubeka kwacaca ukuthi zikhona izinguquko okufuneka zenziwe emzini wakhe ukuqinisekisa ukuphepha kwakhe, kodwa yena wayengahlanganise lutho nalokho. Utshele lamavolontiya ukuthi abezindaba bawudukisile umphakathi ngokuthi babhale okungesikho. Uchaze ngomtholampilo okuthiwa usegcekeni lakwaMengameli, wathi ngamampunge lawo njengoba lomtholampilo ungaphandle komuzi kanti awuphakeli umndeni

Intuthuko yezemidlalo kwawadi Kuningi esazohlomula ngakho intsha yakwawadi 15 uma kuziwa kwezemidlalo. NgoLwesithathu olwedlule, umasipala waKwaDukuza uholwa nguSodolobha uKhansela Ricardo Mthembu ubuzokwethula usonkontileka ozokwakha isikhungo semidlalo ehlukahlukene nesaziwa phecelezi ngele-combo court. Lomklamo ongase udle 1,5 wezigidi zamarandi bawubekele izinyanga ezintathu nje kuphela ukuwuphothula, uma kungeke kuphazamise lutho. Ngokusho kukaMnu Sibusiso Mazibuko obekhulumela inkampani iMakhuza

& Nzima Trading nokuyiyona ezokwenza umsebenzi wokwakha icombo court, lesisakhiwo bazosakha besebenzisa ubuchwepheshe besimanje obuzosiza ukonga nokungazihlukumezi ezemvelo. Lesisakhiwo sizohlukaniswa kane ukuze sikwazi ukuphakela ezemidlalo ezahlukene okubalwa kuzo i-netball, basketball, volleyball ne-tennis. Sizobiyelwa ukuqinisekisa ukuthi abasisebenzisayo baphephile siphinde sakhiwe ngendlela yokuthi uma kunezimvula amanzi angahlali ndawonye kodwa ageleze adlule ukugwema ukuthi singabi nawo

amaxhaphozi . USodolobha uMvelase uyale ikomidi lentuthuko lakulendawo ngokuthi kuzofuneka likuqinisekise ukuthi kukhona ukusebenzisana okuhle phakathi kwenkontileka nomphakathi, ukugwema imibhikisho engenasidingo nengaholela ekuthini kuze kuphazamiseke umsebenzi. Ngasekuqaleni kwalo iSonto eledlule, umasipala uphinde wafaka amapali enkundleni yebhola eseSofaya kuyona lendawo kanti iningi kakhulu nentsha efundela umdlalo we-karate ehholo lomphakathi elise-Chris Hani ngaphansi kwayo lewadi.

kaMengameli kuphela kodwa wonke umphakathi owakhele lendawo njengoba ubuvele ungekho umtholampilo kulendawo ngaphambilini. Esho nokuthi esinye sezizathu zokuba khona kwawo, kwakuyileso sokunikezela ngosizo lokuqala kuMengameli uma kwenzeka ehlelwa yingozi yokulimala nokugula esekhaya. Uthe izindlu lezi ezakhiwelwe ukulala abantu abenza umsebenzi wokuqapha nokuphelezela uMengameli zakhiwelwa ukuthi nabo bakwazi ukuphumula kahle njengoba ekuqaleni babelala ezimotweni. Indaba ye-swimming pool nayo ebalwayo kulombiko uyikhabe ngazo zombili njengoba yena eyichaze njengedamu

Intsha ithi izimisele ngokuvota

Kwabahleli phansi: amalunga ka-ANC abesebenzela e-Gledhow Primary School ngempelasonto. Abame ngemumva nomazisi : intsha yakulendawo ebizobhalisela ukuvota kulesi sikhungo. Kwababambe ifosholo:NguSodolobha waKwaDukuza, uKhansela Ricardo Mthembu neSekela lakhe uNkk Dolly Govender, amakhansela aKwaDukuza namalunga ekomidi lomphakathi wakwa wadi 15. Kwabamile ngemumva: onjiniyela nezikhulu zenkampani iMakhuza & Nzima Trading.

Prof Ali Baker SPECIAL!! SPECIAL!!

OFFERS TO MY PATIENTS FROM TODAY

Ahlabeke umxhwele amavolontiya kaKhongolose ngaphansi kwegatsha i-Chris Hani njengoba ngeSonto aye avakashelwa ubuholi obuphezulu balenhlangano obebuholwa ilunga lekomidi likaZwelonke le-ANC uNkk Nocawe Mafu kanye noNkk Maggie Govender yena ophuma ekomidini leSifundazwe. UNkk Mafu uqale ngokuncoma amavolontiya aleligatsha ngokukhuthala kwawo ekusebenzeleni inhlangano kaKhongolose njengoba ethe nangoLwesihlanu kade bephezu komkhankaso wokungena umuzi nomuzi bekhumbuza abantu ngokubhalisela ukuvota, lamavolontiya aphume ngobuningi

elakhiwelwa ukuthi kube namanzi eduzane ukusiza ngokucima uma kwenzeka kuqhamuka umlilo. Wathi akulona idamu lokubhukuda abantu njengoba nendlela elakhiwe ngayo ikuveza lokho. Eye-tuck shop nayo okuthiwa yakhiwelwa unkosikazi kaMengameli wokuqala uMaKhumalo, uyichaze ngokuthi besivele sikhona lesi sitolo ngaphambilini, kodwa okwenziwe manje ukuthi sisusiwe lapho esasakhiwe khona sasondezwa ngasesangweni ngenxa yokuthi indawo ebesikuyo ibiphikisana nohlelo olusha lwezokuphepha. Ngalokhu kwakubalekelwa ukuthi kungabi yinkinga ukwehlukanisa phakathi komuntu ozothenga kanye nomuntu oze ngokunye. Lesi sitolo usichaze njengesilingana nawowonke ama-tuck shop ajwayelekile, hhayi lobhazabhaza we-supermarket abantu abafunda ngawo emaphepheni. UNkk Mafu ugxeke kakhulu abamaqembu aphikisayo, nathe banokufaka abantu umoya wokuthi bangakubhaliseli ukuvota njengoba sekuwacacele ukuthi i-ANC izozidlela amahlanga kulolukhetho. Sisekuyo eyokubhalisela ukuvota, inhlangano yokhetho ezimele okuwu-IEC isikumemezelile ukuthi noma kulempelasonto esiphuma kuyona bese bewugoqa umkhankaso wabo wokubhalisela ukuvota ezikhungweni, kodwa labo abasalile basengaya komasipala abaseduze nabo ukuyobhalisa ngezikhathi ezejwayelekile zokusebenza ngoba amahhovisi abo avuliwe.

Bring back lost lovers 1 day Manhood enlargement Win Court Cases Shortmen for money Pass exams Get Lotto numbers Broken marriages Quick money to account Promotion at work Get Babies Win horse race & gambling

R120 R150 R75 R200 R50 R80 R80 R200 R120 R200 R150

Pay after seeing results For miracle same day 100% guaranteed results Privacy is guaranteed 24hrs

079 130 1512


Turn static files into dynamic content formats.

Create a flipbook
Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.