South coast fever 26 09 2013

Page 16

ZULU

16

Omama bakhuthazwe

September 27, 2013

south coast

FEVER

NGOKUZIVOCAVOCA

ISITHOMBE: GINISILE NDOVELA

Kwesokunxele uDkt Lindelwa Itabor noDkt Nomusa Busa becobelelana ngolwazi lwezempilo nabesifazane abasebenza emapulazini behlangene eKapenta Bay.

>> Bahlomule ngolwazi lokubhekana nezinkinga zokuhlukumezeka omama basemapulazini oGwini, eNingizimu neKwaZulu-Natal, okubalwa ukucabanga kakhulu emva kokuhlukumezeka nokungadala ukuphazamiseka komqondo.

49 Bazley Street Port Shepstone Tel: 039 682 5264

You should not pay more!

GINISILE NDOVELA

>>news1@feveronline.co.za

L

Prices valid until 28 September 2013

OKHU kwenzeke ngesikhathi omama benesithangami sokucobelelana ngolwazi eKapenta Bay Hotel. Abagqugquzeli bawo bekungumNyango wezemiHlaba nokuThuthukiswa kweMiphakathi yaseMakhaya ngokubambisana nomasipala wasoGu, kumenywe omama abangabanikazi bamapulazi nabasebenzi babo. Omamabatholeithubalokucobelelanangolwazi nodokotela ababili bendawo ngokuphathelene nezinto abangazenza uma behlukumezeka. UDkt Lindelani Itabor osebenza abantu abadinga usizo lokwelulekwa ngokomqondo (counselling), uthe abantu bayesaba ukumvakashela lapho asebenzela khona eSayidi ngoba besaba amehlo abanye ekubeni beludinga usizo lwakhe. Uthe: “Ngiye ngibone abantu abahlukumezekile ngezindlela ezahlukene. Ngiyabatshela ukuthi uma behlukumezeka, kumele basukume bafune usizo, bangahlali nenkinga ngoba bazolokhu becabanga,

PENSION & GRANTS START TUESDAY 1 OCTOBER 2013

Frozen

Curry Beef

Chicken Thighs

R39.99

kg

R21.98

kg

Frozen

5kg

OX Liver

Chicken Thighs

R19.99

kg

R98.90

A-Grade

MBBS (KAR), DIP MID COG (SA) HIV/AIDS (STELLENBOSCH)

box

Circumcisions done daily by

Induna

Beef Packs

30s kg

Wors

R37.99

While stocks last - We reserve the right to limit quantities

tray kg

appointment LN 27.09.13

R42.99

DR MOOSA DESAI

only Tel: 039 684 1010

21 Bazley Street, Next to Port Shepstone Hospital

JP - 27.09.13

A-Grade

‘Ngiyabatshela ukuthi uma behlukumezeka, kumele basukume bafune usizo, bangahl­ ali nenkinga ngoba ba­ zolokhu becabanga, kanti lokhu kungaben­ za basangane, bazibu­ lale noma bathathe isinqumo esingalungile ngezimpilo zabo’ kanti lokhu kungabenza basangane, bazibulale noma bathathe isinqumo esingalungile ngezimpilo zabo,” kusho uDkt Itabor. Unxuse abesifazane ukuthi uma bezizwa bengakhululekile emqondweni, kuhle bathole isikhathibagijimeemgwaqeninomabazivocavoce bese bedla ukudla okunempilo. Uthe: “Mina nje angiwudli ushukela, futhi ngiyazivocavoca. Sengifisa ukugijima amakhilomitha angama-42. Angisona i ‘slender’ kodwa, buka nje ungathi ngineminyaka emincane kakhulu yobudala kanti sengisondela kwengama-50.” Uqhube wathi kuhle omama bavakashele odokotela abasebenza ngomqondo abazimele kodwa uma bengenayo imali baye kwabakaHulumeni. UDkt Nomusa Buso ukhuthaze omama ukuthi bavocavoce imizimba yabo namabele uma bezizwa bengaphilile kahle noma behlukumezekile. Uthe lokho kungayikhulula imiqondo yabo, bakwazi nokucabanga kahle, kanti futhi lokho kungabasiza ukulwa nesifo somdlavuza wamabele. Uthe namadoda kumele akwenze lokhu aluleka ngakho omama.


Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.