South coast fever 15 11 2013

Page 14

ZULU

14

Latholakala kanzima ilungelo loku ‘VOTA’

November 15, 2013

south coast

FEVER

Uma ngimbuza ukuthi ungihlolela mhlola muni ezongithela ngezinyembezi kwami kungafile muntu, ekubeni izinyembezi zendoda, nezinyembezi nje jikelele kungeyona into yokudlala, uke wathula isikhashana ehlezi ebhentshini elingaphandle kwegalaji, wase ethi ukhaliswa yindaba yoku ‘vota’. Akungithathanga isikhathi eside ukusiqonda kahle isizathu sokucasuka nokudumala okumlethela izinyembezi. Kunabantu abadala abahlale befaka umoya wokungavoti ngoba bengagculiswa yindlela uhulumeni oshaya ngolonwabu ngayo ekuhlangabezaneni nezidingo zomphakathi. Kulula nje ukuthi umuntu athi: “I-African National Congress (ANC) ngeke iphinde ilithole elami ivoti ngoba ayingenzeli lutho.” Ake sikuzibe kancane okwamanje ukuthi uhulumeni oholwa yi-ANC

GUY VEZI

guy.vezi@witness.co.za

A

ZIPHUMI kalula izinyembezi kuNyikinyibhoxo. Kusuke kunzima ngempela uma ebonakala ezesula izinyembezi ngethawula lakhe elincane ongasabonakali kahle umbala walo.

obusayo, sikhulume ngo ‘HULUMENI’ oholwa ngabantu abamnyama. Bambalwa abantu abadala abangazi ukuthi latholakala kanzima kangakanani ilungelo lokuvota lapha eNingizimu Afrika. Akekho ongazi kwaphuma imiphefumulo eminingi kangakanani, kulwelwa leli lungelo lokuvota. Kukhona abangafanga kodwa abavalelwa emajele, bancama impilo yabo ngoba belwela ilungelo lokuvota. Ngeshwa elikhulu, leli dimoni lokungafuni ukuvota selidlulela nasezinganeni. Ngiphonsela inselelo noma ngubaniophikayoziningiizinguqukoezilethwe uHulumeni oholwa yi-ANC. Lokhu akuchazi ukuthi i-ANC ayinawo amaphutha. Inawo, futhi maningi. Kodwa angikholwa ukuthi lokho sekungadala ukuthi umuntu athi ngeke avote. Kwasayona le ntsha ethi ngeke ivote, iningi layo ifunda ezikoleni ezaz-

ingafuni ngisho ukubezwa nangephunga abantu abamnyama, ingasaphathwa eyokubabona begudlana nabelungu emagcekeni esikole. Kukhonaabaqhoqhobeleizikhundla okwakungaphushwa nakancane ukuthi kuyoke kube ngezabantu abamnyama. Ngike ngizwe sekulula nje ukuthi umuntu aphumele obala agxeke uhulumeni ngokukhululeka, bese ngizibuza ukuthi kwakwenzekani ngenkathi kusabusa ondlebezikhany’ilanga, lapho wawuqale uqalaze ngaphambi kokuyokoza ngohulumeni wamaBhunu. Angikholwa wukuthi kukhona umuntu ophile saka, ofuna ukuthi izwe libuyele ezandleni zabacindezeli. Loku kungavinjwa ukuthi wonke umuntu avote. Noma ngabe umuntu akavoteli i-ANC, kubalulekile avotele iqembu lakhe ngoba ukulahleka kwevoti elilodwa nje, kungadala enkulu

inhlekelele. Abaningi bazokhumbula ukuthi iNingizimu Afrika yaphunyukwa yiqatha emlonyeni lokusingatha imidlalo yebhola yeNdebe yoMhlaba yango-2006 ngoba uCharles Dempsey waseNew Zealand engavotanga. Cabanga-ke, ivoti elilodwa nje, lenza inhlekele engakanani. Uyothini unembeza wakho uma sewubona abamnyama sebephindele eGibhithe kuFaro ngoba wena ungavotanga. Uma ungazi ukuthi ilungelo lokuvota lalwelwa kangakanani, buza kwabadala. Ake kube yilowo nalowo azibuze ukuthi yiliphi iqhaza alibambile ekulekeleleni uhulumeni ekuletheni intuthuko. Asingabheki ukuthi kuphethe uHulumeni oholwa yi-ANC, sikhulume ngohulumeni jikelele, oholwa ngabantu abamnyama. Asivoteni madoda. Kukude lapho siphuma khona.

ISITHOMBE: GINISILE NDOVELA

Lezi ngane esivele ezifundazweni zakuleli eziwu 8 sezilahlekelwe uzakwabo emva kokuminza edamini lokubhukuda eMargate kwenye yendawo yozokungcebeleka kanti bebekade begubha usuku lwabo bonke eUgu Sport and Leisure Centre ngaphambi kwalomshophi.

49 Bazley Street Port Shepstone Tel: 039 682 5264

You should not pay more!

StokVeL now oPen enQuire in-Store !!

1kg Chicken

1 kg

Breast Fillets

BMS Brand Viennas

per kg

R16.99

2.5kg

Fresh - A2

Mndeni Polony

Beef packs

R28.99

each

R39.99

10kg Chicken Leg Quarters

R222.00 box

GINISILE NDOVELA

>>news1@feveronline.co.za

Prices valid until Saturday 16 November 2013

R29.99

Usizi ngeNational Children’s Day

pack

ISEYINDIDA eyengane yeseDanhauser eDundee maphakathi neKwaZulu-Natal eneminyaka eli-12 ubudala,etholakale intanta phezu kwamanzi edamini lokubhukuda kwenye yezindawo zokungcebeleka eMargate emasontweni amabili edlule. UNoluthando Ntuli (12) ubeyingxenye yezingane ebeziliqhamukisa ezifundazweni ezi-8 ebezisoGu Sport and Leisure Centre ngoMgqibelo lapho bezigubha usuku lwazo lukazwelonke “INational Children’s Day”. Lo mgubho obugqugquzelwe uMnyango wabeSifazane, Izingane nabaphila nokuKhubazeka ngenhloso yokukhuthaza ukuvikelwa kwamalungelo abo. Okhulumela amaphoyisa oGu uKapteni Vincent Pandarum uthe basaphenya ngokushona kukaNoluthando, ophuthunyiswe esibhedlela lapho eshonele khona. Ngesikhathi izingane zigubha usuku lwazo, beziphelezelwa abazigadayo. Okhulumela uMnyango weZingane uNks Phuti Mabelebele uthe bese bezitholile izinda-

DR MOOSA DESAI MBBS (KAR), DIP MID COG (SA) HIV/AIDS (STELLENBOSCH)

per kg

• Circumcisions daily by appointment. • Pap smears done daily no appointment

2kg 30s

Sunrise Portions

tray

R195.00 box

While stocks last - We reserve the right to limit quantities

Tel: 039 684 1010

21 Bazley Street, Next to Port Shepstone Hospital

ba zalesigameko kanti bebe saphenya ngembangela yokulimala kukaNoluthando. Uthe: “Sithole umbiko wokuthi enye yezingane iminzileeMargateedamini,yaseiphuthunyiswaesibhedlela sendawo kodwa ngeshwa yashonela khona.Sisaphenyangembangelayalentokanti umbiko ogcwele uzophinde uthunyelwe kwabezindaba. Ukubhukuda nezinye izinto ezimayelana nezokungcebeleka emabhishi besithe kumele zingaqhubeki ngenxa yesimo sezulu ebesingesihle ngempelasonto nangaphambilini. Lokho sikumemezele emcimbini wezingane e-Ugu Sport and Leisure Centre ngoMgqibelo,” kusho okaMabelebele. Okhumumela abaKwa Netcare 911 uMnuz uCraig Botha uthe lengane itholwe abantu abebemile ngaphandle kwendawo yokungcebeleka eMargate seyintanta edamini lokubhukuda. “Bayikhiphile emanzini,” kuqhuba uMnuz Botha, “ngesikhathi abosizo lokuqala befika bazamile ukuyihlenga. nokuthe emva kwemizuzu engama-40 yaphefumula, nenhliziyo yayo yasebenza. Ibe seyiphuthunyiswa esibhedlela kodwa yafike yashona,”kusho yena. UMnuz Simon Soboyisa okhulumela uMasipalaweHibiscusCoast,utheizinganebezethamele umgubho wazo obuseUgu Sport and Leisure Centre obugqugquzelwe yihhovisi likaNgqongqoshe woMnyango weZingane, abesiFazane nabaphila nokuKhubazeka uNkk Lulu Xingwana kanti bekukhona noNgqongqoshe weZehlalakahe KwaZulu Natal uNkk Weziwe Thusi. “Umbiko esiwutholile uthe sekunengane esiphuthunyiswe esibhedlela egunjini labagula kakhulu emva kokuthi iminze edamini kwenyeyezindawozokungcebelekaeMargate. Siphinde sathola ukuthi idlulile emhlabeni, kanti okwamanje asikwazi ukuphawula mayelana nokuthi yonke lento yenzeke kanjani. Ubuholi bukamasipala budlulisa amazwi okuzwelana nomndeni wengane kanye nomasipala wendawo yakhe,” Kusho okaSoboyisa.


Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.