Umngeni eyeth08 11 13 indd

Page 4

IZINDABA EZESIFUNDAZWE 4

# USETHOLE ukugxekwa yinhlangano yamabandla iKwaZulu-Natal Christian Council (KZNCC), umfundisi Nala kulandela imibiko ethi ukwazi ukwelapha isifo sengculazi. Okhulumel iKZNCC uDkt Lucas Ngoetjana, uthe abahambisani nokushiwo nguMbhishophi Nala webandla iRebirth Family Centre eliseThekwini osanda kuveza ukuthi amanzi akhe i-Faith Water aphilisa abaphethwe yigciwane lengculazi. Uqhube wathi nakuba bengalwisani nezinto zesintu noma nenkolo akuyona into enhle ukuthi kudukiswe abantu ngokuthi kukhona oqeda igciwane kungakaze kulethwe ubufakazi. # UMNYANGO wezeMfundo KwaZulu-Natal usuthumele ithimba labeluleka ngokwengqondo kubafundi besikole iShongololo Combined eCoronation, eVryheid, lapho kushone khona abafundi engozini yemoto ngempelasonto. UNgqongqoshe walomnyango uNkk. Peggy Nkonyeni uzwakalise ukushaqeka ngalesigameko esenzake kusanda kuqala ukubhalwa kwezivivinyo zokuphela konyaka. UNkonyeni uphinde wadlulisa amazwi enduduzo emindenini nasezihlotsheni zezingane ezishonile.

# UNOBHALA we-ANC eKZN, uMnuz Sihle Zikalala, ugxeke abafuna ukudala uqhekeko kuleliqembu ngokuthi bafafaze imibiko ethi lesifundazwe ngeke sisameseka uMnuz Cyril Ramaphosa oyiPhini likaMengameli wale nhlangano. UZikalala ukusho lokhu kulandela imibiko yokuthi lesi sifundazwe sifuna ukushaya ngesithende uRamaphosa ngemuva kokhetho lwangonyaka ozayo kanti utshele amalungu ezinyunyana ezikwiCosatu ukuthi bayabeseka abaholi abayisithupha abaphethe uKhongolose okubalwa naye uRamaphosa. # IZITOLO ezinkulu KwaZulu-Natali zihlangane nezisebenzi zoMnyango wamaPhoyisa ukuze kuqhamukwe nezisombululo ezingenza ukuba kunqandwe ukubanjwa kwenkunzi kwamakhasimende ikakhulukazi ngesikhathi samaholide. Phakathi kwalezi zitolo kubalwa esakwaSpar, Pick n Pay kanye noShoprite okuyizitolo ezizwakalise ukukhathazeka mayelana nezigebengu ezibamba inkunzi abantu kodwa zingabanjwa. UMnuz Neal Tomlinson obemele isitolo sakwaBoxer ubike ukuthi yilesi sitolo kanye nesakwaSpar ezibanjwa inkunzi kakhulu kunezinye. UKhomishana

uMngeni Eyethu-08 Novemba 2013

GOGO TRYPHINA wamaphoyisa esifundazweni uLt General Mmamonnye Ngobeni yena uthe uzojuba ithimba elizolwisana nalezi zigameko. # UMengameli we-NFP uZanele Magwaza-Msibi namanye amalunga eqembu lakhe azwakalise ukungasithakaseleli isinqumo sophenyo lwenhlangano yokuvota i-IEC emva kokuthi leliqembu lihambe phambili lanqoba emawadini amabili kwamathathu okhethweni lokuchibiyela KwaNongoma, kwalandela ukuba kubekhona izikhalazo ze-IPF ne-ANC ngamavoti ethi awazange abalwe ngoba engafakwanga zigxivizo. I-NFP ithi asikho isidingo sokuba kwenziwe uphenyo ngoba yona yalandela yonke imigudu ehambisana nezigaba zomthethosisekelo wokuvota. # Kade kunomhlangano obubizwe nguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nesiNdaba zoMdabu kulesi sifundazwe uNkk Nomusa DubeNcube nezimeya ngoLwesine, kuvele ukuthi ukusondela kokhetho, ukukhononda ngamakhansela kanye nokungalethwa kwentuthuko ngezinye zezinto eziyimbangela yokwenyuka kwemibhikisho yentuthuko kulesi sifundazwe saKwaZulu-Natali.


Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.