Hall of growth 2010 zulu

Page 5

Royal Show 2 1 INHLOSO CO-OP MANUFACTURING PROJECT

I

nkampani ebizwa nge Inhloso Manufacturing Project isizakhele idumela ngemikhiqizo yayo yezikhwanyana zomakhalekhukhwini ezithengwa ubuthaphuthaphu. Lezi zintokazi ezintathu amagama azokungu Nonhlanhla Ngobese, Nobuhle Khomo noZandile Maseko zasendaweni yase Waterloo, eThekwini zithi zasungula lelibhizinisi emva kokuhlupheka isikhathi eside zingawutholi umsebenzi. Okwenza umsebenzi wabo uhluke ukuthi basebenzisa izikhwama zikacwazi bokufaka igilosa emasuphamakethe ezinemibala eqgamile ukwenza lemikhiqizo yabo. Ngaphandle kwezikhwanyana zomakhalekhukhwini lelibhizinisi labo liphinde likhiqize izikhwama zemfeshini ezakhiwe ngemibala egqamile, okubalwa kuyo nemifanekiso yefulegi lase Ningizimu Afrika. Lezi zikhwama zingaphathwa kunoma imuphi umcimbi, okwenza abesimame bazithakasele kakhulu.

Lomsebenzi bawuqala ngonyaka ka 2007 kodwa babe sebebhalisa njengenkampani evalelekile (close coporation) ngonyaka ka 2008. “Asizange sinake ekuqaleni ukuthi lendlela yethu yokudayisa iyona ezosilethela amakhasimende. Into esayibona ngokuqhubeka kwesikhathi ukuthi kwakuthi njalo omunye womakhelwane wethu ehambele umcimbi ephehe isikhwaa sethu, kulandele ama oda. Ibhizinisi lakhula ngaleyo ndlela. Leli bhizinisi, Inhloso, lakhiwa ngabantu. Kwaba indlela yokuzimaketha thina esasingazange siyinake”, kusho uNgobese. Lamalunga eInhloso athi ay-

NOMNCEDISI ARTS AND CRAFT COMPANY

U

Nozipho Xhelithole osuka endaweni yaseMzimkhulu wenza imisebenzi ehlukene kodwa into aziwa ngayo umsebenzi wobuhlalu awuqala

ngonyaka ka2008. Ezinye izinto azenzayo imigexo, amacici, izikibha kanye nezidwaba. Uthe yize esebenza kanzima ukukhulisa ibhizinisi lakhe kodwa into embusayo ukuthi ngelinye ilanga afeze iphupho lakhe lokuthuthukisa abanye abantu. Kusukela esakhula uthi kwakuyiphupho lakhe ukusiza abanye abantu abafundise lomsebenzi anekhono lawo. Uthe uma ekhumbula izikhathi zakudala lapho esaqala ukuzise-

NONGOMA TOURISM ARTS AND CRAFT CO-OPERATIVE

U akuqonda ukuthi kumele afake umfutho ekuzimaketheni ukuze athole amanye amakhasimende, yingakho nje esethole amapheshana anezithombe nolwazi lomsebenzi wabo kanye namkhadi anemininingwane yokuthi batholakala kanjani.

benza edayisela ekhaya, ehamba ezithula kubantu ukuze bazi ngomsebenzi wakhe uyaziqhenya ngoba wabumela ubunzima. “Ngabekezela ngoba ngangazi ukuthi ngifunani. Uma uhamba uzithula ebantwini awutholi izimpendulo ezifanayo. Abanye bayawuthokozela umsebenzi wakho kodwa abanye abawushayi ndiva kodwa lokhu kumele ukwamukele futhi ufunde kukona,” kusho uXhelithole. Uthe enye inselelo ukuthi baningi abantu abenza umsebenzi wobuhlalu okuyinto esheshe ikuveze uma ungazithembi. “Ayikho indawo yamavaka emsebenzini wobuhlalu. Kumele ube nesibindi ukuze uphumelele”

Profiles

5

mfelandawonye iNongoma Tourism Arts Craft enamalungu ayishumi nanhlanu yenza umsebenzi wobuhlalu kanye nokuluka ngekhwani. Elinye lamalunga alenhlangano uBongiwe Zulu (42) uthi wonke amalunga abo avela endaweni yaseNjampeni, kwaNongoma. Lenhlangano yasungulwa ngonyaka ka 1999. UZulu uthe ukuzimisela nokusebenza ngokuzikhandla kwamalunga abo ikona okubalethele impumelelo. Uthe lomsebenzi uyabaphilisa yingakho bewenza ngogqozi nothando. Ngesikhathi le nhlangano isasungulwa, amalunga ayo ayakhelana amacici kanye namabhangela. Kodwa njengamanje labomama sebekhiqiza imisebenzi yobuhlalu eminingi kanye nelukwe ngekhwani. Izinto abazakha ngezandla zabo kubalwa kuzo izinto zokulengisa okhiye, amacici, izinto zokulayitha usikilidi, izinkomishi, amabhande nokunye okuningi. Abangcini lapho ngoba baluka obhasikidi bokuphatha igilosa kanye kanye nabokufaka izimpahla zokugqoka ezingcolile. UZulu uthe

banenhlanhla yokuthi basebenzela kwaNongoma ngoba indawo enezivakashi kakhulu. “Yize sinezivakashi eziningi edolobheni lethu, sisenenkinga yokuthi asinayo imakethe esizodayisela kuyo. Kodwa okusigqugquzelayo ukuthi sisebenza ndawonye kakhulu futhi siyagqugquzelana ukuze siphumelele” kusho uZulu. Imisebenzi yabo isihambe yaze yafika ezindaweni ezifana noMauritius ngenxa yomnyango. Okubaluleke kunakho konke kulabomama ukwakha imakethe yabo la bezodayisela khona imikhiqizo yabo.

MLUVE HURTS JEWELLERY DESIGN CC

KUSILE ZULU-TRADING Abashadikazi baseMpangeni uCelinkosi no Khona Ndiyaza bayaziqhenya ngendlela abakwazi ukubambisana ngayo ebhizinisini labo. Lezithandani esezineminyaka zithandana, zikhiqiza amaphepha asendlini encane, izikibha, izinto zokuhlanza indlu kanye nokunye. UMnuz Ndiyaza uthi wathatha isinqumo sokuqala ibhizinisi emva kokuphelelwa umsebenzi emaphoyiseni eminyankeni eminingi edlule. Amanye amakhasimende abo isitolo esikhulu sakwaPick ‘n Pay esisedolobheni eEmpangeni. Ekhuluma ngokusebenza kwabo ndawonye yize beshadile, uMnuz Ndiyaza uthe bahlala phansi badingide zonke izindaba zebhizinisi labo. “Siyazi ukuthi yini ekumele siyenze ukuze sisimamise ibhizinisi lethu. Yonke into siyenza ngokunakekela ngoba

uma singase siphazame, lokho kungaholela ekupheleni kwesinkwa somndeni wethu”. Undiyaza uthe zonke izinto zibahambela kahle ngaphandle nje kokuthi bayahluleka ukuh-

langabezana nawo wonke ama oda omsebenzi wabo. “Kodwa uma sesikwazile ukuxazulula leyonkinga, konke koba sekulula”, esho esephetha.

U

Mlungisi Mahlaba (25) akayena umuntu onamaphupho amancane. Lelibhungu lasedolobheni iPort Shepstone liqale ngonyaka odlule ukwenza ubucwebe kodwa selizibekele ukuthi libe nezitolo zobucwebe ezweni lonke. UMahlaba uthi akwanele kuyena ukuthi usekwazile ukungena kulemboni yezobucwebe, akuphokophele ukuthi abe ngumakhi wobucwebe ovelele izwelonke. Ikhono lakhe lisekwakheni amacici, izindandatho, imigexo kanye namabhangela. Izinto azisebenzisayo ukwakha lobucwebe azijwayelekile ngoba ngaphandle kwesiliva, usebenzisa amathambo

ezilwane, ukhuni kanye namarekhodi omculo amadala. Uthe yize esanda kungena kulemboni, useyakwazi ukwenza inzuzo emphilisayo ngoba amakhasimende akhe akhula nsukuzonke. “Kungithokozisa kabi ukubona abantu bechazwa umsebenzi wami futhi kuyangigqugquzela ukuthi ngisebenze kanzima ukuze ngifeze iphupho lami”. Uthe usazobhukula kuze afeze iphuphe lakhe lokuba ungqo shishilizi kubabumbi bobucwebe eNingizimu Afrika. “Uma sengifeze lelophupho lami ngobe sengisebenza ngokuzikhandla ukudala amathuba omsebenzi”.

“SAKHA UMNOTHO OLETHA AMATHUBA KITHI SONKE SENZE EZOKUVAKASHA EZISIHLOMULISA SONKE”


Turn static files into dynamic content formats.

Create a flipbook
Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.
Hall of growth 2010 zulu by Marc Russell Abbott - Issuu