UMongameli weqembu uthi WEEKLY 19 amalungu awabumbane 21 September 2016
ISIZULU
stanger
MAKHOSANDILE ZULU makhosandile.zulu@media24.com
I
QEMBU lezombusazwe i-National Freedom Party (NFP) libambe umhlangano wesifundazwe ngoMgqibelo, ngomhlaka 17 kuMandulo (September), eNtshawini, KwaDukuza, ukwethula izinhlelo zokuvuselela nokulungiselela leliqembu ngaphambi kokhetho lukazwelonke ngo2019. USihlalo weNFP kulesi sifundazwe uMnuz Vikizitha Mlotshwa wengamele lo mhlangano wethula umlayezo kaMongameli weqembu uNkk Zanele Magwaza-Msibi. UMnuz Mlotshwa ufunde umlayezo kaNkk Magwaza-Msibi kanje: “Ngithokoza kakhulu ukuba ngithole isimemo sokuba yingxenye yalomhlangano. Kepha ngithanda ukudlulisa amazwi okuxolisa ngokungaphumeleli ukuba phakathi kwenu ngenxa yezizathu eziphathelene nempilo yami. Kodwa ngifuna ukuninika isiqiniseko sokuthi sengizizwa ngingcono kakhulu kunesikhathi abaningi benu abangibona ngaso ezinyangeni ezimbili ezedlule. “Futhi ngithanda ukugcizelela ukuthi ngingcono kakhulu ngoba nangale kokuthi odokotela basho kanjalo, nami uqobo ngizizwa kanjalo. Ngikusho lokhu ngoba kuningi okukhulunywayo ngesimo sempilo yami. Okungiphatha kabi ukuthi akukhulumi kuphela labo esiphikisana nabo ngokwezepolitiki, kukhona nabanga-
phakathi ezinhlakeni zeqembu abakhuluma imibhinqo, abanye basho nokusho ukuthi iqembu ngilihola ngilele embhedeni. Loluhlobo lwenkulumo iyangihlukumeza kakhulu, ikakhulu uma ikhulunywa ngaphakathi eqenjini.” UMnuz Mlotshwa uqhube wathi kuyisifiso sikaMongameli waleliqembu ukuthi lo mhlangano uzosetshenziselwa ukuthi amalungu alo akwazi ukubhekana nezinselele ezibhekane neqembu njengoba lihlulekile ukuba yingxenye yokhetho lohulumeni basekhaya. Uthe kungumbono kaNkk Magwaza-Msibi ukuthi labo abenza ukuthi leliqembu lingabi yingxenye yokhetho lohulumeni basekhaya kumele bathathelwe izinyathelo ezifanelekile. Uthe: “Kuyakhathaza kakhulu ukuthi kukhona abaholi baleliqembu abakwazi ukukhuluma nabezindaba beziphendulele kodwa abakaze bekwazi ukuzehlisa bezoxolisa kumalungu aleliqembu ngalokhu okwenzeka,” kusho uMnuz Mlotshwa efunda umlayezo kaMongameli waleliqembu. Uqhube wathi uNkk MagwazaMsibi unethemba lokuthi lo mhlangano uzovuselela leliqembu kodwa kumele amalungu aqaphele engazitsheli ukuthi konke sekulungile kodwa akwazi ukuthola indlela eyaphambili umakuphethwa umhlangano. Uthe: “Lo mhlangano uzophendla indlela eya kwinkomfa yokukhethwa kobuholi beqembu kanye nokhetho lukazwelonke lwango-2019. Umbuzo
obalulekile okumele sizibuze wona uthi: sikulungele yini ukubhekana nezithiyo ezizoqhamuka?” kusho uMnuz Mlotshwa efunda umlayezo kaNkk Magwaza-Msibi. Uqhube wathi uMongameli waleliqembu ufisa ukuxwayisa amalungu alo ukuba aqaphele abaholi abanezinhloso ezingahambisani nombono weqembu namalungu alo. Uthe: “Ngaphambilini sakhetha abaholi ngoba sinethemba lokuthi bazosiholela lapho esasihlose ukuya khona kodwa bahluleka basiholela kwinhlekelele enkulu. Kumele siqinisekise ukuthi asiliphindi lelophutha lokukhetha ubuholi obungekho qotho,” kusho uMnuz Mlotshwa efunda umlayezo kaNkk Magwaza-Msibi. Uqhube wathi uMongameli uthe uma amalungu aleliqembu ekuphokophelele ukusingatha inkomfa yokukhethwa kobuholi beqembu ngenyanga kaZibandlela (December) kumele aqinisekise ukuthi zonke izinto nezinhlaka zeqembu zimingomumo. Uthe uNkk Magwaza-Msibi unxuse amalungu eqembu ukuba abumbane futhi agweme ukuthi imali idlale indima ekwenzeni uqhekeko kuleliqembu. UMnuz Mlotshwa ufunde umlayezo kaMongameli waleliqembu kanje: “Njengo Mongameli lento iyangikhathaza kakhulu ngoba ingaba nomthelelo ongemuhle eqembini lethu.” UNkk Magwaza-Msibi wagula kakhulu waze wangeniswa esibhedlela ngonyaka ka-2014.
Bekujuxuza abalandela okamaskandi kwiMvunge Festival MAKHOSANDILE ZULU makhosandile.zulu@media24.com BEZIBUYA emcimbini kamaskandi Imvunge Maskandi Festival obubanjelwe ezinkundleni zemidlalo KwaDukuza Recreational Grounds ngoMgqibelo, ngomhlaka 17 kuMandulo (September). Lo mcimbi ubuhlelwe umasipala waKwaDukuza ubambisane noMnyango wezamaCiko namaSiko
KwaZulu-Natal. IMeya yaKwaDukuza, uMnuz Ricardo Mthembu wafikelwa umgqondo wokuthi kube nalo mcimbi njenge ndlela yokugubha inyanga yamagugu uMandulo ukuze kuzokwakhe ubumbano kwimiphakathi yaKwaDukuza namaphethelo. Kunandise abaculi bakamaskandi abahlukahlukene okubalwa kubona uKhuzani kanye noMjikijelwa. Bebe baningi abantu abathamele
ISITHOMBE: SITHUNYELWE
Kunandise abaculi abahlukahlukene emcimbini kama skandi Imvunge Maskandi Festival ebibanjelwe KwaD ukuza ngoMgqibelo odlule.
IZAKHAMUZI zisale zishaqekile ngokubu lawa kwesalukazi nendodana yaso aba dutshulwe besekhaya labo eNsuze, nga seNdwedwe, enyakatho neKwaZuluNa tal. UNtombizaneni, 66, nendodana yakhe uThemba Luthuli, 46, bangqoklozwe ngenhlamvu abantu abangaziwa ngoL wesihlanu. Isihlobo, 20, sithi besisendlini encane engaphandle ngesikhathi sizwa ukuqhu ma kwesibhamu. “Ngizwe isibhamu siqhuma kathathu,
MAKHOSANDILE ZULU
lo mcimbi njengoba kubikwa ukuthi abanye bebeqhamuka ezindaweni eziqhelile njengase Greytown kanye naseGoli. Okhulumela amaphoyisa aKwaDukuza, u-warrant officer Johannes Khoza uthe amaphoyisa athanda ukubonga nokuncoma umphakathi ohambele lo mcimbi njengoba ukwaze ukuzi phathakahle kwangaba khona zigameko ezibikwe emaphoyiseni.
ISITHOMBE: SITHUNYELWE
ngithe uma ngiphuma endlini encane ngabona amadoda amabili ebaleka ephu ma endlini,” esho. “Ngithuke ngoma sengingena endlini ngabona isidumbu sikagogo nesikama lume. Ngibe sengimemeza omakhelwane ngicela usizo.” Omakhelwane basola ukuthi lesi si gameko simayelana nombango okhona emndenini ngalo muzi. “Kukaningi ugogo eza kithi ekhala iz inyembezi ethi kukhona abafuna ukum phuca umuzi wakhe,” kusho umakhel
ISITHOMBE: SITHUNYELWE
UNgqongqoshe uthi akuqiniswe umthetho konogada bamatekisi
Bekujuxuza abalendela umculo kamaskandi kwiMvunge Maskandi Festival ebise zinkundleni zemidlalo KwaDukuza ngempelasonto.
Isihluku kubulawa isalukazi nendodana yaso eNdwendwe
USihlalo weNFP KwaZuluNatal uMnuz Vikizitha Mlotshwa ob engamele umhlangano waleliq embu obanjwe ngempelasonto edlule.
wane. Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Shooz Magudulela uthe kuvulwe amacala amabili okubulala, wathi bekun gakaboshwa muntu. NgoLwesibili, ngomhlaka 20 kuMan dulo (September), okhulumela amaphoy isa uNqobile Gwala ukhiphe umbiko othi umsolwa oneminyaka engu37 uboshwe endaweni yase Ashdown, eMgungund lovu, ngalo uLwesibili. Uthe: “Umsolwa uzovela enkantolo ya seNsuze ngoLwesithathu, ngomhlaka 21 kuMandulo, ngamacala amabili okubula la. Kulindeleke ukuthi kuzo boshwa aban ye abasolwa njengoba amaphoyisa eq hubeka nophenyo,” kusho uGwala. Daily Sun/News24
UNGQONGQOSHE wezokuThutha, nokuPhepha koMphakathi, nokuXhumana KwaZulu-Natal uMnuz Mxolisi Kaunda unxuse inhlangano i-Private Security Regulatory Authority (PSIRA) kanye namaphoyisa ukuba beqinisekise ukuthi izinkampani zonogada bezimboni zamatekisi ziyawugcina umthetho othi izibhamu zabo akumele zibonakale kumphakathi. UNgqongqoshe ukusho lokhu ngemuva kokuthi kudubuleke kwalimala intombazane eneminyaka eyisithupha (6) ubudala embonini yamatekisi aseShakaskraal ngoMsombuluko oledlule. Okhulumela amaphoyisa ase Umhlali, uMnuz Vinny Pillay uthe umsolwa othinteka kulesi sigameko uvele enkantolo yase Umhlali ngoMsombuluko, ngomhlaka 19 kuMandulo (September) ngecala lokuzama ukubulala. Uthe umsolwa unikezwe ibheyili ka-R2000 kanti kulindeleke ukuthi uzobuyela enkantolo ngomhlaka 24 kuMfumfu (October). Uqhube wathi ingane eyalimala kulesi sigameko isasesibhedlela saseStanger kanti iyalulama. kusolakala ukuthi umsolwa nomshayeli wetekisi eyayigitshelwe isisulu baba nokungazwani kahle ngokwenkulumo ngaphambi kokuthi kudubuleke ingane nowesifazane. UNgqongqoshe uMnuz Kaunda unxuse i-PSIRA ukuthi ithathe izinyathelo ezifanelekile ukuze izinkampani zonogada zizothobela umthetho. Uthe: “UMnyango wezokuThutha ubambisene nenhlangano i-PSIRA kanye namaphoyisa kumele uthole indlela yokuthi izinkampani zonogada kanye nabazisebenzelayo bayawuthobela umthetho. Akwamukelekile ukuthi onogada balezi zinkampani bavumelekile ukuthi behambe bephethe izibhamu emphakathini ngoba lokhu kuhlukumeza abagibeli. Sekumele sisifakele amehlo lesi simo yingakho kumele sithole indlela yokuqinisekisa ukuthi umthetho uyagcin-
wa. Wonke umuntu unalo ilungelo lokuzivikela yena nempahla yakhe kodwa lokhu akumele kubeke izimpilo zamalungu omphakathi egcupheni,” kusho uMnuz Kaunda. Uqhube wathi izinkampani zonogada kumele zithobele umthetho futhi zigqugquzele ukuphepha kwabagibeli. Uthe: “Izimboni zamatekisi ziyizindawo zomphakathi okusho ukuthi akekho onelungelo lokulawula umphakathi kulezi zindawo. Kuyasikhathaza kakhulu ukuthi izinkampani zonogada bezimboni zamatekisi zike zathinteka ezigamekweni zodlame ngaphambilini kulomkhakha wamatekisi. Kwezinye izigameko kukhona onogada ababoshwa bagwetshelwa amacala odlame kulomkhakha wamatekisi. Sinxusa bonke osomatekisi ukuba bayihlaziye kahle indima edlalwa izinkampani zonogada kulomkhakha ukuze bezolekelela ekutheni kuqinisekiswe ukuthi umthetho uyagcinwa,” kusho uNgqongqoshe. USihlalo weSANTACO esifundeni iLembe, uMnuz Bongani Musawenkosi Mkhwanazi uthe kubeyindida ebakhathaze kakhulu njenge nhlangano ukuthi unogada waphunyuka ngendlela aphunyuka ngayo kwaze kwalimala abagibeli njengoba unogada bekumele aqinisekise ukuthi abagibeli baphephile. Uqhube wathi okunye okukhathazayo ukuthi inhlamvu ibiphezulu kwisibhamu sikanogada othintekayo okuyinto engafanelekile. Uthe: “Siyazwelana kakhulu nezisulu ezalimala kulesi sigameko kanye nomphakathi wonke. Sifisa umphakathi wazi ukuthi siyawuhlonipha kakhulu njengoba abagibeli bethu kuyibona o-baas bethu,” kusho uMnuz Mkhwanazi. Uthe inhlangano i-SANTACO izohlangana nenhlangano yamatekisi i-Dolphin Coast Taxi Association ngoLwesibili, ngomhlaka 20 kuMandulo ukudingida loludaba ukuze kuzotholakala amasu azoqinisekisa ukuthi isigameko esifanayo siyagwemeka enkathini ezayo.