Stanger weekly 14 12 16

Page 27

Kufunwa umndeni kamufi MAKHOSANDILE ZULU

I

NDUNA yase Bulwer Farm, eMdlebeni, eDoringkop, engaphansi kweNkosi uMnu. Gumede, uMnu. Moses Mthembu ucela ukufuniswa amalungu omndeni kaMnu. Nkosinathi Emmanuel Sidandane odlule emhlabeni emasontweni amabili adlule. Induna uMnu. Mthembu uthe isidumbu sika mufi satholakala ngemuva kokuthi omakhelwane bezwa iphunga elinyantisayo liqhamuka endlini yakhe umufi. Uthe: “Kwafika umama ongumakhelwane kamufi ezo ngitshela ngephunga elingelihle elalizwakala endlini kamufi. Ngathi ngifika khona ngathola ukuthi isicabha sasingavalekile kahle, ngangena ngaphakathi ngathola ukuthi isidumbu sikamufi sasingasekho esimeni esihle sine-

phunga elinyantisayo,” kusho uMnu. Mthembu. Induna inxusa abangaba nolwazi lokuthi umndeni noma izihlobo zikamufi zingatholakala kuphi njengoba ezofihlwa ngoLwesine, ngomhla ka15 kuZibandlela, ukuthi bexhumane nayo enombolweni ethi 084 873 7800. Uthe ukewezwa kuthiwa sengathi umufi unezihlobo ezihlala eNtshawini, KwaMaphumulo kanye naseThekwini. Okhulumela amaphoyisa aseNewark, uMnu. Malusi Ngubane uthe umufi udlule emhlabeni ngenxa yokugula hayi ngoba kukhona osolakalayo ngokufa kwakhe. Uthe amaphoyisa asola ukuthi umufi ungowase Eastern Cape ngokwendabuko. Ongaba nolwazi ngezihlobo noma ngomndeni kaMnu. Nkosinathi Emmanuel Sidandane engaxhumana namaphoyisa aseNewark.

14 December 2016

ISIZULU

stanger

23

WEEKLY

Kushone izelamani kushaya umbani kwaMakhathini

ISITHOMBE: SITHUNYELWE

Induna uMnu. Moses Mthembu ucela ukufuniswa umndeni kaMnu. Nkosina­ thi Emmanuel Sidandane, osesithombeni, odlule emhlabeni emasontweni amabili adlule.

ILembe lilale endaweni yesine kuma Salga MAKHOSANDILE ZULU IQEMBU lesifunda iLembe lilale endaweni yesine emdlalweni yaminyaka yonke yesifundazwe eyaziwa ngokuthi i-KZN DSR Salga Games ebidlalelwa esifundeni uGu kusukela ngomhla ka-9 kuya kumhla ka-11 kuZibandlela (December). Imiphumela yalemidlalo: 1. EThekwini Municipality 2. UMgungundlovu District Municipality 3. King Cetshwayo District ISITHOMBE: SITHUNYELWE

Municipality 4. ILembe District Municipality 5. UGu District Municipality 6. UThukela District Municipality 7. Harry Gwala District Municipality 8. UMkhanyakude District Municipality 9. UMzinyathi District Municipality 10 Zululand District Municipality

KWAMAPHUMULO - Simuncu isimo emndenini wakwaMakhathini endaweni yakwaMzulwini njengoba kushone izelamani kulandela ukushaya kwezulu. Lesi sigameko esenzeke ngoLwesine, izingane zilele, sishiye lo mndeni udidekile. UShandiwe Ndlovu, 10 kanye noMusawenkosi Makhathini, 13 bashonile kwathi uBongisani Ndlovu , 11, kanye noThobeka Ndlovu, 13, baphuthunyiswa esibhedlela. UNkz Khulisiwe Makhathini, ongunina kaThandiwe, uThobeka kanye noBongisani, uthe kusekude ukuba bakhohlwe ngalokhu okwenzeke ezinganeni. "Izingane bezilele ndawonye egunjini lokuphumula. Kuthe ebusuku ngesikhathi lina sezwa kuqhuma into sengathi isibhamu. "Lo mama uthe kuvuke ugogo wezingane eyohlola ukuthi kwenzekani njengoba bekungathi kukhona into eshayo." Ufike wathola ezinye izingane zithukile, uThandiwe noMusawenkosi bese bethule benganyakazi," kusho lo mama. - News24

ETHEKWINI USED SPARES

Iqembu legalo­ fu esifundeni iLembe lithole indondo yego­ lide kuma Sal­ ga

R102 Detour Road, Tongaat (Opp King Shaka Airport) 032 533 9179 • 079 445 8034 • 083 226 7528 • Email: ethekusedspares@yahoo.com

GOOD USED SPARES SOLD AT COMPETITIVE PRICES Situated at the corner of the R102 & M65 Robots

Iqembu labesifa­ zane le Basket­ ball lithole indon­ do yesiliva kuma Salga.

NOW STRIPPING - PLUS MANY MORE IN STOCK

ISITHOMBE: SITHUNYELWE

Iqembu lika Ka­ rate esifundeni iLembe lithole indondo yethusi kuma Salga akulonyaka. ISITHOMBE: SIT­ HUNYELWE

• AUDI • BMW • DAEWOO • FORD • GOLF • HONDA • HYUNDAI • JETTA • MERCEDES • NISSAN • OPEL • TATA • TOYOTA • UNO

R49 500 NEG

R72 0000 NEG

WE BUY ACCIDENT DAMAGED & NON RUNNING CARS, BAKKIES & TRUCKS!

WE ALSO SELL 2ND HAND VEHICLES

KIDDIES ENTERTAINMENT | FOOD | SHOPPING | DAILY DRAWS NASHEED ARTISTS | STANDUP COMEDY | LIVE DEMOS CAR GIVE-A-WAY


Turn static files into dynamic content formats.

Create a flipbook
Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.
Stanger weekly 14 12 16 by KZN Local News - Issuu