06 - More News at: www.khanyisamedia.co.za
24 July to 06 Aug 2015 | Vol 8 | Wk 30
Khanyisa Weekly - Gert Sibande
I-Mbalenhle Ibivakashelwe nguNomkhubulwane U
mndeni nezihlobo nabangani bakaSiphesihle Ngobese bavakashelwe nguNomkhubulwane, ukuzogubha umkhosi womhlonyane kanye nabo. USiphesihle uhlala eSecunda kwilokishi ekuthiwa iMbalenhle, kumasipala iGovern Mbeki eSigodini saseGert Sibande eMpumalanga. Izintombi zikaNomkhubulwane eziphuma kubomasipala abahlukene la eMpumalanga kanye naseGoli zithelekile ngobuningi ukuzojabula nomndeni nabangani nezihlobo zikaSiphesihle njengoba ekulo leliqembu likaNomkhubulwane, bebehamba naboMama bokuthula okuyibona abagqugquzela amatshitshi ukuthi baphakamise inkolo yesintu bekanye nabazali babo. Okube yintokozo kakhulu ukuthi bekuze isikhulu sabo, uMengameli uNkosikazi Nomagugu Ngobese ovela ePietermaritzburg KZN, ungumsunguli walomkhandlu wamaTshitshi kaNomkhubulwane eKZN ebambisene nomamaMlambo wase Mlomo (Ermelo) kumasipala iMkukaligwa eSigodini saseGert Sibande. uMengameli walenhlangano umamaNomagugu ubusise lomsebenzi ngomlayezo awubhekise kumndeni,izihlobo,abangani nezihambi ezivela kwezinye izindawo, ebakhuthaza kabanzi ngokuthi baqhubeke ngokufundisa abantu ngenkolo yesintu namasiko awo. Kuvukwe ekuseni ngovivi kwayiwa emfuleni kuvunywa izingoma, kwase kufika lesikhathi sokuthi kucelwe kwabaphansi nakubanikazi bomfula ukuthi bavume ukuthi bangene
AmaTshitshi elungisela ukuya ekhaya khaboSihle, emuva kokuthi begezile ibomve emfuleni basebenzise amanzi, ukugeza ibomvu okubonisa ukuthi intombazane isifikile kwizinga lokuthi idle umhlonyane. UmamaNomagugu uye wakhunga umfula acela ukuthi okhokho bakhe bavume babenabo makukwenziwa lomsebenzi. AmaTshitshi ahambe evuma izingoma bebonisa abantu inkolo yesintu, basebegida emasangweni ekhaya belinde uMkhulu kaSihle ukuthi azokwamukela umzukulu wakhe, uMkhulu ka Sihle washunqisa impepho beshweleza emadlozini bebebikela ukuthi nangu umntwana wabo ufikile emasangweni bamvumele ngembuzi emhlophe, basebemenzela isiphandla, bamembathisa imvunulo yakhe yobutshitshi. uSihle uvume ingoma ethi “Ngiyamthanda umama wami” embonga ngokuthi umbelethile wamkhulisa futhi wafunga ukuthi angeke amkhohlwa nasembusweni wakhe. Ukusukela lapho bayebangena kundlunkulu ukuyohlolwa nguMengameli waNomkhubulwane base bephiwa izitifiketi. Umama uNomagugu uphawule kabanzi ngoNomkhubulwane wathi “uNomkhubulwane
yiNkosazane yeZulu yokuthomba phecelezi (Fertility) yiNkosazane eletha ukuthomba kukho konke okungaphansi kwesibkakabhaka. Singathi futhi uNomkhubulwane (Mother Nature)” okuningi ningakuthola ngokuthi nivakashele ikhasi kwincwadi yobuso (facebook page) khanyisa weekly newspaper / nomkhubulwane cultural group. Isigaba sokuphiwa izipho, kubekuhle kakhulu abantu babonise ukuthanda lomcimbi kakhulu, kanti futhi uSiphesihle bamusekele ngezipho nangemiyalezo ekhuthazayo. Esinye sesipho esihle asitholile ekhaya yisiphandla
okumkhuthaza ukuthi aqhubekele phambili ngokuziphatha kahle ngoba kuyeza okukhuu abasazomenzela kona uma eqhubeka ngokuziphatha kahle. Isekela likaMengameli kaNomkhubulwane umamaMlambo udlulise amazwi okubonga, kumndeni,izihlobi,abangani nabomakhelwane kanye noMengameli wabo. Waphinde wabonga nabakwa Shoprite ngokubapha ukudla, Uma ufuna ukwazi kabanzi thanda iKhanyisa facebookpage www.khanyisamedia.co.za/ne ws.
uSihle nomndeni wakhe emuva komhlanyane
Designer Made A Mark At Piet Retief Youth Exceptional Events hosts a day of Passion
uMengameli uNkosikazi Nomagugu Ngobese ovela e-Pietermaritzburg KZN, ungumsunguli walomkhandlu wamaTshitshi kaNomkhubulwane ephahla ngomqombothi
All Secondary Schools In Mpumalanga Offer Mathematics
T
By Goodwill Thomo Continues from cover page "I am head over heels for what I saw today the competition was a huge success it gives me goose bumps it went very tremendous as I predicted it, my hard work has been finally paid off in my words of gratitude I would like to applaud all the sponsors who contributed out of their own personal capacity "Said Sinethemba Ndlangamandla the Organizer of the pageant . The event served as an eye opener in nourishing ,preparing and impoverishing the young determined aspiring models for the Modelling world this will boost their interpesonall skill and open doors of opportunities for them. The event saw Uzwelo home of disabilities benefiting blankets and other non-perishable items as part of an outreach programme to give back to the community for the Mandela day. Karla Jessica Botha scooped Miss little Gert Sibande and Awande Sibisi scooped Mr little Gert Sibande. Nombuso Masuku scooped the title of Miss Teen Gert Sibande and Vinasiatjie Marx scooped Miss Junior Gert Sibande .
uSiphesihle emasangweni asekhaya bembika emadlozini akubo
Right -Left Bryson mansoor 2nd prince,Bianca zeyman 1st princess, Andrea Abrahams (Miss Gert Sibande & Overall face) Lumka Nkosi 2nd princess Br
R-L: Asimbonge Ntshangase, Middle Karla Jessica and Chideraa Amalukwue
he Mpumalanga Department of Education welcomes the correction made by the Department of Basic Education following reports which falsely suggested that only half of the Mpumalanga Schools offer mathematics. In fact contrary to the said reports all secondary schools in Mpumalanga offer pure mathematics. The Province established a Maths, Science and Technology Academy to increase the intake and performance of learners in Mathematics, to train Mathematics and sciences teachers on an ongoing basis and to resource participating schools. There are 100 schools that are participating in this programme meaning that all learners at these schools will from 2016 take mathematics and sciences as subjects. In her 2015/16 Policy and Budget Speech the MEC for Education, Mrs. Reginah Mhaule said: “The Department is taking a radical approach in increasing the enrolment and performance in Mathematics and Physical Sciences in Grades 10 to 12 in keeping with the National Strategy for Mathematics, Sciences and Technology Education. The Provincial Maths and Science Academy is one of the vehicles to achieve this and no effort will be spared until this is achieved in our life time. The Department has allocated R 20 million to the Maths, Science and Technology Academy to ensure the attainment of this
objective. The Department will work tirelessly to improve the content knowledge, pedagogic and didactic skills of Mathematics, Science and Technology subject teachers and offer direct support to learners in the MST Academy schools. Mpumalanga is one of the provinces that are successfully implementing the 1+4programme to improve learner performance in Grade 8 and 9 Mathematics. I wish to take this opportunity to thank all teachers and schools which have embraced this progressive initiative. We also wish to work with school governing bodies to stimulate the interest of learners to increase enrolment in MST subjects from Grade 10.The Department will procure and install new machinery and equipment consistent with technical subjects that are offered in technical schools, train and upskill teachers at technical schools on identified areas in technical subjects to improve teaching and learning. R39 million has been allocated towards the realisation of this goal. In total, the Department has set aside R59 million to promote Maths, Science and Technology in this financial year." The MEC's pronouncement is thus an indication of the commitment and dedication of the Department to make Mathematics and Sciences the subjects of choice in the province.
More News at: www.khanyisamedia.co.za | read more on issuu/Khanyisa Newspaper | admin@khanyisamedia.co.za | like us on Facebook: Khanyisa Newspaper | Google: Khanyisa newspaper | Follow us on Twitter: @ khanyisamedia | WhatsAp : 0843556754