eMapepeza v5 issue 12 23032018

Page 1

LEARN THE NEW OFFICIAL LANGUAGE OF MZANSI!

VOLUME 5 - ISSUE #12 - 23 MARCH 2018

Mapepeza Newspaper

Editor: (078)221 8002 Adverts: (083)758 3892 Email: info@mapepezamedia.co.za

@mapepeza_media issuu.com/mapepeza

FREE! MAHALA!

TAKE ONE!

READ AND SHARE!

“UNGAVUMI UKUGWAZELWA...”

LESO SENZO SINGAKULAHLEKISELA NGOMSEBENZI!” - uNgqongqoshe Blade Nzimande By Nkululeko Xaba

uNgqongqoshe wezokuThutha UMnumzane Blade Nzimande uxwayise wonke amaphoyisa omgwaqo amukela imali yokugwazelwa ephuma kubashayeli bezimoto. “Ngiyazi ukuthi lomsebenzi eniwenzayo unzima futhi unezilingo eziningi njengoba umshayeli angakuthembisa isizumbulu senkece ukuze ungambhali ithikithi. Ngifuna ningavumi nangephutha ukugwazelwa, njengoba leso senzo singakufaka enkingeni ugcine uxoshiwe emsebenzini”, kubika uNgqongqoshe uNzimande. Wethule lenkulumo kumaphoyisa ezendlela ngoLwesibili endaweni yase-Heidelberg, esikalini sezimoto(Weightbridge) kumgwaqo omkhulu u-N3, uqhubeke wathi uma uvuma ukugwazelwa kusho ukuthi

uyakuvumela ukungahlonishwa nokuphulwa kwemithetho yezomgwaqo ngabashayeli. UNgqongqoshe uNzimande usungule ngokusemthethweni umkhankaso wezokuphepha emgwaqeni kumpelasontoende yePhasika ehlose ukunciphisa isibalo sezingozi emgwaqeni. UNgqongqoshe uthe imbangela enkulu yezingozi ukushayela uphuze utshwala, isivinini esiphezulu nokusebenzisa umakhalekhukwini ushayela. “Abashayeli kumele bathobele imithetho yemigwaqo, bahloniphe nabanye abashayeli bezimoto futhi namaphoyisa ezendlela bawahloniphe”, kusho uNgqongqoshe. UsoMaqhuzuqhuzu womkhankaso we-Road Traffic Management Corpora-

Indaba iyaqhubeka ku Page 2

27 March 2018 | 10H00 | KwaThema Stadium, Ngungunyane Street, KwaThema

LIVE BROADCAST:

Executive Mayor, Cllr Mzwandile Masina

• Voice of Tembisa - 87.6 • Edenvale Radio - Eden AM 1368 • Kasie FM - 97.1 • Ekurhuleni FM – 103.6fm • East Rand Stereo - 93.9fm

PUBLIC VIEWING AREAS:

• Rabasotho Hall, Tembisa • Reiger Park Community Hall, Reiger Park


Turn static files into dynamic content formats.

Create a flipbook
Issuu converts static files into: digital portfolios, online yearbooks, online catalogs, digital photo albums and more. Sign up and create your flipbook.