DISTRIBUTED IN TOWNSHIPS/COMMUNITIES OF : • SEDIBENG DISTRICT • CITY OF EKURHULENI • DIPALESENG MUNICIPALITY (BALFOUR) • CITY OF JOHANNESBURG
MOKOENA RETURNS TO ATHLETICS!
VOLUME 5 - ISSUE #33
17-24 AUGUST 2018
CONTACT US Editor: (078)221 8002 Adverts: (083)758 3892 info@mapepezamedia.co.za www.mapepezamedia.co.za
FOLLOW/LIKE US @mapepeza_media VISIT US Sedibeng: 66 Voortrekker Str, No.13, (Beares Building), Heidelberg, 1438 Ekurhuleni: Cnr Maphike & Motaung Str, No. 6, (Phalime Pharmacy), Katlehong, 1431
Iqhawekazi eliyisishoshovu Umama U-Zondeni Sobukwe selidlulile emhlabeni!
UMongameli wakuleli uMnumzane Cyril Ramaphosa udlulise amazwi amazwi enduduzo emndenini wakwaSobukwe emva kokudlula emhlabeni kukaMama Zondeni Sobukwe. “Ukulahlekelwa-ngenyanga yabesibhuda nguMama Sobukwe kusho ukuwa komuthi kakhulu kumndeni wakwaSobukwe, nakwiFoundation kanye nasesizweni sonkana. Silahlekelwe iqhawekazi elalilwela inkululeko yezwe lase-Mzansi Afrika wonkana, wagcina walwela nentandoyeningi kwizizwe zakuleli ngokwehlukana kwazo. Siyohlala sikukhumbula ngamagalelo akho aqavile,” kuphetha uMongameli u-Ramaphosa. USobukwe, obeneminyaka engamashumi ayishiyagalombili nanye, udlule emhlabeni entathakusa ngoLwesithathu, ubengunkosikazi wesishoshovu kanye nomsunguli weqembu lezombusazwe i-Pan African Congress uMnumzane uMongameli Robert Mangaliso Sobukwe. Kulonyaka kugujwa iminyaka engamashumi amane kwadlula UMnumzane Robert Sobukwe emhlabeni. "Imicabango kaMongameli Ramaphosa isemndenini kaSobukwe, kwi-Robert Sobukwe Foundation nakubuholi kanye nakubulungu be-Pan African Congress", kubika ubuholi bukaMongameli. Mhlaka 28 Ndasa 2018, kusaqhutshekwa
nokugujwa kosuku lweNkululeko-uMongameli Ramaphosa uhloniphe uMama Sobukwe ngendondo eseqophelweni elikhulu ebizwa nge-National Order of Luthuli, obedume kakhulu ngo "Mama we-Azania". Amazwi enduduzo avela kuwo wonke amagumbi amane omhlaba evela ku-Steve Biko ne-Nelson Mandela Foundation. “UMama Zondeni Veronica Sobukwe ubegqugquzela umzabalazo oyimbumba wabantu abampisholo laseMzansi Afrika. Ukubizwa kwakhe ngo "Mama we-Azania" kuchaza ukuzinikela kwakhe ngokuzikhandla entsheni nasezakhamuzini zakuleli lengabadi kanye nokulwisana nokuchaswa ngokobuhlanga.” “Sisamangazwe ukudlula kwaleliqhawekazi emhlabeni, sigubha intobeko nokuzikhandla kwakhe, simkhumbula njengeqhawekazi eliqavile kulelizwe, umpetha kwintandoyeningi kwintsha,” kuphetha UMnumzane Nkosinathi Biko, oyi-Executive Trustee kwi-Steve Biko Foundation. Ebusheni bakhe, uMama Sobukwe wazibandakanya nemibhikisho eminingi eyayilwisana nokucwasa eyayihlelwe isitshudeni esimnyama zabahlengikazi esibhedlela saseVictoria Hospital eDikeni kwelase-Alice. Ubuholi bakhe balombhikisho bamthelela izithelo ezinhle njengoba yilapho wadibana
no-Robert Sobukwe, owabe enguMongameli woMkhandlu omele abafundi eNyunivesi yase-Fort Hare. Bebheka ukushona kwakhe, i-Nelson Mandela Foundation yamazi kangcono uMama Sobukwe ngesikhathi besebenzisana naye ukwenza umboniso wokuhlonipha umyeni wakhe(Sobukwe). UMongameli Ramaphosa uthe uzokwenzelwa umngcwabo okhethekile wesigaba sesibili kaNkosikazi Zondeni Veronica Sobukwe, onguNkosikazi wongasekho UMnumzane Robert Mangaliso Sobukwe onguMongameli nomsunguli we-Pan African Congress. Lomngcwabo okhethekileyo wesigaba sesibili uzohanjelwa izicukuthwane ezikhethekile zikaMongameli waseMzansi Afrika ecelwe nguNdunankulu wesiFundazwe. Iduku lezwe lindizela phansi kuzo zonke izikhungo zikaHulumeni ngokudlula emhlabeni kukaMama Sobukwe kusukela ngoLwesine , mhlaka 16 Ncwaba 2018 kuze kushaye intambama yosuku lomngcwabo njengophawu lokumhlonipha. Inkonzo yesikhumbuzo ekhethekile izobanjwa ngoLwesithathu, mhlaka 22 Ncwaba 2018 ehholweni i-Graaff -Reinet Civic Centre kwisiFundazwe sase-Mpumalanga Koloni bese kulandela inkonzo yomngcwabo yokumphelezela ekhethekile angoMgqibelo, mhlaka 25 Ncwaba 2018 kulo lelihholo elingenhla.
MAPEPZA SPORTS - BACKPAGE
Police arrest last suspect in Dumi Masilela murder!
Gauteng police on have confirmed that on Friday, August 17, the arrest of a 34 year-old man who is the sixth and last suspect in the 2017 murder case of actor Dumisani Masilela. The suspect made his first court appearance before the Benoni Magistrate Court on Monday (August 20), after which he will join his alleged accomplices set for trial in the Pretoria High Court from October 8-19. A year ago Masilela was fatally shot during a hijacking in Tembisa South. Police were able to establish that a total of six suspects were behind the murder. The initial four were arrested last year, while the fifth suspect died in a robbery. All suspects have been positively linked to five cases - the murder of Dumisani Masilela; three carjackings reported in Daveyton, Phokeng, and Siyabuswa respectively; and a case in Boitekong of possession of stolen cellphone. The Provincial Commissioner of Police in Gauteng, Lieutenant General Deliwe de Lange has commended the intelligenceled multi-disciplinary team of investigators for their tireless effort in making sure that all six suspects are rounded up and arrested. “This successful arrest brought about by such meticulous investigation, will go a long way in ensuring that serious and violent crimes plaguing Gauteng, are reduced to their lowest level,” said De Lange.
Read the digital copy of Mapepeza online... www.issuu.com/ mapepeza